Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Februwari 19, 2018

Izwi LamaShumi AmaThathu nesiKhombisa

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi Iwasempumalanga

 Kuwo wonke umlando, wonke umsebenzi engiwenzile—sonke isigaba salowo msebenzi – ubuqukethe izindlela Zami ezifanele zomsebenzi. Kungenxa yalokhu ukuthi abantu Bami abathandekayo sebebe msulwa kangcono, futhi sebefanele kangcono ukuthi ngingabasebenzisa.
Kodwa ngenxa yalesi sizathu, into eyishwa ukuthi njengoba izindlela Zami zokusebenza zanda, inani labantu liyancipha, okubangela ukuthi abantu bajule ngomcabango. Yebo, umsebenzi Wami namuhla awhlukile kanti futhi abantu abaningi basabambeke ekucabangeni, ngakho ngenxa yezinguquko ezindleleni Zami, kukhona ingxenye yabantu abazohoxa. Kungachazwa ngale ndlela: Lokhu kwakuhlelwe Yimi ngaphambilini, kodwa akwenziwanga Yimi. Kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube manje, baningi abawile futhi baningi abadukile ngenxa yezindlela zomsebenzi Wami, kodwa anginandaba nokuthi abantu banjani, noma ngabe bezwa sengathi angithandeki noma ngabe bezwa sengathi nginonya kakhulu, futhi noma ngabe lokhu abantu abakuqondayo kuyikho noma cha, ngiyakugwema ukuthi ngilokhu ngichaza. Masiqale sizwane ngamaphuzu abalulekile ale ngxoxo ukuze wonke umuntu abe nokuqonda okuphelele, ukuze bakwazi ukugwema ukuhlupheka okungaqondakali. Angeke ngiphoqe abantu ukuthi bafe buthule sengathi bayizimungulu. Kunalokho, ngizochaza yonke into ngokucacile ukuze abantu bengeke bakhalaze Kimi, kanti ngelinye ilanga abantu bayodumisa ngempela phakathi kokujeziswa Ngabe lokho kuzosebenza? Ngabe lokho kuyahlangabezana nezidingo zabantu?

 Esandulelweni ukufikela enkathini yokujeziswa ngizoqala ngokutshela abantu ngencazelo ejwayelekile “yenkathi” ukuze banganginengi. Okungukuthi, ngizokwenza izinhlelo zomsebenzi Wami, ezingeke ziguqulwe muntu, futhi angeke ngixolele noma ubani ozoziguqula kodwa ngizobasola. Nizokukhumbula lokho? Konke lokhu kuyisexwayiso. Ezindleleni ezintsha bonke abantu kufanele baqale baqonde ukuthi into yokuqala anokufanele bafinyelele kuyo ukuthi baqonde izimo zabo zangempela. Ngaphambi kokuzuza ukuqonda okuthile ngaye uqobo, akekho umuntu ozovunyelwa ukuthi akhulume ngokunganaki ebandleni, futhi ngiyobajezisa nakanjani labo abaphikisana nalokhu. Ukusukela kulolu suku ukuya phambili, bonke abaphostoli bazofakwa ohlwini emabandleni bangavunyelwa ukuthi baye yonke indawo; lokho kwathela izithelo ezincane. Bonke kwakusengathi bayawenza umsebenzi wabo kodwa ngokwempela babengikhohlisa.Ngale kokuthi isikhathi esedlule sasinjani, namuhla konke kuyedlula futhi akufanele kuphinde kukhulunywe ngakho. Emva kwalokhu, igama elithi “umphostoli” lizomiswa lingabe lisasetshenziswa, ukuze bonke abantu behle ezikhundleni zabo bazazi. Lokhu empeleni okwensindiso yabo. “Isikhundla” asiwona umqhele, siyigama nje obizwa ngalo. Ngabe incazelo Yami niyayiqonda? Labo abahola amabandla bazoqhubeka baphile impilo yasebandleni khona emabandleni abo, kanti futhi lokhu akuwona umthetho olukhuni. Uma kunesidingo bangavakasha emabandleni ngokusebenzisana nabanye abaphostoli bakudala. Okubaluleke kakhulu ukuthi ubudlelwano bamabandla kufanele bunyuke ngaphandle uma engekho amalungu ebandla aphila impilo yebandla. Noma kunjalo, kufanele ngigcizelele ukuthi kufanele nonke nihlanganyele ekuzazini nihlubuke kudrako omkhulu obomvu. Lena inhloso Yami. Akubalulekile ukuthi abantu bakhuluma kangakanani, kodwa okubalulekile ukuthi abantu Bami bonke bakwazi ukuhlangana babe munye, okuyiyona ndlela yokuba nobufakazi bangempela. Esikhathini esedlule, bonke abantu babethi bayaziqonda ububona, kodwa sengikhulume amagama amaningi, kungakanani ukuziqonda kwenu? Uma umuntu esesikhundleni esiphezulu kakhulu, kuba nzima kuye ukuthi azibeke eceleni. Okunye, uma umuntu enamathemba amakhulu, bazohlupheka kakhulu ngesikhathi sokujeziswa Lena yinsindiso Yami yesintu—niyakuqonda lokhu? Ningakuthathi kancane lokhu. Ukwenza lokhu kuncane kakhulu futhi akubalulekile; ngabe niyayiqonda incazelo ekulokhu? Uma abantu ebandleni bekwazi ngempela ukuziqonda, lokhu kusho ukuthi lolu hlobo lomuntu luyangithanda ngempela. Kufana nesisho esithi, “Uma ungadlelani nabantu ngeke ubuqonde ubunzima babo.” Niwaqonda kanjani la mazwi? Ekugcineni, ngizokwenza ukuthi bonke abantu baziqonde ngesikhathi sokujeziswa ngibenze bacule bahleke ngesikhathi sokujeziswa. Ngabe niyoba nalo ngempela ukholo lokwenelisa Mina? Ngakho kufanele nenze njani ekwenzeni kwenu? Ukusukela manje kuya phambili, izindaba zebandla ngalinye zizophathwa abantu abafanele kulelo bandla, kanti abaphostoli bona bazophila nje impilo yebandla. Lokhu kuthiwa “ukuba nolwazi ngempilo.” Ngabe niyaqonda?

 Ngaphambi kokuthi ukujeziswa kufike ngokusemthethweni esintwini, ngizoqala ngenze “umsebenzi wokubingelela” kubantu ukuze ekugcineni bonke bangenelise. Ngisho nalabo abazohoxa, kumele bahlupheke baqedele ubufakazi babo ngaphambi kokuthi bahambe, kungenjalo angeke ngibaxolele. Lokhu kukhombisa isimo Sami sokungakwazi ukubekezelela amacala abantu, futhi nesimo Sami sokufeza lokhu engikushoyo. Ngalokho, igcwalisa amazwi aphuma emlonyeni Wami “Ngisuke ngiqinisile ngalokhu engikushoyo, futhi lokhu engikuchazayo kuzofezeka, futhi lokhu engikufezayo kuzoba okwangunaphakade.” Uma amazwi Ami ephuma emlonyeni Wami, kanjalo noMoya Wami uyaqala wenze umsebenzi Wawo. Ubani ongalokotha adlale “ngethoyizi” elisezandleni zabo? Abantu kufanele bamukele ukujezisa Kwami ngenhlonipho, futhi ubani ongakubalekela? Ngabe ikhona enye indlela ngaphandle Kwami? Namuhla ngikuvumele ukuthi ube semhlabeni, futhi wethabile. Kusasa ngizokuvumela ungene ezulwini bese uyadumisa. Ngosuku olulandela lolo, uzoba ngaphansi komhlaba lapho uzojeziswa khona. Ngabe konke lokhu akuzona izidingo zomsebenzi Wami? Ubani ongahlangabezani nebhadi, futhi ubani ongazitholi izibusiso ngenxa yezidingo Zami? Ngabe ningaba imigwili/abehlukile kokwejwayelekile? Njengabantu Bami emhlabeni, yini eningayenzela izidingo Zami eningakwenzela intando Yami? Kungenzeka ukuthi nidumisa igama Lami elingcwele ngemilomo yenu kodwa ezinhliziyweni zenu niyangenyanya? Ukwenza umsebenzi Wami, ukwenelisa inhliziyo Yami, kanjalo nokuqonda ubuwena kanye nokuhlubuka udrako omkhulu obomvu akuwona umsebenzi omncane kanti futhi kufanele nikuhlawulele ukwenza lokho. Uma ngikhuluma “ngentengo” yini eniyiqondayo ngalokho? Angeke ngikuxoxe manje ngoba angibanikezi abantu izimpendulo eziqondile. Kunalokho, ngibanikeza bonke ithuba lokuthi bakucabangisise ngokwabo, bese emva kwalokho, basebenzise izenzo zabo okuziphatha ukuphendula imibuzo Yami. Niyakwazi ukwenza lokho?

uMbasa 27, 1992

Awekho amazwana:

Thumela amazwana