Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaKristu Wezinsuku Zokugcina. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Amazwi KaKristu Wezinsuku Zokugcina. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesithathu, Julayi 31, 2019

Ngaphansi Kwegunya lo Mdali, Zonke Izinto Ziphelelisiwe

igunya likaNkulunkulu,Amazwi KaNkulunkulu


Zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu, kuhlanganiswe lezo ezazikwazi ukunyakaza nalezo ezazingakwazi ukunyakaza, njengezinyoni nezinhlanzi, njengemithi nezimbali, futhi kuhlanganiswe nemfuyo, izilokazana, kanye nezilwane zasendle ezenziwa ngosuku lwesithupha—zonke zazizinhle kuNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, emehlweni kaNkulunkulu, zonke lezi zinto, ngokuhambisana nohlelo Lwakhe, zazifinyelele esicholweni sokupheleliswa, futhi zazifinyelele emazingeni uNkulunkulu ayefisa ukuwafeza.

ULwesihlanu, Julayi 26, 2019

Ngosuku Lwesihlanu, Ukuphila Okuyizimo Eziningi Nezahlukehlukene Kuveza Igunya LoMdali Ngezindlela Ezehlukene

igunya likaNkulunkulu,Amazwi KaNkulunkulu

UmBhalo uthi, “Futhi uNkulunkulu wathi, Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kanye nezinyoni ezizondiza phezu komhlaba emkhathini wezulu. UNkulunkulu wase edala imikhomo emikhulu, nazo zonke izilwane eziphilayo ezihambayo, ezavezwa amanzi ngokugcwala kwazo, ngokwezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngohlobo lwazo: futhi uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle” (Gen. 1:20-21).

ULwesihlanu, Ephreli 26, 2019

Isixwayiso Nokukhanyiselwa Ubufakazi BukaJobe Obubunika Izizukulwane Ezilandelayo

Ngesikhathi esifanayo nesokuqonda inqubo uNkulunkulu azuza ngayo abantu, abantu nabo bayoqonda izinhloso nokubaluleka kokusebenzisa uSathane ekuvivinyeni uJobe. Abantu abasaphazanyiswa uvivinyo lukaJobe, futhi banemininingwane eminingi emisha ngokubaluleka kwakho.

ULwesithathu, Ephreli 24, 2019

Ubuhlobo Phakathi Kokunikela KukaNkulunkulu NgoJobe KuSathane Nezinhloso Zomsebenzi KaNkulunkulu

Nakuba abantu abaningi manje beqonda ukuthi uJobe wayelungile futhi eqotho, nokuthi wayesaba uNkulunkulu egwema okubi, lokhu kuqonda akubenzi bazazi kakhudlwana izinhloso zikaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo nokungabuthandi ubuntu nezinto ezifunwa uJobe, bambuza imibuzo elandelayo uNkulunkulu: UJobe wayelungile futhi eqotho, abantu babemazisa kakhulu, ngakho kungani uNkulunkulu amnikela kuSathane futhi wavuma ukuba ahlukunyezwe? Imibuzo enjalo kufanele ibe sezinhliziyweni zabaningi—kunalokho, lokhu kungaba umbuzo osezinhliziyweni zabantu abaningi.

ULwesibili, Ephreli 23, 2019

Mayelana NoJobe (II)

Ukuhluzeka KukaJobe


Izinto uJobe adlula kuzo nobuqotho bakhe nokwethembeka kwakhe kwasho ukuthi wenza izinqubo ezibonisa ukuhluzeka lapho elahlekelwa impahla kanye nezingane zakhe. Izinqumo ezihluzeke kanjalo zazingenakuhlukaniswa nezinto ayezifuna mihla yonke nezenzo zikaNkulunkulu ayesezazi.

UMgqibelo, Ephreli 20, 2019

UJobe Unqoba USathane Uphenduka Indoda Eqotho Emehlweni KaNkulunkulu

Ngivame ukuthi uNkulunkulu uhlola izinhliziyo zabantu, bese abantu bebona indlela abanye abayiyo ngaphandle. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubona ngaphakathi ezinhliziyweni zabantu, uyasiqonda isiqu sabo, kuyilapho abantu bechaza isiqu sabantu ngokwalokho abakubona ngaphandle.

ULwesihlanu, Ephreli 19, 2019

Izinto Eziningi Abantu Abaziqonda Ngokungeyikho NgoJobe

Ubunzima obabekezelelwa uJobe kwakungewona umsebenzi wezithunywa ezazithunywe uNkulunkulu, futhi wawungabangelwa isandla sikaNkulunkulu. Kunalokho, wawuhlelwe uSathane ngokuqondile, isitha sikaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, izinga lobunzima obabekezelelwa uJobe alinakuqhathaniswa.

ULwesibili, Ephreli 16, 2019

Okuphawulwa uNkulunkulu ngoJobe nokuseBhayibhelini

(UJobe 1:1) Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uze, ogama lakhe kwakunguJobe; futhi loyo muntu wayengenasici futhi elungile, nowayemesaba uNkulunkulu, futhi egwema ububi.

ISonto, Ephreli 14, 2019

UMdali uVeza Imizwa Yakhe Yeqiniso ngeSintu

Le ngxoxo phakathi kukaNkulunkulu uJehova noJona ngaphandle kokungabaza, ingukubonakaliswa kwemizwa yeqiniso yoMdali ngesintu. Ngasengxenye, yazisa abantu ngokuqonda koMdali kwayo yonke imvelo engaphansi komyalo Wakhe; njengoba uNkulunkulu uJehova wathi, “mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; kanye nezinkomo eziningi na?” Ngamanye amazwi, ukuqonda kwaNkulunkulu ngeNineve kwakungakhi phezulu.

ULwesine, Ephreli 11, 2019

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe.

ULwesithathu, Ephreli 10, 2019

Isimo Esilungile soMdali Singokoqobo futhi Sicacile

Isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akuyona Imvelakancane—Ukuphenduka kweqiniso Komuntu kuyimvelakancane


Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wabe ebathukuthelele kangakanani abantu baseNineve, kwathi bangamemezela ukuzila futhi bembatha indwangu yamasaka nomlotha, inhliziyo Yakhe yathamba kancane kancane, futhi waqala ukushintsha inhliziyo Yakhe.

ULwesibili, Ephreli 9, 2019

Uma uKholo Lwakho Kuye Luyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye

Ukuguquka kukaNkulunkulu ngezinhloso aye nazo ngabantu baseNineve, akuna bungqikangqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa. Lokhu ukwembulwa kwangempela kobukhona bukaNkulunkulu.

UMsombuluko, Ephreli 8, 2019

UNkulunkulu uyakubona ukuPhenduka Kweqiniso Ekujuleni Kwezinhliziyo zabantu baseNineve

UMahluko Omkhulu phakathi Kokuphendula kwabantu baseNineve nabaseSodoma Esixwayisweni sikaNkulunkulu uJehova



Kuchaza ukuthini ukuchithwa? Ngendlela eyayivamile, kuchaza ukuthi ukunyamalala. Kodwa kanjani? Ubani owayengenza umuzi wonke unyamalale? Kungeke kwenzeke ukuba umuntu enze into enjalo, empeleni. Laba bantu babengezona iziwula; bathi bangasizwa lesi simemezelo, baqonda.

ULwesihlanu, Ephreli 5, 2019

Ulaka LukaNkulunkulu Lungokokulonda Wonke Amandla Okulunga Kanye Nezinto Ezinhle Zonke

Ngokuqonda lezi zibonelo zenkulumo kaNkulunkulu, imicabango nezenzo, uyakwazi yini ukuqonda isimo sikaNkulunkulu esilungile, isimo esingeke sanengeka? Ekugcineni, lena ingxenye yesimo esiyingqayizivele kuNkulunkulu Uqobo Lwakhe, akukhathaliseki ukuthi umuntu uqonda kangakanani. Ukungabekezelelani nesinengiso kukaNkulunkulu kungubukhona Bakhe obukhethekile; ulaka lukaNkulunkulu luyisimo Sakhe esikhethekile; ubukhosi bukaNkulunkulu bungubukhona Bakhe obukhethekile.

ULwesithathu, Ephreli 3, 2019

Nakuba Ulaka LukaNkulunkulu Lucashile Futhi Lungaziwa Umuntu, Alukumeli Ukoniwa

Impatho kaNkulunkulu yesintu esinobuwula nokungabi nalwazi sisonke, isekelwe isihe nokubekezelela. Ulaka Lwakhe, ngakolunye uhlangothi, lufihlekile esikhathini nasezintweni eziningi; alwaziwa umuntu. Ngenxa yalokho, kunzima kumuntu ukubona uNkulunkulu ekhombisa ulaka Lwakhe, futhi kunzima ukuqonda ulaka Lwakhe. Kunje nje, umuntu uluthatha kalula ulaka lukaNkulunkulu.

UMsombuluko, Ephreli 1, 2019

Emuva Kokuphindelela KweSodoma Limelana Naye Futhi Limzonda, UNkulunkulu Uyalibhubhisa Uyayiqeda Nya

Uma sesinokuqonda nokho isimo esilungileyo sikaNkulunkulu, singabuyisa umqondo sibheke umuzi waseSodoma lokho uNkulunkulu akubona njengomuzi wesono. Ngokuqonda ingqikithi yalo muzi, singaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ayefuna ukuwubhubhisa nokuthi kungani wawubhubhisa wawuqeda nya. Ngalokhu, singafika ekwazini isimo sikaNkulunkulu esilungile.

UMgqibelo, Mashi 30, 2019

ISodoma Iyaqothulwa Ngokuvusa Intukuthelo KaJehova

Uma abantu baseSodoma bebona lezi zinceku ezimbili, abazange babuze isizathu sokufika kwazo, futhi akekho nowabuza ukuthi ingabe babefike ukuzosabalalisa intando kaNkulunkulu na? Kunalokho, benza iviyo, futhi, ngaphandle kokulinda incazelo, bafika ukuzobamba lezi zinceku njengezinja zasendle noma izimpisi ezinonya.

ISonto, Mashi 17, 2019

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

(Luka 24:30-32) Kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

ULwesihlanu, Mashi 8, 2019

Inyama, Imithombo Yamanzi Nezitshalo Ezelaphayo UNkulunkulu Azilungisela Isintu

Okusanhlamvu, izithelo nemifino, kanye nazo zonke izinhlobo zamantongomane konke kungukudla kwabantu abadla imifino kuphela. Yize kungukudla kwabadla imifino kuphela, kunezakhamzimba ezanele ukwanelisa izidingo zomzimba womuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange athi: “Ukunikeza isintu lokhu kwanele.

UNkulunkulu Usebenzisa Amandla Onke Akhe Nendlela Enokuhlakanipha Ukunika Zonke Izinto Nokusekela Ukuphila Kwesintu

Ekuqaleni, sikhulume ngendawo yokuhlala isintu nokuthi yini uNkulunkuu ayenza, akulungisa, nabhekana nakho kule ndawo, kanjalo nobudlelwano phakathi kwazo zonke izinto uNkulunkulu azilungiselele isintu nokuthi uNkulunkulu ubusingathe kanjani lobu budlelwano ukuze avimbele zonke izinto ukuthi zingalimazi isintu.