Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Mashi 21, 2018

Ezinyathelweni Zomsebenzi KaNkulunkulu

Ngaphandle, kubukeka sengathi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu kulesi sigaba seziphelile, nokuthi isintu sesivele sezwa isahlulelo, ukusola, ukushaya, nokucwenga kwamazwi Akhe, futhi sesidlule ezinyathelweni ezifana nokuhlolwa kwabenzi bomsebenzi, ukucwengwa kwezikhathi zokusola, ukulingwa ngokufa, ukulingwa ngokuqhathaniswa, kanye nezikhathi[a] zikaNkulunkulu onothando. Noma abantu bebhekane nenhlupheko enkulu esinyathelweni ngasinye kepha abakayiqondisisi intando kaNkulunkulu. Njengokulingwa kwabenzi bomsebenzi, lokhu abantu abakuzuzayo kulokho, lokhu abakuqondayo kulokho, kanye nokuthi yimuphi umphumela uNkulunkulu ayefisa ukuwuzuza kulokhu—abantu basalokhu bengacacelwa ngalezi zindaba. Kubonakala sengathi ngokwejubane lomsebenzi kaNkulunkulu, ngokwezinga lamanje abantu abakwazi nhlobo ukuhambisana nawo. Kuyabonakala kulokhu ukuthi uNkulunkulu uqala ukuveza lezi zinyathelo zomsebenzi Wakhe esintwini, futhi akadingi ukuthi aze afinyelele ezingeni abantu abangalicabanga kunoma yiziphi izinyathelo, kodwa uzama ukusebenzisa lokhu ukukhanyisa udaba. Ukuze uNkulunkulu akwazi ukuphelelisa umuntu ukuze amzuze ngempela, kumele afeze izinyathelo ezichazwe ngenhla. Inhloso yokwenza lo msebenzi ukubona ukuthi yiziphi izinyathelo uNkulunkulu adinga ukuzifeza ukuphelelisa iqembu labantu. Ngakho, ukubheka ngaphandle, izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziphelelisiwe, kodwa empeleni ngokusemthethweni useqalile ukuphelelisa isintu. Lokhu kuyinto abantu okufanele bayibone ngokucacile—kungukuthi izinyathelo zomsebenzi Wakhe seziphelile, hhayi ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Kodwa lokhu abantu abakukholwayo ngokwemibono yabo ukuthi izinyathelo zikaNkulunkulu seziveziwe esintwini, futhi lokho akungabazeki ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Le ndlela yokubona izinto ayilungile nhlobo. Umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nemibono yabantu, uphikisana nemibono yabantu kunoma yini, futhi izinyathelo zomsebenzi Wakhe ikakhulukazi, azivumelani nemibono yabantu; lokhu kukhombisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kubonakala kulokhu ukuthi imibono yabantu iyaphazamisa ngayo yonke indlela, futhi konke abantu abangakucabanga yizinto uNkulunkulu afuna ukuzibuyisela kuzo. Lokhu kungukuqonda okusuka kokuhlangenwe nakho kwangempela. Abantu bonke bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza ngokushesha kakhulu, futhi bacabanga ukuthi lapho besantula noma yikuphi ukuqonda futhi besadidekile umsebenzi kaNkulunkulu uphelile ngaphandle kokwazi kwabantu. Zonke izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziyile ndlela. Abantu abaningi bakholwa ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu, kodwa inhloso yomsebenzi awenzayo ayinjalo. Indlela Yakhe yokusebenza ingokwetshisa, iqala ngokusebenza ezingeni elijwayelekile, kuze emininingwaneni, bese emva kwalokho kube ukucwengisisa le mininingwane ngokugcwele. Lokhu kuthola abantu bengazelele. Abantu bonke bafuna ukukhohlisa uNkulunkulu, futhi bacabanga ukuthi uma benza nje kalula bazofinyelela lapho bangakwazi ukumanelisa khona Yena, kodwa empeleni, uNkulunkulu anganeliseka kanjani ngenxa yemizamo yesintu yokwenza kalula nje? UNkulunkulu usebenza ngendlela yokuzuma abantu nokubathola bengalindele ukuze azuze imiphumela emikhulu futhi ukuze abantu bazi kangcono ukuhlakanipha Kwakhe futhi baqonde kangcono ukulunga Kwakhe, ubukhosi, nesimo Sakhe esingoneki.

UNkulunkulu useqalile ngokusemthethweni ukuphelelisa abantu. Ukuze bapheleliswe, abantu kufanele babe nesambulo, isahlulelo, nokusola kwamazwi kaNkulunkulu, kanye nokulingwa nokucwengwa ngamazwi Akhe (okufana nokulinga abenzi bomsebenzi). Ngaphezu kwalokho abantu kufanele bamele ukulingwa ngokufa. Okungukuthi, umuntu owenza intando kaNkulunkulu uzokwazi ukuveza indumiso evela ekujuleni kwenhliziyo yakhe phakathi kwesahlulelo sikaNkulunkulu, ukusola, nezilingo futhi uyakwazi ukulalelisisa uNkulunkulu futhi azidele yena uqobo, futhi athande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, engaguquguquki, nemsulwa; ngonjalo umuntu ophelele, futhi kungumsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, futhi kuyilokho uNkulunkulu afuna ukukufeza. Abantu abanakufinyelela kalula eziphethweni ngezindlela zikaNkulunkulu zokusebenza, futhi bangafuna ukungena ekuphileni kuphela. Lokhu kuyisisekelo. Ungahlali uhlolisisa izindlela zikaNkulunkulu zokusebenza; lokhu kungathiya kuphela amathemba akho esikhathi esizayo. Kungakanani okubonile manje okwezindlela Zakhe zokusebenza? Ulalele kangakanani? Uzuze kangakanani endleleni ngayinye yokusebenza? Ingabe uzimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe ukulungele ukuba umuntu ophelele? Lezi izinto okufanele nizazi ngokucace ngokuphelele. Kuyizinto okufanele ningene kuzo.

Imibhalo engezansi:

a.Umbhalo wokuqala ushiya ukuthi “nezikhathi.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana