Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Ephreli 23, 2018

Isenzo (4)

 Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba nosizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaliseki ukuthi injani impilo yakho. Lokhu bekungaphezulu kokunyuka komholo womyeni wakho nokuthi indodana yakho isanda kuthola isikhala enyuvesi. Uma ucabanga ngalezi zinto, uthandazile kuNkulunkulu, wabona ukuthi umusa kaNkulunkulu mkhulu, wajabula wamamatheka, wambonga ungaphezi uNkulunkulu. Lokhu kuthula nenjabulo akuyona injabulo nokuthula kweqiniso, futhi akukhona ukuthula nenjabulo kokuba khona koMoya Ongcwele. Kungukuthula nenjabulo eyanelisa inyama yakho. Kufanele uqonde ukuthi sikhathi sini lesi; manje akuyona iNkathi yoMusa, kanti futhi akusesona isikhathi lapho ufuna khona ukugcwalisa khona isisu ngesinkwa. Ungase ujabule kakhulu ngoba konke kuhamba kahle emndenini wakho, kodwa impilo yakho ibambe owokugcina umoya – ngalokho-ke, noma ngabe inkulu kanjani injabulo yakho, uMoya Ongcwele awukho nawe. Ukuba khona koMoya Ongcwele kulula: yenza lokhu okufanele ukwenze ngendlela efanele, yenza umsebenzi kahle womuntu, kwazi ukuzihlomisa ngezinto ozidingayo ukwazi nokulungisa amaphutha owenzile. Uma uhlale ukhathazekile ngempilo yakho, futhi ujabule ngoba ulibona iqiniso noma uwuqonda umsebenzi kaNkulunkulu namuhla, lokhu kusho ukuba khona koMoya Ongcwele. Ungase ube nexhala uma uhlangabezana nento ongazi ukuthi ubhekane kanjani nayo, noma uma ungakwazi ukubona iqiniso elikhulunywayo—lokhu kufakazela ukuthi uMoya Ongcwele unawe; lesi yisimo esivamile empilweni. Kumele uqonde umehluko phakathi kokuba sebukhoneni boMoya Ongcwele nokungabi sebukhoneni boMoya Ongcwele, kanti akumele uyithathe kalula indlela okubona ngayo lokhu.

 Phambilini, kwakuthiwa ubukhona boMoya Ongcwele nomsebenzi woMoya Ongcwele kwehlukile. Isimo esijwayelekile sokuba khona koMoya Ongcwele sibonakala emicabangweni yakho, ukucabanga okunengqondo, kanye nobuntu obujwayelekile. Ubunjalo bomuntu buzohlala bunjengoba babunjalo, kodwa ngaphakathi kubo kuzoba khona ukuthula, kanti ngaphandle babobukeka njengabangcwele. Lokhu kuzokwenzeka uma uMoya Ongcwele ukubo. Uma uMoya Ongcwele ukubo, abantu baba nemicabango ejwayelekile. Badla uma kufanele, uma belambile bafuna ukudla, uma bomiwe bafuna ukuphuza amanzi...lokhu okwenzeka kumuntu akukona ukukhanyiselwa uMoya Ongcwele, kuyimicabango yabantu ejwayelekile kanye nesimo esijwayelekile sokuba khona koMoya Ongcwele. Abanye abantu benza iphutha lokukholwa ukuthi labo abanoMoya Ongcwele abalambi, abakhathali, ngaphezu kwalokho, abawucabangi umndeni, bazihlukanisile nenyama. Eqinisweni, ngenkathi uMoya Ongcwele uba kubantu kakhulu, kulapho beba ngabajwayelekile khona. Bayakwazi ukuhluphekela uNkulunkulu, ukusebenzela uNkulunkulu, ukwethembeka kuNkulunkulu, bayakwazi ukuhlubuka, kanti, ngaphezu kwalokho, bayakwazi ukudla nokugqoka izingubo. Ngamanye amazwi, abalahlekelwe yilutho kokujwayelekile okumele babe nakho futhi kunalokho bayakwazi ukucabanga ngobuhlakani. Kwesinye isikhathi, uma befunda izincwadi becabanga ngomsebenzi kaNkulunkulu, kuba nethemba ezinhliziyweni zabo futhi bayafuna ukulandela iqiniso. Ngokuvamile, umsebenzi woMoya Ongcwele unalesi sisekelo. Uma abantu bengenayo imicabango ejwayelekile, kusho ukuthi abakwazi ukucabanga ngobuhlakani, okungesona isimo esijwayelekile. Uma abantu benemicabango ejwayelekile bebe benoMoya Ongcwele, bacabanga ngobuhlakani njengabantu abajwayelekile, okusho ukuthi banesimo esijwayelekile. Ekuboneni umsebenzi kaNkulunkulu, kunezikhathi ezithile zomsebenzi woMoya Ongcwele, kanti ubukhona boMoya Ongcwele bukhona zikhathi zonke. Uma nje ukucabanga kwabantu ngobuhlakani bujwayelekile, isimo sabo sijwayelekile, kanti nemicabango ekubo ijwayelekile, kusho ukuthi nakanjani uMoya Ongcwele unabo. Uma ukucabanga ngobuhlakani nemicabango yabantu kungajwayelekile, kusho ukuthi ubuntu babo abujwayelekile. Uma, ngalo mzuzu, umsebenzi woMoya Ongcwele ukuwe, kusho ukuthi uMoya Ongcwele nakanjani uzoba nawe. Kodwa uma uMoya Ongcwele ukuwe, akusho ukuthi umsebenzi woMoya Ongcwele ukuwe, ngoba uMoya Ongcwele usebenza ngezikhathi ezikhethekile. Ukuba khona koMoya Ongcwele kugcina ubukhona bomuntu obujwayelekile, kodwa uMoya Ongcwele usebenza ngezikhathi ezithile. Isibonelo, uma ungomunye walabo abasebenzela uNkulunkulu, uma uya emabandleni uMoya Ongcwele ukukhanyisela ngamazwi athile, kulapho-ke uMoya Ongcwele usebenza khona. Kwesinye isikhathi uyafunda bese uMoya Ongcwele ukukhanyisela ngamazwi athile, bese uzithola ukwazi ukuwahlanganisa nalokhu oke wadlula kukho, okukunika ulwazi ngesimo sakho uqobo; ukhanyiselwe, nalokhu futhi kungumsebenzi woMoya Ongcwele. Kwesinye isikhathi, uma ngikhuluma bese nilalela, niyakwazi ukubona amazwi aMi ngokwesimo senu, kwesinye isikhathi niyathinteka noma nigqgugquzeleke, nalokhu kungumsebenzi woMoya Ongcwele. Abanye abantu bathi uMoya Ongcwele usebenza kubo ngaso sonke isikhathi. Lokhu akunakwenzeka. Uma bebengathi uMoya Ongcwele uhlala unabo njalo, lokho bekungenzeka. Uma bebengathi ukucabanga kwabo nemizwa yabo kujwayelekile ngaso sonke isikhathi, nalokho bekungenzeka, futhi kungakhombisa ukuthi uMoya Ongcwele unabo. Uma uthi uMoya Ongcwele uhlala usebenza ngaphakathi kuwe, uma uthi ukhanyiselwe uNkulunkulu futhi uthintwa uMoya Ongcwele ngaso sonke sikhathi, uzuze ulwazi olusha ngaso sonke isikhathi, lokhu akujwayelekile. Kungaphezu kwamandla avamile! Ngaphandle kokungabaza, abantu abanjengalaba bayimimoya emibi! Ngisho noma uMoya kaNkulunkulu uza njengenyama, kunesikhathi lapho kumele uphumule khona, udle—ungenzi lutho oluphathelene nawe. Labo abanemimoya emibi babonakala sengathi abekho buthaka enyameni. Bayakwazi ukulahla bayeke konke, bathule, bayakwazi ukubekezelela isicefe, abakhathali neze, kuba sengathi bangaphezu kwenyama. Ingabe lokhu akungaphezu kwamandla avamile? Umsebenzi womoya omubi ungaphezu kwamandla avamile, kanti lezi zinto umuntu akakwazi ukuzithola. Labo abangakwazi ukuhlukanisa baba nomona uma bebona abantu abafana nalaba, futhi bathi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu kunamandla, futhi kuhle, futhi akwenzeki babe buthaka. Eqinisweni, lokhu ukubonakaliswa komsebenzi womoya omubi. Lokhu yingenxa yokuthi abantu abasesimweni esijwayelekile nakanjani banobuthaka bobuntu; lesi yisimo esijwayelekile salabo abanoMoya Ongcwele.

 Kusho ukuthini ukuma uqine ebufakazini bakho? Abanye abantu bathi bamane balandela kanje kodwa abazibheki njengabantu abangakwazi ukuzuza impilo, futhi abayilandeleli impilo, kodwa abajiki futhi. Bavuma kuphela ukuthi lesi sigaba somsebenzi senziwa nguNkulunkulu. Kukho konke lokhu, ingabe abaphumelelanga ebufakazini babo? Ababunikezi nobufakazi bokunqotshwa. Ngaphezu kwakho konke labo abanqotshiwe bayalandela futhi bayakwazi ukuphishekela impilo. Abakholelwa nje kuNkulunkulu ongokoqobo, kodwa futhi bayazi ukuthi kumele balandele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu. Banjalo labo abanobufakazi. Labo abangabunikezi ubufakazi abakaze bayilandeleli impilo futhi basalandela ngokuhlwathiza. ngalandela, kodwa lokhu akusho ukuthi unqotshiwe, ngoba awazi lutho ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Ukunqotshwa kunemibandela. Akubona bonke abalandelayo abanqotshiwe, ngoba niyazi ezinhliziyweni zenu ukuthi aniqondi ukuthi kungani kumele nilandele uNkulunkulu namuhla, futhi anazi ukuthi nifike kanjani osukwini lwanamuhla, nalowo onesekile kuze kube manje. Ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu, abanye abantu bachitha usuku lonke bedidekile; ngaleyo ndlela, ukulandela akusho ngempela ukuthi unobufakazi. Buyini ngempela ubufakazi beqiniso? Ubufakazi okukhulunywa ngabo lapha bunezingxenye ezimbili: Okokuqala ngubufakazi bokunqotshwa, obunye ngubufakazi bokupheleliswa (ngokuvamile, ngubufakazi obulandela izilingo noshushiso olukhulu kwesikhathi esizayo.) Ngamanye amazwi, uma ukwazi ukuma uqine ngezikhathi zezilingo noshushiso, lokho kusho ukuthi usunesinyathelo sesibili sobufakazi. Okubalulekile namuhla isinyatahelo sokuqala sobufakazi: ukukwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo zokujeziswa nokwahlulelwa. Lobu ngubufakazi bokunqotshwa. Lokhu kungenxa yokuthi namuhla yisikhathi sokunqoba. (Kufanele nazi ukuthi namuhla yisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni; umsebenzi oyinhloko kaNkulunkulu osenyameni emhlabeni ukusebenzisa ukwahlulela nokujezisa ukunqoba leli qembu labantu abamlandelayo emhlabeni.) Ukuthi uyakwazi noma awukwazi ukunqotshwa akuncikile kuphela ekutheni uyakwazi ukulandela kuze kube sekupheleni, kodwa, okubaluleke kakhulu, ekutheni, njengoba udlula esinyathelweni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukuba nolwazi lweqiniso lokujeziswa nokwahlulelwa kulo msebenzi, nokuthi uyawubona ngempela wonke lo msebenzi. Akukhona ukulandela ngokuhlwathiza nje kuze kube sekupheleni. Kumele ukwazi ukuyeka konke lokhu phakathi naso sonke isikhathi sokungakujeziswa nokwahlulelwa, kumele ube nolwazi lweqiniso lwesinyathelo ngasinye somsebenzi owubonile, futhi kumele ukwazi ukuthola ulwazi, kanye nokuthobela isimo sikaNkulunkulu. Lobu ubufakazi bangempela bokunqotshwa okudingekayo kuwe. Ubufakazi bokunqotshwa busho ulwazi onalo ngoNkulunkulu osenyameni. Okubalulekile, lesi sinyathelo sobufakazi bukaNkulunkulu osenyameni. Akunandaba ukuthi wenzani noma uthini phambi kwabantu emhlabeni noma labo abasebenzisa amandla; okubaluleke kakhulu ukuthi uyakwazi na ukuthobela wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu kanye nayo yonke imisebenzi yaKhe. Ngakho-ke, lesi sinyathelo sobufakazi siqondiswe kuSathane nazo zonke izitha zikaNkulunkulu—amademoni nalabo abangakholwa ukuthi uNkulunkulu uzoba senyameni okwesibili futhi eze ngenjongo yokwenza umsebenzi omkhulu, ngaphezu kwalokho, abangakholelwa eqinisweni lokuthi uNkulunkulu uzobuya enyameni. Ngamanye amazwi, kubhekiswe kubo bonke labo abangabaphik’ukristu—zonke izitha ezingakholelwa ekutheni uNkulunkulu usenyameni.

 Ukukhumbula nokulangazelela uNkulunkulu akufakazeli ukuthi unqotshwe nguNkulunkulu; lokhu kuncike ekutheni uyakholelwa yini ukuthi unguLizwi owaba yinyama, nokuthi uyakholelwa yini ukuthi uMoya ube nguLizwi, nokuthi uLizwi ubonakale enyameni. Lobu ngubufakazi obusemqoka. Akunandaba ukuthi ulandela kanjani, nokuthi usebenza kanjani; okubalulekile ukuthi uyakwazi yini ukuthola kulobu buntu obujwayelekile ukuthi uLizwi ube yinyama nokuthi uMoya weqiniso ubonakele enyameni—ukuthi lonke iqiniso, ukuphila, nendlela kube yinyama, nokuthi uMoya uye wafika emhlabeni njengenyama. Nakuba kungajwayelekile, lokhu kubukeka kwehlukile ekuzalweni ngoMoya Ongcwele, kulo msebenzi uyakwazi ukubona ngokucacile ukuthi uMoya Ongcwele ubonakele enyameni, nokuthi uLizwi ubonakele enyameni, nokuthi uyakwazi ukuqonda incazelo yangempela yamazwi: Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, kumele uqonde ukuthi amazwi anamuhla anguNkulunkulu, futhi kumele uwabone amazwi eba yinyama. Lobu yibona bufakazi obukhulu ongaba nabo. Lokhu kufakazela ukuthi unolwazi lweqiniso ngolwazi lukaNkulunkulu eba yinyama—awukwazi ukumazi nokumehlukanisa kuphela, kodwa uyazi ukuthi indlela ohamba ngayo namuhla yindlela yokuphila, nendlela yeqiniso. uJesu wenza isinyathelo somsebenzi owagcwalisa kuphela ubuqu bokuthi “uLizwi wayekuNkulunkulu”: Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wayekuNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu wawusenyameni futhi ungasuki kuYe, okungukuthi, inyama kaNkulunkulu osenyameni yayinoMoya kaNkulunkulu, okungubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukuba kukaJesu enyameni kwakungokokuqala uNkulunkulu esenyameni. Lesi sigaba somsebenzi sagcwalisekisa incazelo yangempela “kaLizwi eba yinyama,” saba nencazelo ejulile yokuthi “uLizwa wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu,” futhi sikwenza uwakholelwe ngokuqinile amazwi athi “Ekuqaleni wayekhona uLizwi.” Okungukuthi, ngesikhathi kudalwa uNkulunkulu wayenamazwi, amazwi aKhe ayenaye engasuki kuYe, kanti inkathi yokugcina yenza kucace bha ngamandla negunya lamazwi aKhe, avumele abantu babone wonke amazwi Akhe—ukuzwa wonke amazwi aKhe. Unjalo umsebenzi wesigaba sokugcina. Kumele nizazi lezi zinto zonke. Akukona ukwazi inyama, kodwa ukwazi inyama noLizwi. Lokhu yilokhu okumele nibe ngofakazi bakho, lokhu okumele wonke umuntu akwazi. Ngenxa yokuthi lona ngumsebenzi wokuba senyameni kwesibili—okuyisikhathi sokugcina uNkulunkulu esenyameni—uphelelisa ngokugcwele ukubaluleka kokuba senyameni, wenza futhi uqhubekisela phambili ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, futhi uqeda inkathi yokuba senyameni kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, kumele wazi ukuthi kusho ukuthini ukuba senyameni. Akunandaba ukuthi ujikeleze kangakanani, noma uziphatha kahle kanjani izindaba zangaphandle; okubalulekile ukuthi uyakwazi ukuzithoba phambi kukaNkulunkulu osenyameni nokuthi uzinikele ngakho konke kuNkulunkulu, uthobele wonke amazwi aphuma emlonyeni waKhe. Lokhu yilokho okufanele ukwenze, nokufanele ukuthobele.

 Ubufakazi bezinsuku zokugcina bufakazela ukuthi uyokwazi yini ukupheleliswa noma cha—okungukuthi, ubufakazi bokugcina bokuthi, usuwamukele wonke amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu osenyameni, waba nalo lonke ulwazi ngoNkulunkulu futhi waqiniseka ngaye, uphila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ufinyelela imibandela efunwa nguNkulunkulu kuwe—indlela kaPetru nokholo lukaJobe, uzokwazi ukuthoba kuze kube sekufeni, uzinikele ngokuphelele kuNkulunkulu, kuthi ekugcineni ufinyelele ekubeni umuntu osezingeni elifanelekileokusho ukuthi uzobonakala njengomuntu onqotshiwe, ojezisiwe, ohluleliwe, futhi owenziwe waphelela. Lobu ngubufakazi okumele wonke umuntu ophelelisiwe abe nabo. Lezi yizinyathelo ezimbili zobufakazi okufanele ube nabo, futhi zihlangene, azihlukaniseki enye kwenye. Kodwa kukhona okukodwa okumele ukwazi: Ubufakazi engibufuna kini namuhla abuqondisiwe kubantu balo mhlaba, noma kumuntu ngamunye, kodwa kulokhu engikucela kuwe. Kulinganiswa ngokuthi uyakwazi na ukungenelisa miNa, nokuthi uyakwazi na ukuhlangabezana namazinga ezidingo zami kini nonke. Lokhu yilokhu nina okufanele nikuqonde.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana