Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Meyi 11, 2018

Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I

Namuhla sidlulisa isihloko esibalulekile. Lesi sihloko bekulokhu kukhulunywa ngawo kusukela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu kuze kube manje, futhi sibaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu. Ngamanye amazwi, lena indaba wonke umuntu ayohlangana nayo kuso sonke isigaba sokukhonza kwakhe uNkulunkulu futhi indaba okumele kukhulunywe ngayo. Indaba ebucayi, futhi isintu esingeke sikwazi ukuyigwema. Sisakhuluma ngokubaluleka, iyiphi into ebaluleke kunazo zonke, kuwo wonke amakholwa kaNkulunkulu? Abanye bacabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu ukuqonda intando kaNkulunkulu; abanye bacabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu; abanye bacabanga ukuthi into ebaluleke kakhulu ukuthi bazazi; abanye banombono wokuthi into ebaluleke kakhulu ukuthola insindiso kaNkulunkulu, indlela yokulandela uNkulunkulu, kanye nendlela yokufeza intando kaNkulunkulu. Namhlanje sizozibeka eceleni zonke lezi zinto. Pho sizokhuluma ngani? Sizokhuluma ngesihloko esimayelana noNkulunkulu. Ingabe lesi isihloko esibaluleke kuwo wonke umuntu? Yini equkethwe isihloko esimayelana noNkulunkulu? Eqinisweni, lesi sihloko asinakwehlukaniswa nesimo sikaNkulunkulu, isiqu sikaNkulunkulu, nomsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho namhlanje, ake sixoxe “ngomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, nangoNkulunkulu uqobo Lwakhe.”

Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukukholwa kuNkulunkulu, bebelokhu behlangana nezihloko ezifanayo ezimayelana nomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Uma kuziwa emsebenzini kaNkulunkulu, abanye bazothi: “Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa kithi; sidlula kuwo kuyo yonke imihla namalanga, ngakho akuyona into esingayijwayele.” Bekhuluma ngesimo sikaNkulunkulu, abanye bathi: “Isimo sikaNkulunkulu isihloko esicwaninga ngaso, sisihlaziye, futhi sigxilise ukuphila kwethu konke kuso, ngakho kufanele sijwayelane naso.” NgoNkulunkulu Woqobo, abanye bazothi: “UNkulunkulu uqobo Lwakhe yilona esimlandelayo, esinokholo Kuye, futhi Lowo esimfunayo, ngakho akukhona ukuthi asazi lutho Ngaye.” UNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe kusukela aqala umsebenzi wokudala, ubelokhu eveza isimo Sakhe futhi usebenzise izindlela eziningi ukuze aveze izwi Lakhe. Ngesikhathi esifanayo, akazange ayeke ukuzembula yena nesiqu Sakhe esintwini, ukwambula intando Yakhe kumuntu kanye nalokho akufuna kumuntu. Ngakho, ngomqondo ongokoqobo, lezi zihloko akufanele ziphinde zibe ivela-kancane. Nokho kubantu abalandela uNkulunkulu namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu Woqobo izinto abangazazi nhlobo. Kungani kunjalo? Njengoba abantu bebona umsebenzi kaNkulunkulu, baba nokuxhumana Naye, abenze bazizwe besiqonda isimo sikaNkulunkulu, noma bezwe ukuthi sinjani. Umuntu akacabangi ukuthi akajwayelene nhlobo nomsebenzi kaNkulunkulu noma isimo sikaNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ucabanga ukuthi ujwayelene kakhulu noNkulunkulu futhi wazi okuningi ngoNkulunkulu. Kodwa uma sibuka isimo esikhona manje, ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu lubanjwe izinto abazifunda ezincwadini, ukuntula okuhlangenwe nakho, imicabango yabo, futhi ngaphezu kwalokho, lubanjwe amaqiniso abakwazi ukuzibonela wona ngamehlo abo. Konke lokhu, kuqhelelene noNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe. Kukude kangakanani lokhu “kuqhelelana”? Mhlawumbe umuntu akaqiniseki, noma mhlawumbe unawo umqondo kancane, noma umkhondo—kodwa uma kukhulunywa ngoNkulunkulu Ngokwakhe, ukumqonda komuntu kuphakeme kakhulu kunesiqu sikaNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe. Lesi yisona sizathu esenza sisebenzise izihloko ezinjengezithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo sikaNkulunkulu, nesithi UNkulunkulu uqobo Lwakhe” ukuze sixoxe ngobuchule nangokungagwegwesi ngalolu lwazi.

Eqinisweni, isimo sikaNkulunkulu sivulekele wonke umuntu futhi asicashile, ngoba akukaze kube khona umuntu uNkulunkulu amziba ngamabomu noma azifihla Kuye ukuze abantu bangamazi futhi bangamqondi. Isimo sikaNkulunkulu besilokhu sisobala futhi besilokhu sibhekene ngobuqotho nomuntu ngamunye. Phakathi nokuqondisa kukaNkulunkulu, uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza kubheke wonke umuntu; futhi umsebenzi Wakhe wenziwa kuwo wonke umuntu. Njengoba enza lo msebenzi, usembula ngokuqhubekayo isimo Sakhe, usisebenzisa ngokuqhubekayo isiqu Sakhe futhi ufuna ukuqondisa nokunakekela umuntu ngamunye. Kuyo yonke iminyaka nezigaba, kungakhathaleki ukuthi izimo zinhle noma zimbi, isimo sikaNkulunkulu sihlale sivulekele wonke umuntu, futhi izinto Zakhe nesiqu Sakhe kuvulekele wonke umuntu, ngendlela efanayo nalena ukuphila Kwakhe okuhlale kunakekela ngayo isintu ngaphandle kokudikibala futhi okuseseka ngayo isintu. Ngaphezu kwakho konke lokhu, isimo sikaNkulunkulu sisala sicashile kwabanye. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi nakuba laba bantu bephila emsebenzini kaNkulunkulu futhi bemlandela, abakaze bamqonde uNkulunkulu noma bafune ukumazi, ingasaphathwa eyokusondelana noNkulunkulu. Ngoba kulaba bantu, ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kusho ukuthi ukuphela kwabo kuseduze; kusho ukuthi sebezokwahlulelwa futhi isimo sikaNkulunkulu sizobathola benecala. Ngakho laba bantu abakaze bafise ukuqonda uNkulunkulu noma isimo Sakhe, futhi abanalo ilukuluku lokuyiqonda ngokujulile noma ukuba nolwazi ngentando kaNkulunkulu. Abazimisele ukuqonda intando kaNkulunkulu ngokubambisana nonembeza babo—abakufunayo nje injabulo engapheli nokungakhathali ukwenza izinto abafuna ukuzenza; ukukholwa kuNkulunkulu abafuna ukukholelwa Kuye; ukukholelwa kuNkulunkulu osezingqondweni zabo kuphela, uNkulunkulu osemicabangweni yabo kuphela, uNkulunkulu ongeke ahlukaniswe nabo ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Uma kuziwa kuNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe, abanandaba nhlobo Naye, abanaso nesifiso sokumqonda, sokumlalela, ngisho nesifiso esincane sokusondelana Naye. Bagcina ngokusebenzisa amazwi asetshenziswa uNkulunkulu ukuze bazikhazimulise, futhi bazihlobise ngawo. Ngoba kubo, lokho kubenza babe amakholwa aphumelelayo futhi anokholo kuNkulunkulu ezinhliziyweni zawo. Ezinhliziyweni zabo, baqondiswa imicabango yabo, imibono yabo kanye nezinto zabo abazicabanga ngoNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu weqiniso uqobo, akahlanganise lutho nhlobo nabo. Ngoba uma beke bamqonda uNkulunkulu weqiniso, basiqonda isimo sangempela sikaNkulunkulu, futhi bakuqonda lokho uNkulunkulu anakho futhi ayikho, lokho kusho ukuthi izenzo zabo, ukholo lwabo, nezinto abazifunayo ngeke kuvunyelwe. Yingakho bengazimisele ukuqonda isiqu sikaNkulunkulu, futhi yingakho bengabaza futhi bengazimisele ukumfuna ngobuqotho noma ukuthandazela ukumqonda kangcono uNkulunkulu, ukuyazi kangcono intando kaNkulunkulu, nokusiqonda kangcono isimo sikaNkulunkulu. Bangancamela ukuthi uNkulunkulu abe ngokuthile okwakhiwe, okungenalutho futhi ongatholakali. Bangancamela ukuthi uNkulunkulu abe ngothile ofana ncamashí nalokhu abebekucabanga, umuntu ozoba ngumabizwa-asabele wabo, onenala yezinto futhi ohlale etholakala. Lapho befuna ukujabulela umusa kaNkulunkulu, bacela uNkulunkulu ukuba abe yilowo musa. Lapho bedinga isibusiso sikaNkulunkulu, bacela uNkulunkulu ukuthi abe yileso sibusiso. Lapho bebhekene nezinkathazo, bacela uNkulunkulu ukuthi abakhuthaze, abe yisiphephelo sabo. Ulwazi lwalaba bantu ngoNkulunkulu lubhajwe phakathi komusa nesibusiso. Ukuqonda kwabo umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, futhi uNkulunkulu unqatshelwe emicabangweni yabo, kusebenza nje izinto ezibhalwe phansi nezimfundiso. Kodwa kunabantu abanelukuluku lokuqonda isimo sikaNkulunkulu, abafuna ngempela ukubona uNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi abasiqonda ngempela isimo sikaNkulunkulu, nalokho anakho nalokho ayikho. Laba bantu bazingela ukuba ngokoqobo kweqiniso nensindiso kaNkulunkulu, futhi bafuna uNkulunkulu abanqobele, abasindise futhi abaphelelise. Laba bantu basebenzisa izinhliziyo zabo ukuze bafunde izwi likaNkulunkulu, futhi basebenzisa izinhliziyo zabo ukuze bazise zonke izimo nawo wonke umuntu, okwenzekayo noma into uNkulunkulu abahlelele yona, futhi bayathandaza bacele ngobuqotho. Abakufuna kakhulu ukuqonda intando kaNkulunkulu nokuqonda isimo sangempela sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Lokhu bakwenzela ukuthi bangabe besamthukuthelisa uNkulunkulu, futhi ngenxa yezinto abadlule kuzo, bayokwazi ukulubona kakhudlwana uthando lukaNkulunkulu kanye nohlangothi lwangempela Lwakhe. Lokhu kuphinde kube ngenxa yokuthi uNkulunkulu woqobo wangempela uyoba ngaphakathi ezinhliziyweni zabo, ukuze uNkulunkulu abe nendawo ekuphileni kwabo, ngezinga lokuthi bayobe bengasaphili ngezinto abazicabangayo, ngemibono yabo noma izinto eziyinkimbinkimbi. Ngoba laba bantu, into ebenza babe nesifiso esivuthayo sokuqonda isimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe ukuthi isimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe ukuphela kwezinto isintu esingazidinga nganoma yisiphi isikhathi ekuphileni kwaso, izinto ezingasinikeza ukuphila. Uma sebesiqonda isimo sikaNkulunkulu, bazokwazi ukumhlonipha ngokujulile uNkulunkulu, ukubambisana kangcono nomsebenzi kaNkulunkulu, nokucabanga kanzulu ngentando kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi Wakhe ngamandla abo. Lezi izinhlobo ezimbili zabantu uma kucatshangwa ngemibono yabo ngesimo sikaNkulunkulu. Uhlobo lokuqala alufuni ukuqonda isimo sikaNkulunkulu. Ngisho noma bethi bafuna ukuqonda isimo sikaNkulunkulu, ukumazi kangcono uNkulunkulu Ngokwakhe, ukubona ukuthi uNkulunkulu unani futhi uyini, futhi bayazise ngobuqotho intando kaNkulunkulu, ekujuleni kwezinhliziyo zabo bangafisa sengathi uNkulunkulu akekho. Kungenxa yokuthi lolu hlobo lwabantu luyaqhubeka nokungamlaleli uNkulunkulu futhi luyamphika; babanga isikhundla noNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi bavame ukusola noma ukuphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Abafuni ukuvumela isimo sikaNkulunkulu noma uNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe ukuba angene ezinhliziyweni zabo. Bafuna nje ukwanelisa izifiso zabo, imicabango nezinto abazifunayo. Ngakho laba bantu bangase bakholelwe kuNkulunkulu, balandele uNkulunkulu, futhi bangaze ngisho balahle ithemba emindenini yabo nasemisebenzini yabo, kodwa ngeke bayeke izindlela zabo ezimbi. Abanye baze bantshontshe noma badle iminikelo, noma baqalekise uNkulunkulu ngasese, kuyilapho abanye bengase basebenzise izikhundla zabo ukuze bazifakazele bephindelela, bazikhukhumeze futhi bancintisane noNkulunkulu ngenxa yabantu noma isithunzi. Basebenzisa izindlela ezehlukahlukene nezikali ukuze benze abantu babakhonze, bahlale befuna ukunqoba abantu futhi babalawule. Abanye baze ngisho bakhohlise abantu ngenhloso babenze bacabange ukuthi bangoNkulunkulu ukuze baphathwe njengoNkulunkulu. Abasoze batshela abantu ukuthi bonakalisiwe, nokuthi nabo bakhohlakele futhi banenkani, abangabakhonzi, nokuthi kungakhathaleki ukuthi benzani kusancike ekuphakanyisweni kukaNkulunkulu nalokho okufanele ngabe bayakwenza. Kungani bengazisho lezi zinto? Ngoba besaba kakhulu ukuthi bazosuke bengabe besayithola indawo yabo ezinhliziyweni zabantu. Yingakho abantu bengamdumisi uNkulunkulu, bengafakazi ngoNkulunkulu, ngoba abakaze bazame ukuqonda uNkulunkulu. Ingabe bengamazi uNkulunkulu ngaphandle kokumqonda? Akunakwenzeka! Ngakho, nakuba amazwi asesihlokweni athi, “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe,” engase abonakale elula, incazelo yawo ayifani kubo bonke abantu. Ngoba umuntu ovame ukungamlaleli uNkulunkulu, uyamphika uNkulunkulu, futhi uyamzonda uNkulunkulu, kusho ukulahlwa; kuyilapho umuntu olifuna ngobuqotho iqiniso futhi osondela kaningi kuNkulunkulu ukuze athole intando kaNkulunkulu, ngokungangabazeki uefana nenhlanzi emanzini. Ngakho phakathi kwenu, lapho abanye bezwa kukhulunywa ngesimo sikaNkulunkulu nomsebenzi kaNkulunkulu, baqala ukuphathwa ikhanda, izinhliziyo zabo ziqina nakakhulu, futhi ngeke zizinze. Kodwa kunabanye phakathi kwenu abacabanga ukuthi: Lesi sihloko yilokho kanye engikudingayo, ngoba lesi sihloko singizuzisa kakhulu. Yingxenye engiyidinga kakhulu ekuphileni kwami; sibaluleke kakhulu, siyisisekelo sokholo kuNkulunkulu, futhi siyinto isintu esingeke sikwazi ukuphila ngaphandle kwayo. Ngoba kini nonke, lesi sihloko singase sibonakale sikude futhi siseduze, singaziwa kodwa sijwayelekile. Kodwa kungakhathaleki ukuthi nicabangani, lesi isihloko wonke umuntu okufanele asilalele, asazi futhi asiqonde. Kungakhathaleki ukuthi usebenzelana kanjani nakho, kungakhathaleki ukuthi ukubheka kanjani noma ukwamukela kanjani, ukubaluleka kwalesi sihloko akunakushalazelwa.

UNkulunkulu ubelokhu enza umsebenzi Wakhe kusukela ngesikhathi adala ngaso isintu. Ekuqaleni, umsebenzi wawulula kakhulu, kodwa noma kunjalo, wawunazo izimpawu zesiqu sikaNkulunkulu nesimo Sakhe. Nakuba umsebenzi kaNkulunkulu ubalulekile manje, ngenxa yokuthi wenezela umsebenzi omkhulu onzima kuwo wonke umuntu omlandelayo futhi uqhakambisa ukubaluleka kwezwi Lakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, ubuntu bukaNkulunkulu bebufihliwe kubantu. Nakuba eke waba sesimweni somuntu kabili, kusukela ezikhathi zokulandisa kweBhayibheli kuze kube manje, ubani owake wambona ngempela uNkulunkulu ngokoqobo? Ngenxa yokuqonda kwenu, ingabe ukhona owake wabona uNkulunkulu ngokoqobo? Akekho. Akekho owake wabona uNkulunkulu ngokoqobo, okusho ukuthi akekho owake wabona ukuthi ubukeka kanjani ngempela uNkulunkulu. Wonke umuntu uyavumelana nalokhu. Okungukuthi, uqobo lukaNkulunkulu, noma uMoya kaNkulunkulu, bekucashile kuso sonke isintu, kuhlanganise no-Adamu no-Eva, abadalwa uNkulunkulu, futhi kuhlanganise noJobe olungile, ayemamukela. Ngisho noma bengazange baboneuNkulunkulu ngokoqobo. Kodwa kungani uNkulunkulu efihla ngamabomu uqobo Lwakhe lwangempela? Abanye abantu bathi: “UNkulunkulu uyabesaba abantu.” Abanye bathi: “UNkulunkulu uqobo Lwakhe lwangempela ulufihla ngenxa yokuthi umuntu mncane kakhulu, kanti uNkulunkulu mkhulu kakhulu; abantu abavunyelwe ukumbona ngoba bazofa.” Kuphinde kube nalabo futhi abathi: “UNkulunkulu umatasa uqondisa umsebenzi Wakhe nsuku zonke, angase angabi naso isikhathi sokuziveza kubantu.” Akunandaba ukuthi yini eniyikholelwayo, nginaso isiphetho sendaba lapha. Sithini leso siphetho? Siwukuthi uNkulunkulu akafuni abantu babone uqobo Lwakhe lwangempela. UNkulunkulu uzifihla ngamabomu kubantu. Ngamanye amazwi, kuyinjongo kaNkulunkulu ukuthi abantu bangamboni ngokoqobo. Lokhu kufanele kucace kuwo wonke umuntu manje. Uma uNkulunkulu engakaze avezele omunye umuntu uqobo Lwakhe lwangempela, khona-ke ingabe nicabanga ukuthi uNkulunkulu ukhona? (Ukhona.) Yebo uNkulunkulu ukhona. Iqiniso lokuba khona kukaNkulunkulu alinakuphikwa. Kodwa ukuthi uNkulunkulu mkhulu kangakanani noma ubukeka kanjani, ingabe lena imibuzo abantu okufanele baphenye ngayo? Cha. Impendulo ithi akufanele kube njalo. Uma uqobo lukaNkulunkulu lungesona isihloko okufanele sisicwaninge, imuphi kanti umbuzo okufanele siwuhlolisise? (Isimo sikaNkulunkulu.) (Umsebenzi kaNkulunkulu.) Nokho, ngaphambi kokuba siqale ukuxoxa ngesihloko okuyisonasona, ake sibuyele kulokhu ebesixoxa ngakho: Kungani uNkulunkulu engakaze eveze uqobo Lwakhe esintwini? Kungani uNkulunkulu elufihla ngamabomu uqobo Lwakhe esintwini? Sisodwa kuphela isizathu, sithi: Nakuba umuntu odaliwe esebe khona izinkulungwane zeminyaka emsebenzini kaNkulunkulu, akekho noyedwa umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu kanye nesiqu sikaNkulunkulu. Labo bantu emehlweni kaNkulunkulu bangabantu abamelene Naye, futhi uNkulunkulu ngeke aziveze kubantu abamzondayo. Lesi ukuphela kwesizathu esenza uNkulunkulu engaluvezi uqobo Lwakhe esintwini futhi elufihla ngamabomu uqobo Lwakhe kuso. Ingabe manje sekuyanicacela ukubaluleka kokwazi isimo sikaNkulunkulu?

Kusukela ngesikhathi ukuqondisa kukaNkulunkulu okwaqala ngaso ukuba khona, uNkulunkulu ubelokhu ezinikele ngokugcwele ukufezeni umsebenzi Wakhe. Naphezu kokubafihlela uqobo Lwakhe, ubelokhu engasohlangothini lwabantu, enza umsebenzi kubo, embula isimo Sakhe, eqondisa sonke isintu ngesiqu Sakhe, futhi enza umsebenzi Wakhe kuwo wonke umuntu esebenzisa amandla Akhe amakhulu, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye negunya Lakhe, ngalokho eletha iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, futhi manje uletha iNkathi Yombuso. Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, isimo Sakhe, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe ngesintu, ubembulele ngokuphelele bonke abantu ukuze bakubone futhi bakuzwe. Ngamanye amazwi, nakuba abantu bengakwazi ukubona noma ukuthinta uNkulunkulu, isimo nesiqu sikaNkulunkulu abantu baye bakuzwa kuvela kuNkulunkulu Ngokwakhe. Akulona yini iqiniso lelo? Akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza ngayiphi indlela noma kanjani, abantu uhlale ebaphatha ngokuvumelana noqobo Lwakhe, enze okufanele akwenze futhi asho okufanele akusho. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ekusiphi isikhundla—kungenzeka abe sezulwini lesithathu, noma enyameni, noma ngisho ewumuntu ovamile—uhlale ekhuluma nomuntu ngayo yonke inhliziyo Yakhe nangayo yonke ingqondo Yakhe ngaphandle kokukhohlisa nokuzifihla. Lapho efeza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu wembula izwi Lakhe nesimo Sakhe, aphinde embule lokho anakho nayikho, ngaphandle kokunqikaza ngandlela thile. Uqondisa isintu ngokuphila Kwakhe nangesiqu Sakhe kanye nezinto Zakhe. Yile ndlela abantu ababephila ngayo ngeNkathi Yomthetho—enkathini yokuzalwa kwesintu—ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu ongabonakali nongathinteki.

UNkulunkulu waba inyama okokuqala ngqa ngemva kweNkathi Yomthetho, ukuba sesimweni somuntu kwathatha iminyaka engamashumi amathathu nohhafu. Ngokombono womuntu, ingabe iminyaka engamashumi amathathu nento iyisikhathi eside? (Ayimide.) Njengoba ubude bokuphila komuntu buvame ukuba ngaphezulu kakhulu kweminyaka engaphezudlwana kwengamashumi amathathu, lesi akusona isikhathi eside kumuntu. Kodwa ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, le minyaka engamashumi amathathu nohhafu mide kakhulu. Waba umuntu—umuntu ovamile owafeza umsebenzi nomyalo kaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi kwadingeka ukuthi athathe umsebenzi umuntu ovamile angeke akwazi ukuwufeza, kuyilapho futhi ngesikhathi esifanayo ebekezelela ukuhlupheka abantu abavamile abangakwazi ukukubekezelela. Izinga iNkosi uJesu eyabekezelela ngalo ukuhlupheka phakathi neNkathi Yomusa, kusukela ekuqaleni komsebenzi Wakhe kuye esikhathini abethelwa ngaso esiphambanweni, kungenzeka abantu namuhla abakaliboni elifana nalo, kodwa ningakwazi yini ukulinambitha nisebenzisa izindaba eziseBhayibhelini? Kungakhathaleki ukuthi ingakanani imininingwane ekula maqiniso alotshiwe, wonke ephelele, umsebenzi kaNkulunkulu okule nkathi wawugcwele ubunzima nokuhlupheka. Ngoba kumuntu owonakalisiwe, iminyaka engama-shumi amathathu nohhafu ayimide; ukuhlupheka nje okuncane akuyona into enkulu. Kodwa kuNkulunkulu ongcwele, ongenabala, okufanele abekezelele zonke izono zesintu futhi adle, alale, futhi aphile nezoni, lobu buhlungu bukhulu kakhulu. UnguMdali, iNkosi yazo zonke izinto, noMbusi wayo yonke into, nokho lapho eza emhlabeni kwadingeka ukuba abekezelele ukucindezelwa nenkohlakalo yabantu abonakele. Ukuze aqede umsebenzi Wakhe futhi asindise isintu osizini, kwadingeka ukuthi ahlukunyezwe umuntu, futhi abekezelele izono zaso sonke isintu. Izinga lokuhlupheka adlula kulo akunakwenzeka ukuthi liqondakale noma abantu abavamile balazi. Kumelelani lokhu kuhlupheka? Kumelela ukuzinikela kukaNkulunkulu esintwini. Kumelela ihlazo nokuhlupheka okwadingeka ukuthi uJesu akukhokhe ukuze kusindiswe abantu, ukuhlenga izono zabo, nokuqeda isigaba somsebenzi Wakhe. Kuphinde kusho ukuthi umuntu wayeyohlengwa esiphambanweni nguNkulunkulu. Leli inani elakhokhwa ngegazi, ngokuphila inani elingaphezu kakhulu kwamandla ezinto ezidaliwe. Kungenxa yokuthi unesiqu sikaNkulunkulu futhi uNkulunkulu umhlomise ngezinto anazo futhi angakwazi ukubekezelela lolu hlobo lwenhlupheko nalolu hlobo lomsebenzi. Lena yinto okungekho sidalwa esidaliwe esingayenza esikhundleni Sakhe. Lona umsebenzi kaNkulunkulu phakathi neNkathi Yomusa nokwambulwa kwesimo Sakhe. Ingabe lokhu kwembula okuthile mayelana nalokho uNkulunkulu anakho nayikho? Ingabe kufanele ngempela isintu sikwazi?

Kule nkathi, nakuba abantu bengakaze babone uNkulunkulu ngokoqobo, bathola umnikelo wesono kaNkulunkulu futhi uNkulunkulu wabahlenga esiphambanweni. Isintu kungenzeka asijwayelene nomsebenzi owenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomusa, kodwa ingabe ukhona ojwayelene nesimo futhi oyokwambulwa uNkulunkulu phakathi nale nkathi? Umuntu umane wazi imininingwane yomsebenzi kaNkulunkulu wezinkathi ezehlukahlukene ngemigudu ehlukahlukene, noma wazi izindaba eziphathelene noNkulunkulu ezenzeka ngesikhathi esifanayo naleso uNkulunkulu ayefeza ngaso umsebenzi Wakhe. Cishe le mininingwane kanye nalezi zindaba, kuwulwazi noma umlando omayelana noNkulunkulu, akuhlanganisi lutho nesimo sikaNkulunkulu. Ngakho akunandaba ukuthi kungakanani abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, lokho akusho ukuthi banolwazi nokuqonda okujulile ngesimo sikaNkulunkulu noma isiqu Sakhe. Njengokungathi kwakuseNkathini Yomthetho, nakuba abantu baseNkathini Yomusa baba nokuxhumana okuseduze kakhulu noNkulunkulu osenyameni, cishe ulwazi lwabo ngesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe lwalufana nento engekho.

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu waphinde waba inyama, ngendlela efanayo nenza ngayo okokuqala. Phakathi nale nkathi yomsebenzi, uNkulunkulu usalembula ngokuphelele izwi Lakhe, wenza umsebenzi okufanele awenze futhi wembula lokho anakho nayikho. Ngesikhathi esifanayo, uyaqhubeka ebekezelela ukungalaleli nokungabi nandaba komuntu. Ingabe uNkulunkulu akasembuli ngokuqhubekayo isimo Sakhe nentando Yakhe phakathi nale nkathi futhi? Ngakho, kusukela ekudalweni komuntu kuze kube manje, isimo sikaNkulunkulu, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe, bekuhlale kuyinto esobala kuwo wonke umuntu. UNkulunkulu akakaze asifihle ngenhloso isiqu Sakhe, isimo Sakhe, noma intando Yakhe. Kumane kuwukuthi isintu asinandaba nokwenziwa uNkulunkulu, nokuthi intando Yakhe iyini—yingakho ukuqonda komuntu uNkulunkulu kuyinto ebanga amahloni. Ngamanye amazwi, nakuba uNkulunkulu efihla uqobo Lwakhe, uhlale enesintu ngaso sonke isikhathi, eyiveza ngokucacile intando Yakhe, isimo Sakhe, kanye nesiqu Sakhe ngazo zonke izikhathi. Ngokomqondo othile, uqobo lukaNkulunkulu nabo abantu bangabubona, kodwa ngenxa yobumpumputhe besintu nokungalaleli kwaso, bayohlale bengakwazi ukubona indlela uNkulunkulu abukeka ngayo. Ngakho uma kunjalo, ingabe akufanele ukuqonda isimo sikaNkulunkulu kanye noNkulunkulu Uqobo kube lula kuwo wonke umuntu? Lowo mbuzo kunzima kakhulu ukuwuphendula, akunjalo? Ningase nithi kulula, kodwa ngesikhathi abanye besafuna ukwazi uNkulunkulu, abakwazi ukumazi ngempela noma ukumqonda ngokucacile—kubo kuhlale kunokudideka nokungaqondi. Kodwa uma nithi akulula, nalokho futhi akulungile. Njengoba ube yisihloko somsebenzi kaNkulunkulu sonke lesi sikhathi, wonke umuntu kufanele ukube ekuphileni Kwakhe, uke wasebenzelana ngokuqondile noNkulunkulu. Kufanele ngabe sebake bamuzwa uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ngokwezinga elithile noma baba nokuxhumana Naye ngokomoya, ngakho kumele okungenani babe nokuqapha okunombono ngesimo sikaNkulunkulu noma bamqonde ngokwezinga elithile. Kusukela ngesikhathi umuntu aqala ngaso ukulandela uNkulunkulu kuze kube manje, isintu sithole okuningi kakhulu, kodwa ngenxa yazo zonke izinhlobo zezizathu—ukuba buthuntu kweso lomuntu, ukunganaki, nokuhlubuka, nezinhloso ezehlukahlukene—isintu sesilahlekelwe okuningi kwakho. Ingabe uNkulunkulu kakade akabanikile okwanele abantu? Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, uyabanika lokho anakho nalokho ayikho, ngisho nokuphila Kwakhe; ulwazi lwesintu ngoNkulunkulu akufanele lube yilokhu oluyikho manje. Yingakho ngicabanga ukuthi ngiphinde ngixoxe nani ngesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Injongo ukuthi izinkulungwane zeminyaka uNkulunkulu azichithile enakekela umuntu zingapheleli ezeni, nokuthi isintu sikwazi ukuyiqonda ngempela futhi siyazise intando kaNkulunkulu ngaso. Kungenxa yokuthi abantu bakwazi ukuthatha igxathu elilandelayo olwazini lwabo ngoNkulunkulu. Kuyophinde kubuyisele uNkulunkulu endaweni Yakhe efanele ezinhliziyweni zabantu, lokho okumenzela ubulungisa.

Ukuze siqonde isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe kumele uqale ngento encane kakhulu. Kodwa yini lena encane kakhulu okufanele uqale ngayo? Okokuqala, ngiye ngathola izahluko ezithile zeBhayibheli. Imininingwane engezansi iqukethe amavesi eBhayibheli, wonke ahlobene nesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngokukhethekile, lezi zingxenye ngizithole njengezinkomba ezizonisiza nazi umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngizoxoxa ngazo nani ukuze nibone ukuthi isimo esinjani nesiqu uNkulunkulu asembulile emsebenzini Wakhe odlule kodwa abantu abangazi ngaso. Lezi zahluko kungenzeka ukuthi zindala, kodwa isihloko esixoxa ngaso siyinto entsha abantu abangakaze bezwe ngayo. Abanye benu bangase bakuthole kungakholakali—ukubuyela ku-Adamu no-Eva kanye noNowa, akukhona yini ukuhamba emigudwini efanayo futhi? Akukhathaleki ukuthi nicabangani, lezi zahluko zizozuzisa kakhulu lapho sixoxa ngazo kulesi sihloko futhi zingaba imibhalo efundisayo noma imibhalo yokuqala yokuhlanganyela kwanamuhla. Lapho sengiphothula le ngxoxo, nizobe seniziqonda izinhloso Zami zokukhetha lezi zingxenye. Labo abake balifunda iBhayibheli ngaphambi kwesikhathi kungenzeka bake bawabona la mavesi ambalwa, kodwa kungenzeka abawaqondanga ngokuphelele. Ake sithi qaphu-qaphu ngaphambi kokuhlaziya ivesi ngalinye lazo.

U-Adamu no-Eva bawokhokho besintu. Uma sizoxoxa ngabalingiswa baseBhayibhelini, kumele siqale ngabo bobabili. Olandelayo uNowa, ukhokho wesibili wesintu. Niyakubona lokho? Ubani umlingiswa wesithathu? (U-Abrahama.) Ingabe nonke niyayazi indaba ka-Abrahama? Kungenzeka abanye benu bayayazi, kodwa kwabanye kungenzeka ayicacile kangako. Ubani umlingiswa wesine? Okukhulunywa ngaye endabeni yokubhujiswa kweSodoma? (ULoti.) Kodwa akubhekisiwe kuye uLoti lapha. Kubhekiswe kubani? (Ku-Abrahama.) Into ephambili okuxoxwa ngayo endabeni ka-Abrahama yilokho okwashiwo uJehova. Ingabe niyakubona? Ubani umlingiswa wesihlanu? (UJobe.) Ingabe uNkulunkulu akakhulumi kakhulu ngendaba kaJobe phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? Ingabe nifuna ngempela ukwazi ngale ndaba? Uma nifuna ngempela ukwazi, ingabe nike nayifunda ngokucophelela indaba kaJobe eBhayibhelini? Ingabe niyazazi izinto ezashiwo uJobe, izinto azenza? Kulabo asebezifunde kakhulu, senizifunde kangaki? Ingabe nizifunda njalo? Sicela odadewethu baseHong Kong, basitshele. (Ngake ngazifunda izikhathi ezimbalwa ngesikhathi siseseNkathini Yomusa.) Anikaze niphinde nizifunde futhi? Uma kunjalo, lelo yihlazo elikhulu. Ake nginitshele: Phakathi nalesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wakhuluma kaningi ngoJobe, okuwuphawu lwezinhloso Zakhe. Ukukhuluma Kwakhe kaningi ngoJobe kodwa ninganaki, kufakazela leli qiniso: Aninandaba nokuba umuntu olungile owesaba uNkulunkulu nogwema okubi. Lokhu kungenxa yokuthi nimane nje naneliswa umbono okha phezulu ngendaba kaJobe elandiswa uNkulunkulu. Naneliswa ukuqonda indaba ngokwayo, kodwa aninandaba futhi anizami ukuqonda imininigwane kaJobe njengomuntu nento eyenza uNkulunkulu akhulume kaningi ngoJobe. Uma ningenayo ngisho nendaba ngomuntu owadunyiswa uNkulunkulu, kanti yini ngempela eninendaba nayo? Uma ningenandaba futhi ningazami ukuqonda lowo muntu obalulekile uNkulunkulu akhulume ngaye, lokho kusho ukuthini ngendlela enibheka ngayo izwi likaNkulunkulu? Akulona yini ihlazo lelo? Ingabe akufakazeli ukuthi iningi lenu alizenzi izinto ezingokoqobo futhi alilifuni iqiniso? Uma ufuna iqiniso, uyogxila kakhulu kubantu uNkulunkulu abemukelayo nezindaba zabalingiswa uNkulunkulu akhulume ngabo. Kungakhathaleki ukuthi uyakwazisa noma ukuqonda ngokucacile, uzokufunda ngokushesha, uzame ukukuqonda, uthole izindlela zokulingisa isibonelo sakho futhi wenze okungcono kakhulu kongakwenza. Leyo indlela enza ngayo umuntu olangazelela iqiniso. Kodwa iqiniso liwukuthi iningi lenu elihleli lapha alikaze lifunde indaba kaJobe. Lokhu ngempela kusho okuthile.

Ake sibuyele esihlokweni ebesixoxa ngaso. Le ngxenye yemibhalo ekhuluma ngeNkathi Yomthetho eseTestamenteni Elidala ngokuyinhloko iyizindaba zabalingiswa engizicaphunile. Lezi izindaba ezijwayelekile kubantu abaningi abake bafunda iBhayibheli. Laba balingiswa bahle kakhulu. Labo abaye bafunda izindaba zabo bazokwazi ukubona ukuthi umsebenzi owenziwe uNkulunkulu kubo namazwi uNkulunkulu awakhulume kubo anokwethenjelwa futhi abantu bangakwazi ukuwathola namuhla. Lapho ufunda lezi zindaba nezinto ezilotshwe eBhayibhelini, uzokwazi ukuyiqonda kangcono indlela uNkulunkulu awenze ngayo umsebenzi Wakhe naphathe ngayo abantu Bakhe. Kodwa injongo yokuthola Kwami lezi zahluko namuhla akukhona ukuthi uzame ukuqonda lezi zindaba nabalingiswa abakuzo. Kunalokho, ukuthi ubone izenzo nesimo sikaNkulunkulu ngala balingiswa, ukuze kube lula ukuthi wazi futhi uqonde uNkulunkulu, ubone uhlangothi Lwakhe lwangempela, uyeke ukugcina ngokubona izinto ngeso lengqondo, uyeke ukuba nemibono Ngaye, futhi kuphele ukudideka onakho Ngaye. Ukuzama ukwenza ingqondo ngesimo sikaNkulunkulu nokuqonda kanye nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe ngaphandle kwesisekelo kungakwenza kaningi uzizwe ungenalusizo, ungenamandla, futhi ungaqiniseki ngokuthi uqale kuphi. Yingakho ngicabange ngokusebenzisa leyo ndlela futhi ngikwenze umqonde kangcono uNkulunkulu, uyazise kakhulu intando kaNkulunkulu futhi wazi isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ukuzwe ngempela ukuba khona kukaNkulunkulu wazise nentando Yakhe ngesintu. Ngeke kunizuzise yini lokhu? Manje nizwani enhliziyweni yenu uma niphinde nibona lezi zindaba nemibhalo futhi? Ingabe nicabanga ukuthi le mibhalo engiyikhethile miningi kakhulu? Kumele ngikuphinde lokhu enginitshele khona: Injongo yokuthi nifunde izindaba zalaba balingiswa ukunisiza niqonde indlela uNkulunkulu awenza ngayo umsebenzi Wakhe kubantu nendlela abheka ngayo isintu. Yini enganisiza niqonde lokhu? Umsebenzi uNkulunkulu awenze esikhathini esedlule, uhlanganiswe nomsebenzi uNkulunkulu awenza manje kuzonisiza niqonde izinto eziningi Ngaye. Lezi zinto eziningi zingokoqobo, futhi kumele zaziwe futhi zaziswe yilabo abafisa ukwazi uNkulunkulu.

Manje sizoqala ngendaba ka-Adamu no-Eva. Okokuqala, ake sifunde imibhalo.

1. U-Adamu no-Eva

1) Umyalo KaNkulunkulu Ku-Adamu

UGenesise 2:15-17 Futhi uJehova uNkulunkulu wase emthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele. Futhi uJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi, Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.

Ingabe kukhona enikutholile kula mavesi? Le ngxenye yemibhalo inenza nizizwe kanjani? Kungani “Umyalo kaNkulunkulu ku-Adamu” ucashunwe emibhalweni? Ingabe ngamunye wenu manje ninesithombe sikaNkulunkulu no-Adamu engqondweni yenu? Ningazama ukucabanga: Ukube benikuleso simo, wayeyoba njani uNkulunkulu enhliziyweni yenu? Lesi sithombe sinenza nibe namiphi imizwa? Lesi isithombe esishukumisa inhliziyo. Nakuba kunoNkulunkulu kuphela kuso, ukusondela okuphakathi kwabo akufanele sibe nomona ngakho: Uthando olukhulu lukaNkulunkulu lubekwe phezu komuntu, luzungeze umuntu; umuntu akanake nakunaka futhi akanacala, ukhululekile, uphila ngenjabulo ngaphandle kokuqapha kukaNkulunkulu; uNkulunkulu uyamkhathalela umuntu, kuyilapho umuntu ephila ngaphansi kwesivikelo nesibusiso sikaNkulunkulu; yonke into umuntu ayenzayo nayishoyo ihlobene futhi ayinakuhlukaniswa noNkulunkulu.

Ningasho ukuthi lona umyalo wokuqala uNkulunkulu awunika umuntu kusukela emdalile. Uqukutheni lo myalo? Uqukethe intando kaNkulunkulu, kodwa futhi uqukethe nokukhathazeka Kwakhe ngesintu. Lona umyalo wokuqala kaNkulunkulu, futhi kungokokuqala uNkulunkulu ekhathazeka ngomuntu. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu ubelokhu enesibopho ngomuntu kusukela ngomzuzu amdala ngawo. Siyini isibopho Sakhe? Kufanele avikele umuntu, amnakekele. Unethemba lokuthi umuntu angemethemba futhi alalele amazwi Akhe. Lokhu futhi kuyinto yokuqala uNkulunkulu ayilindele kumuntu. Yilokhu kulindela okwenza uNkulunkulu asho amazwi alandelayo: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.” La mazwi alula amelela intando kaNkulunkulu. Embula nokuthi inhliziyo kaNkulunkulu isiqalile ukukhathazeka ngomuntu. Phakathi kwazo zonke izinto, u-Adamu kuphela owenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu; U-Adamu uwukuphela kwento ephilayo uNkulunkulu afaka kuyo umoya wokuphila; angahamba noNkulunkulu, axoxe noNkulunkulu. Yingakho uNkulunkulu amnika lowo myalo. UNkulunkulu wakwenza kwacaca kulo myalo ukuthi yini engenziwa umuntu, nalokho angeke akwazi ukukwenza.

Kula mazwi ambalwa alula, singayibona inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa nhloboni yenhliziyo esiyibonayo? Ingabe lukhona uthando enhliziyweni kaNkulunkulu? Ingabe inakho ukukhathazeka? Uthando nokukhathazeka kukaNkulunkulu kula mavesi akunakwaziswa abantu kuphela, kodwa lungazwakala nokuzwakala. Ingabe lokho akulona iqiniso? Manje njengoba sengisho lezi zinto, ingabe nisacabanga ukuthi lawa amazwi ambalwa alula? Awalula ngaleyo ndlela, akunjalo? Ningakwazi ukukubona ngaphambi kwesikhathi lokhu? Uma uNkulunkulu ekutshela yena mathupha la mazwi ambalwa, ungazizwa kanjani ngaphakathi? Uma ungenabo ubuntu, uma inhliziyo yakho iqinile, akukho lutho ozoluzwa, ngeke ulwazise uthando lukaNkulunkulu, futhi ngeke uzame ukuqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa uma ungumuntu ononembeza, onobuntu, uyozizwa ngendlela ehlukile. Uyozwa imfudumalo, uyozizwa unakekelwa futhi uthandwa futhi uyojabula. Akulona yini iqiniso lelo? Lapho uzwa lezi zinto, uyoziphatha kanjani kuNkulunkulu? Ingabe uyonamathelana noNkulunkulu? Ingabe uyomthanda futhi umhloniphe ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho uNkulunkulu? Ingabe inhliziyo yakho iyosondelana noNkulunkulu? Ungabona kulokhu ukuthi lubaluleke kangakanani uthando lukaNkulunkulu kumuntu. Kodwa okubucayi nakakhulu ukwazisa komuntu nokuqonda Kwakhe uthando lukaNkulunkulu. Eqinisweni, ingabe uNkulunkulu akasho izinto eziningi ezifanayo phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? Kodwa ingabe abantu banamuhla bayayazisa inhliziyo kaNkulunkulu? Ingabe ningakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu engiqeda kukhuluma ngayo? Anikwazi ngisho nokuyiqonda intando kaNkulunkulu uma ingokoqobo futhi inokwethenjelwa kanje. Yingakho ngithi aninalo ulwazi lweqiniso nokuqonda ngoNkulunkulu. Ingabe lokhu akulona iqiniso? Yilokho esizoxoxa ngakho kule ngxenye.
……

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana