Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Septhemba 30, 2018

Ihlelo ngalinye phakathi komhlaba wenkolo likholwa ukuthi indlela yalo yindlela yeqiniso, ngakho umuntu angayehlukanisa kanjani indlela yeqiniso ezindleleni zamanga?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Niyazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele noma cha, nokuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele. Ngisho nenkolelo kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingenxa yokuthi inyama Yakhe iwumfuziselo kaMoya oNgcwele, okusho ukuthi leyo nkolelo isengekaMoya oNgcwele. Kunomehluko phakathi koMoya nenyama, kodwa ngenxa yokuthi le nyama ivela oMoyeni, futhi iZwi liphenduka inyama, ukholo lomuntu kuyo luseyisiqu sikaNkulunkulu. Ngakho ekwahlukaniseni ukuthi yindlela yeqiniso noma cha, kufanele nibheke ukuthi akuwona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngemva kwalokho nibheke ukuthi likhona yini iqiniso kuleyo ndlela. Leli qiniso liyisimo sokuphila ebuntwini obujwayelekile, okusho ukuthi, yilokho okwakudingeka kumuntu ngesikhathi edalwa uNkulunkulu, konke ngomuntu (okuhlanganisa ingqondo, ukuqonda, ukuhlakanipha, nolwazi oluyisisekelo lokuba umuntu). Lokho kusho ukuthi, kudingeka ubone ukuthi ungakwazi yini ngale ndlela ukuyisa umuntu ekuphileni ngendlela ejwayelekile noma cha, nokuthi iqiniso okukhulunywa ngalo lingokoqobo yini kubantu, noma seliphelelwe yisikhathi. Uma kuneqiniso, khona-ke kungenzeka ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umuntu oba ojwayelekile nakakhulu, ingqondo yomuntu iyaphelela nakakhulu, ukuphila komuntu enyameni nasemoyeni kuyahleleka, futhi imizwa yomuntu iba ejwayelekile. Lona umyalo wesibili. Kunomunye futhi umyalo, wokuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unolwazi oluningi yini ngoNkulunkulu, ukuthi uyawubona yini umsebenzi onjalo, nokuthi iqiniso liyakugqugquzela yini ukuthanda uNkulunkulu kuye, kumsondeze kakhudlwana kuNkulunkulu. Lokhu kungalinganiswa ngokuthi kuyindlela yeqiniso yini noma cha. Into ebaluleke kakhulu ukuthi le ndlela inengqondo yini, nokuthi iyamnika yini umuntu ukuphila. Uma ivumelana nale miyalo, kungafinyelelwa esiphethweni sokuthi lena indlela yeqiniso. … Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe, esonakaliswe uSathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele. … Uma ubamba le miyalo eminingana ewumgogodla, khona-ke kunoma yini eyenzekayo ngeke ukhohliswe.

kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana