Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Okthoba 23, 2018

Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zijula kanjani kancane kancane ukuze zilethele isintu insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe, ngakho umsebenzi wokuphatha isintu nawo waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngalesi sikhathi, ukubaluleka, inhloso, kanye nezigaba zomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, okwathi, uthatha u-Israyeli njengesizinda sawo, waya ngokuya wandela kwabeZizwe. Lesi yisimiso asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese esandisa baze bonke abantu emhlabeni jikelele balemukele ivangeli Lakhe. Ama-Israyeli okuqala kwakuyinzalo kaNowa. Labo bantu babefakwe kuphela umphefumulo kaJehova futhi babeqonda ngokwenele ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, noma isifiso Sakhe ngomuntu futhi bengayazi intando yakhe ngomuntu, ingasaphathwa eyokwazi ngisho ukuthi kufanele bayihloniphe kanjani iNkosi yendalo yonke. Okokuthi yayikhona imigomo nemithetho okwakufanele ilalelwe, nokuthi imuphi umsebenzi isidalwa okufanele siwenzele uMdali: inzalo ka-Adamu yayingazi lutho ngalezi zinto. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuze ondle umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo, futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, laba bantu, ababenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, babengazi lutho ngendlela yokulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma oluwubuqili ezinhliziyweni zabo, futhi umona nokuphikisana kwakungavamile ukuvuka phakathi kwabo, noma kunjalo babengenalo ulwazi noma ukuqonda uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuphela ukudla izinto zikaJehova, nokuthokozela izinto zikaJehova, kodwa babengakwazi ukuhlonipha uJehova; babengazi ukuthi uJehova Nguye yedwa okufanele bamkhonze beguqe ngamadolo. Ngakho babengabizwa kanjani ngezidalwa Zakhe? Uma kwakunjalo, kuthiwani ngamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu ukuze amveze, amkhazimulise, futhi ammele,”—kwakungeke kube ayekhulunyelwa ize? Kwakungenzeka kanjani ukuthi abantu abangamhloniphi uJehova babe ofakazi benkazimulo Yakhe? Babengaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe amazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” abe esephenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? La mazwi ayengeke yini abe uphawu lokululazeka kokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abayalele noma abaqondise ukusuka esikhathini sika-Adamu kuya kwesikaNowa. Kodwa, kwaze kwaba emuva kokuba uzamcolo usubhubhise umhlaba lapho aqala khona ngokusemthethweni ukuhola abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa neka-Adamu futhi. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli kwanika ukuqondiseka kubo bonke abantu ezweni lonke lakwa-Israyeli, futhi ngale ndlela kwakhombisa isintu ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo evela Kuye, futhi aphakame othulini abe yisidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nokuthi wayengangqongqisa isintu ngomlilo, futhi aqalekise isintu, aphinde asebenzise induku Yakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume aphinde asebenze phakathi kwesintu ngokwamahora emini nawobusuku. Wenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, nokuthi ngaphezulu kwalokho, umuntu wayenziwe Nguye. Hhayi lokhu kuphela, kodwa umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa ababexhante besuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beseyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonke zimhloniphe futhi zimbone emkhulu. Ukuba uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho wathi esesidalile isintu, wasidedela saphila impilo yokuzibonela emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, wayengeke azi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Ukuba uJehova wayedale umuntu futhi wambeka emhlabeni ngesizathu sokuzithokozisa Yena, wabe nje esesula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahlale phakathi kwabantu ukuze abahole isikhathi esithile, sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto eziningi azidala, kanye nesintu sonke, konke kwakuyophetha ngokushabalala kugxotshwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Emhlabeni, okusho ukuthi, phakathi kwendalo Yakhe, kufanele abe nendawo yokuma, indawo engcwele” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke, emuva kokudala isintu, ukuthi wakwazi ukuhlala phakathi kwaso, ukuze asiqondise ezimpilweni zaso, futhi akhulume naso ephakathi kwaso, konke lokhu kwakungokokufeza isifiso sakhe, nokufeza uhlelo Lwakhe. Umsebenzi awenza kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukufeza uhlelo ayekade eluhlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto, ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kokuqala phakathi kwabakwa-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwakungenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nenkazimulo Yakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, okuyisikhathi owafundisa ngaso isintu ukuthi simhloniphe kanjani uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baqhubeke kanjani nokuphila, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamhloniphe, futhi bamdumise ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Ngaphambili kwezinkulungwane ezimbili zeminyaka lapho uJehova enza khona umsebenzi Wakhe, umuntu wayengazi lutho, futhi cishe bonke abantu base bawele enkohlakalweni, kwaze kwaba yisikhathi, ngaphambi kukazamcolo, sebefike ekujuleni kobufebe nokonakala lapho izinhliziyo zabo zazingasenaye uJehova, kungasaphathwa okwendlela Yakhe. Abazange neze baqonde umsebenzi uJehova ayezowenza; babengenawo umqondo wokucabanga, lungasaphathwa ulwazi, benjengomshini ophilayo ophefumulayo, bengenalwazi nhlobo ngomuntu, ngoNkulunkulu, ngomhlaba, kanye nempilo ngokufanayo. Emhlabeni bangena ekwenzeni ukuyenga okuningi, njengenyoka, futhi bakhuluma izinto eziningi azazimcasula uJehova, kodwa ngoba babengenalwazi uJehova akazange abasole noma abaqondise. Kungemuva kukazamcolo kuphela, lapho uNowa eseneminyaka engama-601, lapho uJehova wazibonakalisa ngokomthetho kuNowa wabe esemqondisa yena nomndeni wakhe, ehola izinyoni nezilwane ezasinda kuzamcolo Kanye noNowa nozalo lwakhe, kwaze kwabasekupheleni kweNkathi Yomthetho, iminyaka eyizi-2,500 seyiphelele. Wayesebenza ku-Israyeli, okungukuthi, ukusebenza ngokomthetho, isamba seminyaka eyizi-2,000, kanti isikhathi lapho ayesebenza kwa-Israyeli nangaphandle kwakhona sasiyiminyaka engama-500, okwenza iminyaka eyizi-2,500 uma sekuhlangene.

kwesithi “Umsebenzi ENkathini Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu kwakungenxa yokuthi babephila eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu – njengoba uJesu athi, “Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe”. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona njalo nje. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwabantu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okusho ukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi eliwa noSathane akukhona ukuhloma ngezikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okusho ukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Inhloso yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi kuphothulwe impi eliwa noSathane, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto yokunqotshwa emsebenzini wokuphatha kaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke le mpi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma le mpi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana