Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Januwari 1, 2019

Ngokuncintisana Ngale Ndlela, Ngihlomula Kakhulu

uMa Xin, eChina 

Njengoba umyeni wami wayengeyena umuntu ozibandakanya emsebenzini wokwethembeka, wayevame ukuphuza utshwala futhi engabonakalisi kukhathalela izindaba zomndeni, ngangivame ukucwila enhliziyweni embi nasebuhlungwini. Esikhathini lapho ngingenamandla okuzabalaza ngiqhubeke, isihlobo esithile sangilethela ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla. Ngokufunda izwi likaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi: UNkulunkulu uveza iqiniso futhi wenza umsebenzi wokwahlulela wezinsuku zokugcina ukuze asindise isintu ezandleni zikaSathane. Uyala umuntu ukuba aqonde, alalele futhi abuyele kuYe ukuze athole ukuvikela nokunakekela Kwakhe. Ngenxa yalokho, ngawamukela ngenjabulo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla wezinsuku zokugcina futhi ngashesha ngaqala impilo yami yasebandleni. Kodwa-ke, njengoba nje ngangithola into engangingancikisa impilo yami kuyo futhi nginomuzwa wokujabula nokwesasa, izilingo zikaSathane zangihlasela njengesilo sasendle sibhozomela inyamazane kwase kuqala impi kamoya ...

Ngelinye ilanga, indodakazi yami yafika ekhaya ivela esikoleni yathi kimi, “Mama, namhlanje, bengisiza uthisha wami ukuba siyise izinto esitezi esiphezulu lapho isandla sami sishayeka ngengozi onqenqemeni. Kubuhlungu kakhulu. ”Ngabuka isandla sendodakazi yami ngokukhathazeka. Sasingebomvu futhi singahuzukile. Kwakukhona nje ukusikeka okuncane phansi kwesithupha sayo. Ngaduduza indodakazi yami ngathi, “Ungakhathazeki, emva kwezinsuku ezimbili, kuzoba ngcono.” Ngazicabangela ngathi, “Ngikholwa kuNkulunkulu uSomandla. Ngokuvikela nokunakekela kukaNkulunkulu, ingane yami izoba ngcono nakanjani.” Nokho, emva kwezinsuku eziyishumi, ukulimala kwesithupha sakhe nengxenye yentende yesandla sakhe kwaba kubi kakhulu. Emva kwezinyanga ezimbili, isithupha sakhe nengxenye yentende yesandla sakhe yayisimnyana isansomi ngombala. Isithupha sakhe sase sisikhulu ngaphezu kukabhozo wakhe. Ngalesi sikhathi, ngase ngikhathazeke kakhulu. Mina nomyeni wami saphuthumisa indodakazi yethu esibhedlela. Kodwa-ke, ukuxilongwa kwakhe akuvezanga lutho olungajwayelekile. Ngathandaza buthule kuNkulunkulu enhliziyweni yami, “Nkulunkulu Somandla. Kwenzekani ngesandla sendodakazi yami? Ngizimisele ukubeka indodakazi yami Kuwe. Ngicela uyinakekele futhi uyivikele.” Kodwa-ke, lapho izihlobo zami nabangane bebona isandla sendodakazi yami, bonke babethi, “Isandla sendodakazi yakho sinesifo esingajwayelekile.” Ugogo wakhe naye washo ngokukhathazeka wathi, “Isandla sale ngane singase sikhubazeke.” Lapho ngizwa lezi zinto, ngaba nokukhathazeka okukhulu nokuthukuthela: Uma ngempela isandla sendodakazi yami kudingeka ukuba sikhubazeke, siyokwenzenjani? Usemncane kakhulu. Angabhekana kanjani nalolu hlobo lwenkinga? Lapho ngiqhubeka ngicabanga, ngaya ngokuya ngizizwa ngididekile, ngikhathazekile futhi nginobuhlungu. Ngacabanga ngathi, “Sengikhuleke kuNkulunkulu isikhathi eside. Kungani pho isandla sendodakazi yami sisenje? UNkulunkulu akazange aphendule imithandazo yami futhi akazange avikele indodakazi yami!” Inhliziyo yami yagcwala ukungaqondi mayelana nokukhononda kuNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, umyeni wami wenza okuthile okuphambene emsebenzini ngenxa yokudakwa kwakhe lapho-ke umphathi wakhe wayefuna ukumxosha. Zazinginetha ngempela! Lapho ngizwa lezi zindaba, ngaba nokukhathazeka nakakhulu. Uma umyeni wami elahlekelwa umsebenzi, umndeni wethu wawuyophila kanjani esikhathini esizayo? Lesi simo sangenza ngazizwa ngiphakanyelwe amaphaphu. Angikwazanga ukwehlisa umoya. Ngisho nalapho ngifunda izwi likaNkulunkulu, ngangingakwazi ukulizwa. Ngacabanga ngathi, “Ngiyakholwa kuNkulunkulu. Kungani ngihlangabezane nezimo eziningi ezimbi? Kungani uNkulunkulu engasibhekile?” Ngenxa yalesi sizathu, ngaba nemicabango ephambene kakhulu.

Lapho isihlobo esasingitshele ngevangeli sizwa ngemicabango yami, ngesineke sangitshela ukuthi, “Isizathu esenza sibhekane nezimo ezingezinhle namuhla kungenxa yokuphazamisa kukaSathane. Kukhona impi eqhubekayo ezweni langokomoya. Umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ungukusindisa isintu. Lapho umuntu eshiya uSathane ebuyela kuNkulunkulu, uSathane akazimisele ukuvuma ukwehlulwa. Uzophazamisa futhi akhohlise umuntu nganoma iyiphi indlela engenzeka. Uzolethela umuntu zonke izinhlobo zokuhlupheka nezinsizi ukuze umuntu agcwale ukungaqondi nokukhononda ngoNkulunkulu. Inhloso yakhe ukwenza umuntu aphike uNkulunkulu, alahle uNkulunkulu, alahlekelwe insindiso kaNkulunkulu futhi aphinde abuyele ngaphansi kokubuswa nguSathane. Uma sigcwele leyo micabango ephambene futhi sikude noNkulunkulu, sithathwe amacebo kaSathane obuqili! Empeleni, ngisho noma singakholwa kuNkulunkulu, lezi zindaba azigwemeki. Ngoba umbono wethu ngokukholwa kuNkulunkulu awulungile, sinikeze uSathane ithuba lokusilimaza. Ake sibheke isiqephu samazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uSomandla wathi, ‘Abantu abaningi bakholelwa kuNkulunkulu ukuze babe nokuthula nezinye izinzuzo. Uma kungeke kukusize, awukholelwa kuNkulunkulu, kanti uma ungawutholi umusa kaNkulunkulu, uyadangala. Lokhu kungaba kanjani yisona simo senu seqiniso? Uma kuziwa ezigamekweni zomndeni ongasoze wazigwema (ukugula kwezingane, ukulaliswa komyeni esibhedlela, isivuno esingesihle, ukushushiswa kwamalungu omndeni, nokunye), anikwazi ukumelana nalezi zinto ezivame ukwenzeka ekuphileni.Uma kwenzeka izinto ezinjengalezi, niyathuka, anazi ukuthi nenzeni—futhi isikhathi esiningi, nisola noNkulunkulu. Nisola ngokuthi amazwi kaNkulunkulu anikhohlisile, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wenze impilo yakho yabheka phezulu. Ingabe ninayo imicabango enjalo? Ingabe nicabanga ukuthi lezi zinto ziyenzeka kini kodwa azivamile? Zonke izinsuku niphila ngaphansi kwezehlo ezinje. Anicabangi nakancane ngempumelelo yokholo lwenu kuNkulunkulu, nokuthi ningayifeza kanjani intando kaNkulunkulu. Isimo sakho sincane kakhulu, sincane ngisho kunesechwane lenkukhu. … Isisu sakho siqumbelene sigcwele izikhalazo, ngesinye isikhathi awuyi emihlanganweni noma udle uphuze amazwi kaNkulunkulu ngenxa yalokhu, uvamise ukucabanga kabi isikhathi eside’” (“Isenzo (3)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni).

Lapho ngizwa la mazwi kaNkulunkulu, inhliziyo yami yathuthumela: UNkulunkulu ngempela uhlola inhliziyo yomuntu! Igama ngalinye lifinyelele ekujuleni kwenhliziyo yami. Isizathu sokukholwa kuNkulunkulu ngempela kwakungenxa yokuthi ngangifuna ukuthi umndeni wami uphephe! Lapho ngibhekene nezindaba ezihluphayo, angimqondanga kahle uNkulunkulu, ngangikhononda kuNkulunkulu futhi ngilahlekelwe ukholo kuNkulunkulu. Ngangiphila ezimweni eziphambene futhi isiqu sami esingokomoya sasisincane kakhulu. Isihlobo sami saqhubeka nokukhuluma nami, “Amazwi kaNkulunkulu aveza umbono wethu ongalungile wokukholwa kuNkulunkulu ukuze sithole izibusiso. Ngenxa yemiqondo nemicabango yethu, sikholwa ukuthi uma nje sikholwa kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzosibusisa futhi aqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle. Njengoba lo mqondo usezinhliziyweni zethu, lapho sibhekana nezimo ezingemnandi ekuphileni kwethu, siphuthuma sigxeke uNkulunkulu futhi ngenxa yalokho, singakwazi ukuphika, ukukhaphela nokushiya uNkulunkulu nganoma yisiphi isikhathi. USathane ubazi kahle lobu buthakathaka bethu obubulalayo. Yingakho esilethela zonke izinhlobo zokuhlupheka ukuze asiphazamise. Uma singakwazi ukubona ngale kwamaqhinga kaSathane, sizothi singazelele siphikisane noNkulunkulu, sisole uNkulunkulu, siphike uNkulunkulu size sishiye futhi sikhaphele uNkulunkulu. Ekugcineni, sizobanjwa futhi sigwinywe nguSathane. Amazwi kaNkulunkulu athi, ‘Emhlabeni, lonke uhlobo lomoya omubi luyazulazula lufuna indawo yokuhlala, luhamba luthungatha izidumbu zabantu oluzozidla’ (‘Izwi Leshumi’ Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana Ezwini Elivela Lisenyameni). Lokhu okwambulwa ngamazwi kaNkulunkulu yiqiniso lomhlaba wangokomoya! Uma sigwinywa nguSathane, sizolahlekelwa yithuba lokusindiswa nguNkulunkulu. Kumelwe sikwazi ukubona ngale kwamaqhinga kaSathane!” Lapho ngizwa lezi zinto esihlotsheni sami, inhliziyo yami yakhanya ngokushesha. Khona-ke, ngazi ukuthi izinto umndeni wami owawubhekene nazo kwakungukuphazamisa nezehlakalo zikaSathane. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wabuye wambula imibono yami engalungile ngokholo. Ngathi esihlotsheni sami, “Selokhu ngakholwa kuNkulunkulu, ngakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu onika umusa phezu komuntu. Uma nje umuntu ekholwa kuNkulunkulu, izinto zizohamba kahle emndenini wakhe futhi uzothola ukunakekelwa nokuvikelwa kukaNkulunkulu. Uma ngike ngabhekana nezimo ezithile ezingemnandi, ngangikholwa ukuthi kukhona okungahambi kahle nokuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukuthi ngeke ngibhekane nalezi zimo ezingemnandi. Kungemva kokuba ngifunde lesi sigatshana samazwi kaNkulunkulu esingenhla lapho ngaqonda khona ukuthi umbono wami ngokukholwa wawungalungile nokuthi uSathane wasebenzisa lokhu njengendlela yokungiphazamisa futhi angenze ngibe nemiqondo nokungaqondi ngoNkulunkulu futhi ngihlale kude noNkulunkulu. Ngempela, ngangiphandlwe amacebo obuqili kaSathane! Emva kwalokho, kungakhathaleki ukuthi uSathane wayengiphazamisa kangakanani, kufanele ngibone ngale kwamacebo obuqili kaSathane futhi angiyikugxeka, ngingaqondi noma nangaphezu kwalokho, ngikhaphele uNkulunkulu. Kumele ngibe ngufakazi kaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi isandla sengane yami siba ngcono noma cha noma ngabe umyeni wami unomsebenzi noma cha, ngizovuma ukubanikela kuNkulunkulu bese ngivumela uNkulunkulu enze amalungiselelo Akhe.” Engangingakulindelanga ukuthi ngithi nje lapho ngizimisela ukulalela amalungiselelo kanye namacebo kaNkulunkulu, ngesikhathi esifushane nje, isandla sendodakazi yami sangenwa ukugula. Ngesikhathi udokotela esusa ubovu wathola ukuthi kwakunokhunyana oluncane olwalubambeke ngaphansi komunwe wakhe. Emva kokuba esuse lolo khunyana, akubanga sikhathi singengakanani isandla sendodakazi yami saphola. Emva kokubhekana nalesi simo, ngabona ukuthi lapho ngiphendula imibono yami eyiphutha futhi ngazimisela ukulalela uNkulunkulu, uSathane wahlaziswa futhi wanqotshwa. UNkulunkulu wasusa ukugula kwendodakazi yami. UNkulunkulu ngempela uyisimangaliso futhi unamandla onke!

Noma kunjalo, uSathane omubi wayengazimisele ukuyekelela. Uma elinye lamacebo akhe lihlulekile, wayezozama elinye. Ngobunye ubusuku cishe ngo-8 kusihlwa, umyeni wami wangishayela ucingo ngingazelele wangicela ukuba ngiye esitezi ezingezansi ukuze ngimnike imali. Ngasonga umntwana wethu owayengaphezu konyaka owodwa ubudala ngase ngiyehla ngezitebhisi. Ngabona umyeni wami ephuma etekisini ngobunzima. Kwakulukhuni ngempela ukuba ahambe. Lapho ngibona umyeni wami ngokuzuma esenje, inhliziyo yami yaba nexhala kakhulu futhi ngangazi ukuthi ngenzenjani. Engangikwazi ukukwenza nje kwakuwukulokhu ngibiza uNkulunkulu ngithi, “Nkulunkulu Somandla. Kulesi simo, ngicela uvikele inhliziyo yami. Isimo sami esingokomoya sincane. Ngicela unginike ukholo lokufakaza nakulolu hlobo lwesimo futhi ngingakugxeki.” Emva kokuba ngithandazile, amaphaphu ehla kakhulu kimina. Kodwa-ke, ngemva kwalokho, isimo somlenze womyeni wami saba bucayi kakhulu. Wayengasakwazi nhlobo ukunyakaza. Konke engakwazi ukukwenza kwaba ukucela umfowabo omdala nomkakhe ukuba bamhambise esibhedlela. Lapho ngicabanga ngokuthi imilenze yomyeni wami yayingakwazi kanjani ukunyakaza, ngaba nokukhathazeka. Ngenxa yalokho, ngaphinde ngathandaza kuNkulunkulu, “Nkulunkulu! Namuhla, umyeni wami uyagula. USathane ufike wazongiphazamisa ukuze ngikhononde futhi ngikukhaphele. Ngizimisele ukubhekana namaqhinga kaSathane. Kungakhathalekile ukuthi yimali yami edinga ukuchithwa esimweni somyeni wami, ngeke ngakugxeka. Ngizimisele ukukulalela. Ngicela uqiniseke ukuthi ngiyakwazi ukufakaza Ngawe.” Ngemva kokuqeda ukuthandaza, inhliziyo yami yadamba kakhulu. Kungekudala, udadewethu washaya ucingo wathi umyeni wami wayengazimisele ukuya esibhedlela futhi wayelokhu ebelesele ngokubuyela ekhaya. Ngacabanga ukuthi lokhu kwakuyinhloso kaNkulunkulu futhi ngavuma ukuba balethe umyeni wami ekhaya. Emva kokuba befikile ekhaya, umfowabo myeni wami nomkakhe bancinza umlenze womyeni wami bawugeza ngamanzi ashisayo. Babematasatasa isikhathi eside kodwa umyeni wami wayengezwa lutho emlenzeni wakhe. Ngenxa yokuphelelwa yithemba, umyeni wami wathi, “Kuphelile. Angizwa lutho emlenzeni wami!” Lapho ngizwa lokhu, izinyembezi zavele zazehlela futhi ngacabanga ngathi, “Kuphelile. Umyeni wami akakwazi ukuhamba. Uma ekhubazekile, sizokwenzenjani? Umndeni wethu uzophila kanjani?”

Ngaso lesi sikhathi lapho ngase ngizosibekelwa ubuhlungu nokuphelelwa yithemba kwami, ngacabanga amazwi kaNkulunkulu: “Uma wehlelwa izinto eziningi ezingahambisani nemibono yakho kodwa ukwazi ukuzibekela eceleni futhi wazi izenzo zikaNkulunkulu kulezi zinto, futhi phakathi nokucwengwa wembula inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu, lokhu kuwukufakaza. Uma ikhaya lakho linokuthula, ujabulela ukunethezeka kwenyama, kungekho okushushisayo, abafowenu nodadewenu ebandleni bekulalela, ungayibonisa yini inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu kungakucwenga? Uthando lwakho ngoNkulunkulu lungaboniswa ngokucwengwa kuphela, futhi ungapheleliswa kuphela ngezinto ezenzekayo kodwa ezingahambisani nemibono yakho. UNkulunkulu ukuphelelisa ngezinto eziningi ezingezinhle, nezinsizi eziningi. UNkulunkulu ukuvumela ukuba uthole ulwazi futhi akuphelelise ngezenzo eziningi zikaSathane, izinsolo, nezinkulumo zabantu abaningi” (“Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Ngamazwi kaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi uSathane wayesebenzisa ukugula komyeni wami ukusebenzisa amacebo akhe. Njengoba umbono wami wokuthola izibusiso ezivela kuNkulunkulu nokwenza ukuhwebelana noNkulunkulu ngokholo kwakungakapheli ngokuphelele, uSathane wenza lokhu ukuze angikhohlise ukuba ngingaqondi kahle, ngisole, ngiphike, ngikhaphele uNkulunkulu. Uma ngenza lezi zinto, ekugcineni, ngizolahlekelwa umusa kaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wasebenzisa lolu hlobo lwesimo ukuze aphelelise ukholo lwami Kuye, ukuze ngikwazi ukubona izinto ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu bese ngingena shi phakathi kwamacebo kaSathane. Akufanele ngithembele enjongweni yami yokuthola izibusiso ukuze ngihwebelane noNkulunkulu futhi. Empini ephakathi kukaNkulunkulu noSathane, kumele ngime ohlangothini lukaNkulunkulu futhi ngifakaze ngoNkulunkulu. Emva kokuqonda izinhloso zikaNkulunkulu, ngathandaza ngokuthula kuNkulunkulu, "Nkulunkulu, vikela inhliziyo yami. Ngenze ngime ngiqine kule simo. Noma sinjani isimo somyeni wami, ngeke ngakusola. Ngisho noma umyeni wami ekhubazekile, ngizimisele ukuqhubeka ngikulandele. “Ngingazelele, ngemva kokuqeda ukuthandaza, ngezwa umyeni wami ngentokozo ethi, Sengingcono. Sengiyakwazi ukunyakazisa imilenze yami.” Inhliziyo yami yathinteka kakhulu futhi ngezwa ukuthi uNkulunkulu ngempela uhlakaniphile futhi unamandla onke! UNkulunkulu akazange angenze ngizwe lobu buhlungu ngenhloso. Esikhundleni salokho, wasebenzisa lesi simo ukuze angivivinye futhi alungise ukucabanga kwami okwakungalungile ngokholo!

Kamuva, ngaqhubeka nokufunda amazwi kaNkulunkulu, “Emva kokuthi abantu bekhohlakaliswe uSathane, waqhubeka wasebenza kubantu ukuze anqobe isitha Sakhe esikhohlakalisa abantu. Le mpi izoqhubeka kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni komhlaba. Ekwenzeni wonke lo msebenzi, akazange nje kuphela avumele abantu, abakhohlakaliswe uSathane, ukuthi bathole ukusindiswa Kwakhe okukhulu, kodwa wabenza ukuthi babone ukuhlakanipha Kwakhe, ubuninimandla onke kanye negunya Lakhe, kanti ekugcineni uzokwenza abantu babone isimo Sakhe sokulunga – ajezise ababi anike abalungile umvuzo. Ulwe noSathane kwaze kwaba namuhla kodwa akaze anqontshwe, ngoba unguNkulunkulu onokuhlakanipha, ukuhlakanipha Kwakhe kusebenza ngamaqhinga kaSathane. Ngalokho-ke akenzi kuphela konke okusezulwini kuthobele igunya Lakhe; kodwa uphinde enze konke okusemhlabeni kube isenabelo sezinyawo Zakhe, futhi akupheleli lapho, wenza bonke abenzi bokubi abahlasela nabahlukumeze abantu bawele ekusolweni Kwakhe. Yonke imiphumela yomsebenzi iphuma ngenxa yokuhlakanipha Kwakhe” (“Kumele Wazi Ukuthi Bonke Abantu Bathuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Kusukela kula mazwi kaNkulunkulu, ngaqonda ukuthi kusukela ngesikhathi lapho isintu sonakaliswa khona nguSathane, sonke lesi sikhathi, uSathane ubelokhu ephazamisa umuntu futhi emlimaza. Futhi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni, uNkulunkulu ubelokhu esindisa umuntu futhi evumela abantu ukuba baphunyuke ekulimazeni kukaSathane. Ngokwami, kusukela ngesikhathi ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu, sonke lesi sikhathi, uSathane wayecabanga amacebo okungiphazamisa. Wasebenzisa ukugula kwendodakazi yami nokomyeni wami ukungenza ngibe nemicabango ephambene futhi ngibe buthakathaka. Wasebenzisa lezi zimo ukungenza ngingaqondi kahle futhi ngigxeke uNkulunkulu. Wazama wangaphumelela ukungenza ngishiye uNkulunkulu, ngikhaphele uNkulunkulu, futhi angidonsele esihogweni. Futhi, ubuhlakani bukaNkulunkulu busetshenziswe kuze kube phakade kusekelwa emaqhingeni kaSathane. UNkulunkulu wambula imibono yami engalungile ngokholo ngokuphazanyiswa nguSathane, futhi ngaleso sikhathi wasebenzisa amazwi akhe ukukhangikhanyisela nokucacisa ukuze angenze ngibone inhloso yami yokuthola izibusiso ezivela kuNkulunkulu nokuhwebelana noNkulunkulu. Ngabantu abangokoqobo, izehlakalo, nezinto, uNkulunkulu uyangivumela ukuba ngibone ngale kwemvelo kaSathane kanye nezinhloso zakhe ezinyanyekayo futhi ngikwazi ukulahla ububi bese ngiphendukela ebuhleni. Ngale ndlela, ngeke ngiphinde ngiphile ngokuthembela ekutholeni izibusiso. Ngokholo lwangempela kuNkulunkulu, ngingamnqoba uSathane futhi ngitholwe nguNkulunkulu.

Emva kokubhekana nalokhu, ngiyabona ukuthi uthando lukaNkulunkulu nensindiso yomuntu kungokweqiniso! Kusukela manje kuya phambili, ngizothandaza kuNkulunkulu, ngincike kuNkulunkulu kakhulu futhi ngizoma njengofakazi ekuvivinyweni. Nakanjani ngizolandela uNkulunkulu ngaphandle kokuntengantenga kuze kube sekugcineni! Lonke udumo malube kuNkulunkulu!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana