Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Mashi 10, 2019

Ukubona Ukondla KukaNkulunkulu Isintu Kusukela Esimweni Sokuphila Okuyisisekelo UNkulunkulu Asidalela Isintu

Ningabona yini, ngale ndlela enze ngayo kulezi zimo eziyisihlanu eziyisisekelo ekuphileni kwabantu, lokho uNkulunkulu akwenzele isintu? (Yebo) Okusho ukuthi uNkulunkulu udale zonke izimo ezinkulu eziyisihlanu eziyisisekelo sokuphila kwabantu. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu ubuye aphathe futhi alawule lezi zinto, ngisho namanje, emva kokuba abantu bebe khona izinkulungwane zeminyaka, uNkulunkulu usaqhubeka nokuguqula indawo yabo yokuhlala enikeza ngendawo yokuhlala enhle kakhulu nefanele kakhulu yokuhlala isintu ukuze izimpilo zabo zigcinwe kahle. Kuzogcinwa kuze kube nini lokhu? Ngamanye amazwi, uNkulunkulu uzohlala elokhu enikeza indawo enjalo kuze kube nini? Aze uNkulunkulu aqede kahle umsebenzi waKhe wokuphatha. Yilapho uNkulunkulu ezoguqula khona indawo lapho isintu siphila khona. Kungaba ngezindlela ezifanayo, noma kungaba ngezindlela ezihlukene, kodwa lokho abantu abadinga ukukwazi manje ukuthi uNkulunkulu uyaqhubeka nokwenzela isintu izidingo zaso, ephethe nendawo isintu esiphila kuyo, elondoloza, evikela futhi egcina indawo isintu esiphila kuyo. Kungenxa yendawo yokuhlala enjalo lapho abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu bekwazi khona ukuphila kahle futhi bamukele insindiso kaNkulunkulu nokujeziswa nokwahlulelwa. Zonke izinto ziyaqhubeka ngokuba khona ngenxa yomthethokaNkulunkulu, ngenkathi sonke isintu siqhubekela phambili ngoba uNkulunkulu wenza ngale ndlela.

Ingabe le ngxenye engikhulume ngayo inilethele miphi imicabango? Niyawuzwa manje umehluko omkhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu? Ubani inkosi yazo zonke izinto? Ingabe umuntu? (Cha). Khona-ke niyawazi umehluko phakathi kokuthi uNkulunkulu nabantu basebenza kanjani ngazo zonke izinto? (UNkulunkulu ubusa phezu kwezinto zonke abuye azihlele, kuyilapho umuntu ejabulela zonke izinto). Uyavumelana yini nalawa mazwi? (Yebo) Umehluko omkhulu kakhulu phakathi kukaNkulunkulu nesintu ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto futhi wenza zonke izinto. UNkulunkulu ungumthombo wakho konke, bese isintu siyakujabulela konke, ngenkathi uNkulunkulu ezenza. Okusho ukuthi, abantu bajabulela izinto uma bemukela impilo uNkulunkulu ayinikeze kuzo zonke izinto. Isintu sijabulela umphumela wokudala kukaNkulunkulu zonke izinto njengoba uNkulunkulu eyiNkosi. Akunjalo? Ngokubukeka kwezinto zonke yini umehluko phakathi kukaNkulunkulu nesintu? UNkulunkulu angabona ngokucacile ukukhula kwamaphethini kwazo zonke izinto, alawule, engamele amaphethini nokukhula kwazo zonke izinto. Okusho ukuthi, zonke izinto zisemehlweni kaNkulunkulu futhi angakwazi ukuzihlola. Ingabe isintu singabona zonke izinto? (Cha.) Lokho isintu esikubonayo kunomkhawulo. Anikwazi ukubiza lokho ngokuthi “izinto zonke”—kumane kube yilokho abakubona phambi kwamehlo abo. Uma nicaca le ntaba enikubonayo yile ntaba. Angeke nibone okungale kolunye uhlangothi lwentaba. Uma niya ebhishi nibona lolu hlangothi lolwandle kodwa anazi ukuthi olunye uhlangothi lolwandle lunjani. Uma nifika kuleli hlathi nizobona izitshalo phambi kwamehlo enu nezinizungezile kodwa angeke nibone okuphambili kakhulu. Abantu abakwazi ukubona izindawo eziphakeme, ezikude nezijulile. Konke abangakubona yilokho okuphambi kwamehlo abo nalokho okuseduze nalokho abangakufinyelela ngamehlo. Noma ngabe abantu bayayazi iphethini yezinkathi ezine zonyaka namaphethini okukhula azo zonke izinto, abakwazi ukuphatha noma ukwengamela zonke izinto. Ngakolunye uhlangothi, indlela uNkulunkulu abona ngayo zonke izinto kufana nendlela uNkulunkulu azobheka ngayo umshini lowo awakhe ngokwaKhe, uzozazi kahle kakhulu zonke izingxenye. Iyini imigomo yawo, ayini amaphethini awo kanti inhloso yawo yona iyini–uNkulunkulu uzazi kahle zonke lezi zinto ngokukhanyayo nangokucacile. Yingakho uNkulunkulu enguNkulunkulu, umuntu engumuntu! Yize umuntu engaze acwaninge ngesayensi nemithetho yazo zonke izinto, kusemkhawulweni othize nje lapho uNkulunkulu elawula zonke izinto. Kumuntu, lokho akunamkhawulo. Uma abantu becwaninga okuncane kakhulu okwenziwe nguNkulunkulu, bangachitha impilo yabo yonke becwaninga ngaphandle kokuthola noma yimiphi imiphumela yeqiniso. Yingakho nisebenzisa ulwazi nalokho enikufundile ukufunda ngoNkulunkulu, ningeke nikwazi ukumazi nokumqonda uNkulunkulu. Kodwa uma nisebenzisa indlela yeqiniso nifuna uNkulunkulu, bese nibheka uNkulunkulu ngendlela yokuthi nifuna ukumazi uNkulunkulu, ngolunye usuku nizovuma ukuthi izenzo nokuhlakanipha kukaNkulunkulu kusendaweni yonke, futhi nizokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto nomthombo wokuphila wazo zonke izinto. Uma kwanda ulwazi olunjalo, yilapho nizoqonda ukuthi kungani uNkulunkulu ebizwa ngokuthi iNkosi yazo zonke izinto. Zonke izinto kanye nayo yonke into, kuhlanganise nani, niqhubeka nithola ukunakwa uNkulunkulu. Nizokwazi futhi ukuzwa ngokucacile ukuthi kulo mhlaba futhi naphakathi kwalesi sintu, akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu ongaba namandla nokufaneleka okungaka ukubusa, ukuphatha nokulondoza ubukhona bezinto zonke. Uma nizuza ukuqonda okunjalo, nizovuma ngempela ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wenu. Uma nifika kuleli zinga, senimamukele ngempela uNkulunkulu futhi namvumela ukuthi abe nguNkulunkulu wenu neNkosi yenu. Uma seninokuqonda okunjalo nempilo yenu yafika kulelo zinga, uNkulunkulu angeke esanivivinya noma anahlulele, noma anibekele noma yiziphi izimfuneko, ngoba niyamqonda uNkulunkulu, nazi inhliziyo yaKhe, futhi nimamukele ngeqiniso ezinhliziyweni zenu. Lesi yisizathu esibalulekile sokukhuluma ngalezi zihloko zokubusa nokuphatha kukaNkulunkulu izinto zonke. Ukunikeza abantu ulwazi nokuqonda okuthe xaxa; hhayi nje ukunenza nivume, kodwa ukuninikeza ulwazi nokuqonda okusebenzisekayo kwezenzo zikaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana