Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Mashi 12, 2019

Indawo Yokuphila Eyisisekelo uNkulunkulu Ayenzela Isintu——Ukukhanya

Into yesine ehlobene namehlo abantu—ukukhanya. Lokhu kubalulekile. Uma ubona ukukhanya okuxhophayo, bese ukuxhopha kwalokhu kukhanya kufika ezingeni elithile, amehlo akho ngeke abone. Vele, amehlo abantu amehlo enyama. Awakavikeleki ekulimaleni. Ingabe ukhona ongagqolozela ilanga? (Cha.) Ingabe ukhona oke wazama? Abanye abantu bake bazama. Ungakwazi ukulibuka ngezibuko zelanga, akunjalo? Lokho kudinga usizo lwezinsiza noma amathuluzi. Ngaphandle kwezinsiza noma amathuluzi, amehlo abantu enyama angeke alokothe abheke ngqo ilanga. Abantu abanalo leli khono. UNkulunkulu wadala ilanga ukuba lilethe ukukhanya esintwini kodwa wabuye wakulawula lokhu kukhanya. UNkulunkulu akazange ayeke ilanga nje futhi alizibe ngemva kokulidala. “Ubani onendaba nokuthi amehlo abantu angamelana nalo!” UNkulunkulu akenzi izinto kanjalo. Wenza izinto ngokucophelela futhi abheke zonke izinto. UNkulunkulu uphe isintu amehlo ukuze sibone, kodwa uNkulunkulu ubuye walungisa uhlelo lokukhanya abangabona phansi kwakho. Angeke kwenzeke uma kungekho kukhanya okwanele. Uma kumnyama kangangokuba abantu bangaboni izandla zabo phambi kwabo, amehlo abo azolahlekelwa ukusebenza kwawo angabi namsebenzi. Amehlo abantu angeke akwazi ukumelana nezindawo ezikhanya kakhulu, futhi akukho abakwazi ukukubona. Ngakho endaweni yokuhlala isintu, uNkulunkulu ubanikeze isilinganiso sokukhanya esanele amehlo abantu. Loku kukhanya angeke kulimaze noma kone amehlo abantu. Ngaphezu kwalokho angeke kwenze amehlo abantu alahlekelwe ukusebenza kwawo, futhi kungaqinisekisa ukuthi amehlo abantu angabona kahle konke abafanele ukukubona. Yingakho uNkulunkulu ebeke inani lamafu elanele ukuzungeza ilanga nomhlaba nesisindo somoya esikwazi ukusefa ukukhanya okungalimaza amehlo noma isikhumba sabantu. Lokhu kuyahlobana. Ngaphezu kwalokho, umbala womhlaba odalwe uNkulunkulu nawo ukhombisa ukukhanya kwelanga nazo zonke izinhlobo zokukhanya futhi kususe leyo ngxenye yokukhazimula kokukhaya okwenza amehlo abantu angakhululeki. Ngaleyo ndlela, abantu abadingi ukuhlala befake izibuko zamehlo ezimnyama ukuze bakwazi ukuhamba ngaphandle baqhubeke nezimpilo zabo. Ngaphansi kwezimo ezivamile, amehlo abantu angabona izinto endaweni yabo yokubona bangaphazanyiswa ukukhanya. Lokho kusho ukuthi lokhu kukhanya angeke kuhlabe kakhulu noma kube luvindi kakhulu: uma ngabe kuluvindi, amehlo abantu azolimala futhi angeke bakwazi ukuwasebenzisa isikhathi eside ngaphambi kokuba amehlo abo ayeke ukusebenza; uma ngabe kukhanya kakhulu amehlo abantu angeke akwazi ukukumela, futhi amehlo abo angeke asebenze phakathi kweminyaka engama-30 ukuya kwengama–40 noma engama-40 ukuya kwengama-50. Okusho ukuthi, lokhu kukhanya kulungele amehlo omuntu ukuba abone, futhi ukulimala okulethwe emehlweni omuntu ukukhanya kwehliswa nguNkulunkulu ngezindlela ezahlukene kungakhathaliseki noma ukukhanya kuletha usizo noma izingozi emehlweni abantu, kwanele ukuvumela amehlo abantu ukuba asebenze kuze kube sekugcineni kwempilo yabo. Akunjalo? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu akakucabangisisanga kahle? Kodwa uma uSathane, udeveli, enza izinto, akazicabangi lezi zinto. Akanandaba nhlobo noma ngabe into izolimaza abantu. Wenze izinto eziningi ukulimaza indawo, futhi abantu sebekubonile okunye kwakho. Ukukhanya kukhanya kakhulu noma kube luvindi kakhulu—akukhathali nhlobo ngemizwa yesintu.

UNkulunkulu wenze lezi zinto kuzo zonke izingxenye zomzimba womuntu—ukubona, ukuzwa, ukunambitha, ukuphefumula, imizwa … ukukhulisa ukuvumelana nokuphila kwesintu ukuze siphile—ukuphila okuvamile nokuqhubeka nokuphila. Indawo enjalo yokuphila edalwe uNkulunkulu iyindawo yokuphila efaneleke kakhulu futhi esiza ukuphila kwesintu. Abanye bangacabanga ukuthi lokhu akukuningi nokuthi kuvame nje kakhulu. Imisindo, ukukhanya, nomoya izinto abantu abazizwa bezalwe nazo, izinto abangazijabulela kusukela bezalwa. Kodwa lokho uNkulunkulu akwenzile ngemuva kokujabulela kwenu lezi zinto yinto okufanele niyazi futhi niyiqonde. Kungakhathaliseki ukuthi nizwa sengathi kunesidingo sokuqonda noma sokwazi lezi zinto, ngamafuphi nje, ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, wasebenzisa umcabango, wayenecebo, wayenemibono ethize. Akabekanga isintu endaweni enjalo yokuphila nje, ngokunganaki noma ngaphandle kokucabanga. Nina ningacabanga ukuthi enye yalezi zinto engikhulume ngazo ayinamsebenzi, kodwa ngokubona kwaMi, into ngayinye uNkulunkulu ayenzele isintu iyadingeka ukuze abantu baphile. Kunezenzo zikaNkulunkulu kulokhu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana