Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Ephreli 20, 2019

UJobe Unqoba USathane Uphenduka Indoda Eqotho Emehlweni KaNkulunkulu

Ngivame ukuthi uNkulunkulu uhlola izinhliziyo zabantu, bese abantu bebona indlela abanye abayiyo ngaphandle. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubona ngaphakathi ezinhliziyweni zabantu, uyasiqonda isiqu sabo, kuyilapho abantu bechaza isiqu sabantu ngokwalokho abakubona ngaphandle. Lapho uJobe evula umlomo futhi eqalekisa usuku azalwa ngalo, lesi senzo samangalisa zonke izidalwa zomoya, okubandakanya nabangani abathathu bakaJobe. Umuntu wavela kuNkulunkulu, futhi kufanele abonge ngokuphila nangenyama, kanye nosuku lokuzalwa, alunikwa uNkulunkulu, futhi akufanele aqalekise lezo zinto. Lokhu kuyaqondakala kubantu abaningi. Kuwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu, lokhu kuqonda kungcwele, kuyiqiniso elingasoze lashintsha. Ngakolunye uhlangothi, uJobe wephula imithetho: Waqalekisa usuku azalwa ngalo. Lesi isenzo abantu abaningi abacabanga ukuthi siwukweqa imingcele. Akagcini nje ngokungafaneleki ukuqondwa nokuthola uzwelo lwabantu, akafaneleki nokuthethelelwa uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, ngisho nabantu abaningi bayakungabaza ukulunga kukaJobe, ngoba kubonakala sengathi umusa kaNkulunkulu kuye, wenza uJobe wazazisa, wamenza waba nesibindi esamenza wangagcina ngokubonga uNkulunkulu ngokumbusisa nokumnakekela ekuphileni kwakhe, kodwa wafisa sengathi ngabe wafa ngosuku azalwa ngalo. Kungaba yini lena ngaphandle kokuphikisana noNkulunkulu? Imibono enjalo yenza abantu bamchithe uJobe, kodwa ubani ongazi lokho uJobe ayekucabanga ngempela ngaleso sikhathi? Ubani ongazi into eyenza uJobe wathatha isimo ngaleyo ndlela? UNkulunkulu kuphela kanye noJobe abayiqonda kahle indaba nezizathu ezisekelwe kuyo.

Lapho uSathane elula isandla sakhe ukuze onakalise amathambo kaJobe, uJobe waba namandla, wangafuna indlela yokuphunyuka noma amandla okumelana naye. Umzimba nomphefumulo wakhe kwezwa ubuhlungu obukhulu, futhi lobu buhlungu bamenza waqaphela ubuncane, ubuthaka, kanye nokuntula amandla ukuphila komuntu enyameni okunakho. Ngesikhathi esifanayo, waphinde wathola ukuqonda okukhulu ngokuthi kungani uNkulunkulu efuna ukunakekela isintu. Ezilingweni zikaSathane, uJobe waqaphela ukuthi umuntu, oyinyama negazi, akanamandla futhi ubuthaka. Lapho eguqa ngamadolo akhe futhi ethandaza kuNkulunkulu, wazizwa sengathi uNkulunkulu wayefihla ubuso Bakhe, ngoba uNkulunkulu wayesemshiyele ngokuphelele ezandleni zikaSathane. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu waphinde wamkhalela, waba nosizi ngenxa yakhe; uNkulunkulu wabuzwa ubuhlungu ayebuzwa…. UJobe wabuzwa ubuhlungu bukaNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu wayengakwazi ukubuthwala.… UJobe wayengasafuni ukuzwisa uNkulunkulu obunye ubuhlungu, futhi wayengasafuni uNkulunkulu amkhalele, ingasaphathwa eyokuthi kube nguyena ozwisa uNkulunkulu ubuhlungu. Ngaleso sikhathi, uJobe wayengasafuni ukuba umuntu wenyama, wayengasafuni ukuzwa ubuhlungu ayebulethelwa inyama yakhe, ngoba lokho kwakuyokwenza uNkulunkulu ayeke ukuhlushwa ukuzwa ubuhlungu bakhe—kodwa wayengeke, kwadingeka ukuthi angabekezeleli nje kuphela ubuhlungu benyama, kodwa nobuhlungu bokungafisi ukukhathaza uNkulunkulu. Lobu buhlungu obukabili—obenyama, nobomoya—benza uJobe wezwa izinhlungu ezinkulu, wabona izinto inyama engenakuzenza nendlela igazi elingamkhungathekisa ngayo umuntu. Ngaphansi kwalezi zimo, ukulangazelela kwakhe uNkulunkulu kwaba namandla, nenzondo yakhe ngoSathane yajula. Ngalesi sikhathi, uJobe wayefisa sengathi ngabe akazange azalwe ezweni labantu, nokubona uNkulunkulu ekhala izinyembezi futhi ezwa ubuhlungu ngenxa yakhe. Uqale ayizonde kakhulu inyama yakhe, aphelelwe amandla ngosuku lwakhe lokuzalwa nangakho konke okubandakanya yena. Akafisanga nokuthi kube nomunye ozalwa ngosuku olufana nolwakhe, ngakho wavula umlomo wakhe waqalekisa usuku azalwa ngalo: “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa. Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo.” (Jobe 3:3-4). Amazwi kaJobe aqukethe inzondo ayenayo ngaye, “Maluqalekiswe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwashiwo ngalo ukuthi, Kukhulelwe umntwana wesilisa,” kanye nendlela ayezisola ngokujulile ngayo ngokuzwisa uNkulunkulu ubuhlungu, “Lolo suku malube ngubumnyama; uNkulunkulu makangalunaki ephezulu, nokukhanya kungakhanyi kulo.” La mavesi amabili aveza indlela uJobe ayezizwa ngayo ngempela ngaleso sikhathi, futhi akuveza obala ukulunga nobuqotho bakhe. Ngesikhathi esifanayo, njengoba nje uJobe ayefisa, ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, kanye nokwesaba kwakhe uNkulunkulu, kwakubaluleke kakhulu. Yiqiniso lokhu yikho kanye uNkulunkulu ayekulindele.


UJobe Unqoba USathane Uphenduka Indoda Eqotho Emehlweni KaNkulunkulu


Lapho uJobe edlula ezilingweni okokuqala, waphucwa yonke impahla yakhe kanye nezingane zakhe, kodwa akazange awe noma asho into eyisono kuNkulunkulu. Wazinqoba izilingo zikaSathane, wanqoba nomuzwa wokulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane zakhe, okusho ukuthi wakwazi ukulalela uNkulunkulu futhi wadumisa uNkulunkulu ngenxa yakho. Yiyona ndlela uJobe ayeziphatha ngayo phakathi nesilingo sokuqala sikaSathane, futhi yibona bufakazi obanikezwa uJobe ovivinyweni lokuqala lukaNkulunkulu. Ovivinyweni lwesibili, uSathane welula isandla sakhe ukuze alimaze uJobe, futhi nakuba uJobe ezwa ubuhlungu ayengakaze abuzwe, ubufakazi bakhe babanele ukushiya abantu bebambe ongezansi. Wasebenzisa isibindi, ukholo, nokulalela kwakhe uNkulunkulu, ukuze aphinde anqobe uSathane, futhi uNkulunkulu wakwamukela ukuziphatha kanye nobufakazi abunikeza. Phakathi nalesi silingo, uJobe wasebenzisa ukuziphatha kwakhe ukuze azise uSathane ukuthi ubuhlungu benyama babungeke bushintshe ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, noma bumenze angazinikeli noma esabe uNkulunkulu; wayengeke amphike uNkulunkulu noma ashiye ukulunga nobuqotho bakhe ngenxa yokwesaba ukufa. Ukuzimisela kukaJobe kwenza uSathane wangenwa amanzi emadolweni, ukholo lwakhe lwashiya uSathane ethuthumela futhi eqhaqhazela, amandla empi yakhe yokuphila nokufa noSathane enza uSathane waba nenzondo enkulu, ukulunga nobuqotho bakhe akumsizanga ngalutho uSathane, ngezinga lokuthi wayeka ukumhlasela nokumangalela uJobe phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kwakusho ukuthi uJobe ulinqobile izwe, wayinqoba inyama kanye noSathane, futhi wakunqoba ukufa; wayengumuntu kaNkulunkulu ngokuphelele. Phakathi nalezi zilingo ezimbili, uJobe waqina ebufakazini bakhe, futhi waphila ngokulunga nobuqotho, waphila ngazo zonke izindlela ngomyalo wokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngemva kokudlula kulezi zilingo, uJobe waba nokuhlangenwe nakho okungeke kwatholakala ndawo, futhi kwamenza wavuthwa, kwamenza waba namandla, nokholo oluqinile, kwamenza wazethemba futhi waba qotho ngenxa yokuqina kwakhe. Ukuvivinya kukaJehova uNkulunkulu uJobe, kwenza uJobe wakuqonda ngokujulile ukukhathazeka kukaNkulunkulu ngomuntu, kwamenza wabona ukuba yigugu kothando lukaNkulunkulu, okuyilapho okwakhula khona uthando lwakhe ngoNkulunkulu ekwesabeni kwakhe uNkulunkulu. Uvivinyo lukaJehova uNkulunkulu alumhlukanisanga Yena noJobe, kodwa lwasondeza inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Lapho izinhlungu zenyama zikaJobe zifinyelela ekugcineni, ukubona uJehova uNkulunkulu ekhathazeka ngaye kwamenza waqalekisa usuku azalwa ngalo. Ukuziphatha okunjalo kwakungeyona into ehleliwe, kodwa ukwambulwa okungokwemvelo kothando ayenalo ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, kwakuyisambulo esingokwemvelo esasibangelwa uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Okusho ukuthi, ngenxa yokuthi uJobe wazizonda, wayengazimisele futhi wayengeke akwazi ukuhlukumeza uNkulunkulu, ngaleyo ndlela uthando lwakhe lwalungenabo ubugovu. Ngalesi sikhathi, kwakubalulekile kuJobe ukuba nobuhlobo obude nokulangazelela uNkulunkulu nokuzinikela kuNkulunkulu kuze kufike ezingeni lokucabangelana nothando. Ngesikhathi esifanayo, wayelubheka njengolubalulekile ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu nokwesaba uNkulunkulu ngezinga lokumcabangela nokumthanda. Akazange avume ukwenza noma yini eyayingalimaza uNkulunkulu, akazange aziphathe ngendlela engalimaza uNkulunkulu, akavumanga ukwenza uNkulunkulu abe lusizi ngenxa yakhe, ngisho nokuthi angajabuli ngenxa yakhe. Emehlweni kaNkulunkulu, nakuba uJobe ayengakashintshi, ukholo lukaJobe, ukulalela kanye nokwesaba uNkulunkulu, kwenza uNkulunkulu wagculiseka futhi wajabula. Ngalesi sikhathi, uJobe wafinyelela ekulungeni uNkulunkulu ayefuna afinyelele kukho, waba indoda okufanele ngempela kuthiwe “ilungile futhi iqotho” emehlweni kaNkulunkulu. Izenzo zakhe ezilungile zamenza wanqoba uSathane futhi wafakaza ngoNkulunkulu. Ngakho izenzo zakhe ezilungile zamenza waphelela, zamenza wakwazisa ukuphila kwakhe, wadlondlobala nakakhulu, waba umuntu wokuqala owayengasahlaselwa futhi alingwe uSathane. Ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamangalelwa futhi walingwa uSathane; ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wanikelwa kuSathane; futhi ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamnqoba futhi wamehlula uSathane, wama waqinisa ebufakazini bakhe. Ngenxa yalokho, uJobe waba ngumuntu wokuqala owayengasoze anikelwa kuSathane, weza ngempela ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, waphila ekukhanyeni, ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu ngaphandle kokonakaliswa uSathane.… Waba indoda yeqiniso emehlweni kaNkulunkulu, wakhululwa.…

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana