Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Meyi 16, 2019

Thethelela Kamashumi Ayisikhombisa Aphindwe Kasikhombisa Uthando LweNkosi

1.Thethelela Kamashumi Ayisikhombisa Aphindwe Kasikhombisa

(Math 18:21-22) Khona-ke kwasondela uPetru kuye, futhi wathi, Nkosi, umfowethu angone kangaki, futhi ngimthethelela na? kuze kube kasikhombisa na? UJesu wathi kuye, angisho kuwe, Kuze kube kasikhombisa: kodwa, Kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

2. Uthando LweNkosi

(Math 22:37-39) UJesu wathi kuye, Wothanda iNKOSI uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke, nangomphefumulo wakho wonke, nangengqondo yakho yonke. Lo umyalelo wokuqala futhi omkhulu. Nowesibili uyafana nawo, Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena ngokwakho.

Kulezi ziqephu ezimbili, enye ikhuluma ngokuthethelela kanti enye ikhuluma ngothando. Lezi zihloko ezimbili zicacisa ngomsebenzi weNkosi uJesu ayefuna ukuwenza ngeNkathi Yomusa.

Ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo senyama, Wasilethela lokho kanye nesigaba somsebenzi Wakhe—waletha umsebenzi othile wale nkathi kanye nesimo ayefuna ukusiveza kule nkathi. Ngaleyo nkathi, konke okwenziwa yiNdodana yomuntu kwakuzungeza emsebenzini uNkulunkulu ayefuna ukuwenza ngalenkathi. Wayengeke enze okuningi noma okuncane. Yonke into ayisho kanye nalo lonke uhlobo lo msebenzi awenza, kwakumayelana nalenkathi. akukhathaliseki ukuthi wakuveza ngendlela yobuntu nangolimi lo buntu noma ngolimi lo bunkulunkulu—nanoma ngayiphi indlela, nanoma ngakuliphi uhlangothi—injongo Yakhe kwakuwukusiza abantu ukuze baqonde ukuthi wayefuna ukwenzani, kwakuyini intando Yakhe, yini imibandela ayeyidinga kubantu. Wayengasebenzisa izindlela ezahlukene, ekubukeni ngezindlela ezahlukeni ukuze asize abantu ukuba baqonde futhi bayazi intando Yakhe, baqonde umsebenzi Wakhe wokuhlenga isintu. Ngakho ngeNkathi Yomusa sibona iNkosi uJesu ivamise ukusebenzisa ulimi lo muntu ukuze aveze ayefuna ukukukhuluma nesintu. Nangaphezulu, simbona ngasohlangothini lo mqondisi ojwayelekile ekhuluma nabantu, efeza izidingo zabo, ebasiza ngalokho abakucelile. Le ndlela yokusebenza ayibonakalanga ngeNkathi Yomthetho eyayikhona ngampambi kweNkathi Yomusa. Wasondela kakhulu futhi waba nesihe esintwini, kanye nokukwazi ukuthola imiphumela ebonakalayo kukho kokubili, isimo nendlela yokwenza. Inkulumo yokuthethelela abantu “kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa” ilichaza kahle leli phuzu. Injongo ezuzwe inombolo kule nkulumo ukuthi ivumele abantu baqonde inhloso yeNkosi uJesu ngesikhathi ekusho lokhu. Injongo Yakhe kwakungukuthi abantu kumele baxolele abanye—hhayi kanye noma kabili, futhi hhayi ngokuphindwe kasikhombisa, kodwa amashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa. Uhlobo luni lombono lolu “amashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa”? Olokuthi abantu benze ukuthethelela kube umthwalo wabo, into okumele bayifunde, futhi kube indlela okumele bayigcine, noma ngabe-ke lokhu bekuyinkulumo nje, inikeza iphuzu elibucayi. Lenza ukuba abantu baqonde ngokucacile futhi labanika umqondo onokucophelela ukuba bafunde intethelelo—ukuthethelela ngaphandle kwemibandela nangaphandle kwemikhawulo, kodwa ngokwesimo sengqondo yokubekezelelana kanye nokuqonda abanye. Ngesikhathi iNkosi uJesu ikusho lokhu, yini eyabe isenhliziyweni Yakhe? Ingabe wayecabanga ngempela okungamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa? Wayengacabangi ngalokho. Ingabe ikhona yini inombolo uNkulunkulu anayo yokuthethelela umuntu? Abantu abaningi banentfuno “kwinombolo ephindiwe” eshiwo, ngubani ofuna ukuqonda ngempela umsuka kanye nencazelo yalenombolo. Bafuna ukuqonda ukuthi kungani kwaphuma le nombolo emlonyeni weNkosi uJesu; bayakholwa ukuthi kukhona umthelela ojulile ngale nombolo. Empeleni, lokhu kwakungukukhuluma kukaNkulunkulu kubantu. Noma imuphi umthelela noma incazelo kumele ithathwe kanye nalokho iNkosi uJesu ekudingayo esintwini. Ngesikhathi uNkulunkulu engakathathi isimo senyama, abantu babengaqondi okuningi kwalokho ayekusho ngoba kwaphuma ebunkulunkulwini obuphelele. Indlela yokubuka kanye nengqikithi yalokho Akusho, kwakungabonakali futhi kungafinyeleleki esintwini; kwakhulunywa kususelwa emhlabeni wakwamoya abantu ababengawuboni. Ngokuba abantu ababephila enyameni, babengakwazi ukudlulela emhlabeni wakwamoya. Kodwa emva kokuba uNkulunkulu ethathe isimo senyama, Wakhuluma nesintu ngendlela yabantu futhi waphuma futhi wedlula ububanzi bomhlaba womoya. Wayengakhuluma ngesimo Sakhe sobunkulunkulu, intando Yakhe, kanye nesimo sengqondo Yakhe ngezinto abantu ababengazicabanga kanye nezinto abazibonayo futhi abahlangabezana nazo ezimpilweni zabo. Futhi wayesebenzisa izindlela abantu ababekwazi ukuzamukela, ngolimi abaluqondayo, nolwazi ababekwazi ukulubamba, ukuvumela isintu ukuba siqonde futhi simazi uNkulunkulu, ukuqonda inhloso Yakhe kanye nezinga alidingayo ngaphakathi kobubanzi bomthamo wabo, kuze kufike ezingeni lapho bekwazi khona. Lena kwakuyindlela kanye nesimiso somsebenzi kaNkulunkulu kubantu. Noma-ke izindlela zikaNkulunkulu kanye nezimiso Zakhe zokusebenza enyameni zaphumelela ngokusebenza ngobuntu, zathola imiphumela ayayingeke itholakale ngokusebenza ngubunkulunkulu ngqo. Ukusebenza kukaNkulunkulu ngobuntu kwakubambeka, kuneqiniso, futhi kunenhloso, izindlela zazikhululekile, futhi zadlula iNkathi Yomthetho ngokwesimo.

Ngezansi, ake sikhulume ngokuthanda iNkosi kanye nokuthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Ingabe lokhu kukhulunywe ebunkulunkulwini ngqo? Akunjalo, Lezi izinto iNdodana yomuntu eyazisho isesimweni sobuntu; abantu kuphela abangasho into efana nale “Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Ukuthanda abanye kuyafana nokwazisa impilo yakho,” futhi abantu kuphela ababengakhuluma ngale ndlela. UNkulunkulu akakaze akhulume ngale ndlela. Okungenani, uNkulunkulu akanalo lolu hlobo lo limi ebunkulunkulwini Bakhe ngoba akanalo lolu hlobo lwemfundiso, “Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” ukuze alawule uthando Lwakhe ngesintu, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lwesintu luveza ngokwemvelo lokhu Yena anakho nayikho. Nake nezwa nini ukuthi uNkulunkulu washo into efana nalokhu “Ngiyasithanda isintu njengalokhu ngizithanda Mina”? Ngokuba uthando lusebunjalweni bukaNkulunkulu, kanye nalokhu Yena ayikho nayikho. Uthando lukaNkulunkulu lwesintu kanye nendlela Yena aphatha ngayo abantu kanye nesimo sengqondo Yakhe kuyinkulumo yemvelo futhi eveza isimo Sakhe. Akadingi ukukwenza lokhu ngendlela ethile ayihlosile, noma ahlose ukulandela indlela ethile noma indlela ethile yokuphatha ukuze azuze ukuthanda umakhelwane Wakhe njengalokhu ezithanda Yena—Yena usenalo lolu hlobo lobunjalo. Ubonani kulokhu? Ngesikhathi uNkulunkulu esebenza kubantu, izindlela Zakhe eziningi, amazwi Akhe kanye neqiniso Lakhe konke kwakhulunywa ngendlela yabantu. Kodwa ngesikhathi esifanayo isimo sikaNkulunkulu, lokho anakho nayikho, kanye nentando Yakhe kwakhulunywa ukuze abantu bakwazi futhi bakuqonde. Lokhu ababekwazi nababekuqonda kwakuyingqikithi Yakhe ngqo kanye nalokhu anakho nayikho, okumele ubunjalo bemvelo kanye nokuma kukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Lokhu kusho ukuthi, iNdodana yomuntu enyameni yakhuluma ngesimo semvelo kanye nengqikithi kaNkulunkulu ngezinga elikhulu kakhulu elalingenzeka kanye ngokunemba okukhulu okungenzeka. Hhayi kuphela ukuthi ubuntu beNdodana yomuntu baba isikhubekiso noma isithiyo ekuxoxeni komuntu kanye nokuxhumana noNkulunkulu osezulwini, kodwa kwaku iyona yodwa indlela kanye nebhuloho lokuxhumana neNkosi yendalo. Kuleli phuzu, aniboni yini sengathi kuningi ukufana phakathi kwemvelo kanye nezindlela zomsebenzi owenziwa iNkosi uJesu ngeNkathi Yomusa kanye nesigaba samanje somsebenzi? Lesi sigaba samanje somsebenzi sisebenzisa kakhulu ulimi lwabantu ukukhuluma ngesimo sikaNkulunkulu, futhi sisebenzisa kakhulu ulimi kanye nezindlela zokuphila kwesintu nsuku zonke kanye nolwazi lwabantu ukukhuluma ngentando kaNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu ethatha eba yinyama, noma ngabe ukhuluma ohlangothini lwabantu noma lobunkulunkulu, ubuningi bolimi Lwakhe, kanye nezindlela zokukhuluma, zonke zenzeka ngolimi kanye nohlangothi lwabantu. Okungukuthi, uma uNkulunkulu ebe yinyama, kuyithuba lakho elihle kakhulu lokuba ubone ubuninimandla onke bukaNkulunkulu nokuhlakanipha Kwakhe, futhi nokwazi zonke izingxenye zangempela zikaNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo senyama, ngesikhathi ekhula, Wafika ukuze aqonde, afunde, abambe ulwazi oluthile lwesintu, umqondo ophusile, ulimi, kanye nezindlela zokukhuluma kubantu. Isimo sesintu sikaNkulunkulu sinalezi zinto ezivela kubantu Abadalile. Zaphenduka izinsiza zikaNkulunkulu enyameni ukuze zibonakalise isimo Sakhe kanye nobunkulunkulu Bakhe, futhi zamvumela ukuba enze umsebenzi Wakhe ngokufaneleka okukhulu, ubuqiniso obukhulu, ukucophelela okukhulu ngesikhathi Esebenza phakathi kwesintu, ngokubuka ngendlela yabantu futhi esebenzisa ulimi lwabantu. Kwenza ukuba kufinyeleleke futhi nabantu baqonde kalula, ngalokho kwazuzeka imiphumela eyayifunwa uNkulunkulu. Ingabe akusilona yini usizo olukhulu ukuthi uNkulunkulu asebenze enyameni ngalolu hlobo? Ingabe akusikho yini ukuhlakanipha kukaNkulunkulu? Ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo senyama, ngesikhathi inyama kaNkulunkulu ikwazi ukuthatha umsebenzi ayefuna ukuwenza, kungesikhathi lapho ebonakalisa isimo Sakhe kanye nomsebenzi Wakhe phansi, futhi leso kwakuyisikhathi lapho aqala khona inkonzo Yakhe ngokusemthethweni njengeNdodana yomuntu. Lokhu kwakusho ukuthi lalingasekho igebe phakathi kukaNkulunkulu nomuntu, lokho kwakusho ukuthi uNkulunkulu wayezowuyeka umsebenzi Wakhe wokukhuluma ngezithunywa, kanye nokuthi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayezokhuluma onke amazwi kanye nomsebenzi enyameni, ayefuna ukuwenza. Futhi kwakusho ukuthi uNkulunkulu abasindisayo babesondelene Naye, futhi umsebenzi Wakhe wokuphatha wawusungene esigabeni esisha, kanye nokuthi sonke isintu sasizobhekana nenkathi entsha.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana