Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Novemba 22, 2019

25. Uyini umsebenzi kaMoya oNgcwele? Ubonakala kanjani umsebenzi kaMoya Ongcwele?

Impilo yeBandla,https://zu.kingdomsalvation.org/the-work-of-the-holy-spirit-and-the-work-of-satan.html

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uwuhlobo lomhlahlandlela ohamba phambili nokukhanyiselwa okuhle. Awuvumeli abantu ukuba babe ngovumazonke. Ubanikeza induduzo, ubanikeza ukholo kanye namandla futhi ubenza bafune ukupheleliswa nguNkulunkulu.Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayakwazi ukungena ngokucacile; ababona ovumazonke noma abaphoqiwe, kodwa bakubeka ezandleni zabo ukwenza umsebenzi. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayajabula futhi bayazimisela, futhi bayazimisela ukulalela, bayakujabulela ukuzithoba, yize noma besebuhlungwini futhi bebuthakathaka ngaphakathi, kufanele bazimisele ukuba babambisane, bayajabula ngokuzwa ubuhlungu, futhi bayakwazi ukulalela, futhi abangcoliswanga yintando yomuntu, abangcoliswanga ukucabanga komuntu, futhi abangcoliswanga nhlobo izifiso nezisusa zomuntu. Uma abantu bebhekene nokusebenza kukaMoya oNgcwele, baba ngcwele ngempela ngaphakathi. Labo ababanjwe nguMoya oNgcwele baphila uthando lukaNkulunkulu lubonakale, uthando lwabazalwane babo, futhi bathokoziswa yizinto ezithokozisa uNkulunkulu, bazenyanye izinto ezenyanyisa uNkulunkulu. Abantu abathintwa ngukusebenza kukaMoya oNgcwele banomuntu obujwayelekile, futhi baphila ngaphansi kwamandla obuntu njalo nje balangazelela iqiniso. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubantu, izimo zabo ziba ngcono kakhulu, nobuntu babo buye ngokuya buba ngobujwayelekile, yize noma ukuzibandakanya kwabo kungabonakala kungubuwula, izisusa zabo zilungile, nokungena kwabo kuhle, abazami ukuphazamisa, futhi akukho bubi nankohlakalo ngaphakathi kubona. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ujwayelekile futhi ungokoqobo, uMoya oNgcwele usebenza emuntwini ngokusho kwemithetho yempilo ejwayelekile yomuntu, futhi ukhanyisela aphinde ahole abantu ngokwezindlela ezijwayelekile zabantu. Uma uMoya oNgcwele esebenza kubantu, uyabahola abakhanyisele njengokwezidingo zabantu abajwayelekile, ubahlinzeka ngokusekelwe ezidingweni zabo, futhi uhola ngendlela enhle abakhanyisele ngokuncike kulokho abangenakho, nasezidingweni zabo; uma uMoya oNgcwele esebenza, lo msebenzi uhambisana nemithetho yempilo ejwayelekile yabantu, futhi kusempilweni yangokoqobo kuphela lapho abantu bekwazi ukubona umsebenzi kaMoya oNgcwele. Uma, ezimpilweni zabo zansuku zonke, abantu behlezi bekhuthazekile futhi benempilo yangokomoya ejwayelekile, babe sebegcwaliswa ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Esimweni esinjalo, uma bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu baba nokholo, uma bekhuleka baba nokushiseleka, uma okuthile kwenzeka kubona ababi ngabangenandaba, futhi njengoba kwenzeka kubona bayakwazi ukubona izifundo uNkulunkulu adinga ukuba bazifunde, ababi ngabangenandaba, futhi yize noma beba nezinkinga zangempela, bazimisele ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu.

        kwesithi “Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Lapho uMoya Ongcwele enza umsebenzi wokukhanyisela abantu, ngokuvamile ubanika ulwazi lomsebenzi kaNkulunkulu, nolokungena kwabo kweqiniso nesimo seqiniso, futhi uphinde abanike ukuxazulula, abavumele ukuba baqonde inhloso kaNkulunkulu yangempela nalokho akufuna kubantu namuhla, uMoya Ongcwele ubanikeza ukuxazulula ukuvula yonke indlela. Ngisho noma abantu bebhekene nokuchitheka kwegazi nomhlatshelo kumele benzele uNkulunkulu, futhi ngisho noma bebhekana nokushushiswa nobunzima, kumele baqhubeke bathande uNkulunkulu, futhi bangazisoli, futhi kumele baqhubeke bafakazele uNkulunkulu. Ukuzimisela okunjalo ukushukunyiswa uMoya Ongcwele, nomsebenzi kaMoya Ongcwele—kodwa yazi ukuthi awunakho ukushukumisa okunjalo ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi emihlanganweni ungazizwa ushukumiseka kakhulu futhi ukhuthazekile futhi udumise kakhulu futhi udanse. Uzizwa sengathi unokuqonda okukhulu kakhulu ngalokho abanye abafakaza ngakho, uzizwa umusha ngaphakathi, futhi inhliziyo yakho iphelele ngaphandle kwanoma yimuphi umuzwa wokungabi nalutho—konke lokhu kuhambisana nomsebenzi kaMoya Ongcwele. Uma ungumuntu oholayo, futhi uMoya Ongcwele akunikeza ukukhanyiselwa nokukhanya okungavamile lapho uyokwenza umsebenzi webandla, okukwenza ube qotho, ube nesibopho futhi uqiniseke emsebenzini wakho, lokhu kuhambelana nomsebenzi kaMoya Ongcwele.

kwesithi “Isenzo (1)” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Umsebenzi kaMoya oNgcwele ikakhulukazi ujwayelekile, futhi ngenkathi esebenza kubantu basaqhubeka nokuba nezinkinga, basakhala, basahlupheka, basebuthakathaka, futhi kusekuningi okungabacaceli kahle, kodwa kulesi simo bayakwazi ukuzinqanda ekuhlehleni kuNkulunkulu, futhi bamthande uNkulunkulu, futhi yize bekhala futhi becindezelekile ngaphakathi, basakwazi ukumdumisa uNkulunkulu; umsebenzi kaMoya oNgcwele usengojwayelekile kakhulu, futhi awuwona neze ongamandla angajwayelekile. Abantu abaningi bakholwa ukuthi, uma uMoya oNgcwele eqala nje esebenza, izinguquko ziyenzeka ezimweni zabantu bese izinto ezibalulekile zisuswe kubona. Leyo yinkolelo edukisayo: Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kumuntu, izinto ezikhombisa ukunganaki zomuntu zisekhona kanti nesimilo sakhe sisuke sisefana, kodwa ngenkathi ethola ukukhanya nokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele, isimo sakhe siyaguquka, izimo zangaphakathi kuyena ziba ngezijwayelekile, futhi ashintshe ngokushesha.

        kwesithi “Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Wonke umsebenzi woMoya oNgcwele ujwayelekile futhi uyiqiniso. Uma ufunda amazwi kaNkulunkulu futhi uthandaza, ngaphakathi uzizwa uphapheme futhi ugxilile ungena kuzanyazanyiswa, umhlaba ongaphandle awukwazi ukugxambukela kuwe, ngaphakathi uzimisele ukuthanda uNkulunkulu, uzimisele ukuhlanganyela nezinto ezinhle, futhi uyawuzonda umhlaba omubi; lokhu ukuphila ngaphakathi kukaNkulunkulu, futhi akukhona ukuzijabulisa kakhulu, njengoba abantu besho—inkulumo enjalo ayilona iqiniso.

kwesithi “Indlela Yokwazi Iqiniso” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Kwesinye isikhathi, uma uthokozela amazwi kaNkulunkulu, umoya wakho uyathinteka, bese uba nomuzwa wokuthi akukho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthanda uNkulunkulu, uzwe ukuthi kunamandla amakhulu ngaphakathi kuwe, nokuthi ayikho into ongeke ukwazi ukuyiyeka. Uma uzizwa kanjena, kusho ukuthi uthintwe uMoya kaNkulunkulu, kanti nenhliziyo yakho nayo isiphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, futhi uzobe usuthandaza kuNkulunkulu uthi: “O Nkulunkulu! Ngempela samiselwa futhi sakhethwa nguWe. Inkazimulo yaKho ingenza ngiziqhenye, kunginika intokozo ukuba ngomunye wabantu baKho. Ngizolahla konke nginikele ngakho konke ukuze ngenze intando yaKho, futhi ngizonikela ngayo yonke iminyaka yami, nayo yonke imizamo yokuphila kwami konke, kuWe.” Uma uthandaza kanje, inhliziyo yakho izoba nothando olungenamkhawulo nokulalela uNkulunkulu ngeqiniso. Wake wahlangabezana noma waba nomuzwa ofana nalona? Ngokuvamile uma abantu bethintwa uMoya kaNkulunkulu, bavame ukufisa ukuzinikela kuNkulunkulu ngemikhuleko yabo: “O Nkulunkulu! Ngifisa ukubona usuku lwenkazimulo yaKho, futhi ngifisa ukuphilela Wena—akukho okudlula noma okunengqondo ukudlula ukuphilela Wena, futhi angifisi nakancane ukuphilela uSathane nenyama. Ungiphakamisele ukuthi ngikwazi ukuphilela Wena namuhla.” Uma uke wathandaza ngale ndlela, uzozwa ukuthi awukwazi ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi unikele inhliziyo yakho kuNkulunkulu, ukuthi kumele uzuze uNkulunkulu, nokuthi ngeke uthande ukufa ungazange umzuze uNkulunkulu ngesikhathi usaphila. Uma usuthandaze ngale ndlela, uzoba namandla angapheli ngaphakathi kuwe, futhi ngeke wazi nokuthi aqhamukaphi; ngaphakathi kuwe kuzoba namandla angenamkhawulo, futhi uzokwazi ukuzwa ukuthi uNkulunkulu uyathandeka, nokuthi ufanelwe ukuthandwa. Lesi yisona sikhathi ozobe uthintwe uNkulunkulu ngaso. Bonke labo abake bahlangabezana noma baba nalo muzwa bathintwe uNkulunkulu. Kulabo abavame ukuthintwa uNkulunkulu, izimpilo zabo ziyashintsha, bayakwazi ukwenza izinqumo zabo futhi bayafisa ukuzuza uNkulunkulu ngokuphelele, uthando lukaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo luba namandla, izinhliziyo zabo ziphendukele kuNkulunkulu ngokuphelele, abanandaba nomndeni, abanandaba nomhlaba, abanandaba nezinto ezibathandelile, noma ikusasa labo, futhi bafisa ukunikela imizamo yempilo yabo yonke kuNkulunkulu. Bonke laba abathintwe uMoya kaNkulunkulu bangabantu abafuna iqiniso, futhi abanethemba lokupheleliswa nguNkulunkulu.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ungaba yisiwula, futhi kungangabi nomehluko phakathi kuwena, kodwa uMoya oNgcwele kumele asebenze ukuze kube nokholo kuwena, ukuze uhlale uzizwa ukuthi awukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwenele, ukuba wena uzimisele ukubambisana, ukuzimisela ukusebenzisana noma ngabe zinkulu kangakanani izinkinga ezingaphambili. Izinto zizokwenzeka kuwena futhi ngeke kucace kuwena ukuba ziqhamuka kuNkulunkulu noma kuSathane na, kodwa uzokwazi ukulinda, futhi ngeke ube ngongagqize qakala noma ongenandaba. Lona ngumsebenzi ojwayelekile kaMoya oNgcwele. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubona, abantu basahlangabezana nezinkinga zangempela, kwesinye isikhathi bayakhala, futhi kwesinye isikhathi kuba nezinto abangakwazi ukuzinqoba, kodwa konke lokhu kuyisikhathi esijwayelekile semisebenzi kaMoya oNgcwele. Yize noma bengazinqobi lezo zinto, futhi yize noma, ngaleso sikhathi, bebuthakathaka futhi bekhononda, emva kwesikhathi basuke besakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngokholo oluphelele. Ukunganaki kwabo angeke kubavimbe ukuba babe nokuhlangenwe nakho okujwayelekile, futhi kungakhathalekile okushiwo ngabanye abantu, nokuthi babahlasela kanjani, kodwa basuke besakwazi ukuthanda uNkulunkulu. Ngesikhathi somkhuleko, ngaso sonke isikhathi bazizwa sengathi bayamkweleta uNkulunkulu, bese bezimisela ukuba bamenelise uNkulunkulu bayehlule inyama uma bephinda bebhekana nezinto ezinjengalezi. Lawa mandla akhombisa ukuthi kunomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphakathi kubona, futhi lesi yisimo esijwayelekile somsebenzi kaMoya oNgcwele.

        kwesithi “Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe, esonakaliswe uSathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu.

  kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

UMoya Ongcwele unendlela okumele ayihambe kumuntu nomuntu, futhi unika umuntu nomuntu ithuba lokupheleliswa. Ngokunganaki kwakho wenziwa ukuba ubone inkohlakalo yakho, bese uma ulahla lokhu kunganaki uzobe usuthola indlela okumele wenze ngayo, kanti lokhu yikona kupheleliswa kwakho. Futhi, ngokuqhubeka uqondiswa futhi ukhanyiselwa ngezinto ezinhle ezingaphakathi kuwe, uzokwazi ukuthi ugcwalise umsebenzi wakho futhi ukhule ngolwazi uphinde uzuze ukuhlola imimoya. Uma izimo zakho zizinhle, uyakwazi ukufunda izwi likaNkulunkulu, uyakwazi nokukhuleka kuNkulunkulu, futhi uyakwazi nokuthi izintshumayelo ezishunyayelwayo uzibhekise esimweni sakho. Ngalesi sikhathi uNkulunkulu ukunika ulwazi akukhanyisele ngaphakathi, akwenze ubone ezinye izinto ezinhle. Lokhu ukupheleliswa kwakho ohlangothini lwezinto ezinhle. Ezimweni ezimbi, uzizwa ubuthaka futhi kungekho okuhle, uzizwe sengathi awunaye uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu uyakukhanyisela, akusize uthole indlela okumele uhambe noma wenze ngayo. Uma uphuma kulokhu usuke uthole ukupheleliswa ohlangothini lwezinto ezimbi.

      kwesithi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ngezinye izikhathi ukunika uhlobo oluthile lomuzwa—ulahlekelwa injabulo yakho yangaphakathi, ulahlekelwa ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi ube sebumnyameni. Lolu uhlobo lokucwengwa. Noma nini lapho wenza into ethile ayihambi kahle noma ufika kwangqingetshe. Lokhu ukuqondisa kukaNkulunkulu. Ungenzi into ethile kodwa ungabi nayo imizwa ethile ngayo, nabanye futhi nabo bengazi, kodwa uNkulunkulu uyazi. Ngeke akuyeke uhambe, uyokuyala. Umsebenzi kaMoya oNgcwele unemininingwane eminingi. Uwahlolisisa ngokukhulu ukucophelela wonke amazwi nezenzo zabantu, ukuhamba nokunyakaza kwabo, nayo yonke imicabango nemibono yabo ukuze abantu bakwazi ukuziqaphela ngaphakathi lezi zinto. Wenza into ethile kanye futhi ingahambi kahle, uphinde uyenze futhi ingahambi kahle, kancane kancane uyowuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngezikhathi eziningi zokuyalwa, uyokwazi ukuthi kufanele wenzeni ukuze uhambisane nentando kaNkulunkulu nalokho okungahambisani nentando Yakhe. Ekugcineni, uyosabela ngokuthe ngqo esiqondisweni sikaMoya oNgcwele ngaphakathi kuwe.

       kwesithi “Labo Abazopheleliswa Kumele Bacwengw” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Awekho amazwana:

Thumela amazwana