Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Meyi 26, 2017

Izwi Lamashumi Amabili

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,UNkulunkulu uSomandla,Unyazi LwaseMpumalanga
 Ingcebo yekhaya Lami ingelinganiswe futhi ijulile kakhulu, kodwa umuntu akakaze eze Kimi ukuzoyithokozela. Akakwazi ukuyithokozela ngokwakhe, noma ukuzivikela ngemizamo yakhe; kunalokho, ulokhu ebeka ithemba lakhe kwabanye. Kubo bonke laba engibabhekile, akekho oke wangifuna ngenhloso nangokuthe nse. Bonke beza phambi Kwami ngokugqugquzelwa abanye, belandela iningi, futhi bengazimisele ukukhokha inani noma bachithe isikhathi sabo benza ngcono izimpilo zabo. Yingakho, phakathi kwabantu, akekho owake waphila ngeqiniso, futhi bonke abantu baphila impilo engasho lutho. Ngenxa yezindlela nemikhuba yakudala yabantu, imizimba yabantu bonke igcwele iphunga lenhlabathi yomhlaba. Ngenxa yalokho, umuntu uphenduke wanonya; wangakhombisa mizwa kubuhlane bomhlaba, kunalokho uyaqhubeka abe matasa ngomsebenzi wokuzithokozisa emhlabeni obandayo. Impilo yomuntu ayinakho nhlobo ukufudumala, futhi ayinabo ubumnandi noma ukukhanya komuntu – kodwa usezijwayeze yona, babekezelela impilo ebashintsha lokhu okubafanele ngokugijimela izinto ngaphandle kokuzuza utho. Ngokuphazima kweso, usuku lokufa kuyasondela, umuntu afe ukufa okunomunyu. Kulo mhlaba, akakaze aphumelele nakokukodwa, noma azuze utho – ufike ngokuphuthuma, wahamba ngokuphuthuma futhi. Akukho kulokho okusemehlweni Ami okungilethele utho, noma okuthathe okuthile, ngakho-ke abantu bazizwela sengathi umhlaba awunabo ubulungiswa. Kodwa akekho ofuna ukuhamba. Balinde nje usuku okuzofika ngalo isithembiso Sami phakathi kwabo sivela ezulwini, okuzobavumela, ngesikhathi bedukile, ukuthi baphinde babone impilo yangunaphakade. Ngalokhu, umuntu ugqolozele engikwenzayo nemisebenzi Yami engiyenzayo ukuthi ngiyasigcina ngempela yini isethembiso Sami kuye. Uma esenhluphekweni, noma esezinhlungwini ezinkulu, noma ekhungethwe yizilingo futhi esezowa, umuntu uyaluqalekisa usuku azalwa ngalo ukuze ezokwazi ukuphuma ngokushesha ezinkingeni zakhe adlulele endaweni enhle. Kodwa uma izilingo sezidlulile, umuntu ugcwala injabulo. Uyaluthokozela usuku lokuzalwa kwakhe emhlabeni bese ecela ukuthi ngilubusise usuku lwakhe lokuzalwa; ngalesi sikhathi, abantu abasakhulumi ngezifungo zezokwadlula, esaba kakhulu ukuthi ukufa kuzofika kuye okwesibili. Uma izandla Zami ziphakamisa umhlaba, abantu bayagiya ngenjabulo, abasenalo usizi, futhi bonke bathembele Kimi. Uma ngemboza ubuso Bami ngezandla Zami, bese ngicindezela abantu ngaphansi komhlaba, baphelelwa umoya, bengakwazi ukuphila. Bonke bakhala babize Mina, besaba ukuthi ngizobabhubhisa, ngoba bafisa ukubona usuku engizodunyiswa ngalo. Abantu bathatha usuku Lwami njengomthetho wokuphila kwakhe, kungenxa yokuthi abantu balangazelela usuku engizodunyiswa ngalo ngokuthi abantu basaphila kuze kube namuhla. Isibusiso esashiwo umlomo Wami ukuthi laba abazalwe ngezikhathi zokugcina banenhlanhla yokubona yonke inkazimulo Yami.


 Eminyakeni ngeminyaka, baningi asebedlulile kulo mhlaba ngokuphoxeka, ngokunqikaza, kanti abaningi bafika kuwo benethemba nokholo. Ngilungiselele ukuthi abaningi beze, futhi sengihambise abaningi. Anginakubabala abantu asebedlule ezandleni Zami. Imimoya eminingi iphonswe esihogweni, baningi abaphile enyameni, kanti baningi abafile nabaphinde bazalwe emhlabeni. Kodwa akekho kubo obe nethuba lokuthokozela izibusiso zombuso namuhla. Kuningi engimnike khona umuntu, kodwa uzuze okuncane, ngoba ukuhlasela kwamandla kaSathane kumenze wangakwazi ukuthokozela ingcebo Yami. Ube nomnotho omuhle awubhekile, kodwa akakaze akwazi ukuwujabulela ngokugcwele. Umuntu akaze ayithole indlu yomcebo emzimbeni wakhe ukuze athole ingcebo yasezulwini, ngalokho uselahlekelwe izibusiso ebengimuphe zona. Ingabe umoya womuntu akubona ubuhlakani obumxhumanisa noMoya Wami? Kungani umuntu engakaze angihlanganise nomoya wakhe? Kungani esondela kimi ngenyama, kodwa ehluleke ukwenza kanjalo ngomoya? Ingabe ubuso Bami bangempela bungobenyama? Kungani umuntu engabazi ubuqu Bami? Ingabe akukho manenjana Ami emoyeni womuntu? Ingabe nginyamalale ngaphela emoyeni womuntu? Uma umuntu engangeni endaweni yakwamoya, angaziqonda kanjani izinhloso Zami? Ingabe kukhona emehlweni omuntu okungangena ngqo endaweni yakwamoya? Kukaningi ngibiza umuntu ngoMoya Wami, kodwa umuntu wenza sengathi ngimgwazile Mina, ungazisa ekude le, ngokwesaba okukhulu kokuthi ngizomholela komunye umhlaba. Kukaningi ngihlola umoya womuntu, kodwa namanje akanalwazi, unokwesaba kakhulu ukuthi ngizongena ekhaya lakhe ngithole ithuba lokumphuca konke anakho. Ngalokho, ungivalela ngaphandle, ungishiya ngingabhekene nalutho kodwa amakhaza, “nomnyango” ovalwe thaqa. Kukaningi umuntu ewa ngimsindisa, kodwa emva kokuvuka uyangishiya masinyane, engenandaba nothando Lwami, angiphonse ngeso elibukhali; angikaze ngifudumeze inhliziyo yomuntu. Umuntu yisilwane esingenamizwa esinegazi elibandayo. Yize noma efudunyezwa ukumanga Kwami, akukaze kumshukumise lokho. Umuntu ufana nonya lwentaba. Akakaze akwenze igugu ukumazisa Kwami umuntu. Akafuni ukuza Kimi, ukhetha ukuhlala ezintabeni, lapho ebekezelela khona ukusatshiswa yizilwane zasendle – kodwa nalapho akafuni ukukhosela Kimi. Angiphoqe muntu: ngenza nje umsebenzi Wami. Usuku luzofika lapho abantu bezobhukuda eduze Kwami phakathi kolwandle olunamandla, ukuze azothokozela yonke ingcebo esemhlabeni ashiye emuva ubungozi bokugwinywa ulwandle.

 Emva kokupheleliswa kwamazwi Ami, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka/ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi. Namuhla, nizophila phambi Kwami; kusasa, nizoba sembusweni Wami. Ingabe lokhu akusona isibusiso esikhulu engisiphe abantu? Ngenxa yenani olihlawula namuhla, uzozuza ifa lezibusiso zekusasa futhi uzophila enkazimulweni Yami. Ingabe namanje awufuni ukuhlangana nobuqu boMoya Wami? Ingabe usafisa ukuqhubeka nokuzinquma? Abantu bayafisa ukulandela izethembiso abazibonayo, yize noma zingezesikhashana, kodwa akekho ofuna ukwamukela izethembiso zakusasa, yize noma zingezangunaphakade. Izinto ezibonwa abantu ziyizinto engizozibhubhisa, kanti izinto ezingabonakali kubantu yizinto engizozifeza. Lo ngumehluko phakathi kukaNkulunkulu nomuntu.

 Abantu baqopha ilanga Lami, kodwa akekho owazi usuku oluqondile, ngalokho umuntu angaphila engenalutho. Ngenxa yokuthi okufiswa umuntu kuzwakala esibhakabhakeni esingenamkhawulo, bese kuyanyamalala, umuntu uselahlekelwe yithemba izikhathi eziningi, ngangokuthi usehlele ezimweni ezikhona manje. Inhloso yalawa mazwi Ami akusikho ukuthi abantu bajahe amalanga, noma ukumusa ekuzibhubhiseni ngenxa yokuphelelwa kwakhe yithemba. Ngifisa ukwenza abantu bemukele isethembiso Sami, futhi ngifisa ukuthi bonke abantu emhlabeni jikelele babe nesabelo esithembisweni Sami. Engikufunayo izidalwa eziphilayo ezigcwele impilo, hhayi izidumbu ezingene shi ekufeni. Njengoba nginabile etafuleni lombuso, ngizoyaleza bonke abantu emhlabeni ukuthi bemukele ukuhlola Kwami. Angivumeli lutho olungahlanzekile phambi Kwami. Angivumeli muntu ukuthi agxambukele emsebenzini Wami; bonke labo abagxambukela emsebenzini Wami baphonswa etilongweni, futhi noma sebekhululiwe bakhungathwa yinhlekelele, bathola amalangabi ahangulayo emhlabeni. Uma ngiba nomzimba womuntu, noma ngubani ophikisana nomsebenzi Wami nenyama Yami ngizomenyanya. Sekukaningi ngikhumbuza bonke abantu ukuthi anginasihlobo emhlabeni, namuphi ongibona njengontanga yakhe, angisondeze eduze ukuze sizokhumbula izikhathi ezedlule, uzobhujiswa. Lo ngumyalelo Wami. Kulezi zindaba ezifana nalezi anginabubele/ anginazwelo kubantu. Bonke laba abagxambukela emsebenzini Wami banginike izeluleko ngiyabajezisa, futhi angeke ngize ngibaxolele. Uma ngingakhulumi ngicacise, umuntu angeke abuyele ezingqondweni zakhe, bese ngengozi ewela esijezisweni Sami – ngoba umuntu akangazi Mina ngisenyameni Yami.

kuNdasa 20, 1992

8 amazwana:

  1. glary utilities pro crack Thanks for this post, I really found this very helpful. And blog about best time to post on cuber law is very useful.

    PhendulaSusa
  2. folder lock crack Thanks for sharing such great information, I highly appreciate your hard-working skills which are quite beneficial for me.

    PhendulaSusa
  3. Thank you, I’ve recently been searching for information about this subject for a long time and yours is the best I have found out so far. pycharm crack

    PhendulaSusa

  4. Thanks for the post. Very interesting post. This is my first-time visit here. I found so many interesting stuff in your blog. Keep posting.. kaspersky-antivirus-crack

    PhendulaSusa
  5. microsoft office professional plus 2010 product key generator includes full versions of Word 2010, Excel 2010, PowerPoint 2010 and OneNote 2010. Microsoft Office 2010 Home and Business adds Outlook 2010 to the roster of applications.

    PhendulaSusa
  6. Hello Everyone this page has usefull information,as i found the content in post this also have the relative ideas, Thanks...!!
    KMPlayer Crack
    Hitman Pro Crack
    EaseUS partition master crack
    Final Cut Pro X Crack
    Winstep Nexus Ultimate Crack

    PhendulaSusa