Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Ephreli 4, 2018

Labo Abazopheleliswa Kumele Bacwengwe

Uma ukholwa kuNkulunkulu, kumele ulalele uNkulunkulu, wenze iqiniso futhi ufeze yonke imsebenzi yakho. Ngaphezu kwalokho, kumele uziqonde izinto okufanele udlule kuzo. Uma uzwa kuphela ukubhekanwa nawe, ukuqondiswa nokwahlulelwa, uma ukwazi ukujabulela uNkulunkulu kuphela, kodwa ungezwa lapho uNkulunkulu ekuqondisa noma ebhekana nawe, lokho akwamukelekile. Mhlawumbe kule ndaba yokucwengisiswa, uyakwazi ukuma uqine. Nokho lokhu akukaneli, kusamele uphokophele phambili. Isifundo sokuthanda uNkulunkulu asipheli, asikaze siphele. Abantu babheka ukukholwa kuNkulunkulu njengento elula kakhulu, kodwa lapho bebona izinto ezithize ngokoqobo, bayabona ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu akulula njengoba abantu becabanga. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka, uthando lwakhe ngoNkulunkulu luba lukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu ambulwa kuye. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, luyancipha nothando lwakhe ngoNkulunkulu, futhi aba mancane namandla kaNkulunkulu enziwa abe sobala kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa kwakhe nobuhlungu nalapho kwanda usizi lwakhe, luyojula nakakhulu uthando lwakhe lwangempela ngoNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, futhi lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni enizodlula kuzo, nizobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni okukhulu nasezinhlungwini, nokubhekanweni nabo okukhulu kanye nokuqondiswa, bamthanda ngojulile uNkulunkulu, futhi baba nolwazi olunzulu nolujula ngokwengeziwe ngoNkulunkulu. Labo abangakaze bezwe ukuthi kubhekanwe nabo kodwa abanolwazi olungatheni, futhi kuphela bangathi: “UNkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bajabule Ngaye.” Uma abantu bezwe ukubhekanwa nabo nokuqondiswa, khona-ke bayokwazi ukukhuluma ulwazi lwangempela lukaNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke nakakhulu; awuqondakali ngokwengeziwe kini futhi awuhambisani nakakhulu nemibono yenu, umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi ngokwengeziwe ukuninqoba, ukunizuza, nokuniphelelisa. Ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu kubanzi kakhulu! Ukube akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, khona-ke umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Lesi yisizathu sokubaluleka kokukhetha Kwakhe iqembu labantu ngezinsuku zokugcina. Ngaphabili, kwathiwa uNkulunkulu wayezokhetha futhi alizuze leli qembu. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi awenza kini, luyajula futhi luhlanzeke ngokwengeziwe uthando lwenu. Lapho uba mkhulu ngokwengeziwe umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukwazi kakhulu ngokwengeziwe ukuzwa ukuhlakanipha Kwakhe futhi lujula ngokwengeziwe nolwazi lomuntu Ngaye. Phakathi nezinsuku zokugcina, iminyaka engu-6 000 yecebo likaNkulunkulu lokuphatha iyophela. Kungenzeka yini kuphele kalula kanjalo? Lapho enqoba isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi kukuyiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube benikwazi ukukuqonda, umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali: awuhambisani nhlobo nemibono yenu, futhi lapho ushayisana ngokwengeziwe nemibono yenu, kukhombisa ngokwengeziwe ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, nizwa sengathi umangalisa kakhulu, futhi lapho umangalisa ngokwengeziwe, yilapho nizwa khona ngokwengeziwe ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi niyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe umuntu futhi kwaphela lapho, khona-ke umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba nicwengisiswa kancane manje, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yenu—ngakho ubunzima obunjalo buyisidingo esikhulu kini. Namuhla, nithola ukucwengwa kancane, kodwa nakanjani kamuva nizokwazi ukubona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi ekugcineni niyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asezinhliziyweni zenu. Ngemva kokuzwa ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (uvivinyo[a] lwezikhonzi nezikhathi zokusolwa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholwa kuNkulunkulu!” Lobu “bunzima” buveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unokubaluleka okukhulu futhi uyigugu, futhi ufaneleka kakhulu ukuthi ube yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ungenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: “Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Uthandeka kakhulu!” Uma, ngemva kokuzwa ukuphila isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe. Ngelinye ilanga, lapho ukwelinye izwe uyosakaza ivangeli bese othile ebuza: “Lunjani ukholo lwakho kuNkulunkulu?” uyokwazi ukuthi: “Izenzo zikaNkulunkulu zinhle kakhulu!” Ngokushesha ngemva nje kokukubona usho lokhu, bazozwa ukuthi kunento engaphakathi kuwe nokuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali ngempela. Lokhu kuwukufakaza ngempela. Nizothi umsebenzi kaNkulunkulu ugcwele ukuhlakanipha, nokuthi umsebenzi Wakhe kini uniqinisekise ngempela futhi wanqoba izinhliziyo zenu. Niyohlale nimthanda ngoba isintu kufanele simthande kakhulu! Uma ningakwazi ukukhuluma ngalezi zinto, ningakhuthaza izinhliziyo zabantu. Konke lokhu kuwukufakaza. Uma nifuna ukuba ubufakazi obuqanda ikhanda, ukwenza abantu bakhale, lokho kwembula ukuthi ngempela ningabantu abathanda uNkulunkulu. Lokho kungenxa yokuthi niyakwazi ukuba ofakazi bothando lukaNkulunkulu futhi izenzo zikaNkulunkulu zingavezwa ngani. Ngamazwi enu, abanye abantu bangafuna izenzo Zakhe, baqaphele uNkulunkulu, bayokwazi ukuma baqine kunoma kuyiphi indawo abazithola bekuyo. Ukufakaza ngale ndlela kuphela okuwukwenza ubufakazi bangempela, yilokho kanye okudingeka kini njengamanje. Kufanele nithi izenzo zikaNkulunkulu ziyigugu kakhulu futhi abantu kufanele bazazise, nithi uNkulunkulu uyigugu kakhulu futhi unenala, ngeke agcine nje ngokukhuluma, kodwa ngisho nakakhulu angacwenga izinhliziyo zabantu, abalethele injabulo, angabazuza, abanqobe futhi abaphelelise. Nizozibonela ezintweni enidlula kuzo ukuthi uNkulunkulu uthandeka kakhulu. Ngakho nimthanda kangakanani uNkulunkulu manje? Ningakwazi ngempela ukusho lezi zinto ngokusuka enhliziyweni? Lapho nikwazi ukuveza la mazwi ekujuleni kwezinhliziyo zenu niyokwazi ukufakaza. Uma enihlangane nakho sekufinyelele kuleli zinga niyokwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi nikufanelekele. Uma enihlangane nakho kungafinyeleli kuleli zinga, niyobe nisaqhele kakhulu. Kujwayelekile ukuthi abantu babe buthaka lapho becwengwa, kodwa ngemva kokucwengwa kufanele nikwazi ukuthi: “UNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu emsebenzini Wakhe!” Uma nikwazi ngempela ukukunaka lokhu, kuyigugu, enihlangane nakho nakho kuyigugu.

Yini eniyifunayo manje? Okufanele nikufune ukuthi niyakwazi yini ukuveza izenzo zikaNkulunkulu, ukuthi ningaba yini yizwi nokubonakaliswa kukaNkulunkulu, nokuthi niyafaneleka yini ukusetshenziswa Nguye. Ungakanani umsebenzi uNkulunkulu awenze ngempela kuwe? Ungakanani owubonile, ungakanani owuthintile? Ungakanani odlule kuwo, wawunambitha? Ukuthi uNkulunkulu ukuvivinyile, wasebenzelana nawe, noma wakuyala—akunandaba, izenzo Zakhe nomsebenzi Wakhe kuye kwafezwa kini, kodwa njengamakholwa kaNkulunkulu, njengabantu abazimisele ukupheleliswa Nguye, ingabe niyakwazi ukuveza izenzo zikaNkulunkulu ezintweni ezingokoqobo enidlula kuzo? Ingabe ningamshiya ngaphandle uNkulunkulu kulokhu? Ingabe niyakwazi ukusiza abanye ngezinto ezingokoqobo enizuze kuzo, nisebenze kakhudlwana ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? Ukuze nifakaze ngezenzo zikaNkulunkulu kumele nikwazi ukuveza lokho izenzo Zakhe eziyikho, futhi lokhu nikuveza ngesipiliyoni senu, ulwazi, kanye nokuhluphela enikubekezelele. Ingabe ungumuntu ofakaza ngezenzo zikaNkulunkulu? Ingabe ninaso leso sifiso? Uma nikwazi ukufakaza ngegama Lakhe, futhi ngaphezu kwalokho, ngezenzo Zakhe, kanye nokuphila ngendlela ayifunayo kubantu Bakhe, kusho ukuthi ningofakazi bakaNkulunkulu. Empeleni ningafakaza kanjani ngoNkulunkulu? Ukufuna nokulangazelela ukuphilela uNkulunkulu, ukuveza izenzo zikaNkulunkulu ngamazwi enu, ukuvumela abantu ukuba bazi futhi babone izenzo Zakhe—uma nikufuna ngempela konke lokhu, uNkulunkulu uyoniphelelisa. Uma nje ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu futhi ubusiswe nguye ekugcineni, ukholo lwakho kuNkulunkulu alumsulwa. Kumele ufune ukwazi ukuthi uzibona kanjani izenzo zikaNkulunkulu ekuphileni kwangempela, nokuthi ungamanelisa kanjani uma ambula intando Yakhe kuwe; ufune indlela yokunikeza ubufakazi ngezimangaliso nokuhlakanipha Kwakhe, nokuthi ukubonakalisa kanjani ukuqondisa Kwakhe nokubhekana nawe. Konke lokhu yizinto okumele uzame ukuzithola manje. Uma uthando lwakho ngoNkulunkulu lukhethekile kangangokuthi ungahlanganyela enkazimulweni kaNkulunkulu ngemva kokupheleliswa Nguye, nalokho akukaneli futhi angeke kuhlangabezane nezimfuneko zikaNkulunkulu. Udinga ukunikeza ubufakazi obuphelele ngezenzo zikaNkulunkulu, wanelisa akufunayo, futhi uzizwele umsebenzi awenzile kubantu ngendlela engokoqobo. Kungakhathaleki ukuthi ngubuhlungu, yizinyembezi, noma ukudabuka, kumele uhlangabezane nakho konke ekuphileni. Konke lokhu ukuze ube ufakazi kaNkulunkulu. Ingabe uhlupheka futhi ufuna ukupheleliswa ngaphansi kwamaphi amandla? Ingabe ukuze ufakazele uNkulunkulu? Ingabe kungenxa yezibusiso zenyama noma ikusasa eliqhakazile? Zonke izinhloso, izisusa, kanye nemigomo yakho yokufuna kumele ibe mihle futhi ngeke iqondiswe yintando yakho. Uma umuntu efuna ukupheleliswa ukuze athole izibusiso futhi abuse ngamandla, kuyilapho omunye efuna ukupheleliswa ukuze anelise uNkulunkulu, ukuze abe ngufakazi wezenzo zikaNkulunkulu, yikuphi kulokhu okubili ukufuna ongakukhetha? Uma ukhethe okokuqala, uzobe usekude kakhulu ngokwezigaba zikaNkulunkulu. Ngishilo ekuqaleni ukuze izenzo Zami zaziwe ngokusobala emhlabeni wonke futhi nokuthi ngizobusa njengeNkosi emhlabeni wonke. Ngakolunye uhlangothi, okubekwe phezu kwenu ukuyofakaza ngezenzo zikaNkulunkulu, hhayi ngani ukuba nibe ngamakhosi futhi nibonakale emhlabeni wonke. Umhlaba wonke mawugcwaliswe yizenzo zikaNkulunkulu. Yenza wonke umuntu azibone futhi aziqaphele. Lokhu kushiwo ngokuphathelene noNkulunkulu uqobo Lwakhe, nalokho abantu okumele bakwenze ukunikeza ubufakazi kuNkulunkulu. Wazi okungakanani ngoNkulunkulu manje? Kungakanani ongakufakazi ngoNkulunkulu? Iyini injongo kaNkulunkulu yokuphelelisa umuntu? Uma usuqonda intando kaNkulunkulu, uyokubonisa kanjani ukucabangela intando Yakhe? Uma uzimisele ukupheleliswa futhi ufisa ukusebenzisa ukuphila kwakho ukuze ufakaze ngezenzo zikaNkulunkulu, uma unaleyo ntshisekelo, ngakho-ke akukho okunzima. Into edingwa abantu manje ukuzethemba. Uma unaleyo ntshisekelo, kulula ukuthi unganqoba noma yikuphi okungekuhle, ukungazibandakanyi, ubuvila kanye nemibono yenyama, amafilosofi okuphila, isimo sokuvukela, imizwa, njalo njalo.

Ngesikhathi nidlula ezilingweni, kujwayelekile ukuthi abantu babe buthaka, noma babe nombono ophambene ngaphakathi kubo, noma ingabacaceli intando kaNkulunkulu noma indlela okufanele benze ngayo. Kodwa kunoma ikuphi, kumele nibe nokholo emsebenzini kaNkulunkulu, ningamphiki uNkulunkulu, njengoJobe. Nakuba uJobe wayebuthaka futhi aqalekisa usuku azalwa ngalo, akaphikanga ukuthi zonke izinto ekuphileni kwabantu zazibekwe uJehova, nokuthi uJehova Nguye ozisusa zonke. Akunandaba ukuthi wavivinywa kanjani, wayelokhu enale nkolelo. Akunandaba ukuthi udlula ngaphansi kwaluphi uhlobo lokucwengwa ekuzweni kwakho amazwi kaNkulunkulu, uNkulunkulu udinga ukholo lwesintu. Ngale ndlela, okuphelelisiwe ukholo lwabantu nezifiso zabo. Lapho ungakwazi ukuthinta noma ukubona, ukholo lwakho ludingeka ngaphansi kwezimo ezinjalo. Ukholo lwabantu ludingeka lapho into ingenakubonakala khona ngeso lenyama, futhi ukholo lwakho uludinga lapho ungakwazi ukuhlukana nemibono yakho. Lapho ungakucaceli umsebenzi kaNkulunkulu, okudingekayo ukholo lwakho nokuthi ume uqine umele ubufakazi. Lapho uJobe efinyelela kuleli qophelo, uNkulunkulu wabonakala kuye wakhuluma naye. Okusho ukuthi, uNkulunkulu ungakwazi ukumbona ngokholo lwakho kuphela, lapho unokholo uNkulunkulu uyokuphelelisa. Ngaphandle kokholo, ngeke akwenze lokhu. UNkulunkulu uyobeka phezu kwakho noma yini onethemba lokuyizuza. Uma ungenalo ukholo, ngeke upheleliswe uNkulunkulu futhi ngeke ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokubona amandla Akhe. Lapho unokholo futhi ungathinta izenzo Zakhe ezintweni odlula kuzo ngokoqobo, uNkulunkulu uyobonakala kuwe, uyokukhanyisela futhi akuqondise ngaphakathi. Ngaphandle kwalolo kholo, uNkulunkulu ngeke akwazi ukwenza lokho. Uma uphelelwe ithemba kuNkulunkulu, uyomazi kanjani? Ngakho, kulapho unokholo kuphela futhi ungamngabazi uNkulunkulu, lapho uyoba khona nokholo lwangempela Kuye kungakhathaleki ukuthi wenzani uyokhanyisa izindlela zakho, futhi uyokwazi lapho ukubona izenzo Zakhe. Zonke lezi zinto zitholakale ngokholo, futhi ukholo lutholakale ngokucwengwa—ukholo ngeke lukhule ngaphandle kokucwengwa. Lusho ukuthini ukholo? Ukholo yinkolelo yangempela nenhliziyo eqotho bonke abantu okufanele babe nayo lapho bengakwazi ukubona noma ukuthinta into ethile, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nemibono yabantu, lapho abantu bengafinyeleli kuwo. Yilolo ukholo engikhuluma ngalo. Abantu bayaludinga ukholo ngezikhathi ezinzima nasekucwengweni, futhi kanye nokholo kuza ukucwengwa. Lokhu akunakuhlukaniswa. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani noma ukuthi usendaweni enjani, uyokwazi ukufuna ukuphila, ufuna ukuba umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngaphakathi kuwe, nokufuna iqiniso. Uyoziqonda izenzo zikaNkulunkulu futhi uyokwazi ukwenza ngokuvumelana neqiniso. Lolu ukholo lwakho lwangempela, lokhu kubonisa ukuthi awulilahlile ithemba kuNkulunkulu. Usazolifuna iqiniso ngesikhathi sokucwengwa, uyokwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu futhi ngeke umngabaze. Akunandaba ukuthi wenzani, usazolenza iqiniso ukuze wanelise Yena, uyokwazi ukuyifuna ngokujulile intando Yakhe futhi ucabange ngentando Yakhe. Yilokhu kuphela okuwukholo lweqiniso kuNkulunkulu. Phambilini, lapho uNkulunkulu ethi uyobusa njengenkosi, wawumthanda, lapho ezembula obala kuwe, wawumfuna. Kodwa manje uNkulunkulu ufihlekile, awukwazi ukumbona, futhi wehlelwa izinkinga. Ngalesi sikhathi, liyakulahlekela yini ithemba kuNkulunkulu? Ngakho ngazo zonke izikhathi kumele ulwele ukuphila futhi ufune ukufeza intando kaNkulunkulu. Lokhu kubizwa ngokuthi ukholo oluqotho, futhi kuwuhlobo lothando oluyiqiniso noluhle kunalo lonke.

Kwakuvame ukuthiwa bonke abantu bayofunga phambi kukaNkulunkulu bathi: “Akunandaba ukuthi ubani ongamthandi uNkulunkulu, kumele ngimthande Yena.” Kodwa manje, ubhekene nokucwengwa. Akuhambisani nemibono yakho, ngakho uphelelwa ukholo kuNkulunkulu. Ingabe lolu uthando lweqiniso? Usufunde kaningi ngezenzo zikaJobe—ingabe usuzikhohliwe? Uthando lweqiniso lungakheka okholweni kuphela. Uthando oluqotho ngoNkulunkulu lukhula ngokucwengwa kwakho kuphela, ezintweni odlule kuzo uyacabanga ngentando kaNkulunkulu ngenxa yokholo lwakho, futhi ngokholo lwakho uyayishiya inyama yakho ulwele ukuphila—yilokhu abantu okufanele bakwenze. Uma wenza lokhu uyokwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu, kodwa uma untula ukholo ngeke ukwazi, futhi ngeke uwazi umsebenzi Wakhe. Uma ufuna ukusetshenziswa nokupheleliswa uNkulunkulu, kumele ube nakho konke: ukuzimisela ukuhlupheka, ukholo, ukubekezela, ukulalela kanye nokwazi ukuzwa umsebenzi kaNkulunkulu, uzuze ukuqonda umsebenzi kaNkulunkulu, ukwazi ukuqonda intando Yakhe futhi ucabange ngokudabuka Kwakhe. Ukuphelelisa umuntu akulula, futhi konke ukucwengwa odlula kukho kudinga ukholo kanye nothando lwakho. Uma ufuna ukupheleliswa uNkulunkulu, ukuhamba ezitaladini akwanele, nokuzidela ngenxa kaNkulunkulu nakho akwanele. Kumele ube nezinto eziningi ukuze ube umuntu opheleliswa uNkulunkulu. Lapho uhlupheka kumele ukwazi ukungacabangi ngenyama futhi ungakhonondi ngoNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu ezifihla kuwe, kumele ukwazi ukuba nokholo lokumlandela, uphinde ube nothando owawunalo ekuqaleni, ungaluvumeli lube ntekenteke noma lunyamalale. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu wenzani, kumele uthobele uhlelo Lwakhe, ukulungele ukuqalekisa inyama yakho kunokukhononda Ngaye. Lapho ubhekene nezilingo, kumele wanelise uNkulunkulu naphezu kokunqikaza ukuzihlanganisa nokuthandayo, noma ukukhala kabuhlungu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokuthi uthando lweqiniso nokholo. Akunandaba ukuthi isimo sakho sangempela siyini, kumele uqale uzimisele ukubekezelela ubunzima kanye nokholo lweqiniso, futhi kumele uzimisele ukulahla inyama. Kufanele uzimisele ukubekezelela ubunzima nokulahlekelwa izinto ozithandayo ukuze ufeze intando kaNkulunkulu. Kumele uphinde ube nenhliziyo yokuzisola, ukuthi awukwazanga ukwanelisa uNkulunkulu phambilini, futhi ukwazi ukuzisola manje. Akukho nokukodwa kulokhu ongakuntula futhi uNkulunkulu uyokupheleliswa ngalezi zinto. Uma untula le mibandela, awunakupheleliswa.

Manje, bonke abantu sebebonile ukuthi umuntu okhonza uNkulunkulu akufanele nje agcine ngokwazi indlela yokuhlupheka ngenxa Yakhe, kodwa kufanele futhi aqonde ukuthi inhloso yokukholwa kuNkulunkulu ukumthanda. Injongo kaNkulunkulu yokusebenzisa wena, ayikhona nje ukukucwenga noma ukukuhluphekisa, kodwa iwukuthi wazi izenzo Zakhe, wazi ukubaluleka kwangempela kokuphila komuntu, futhi okubaluleke nakakhulu ukuthi wazi ukuthi ukukhonza uNkulunkulu akuwona umsebenzi olula. Ukwazana noNkulunkulu akuhlangene nokujabulela umusa Wakhe, kodwa kuhlobene nokuhlupheka ngenxa yothando Ngaye. Njengoba ujabulela umusa kaNkulunkulu, kumele ujabulele ukusola Kwakhe—kumele uhlangabezane nazo zonke lezi zinto. Ungahlangabezana nokukhanya kukaNkulunkulu kuwe, ungaphinde ubone futhi ukusebenzelana nesahlulelo Sakhe. Ngaleyo ndlela, uhlangabezana nazo zonke izinhlangothi. UNkulunkulu wenze umsebenzi wokwahlulela kuwe, futhi wenze nomsebenzi wokujezisa kuwe. Izwi likaNkulunkulu lisebenzile kuwe, kodwa uphinde wakukhanyisela, wakukhanyisa. Uma ufuna ukubaleka, isandla sikaNkulunkulu sisakudonsa. Wonke lomsebenzi owokukwazisa ukuthi yonke into ngomuntu ingokomusa kaNkulunkulu. Ungacabanga ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukwenzela Yena izinto eziningi, noma ukuze kube nokuthula enyameni yakho, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, ukuze yonke into ibe ntofontofo—kodwa akukho kulokhu okumele kube yisizathu sabantu sokukholwa kuNkulunkulu. Uma kuyilokho okukholwayo, okusho ukuthi umbono wakho uyiphutha futhi awunakupheleliswa. Izenzo zikaNkulunkulu, Isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, amazwi Akhe, ukumangalisa kanye nokungaqondakali Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele bazame ukuziqonda. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izicelo zomuntu namathemba omuntu siqu nemibono enhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho ungaba khona nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu kungenxa yokumanelisa nokuphila ngokwesimo asifunayo, ukuze izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli qembu elingafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele ube nawo. Kumele ube nombono omuhle wokukholwa kuNkulunkulu ufune ukuthola amazwi kaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi ikakhulukazi ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu zangempela, ukubona izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, ngisho nomsebenzi Wakhe awenza enyameni. Kohlangabezane nakho uqobo, ungancoma indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubantu, nokuthi iyini intando Yakhe kubantu. Konke lokhu ukususa isimo esonakele sobusathane. Susa konke ukungcola nokungalungi ngaphakathi kuwe, ukuhlubula izinhloso zakho ezimbi, futhi ungakwazi ukudlondlobalisa ukholo lweqiniso ngoNkulunkulu. Ukuba nokholo lweqiniso kuphela ungathanda ngeqiniso uNkulunkulu. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu ngaphezu kwesisekelo zokukholwa Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholwa Kuye? Uma uzokholwa kuNkulunkulu, ngeke uzisanganise ikhanda ngakho. Abanye abantu bagcwala umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi ukholo kuNkulunkulu luzobalethela izibusiso, kodwa baphelelwe umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele behlelwe ukucwengwa. Ingabe lokho kuwukukholwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, ukukholwa kuNkulunkulu kusho ukulalela ngokugcwele nokuphelele phambi Kwakhe. Ukholwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyibeka phansi, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, noma usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, asindise umphefumulo wakho—yizo zonke izinto ezivezwa abantu abanombono ophambene. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholwa kuNkulunkulu, abafuni ukuguqula isimo, abaluphishekeli ulwazi lukaNkulunkulu, futhi bamane balandela izifiso zenyama yabo. Abaningi phakathi kwenu banezinkolo ezingaphansi kwesigaba esithile sokukholwa. Lokho akulona ukholo lwangempela kuNkulunkulu. Ukuze bakholwe kuNkulunkulu kumele abantu babe nenhliziyo yokuhlupheka ngenxa Yakhe futhi nokuzimisela ukuzidela. Ngaphandle kokuba bahlangabezane nalezi zimo ezimbili akubalwa njengokholo kuNkulunkulu, futhi angeke bakwazi ukuzuza isimo esiguqukile. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi bafune ukuphila yilabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu.

Lapho wehlelwa izilingo, uyowuhlanganisa kanjani umsebenzi kaNkulunkulu ukuze ubhekane nazo? Ingabe uyoba nombono ongemuhle noma uyokuqonda ukucwenga kukaNkulunkulu isintu unombono omuhle? Uyotholani ngokucwengwa kwakho? Ingabe ukuthanda kwakho uNkulunkulu kuyokhula? Lapho ucwengwa, ingabe uyokwazi ukuhlanganisa izilingo zikaJobe futhi ubheke umsebenzi kaNkulunkulu njengobalulekile? Ingabe uyoyibona indlela uNkulunkulu avivinya ngayo isintu ngezilingo zikaJobe? Hlobo luni lwesikhuthazo izilingo zikaJobe ezingaluletha kuwe? Ingabe uyokwazi ukufakaza ngoNkulunkulu phakathi nokucwengwa kwakho, noma uyofuna ukwanelisa inyama endaweni entofontofo? Uyini ngempela umbono wakho ngokukholwa kuNkulunkulu? Ingabe ngempela kumayelana Naye, hhayi nenyama? Ingabe empeleni unomgomo ekufuneni kwakho? Ingabe uzimisele ukudlula ekucwengweni ukuze upheleliswe uNkulunkulu, noma uncamela ukusolwa nokuqalekiswa uNkulunkulu? Uyibona kanjani ngempela indaba yokufakaza ngoNkulunkulu? Abantu kufanele benzeni ezimweni ezithile ukuze ngempela babe ofakazi bakaNkulunkulu? Njengoba uNkulunkulu wangempela esekubonise umsebenzi omngaka ongokoqobo, kungani uhlale ucabanga ukuhamba? Ingabe ukukholwa kuNkulunkulu kungenxa kaNkulunkulu? Eningini lenu, kungamacebo omuntu nomuntu nezinzuzo zomuntu. Bambalwa kakhulu abantu abakholwa kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu—akukhona yini ukuhlubuka lokhu?

Umsebenzi wokucwenga ngokuyinhloko owokuphelelisa ukholo lwabantu futhi ekugcineni ufinyelela esimweni lapho khona ufuna ukuhamba kodwa ungakwazi, lapho abanye abantu bephelelwe khona futhi bancishelwa yithemba kodwa basenalo ukholo lwabo, lapho abantu bengasenalo ithemba ngekusasa labo, kungalesi sikhathi kuphela lapho ukucwenga kukaNkulunkulu kuyophela khona. Isintu asikafiki esigabeni lapho sishaya khona uzamthilili phakathi kokuphila nokufa—abakakunambithi ukufa, ngakho ukucwengwa akukho ekugcineni. Ngisho nalabo ababesezinyathelweni zabenzi bokubi abakacwengwa ngokuphelele, kodwa uJobe wayecwengiwe, engenalutho ayengancika kulo. Abantu kumele badlule ekucwengweni kuze kufike ezingeni abangasenathemba kulo kanye nento abangancika kuyo—yilapho kuphela lapho beyocwengwa khona ngempela. Ngesikhathi sabenzi bomsebenzi, izinhliziyo zenu zazihlale zithule phambi kukaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi Yena wenzani futhi kungenandaba ukuthi intando Yakhe yayiyini, nanihlale nilalela amalungiselelo Akhe futhi ekugcineni, naqonda yonke into. Ukudlula ezilingweni zikaJobe kuphinde kube ukudlula ezilingweni zikaPetru. Lapho uJobe elingwa wama wafakaza, ekugcineni uJehova wembulwa kuye. Kungemva kokuba emile wafakaza kuphela lapho afaneleka khona ukubona ubuso bukaNkulunkulu. Kungani kuthiwa: “Ngizifihla ezweni lenzondo kodwa ngizembula embusweni ongcwele”? Lokho kusho ukuthi ilungelo lokubona ubuso bukaNkulunkulu ungaba nalo kuphela lapho ungcwele noma ufakaza. Uma ungeke ufakaze Ngaye, awunalo ilungelo lokubona ubuso Bakhe. Uma uziqhelisa noma ukhononda ngoNkulunkulu ebusweni bokucwengwa, uhluleka ukufakaza Ngaye, ube yinhlekisa kuSathane, ngeke ukuzuze ukubonakala kukaNkulunkulu. Uma ufana noJobe, owaqalekisa inyama yakhe phakathi nezilingo futhi wangakhononda ngoNkulunkulu, futhi owakwazi ukuzonda inyama yakhe ngaphandle kokukhononda noma ukona ngamazwi akhe, lokho kuwukufakaza. Lapho udlula ekucwengweni ngokwezinga elithile futhi usengafana noJobe, ulalele ngokuphelele phambi kukaNkulunkulu ngaphandle kwezinye izimfuno Ngaye noma kwemibono yakho, uNkulunkulu uyobonakala kuwe. Manje uNkulunkulu akabonakali kuwe ngenxa yokuthi unemibono eminingi kangaka, ukukhetha kwakho, imicabango enobugovu, izimfuno zomuntu nezinto ezithandwa inyama, futhi awufaneli ukubona ubuso Bakhe. Uma ubona uNkulunkulu, uyomlinganisa ngemibono yakho—bese kuba nguwe ombethela esiphambanweni. Uma wehlelwa izinto eziningi ezingahambisani nemibono yakho kodwa ukwazi ukuzibeka eceleni futhi wazi izenzo zikaNkulunkulu kulezi zinto, futhi phakathi nokucwengwa wembula inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu, lokhu kuwukufakaza. Uma ikhaya lakho linokuthula, ujabulela ukunethezeka kwenyama, kungekho okushushisayo, abafowenu nodadewenu ebandleni bekulalela, ungayibonisa yini inhliziyo yakho yokuthanda uNkulunkulu? Ingabe lokhu kungakucwenga? Uthando lwakho ngoNkulunkulu lungaboniswa ngokucwengwa kuphela, futhi ungapheleliswa kuphela ngezinto ezenzekayo kodwa ezingahambisani nemibono yakho. UNkulunkulu ukuphelelisa ngezinto eziningi ezingezinhle, nezinsizi eziningi. UNkulunkulu ukuvumela ukuba uthole ulwazi futhi akuphelelise ngezenzo eziningi zikaSathane, izinsolo, nezinkulumo zabantu abaningi.

Uma uthinta izenzo zikaNkulunkulu esimweni sakho sangempela, uyobonakala kuwe, akukhanyisele futhi akuqondise ngaphakathi. Uma ungakwazi ukulalela amazwi Akhe, ngeke akwazi ukwenza lokhu. Uma untula ukholo, uma uphelelwe ithemba kuNkulunkulu, uyokubona kanjani? Uma unokholo lweqiniso Kuye futhi ungenakho ukungabaza, uma umvulela inhliziyo yakho, uyokuphelelisa. Uyokukhanyisela ezintweni odlula kuzo ngokoqobo nasekuphileni kwakho. Ezimpilweni ezingokoqobo zabantu, banobunzima obuningi, ngaphezu kwalokho, abakwazi ukulibona ngokucacile izinga lomsebenzi kaNkulunkulu, ngakho lokhu kudinga ukholo. Ukholo luza kuphela ngokucwengwa—ngeke lukhule ngaphandle kokucwengwa. Uma unemibono ongakwazi ukuyidedela futhi uqala ukungabaza uNkulunkulu, uyocwila ekucwengweni, futhi ngalezi zikhathi okudinga kakhulu ukholo.

Iziwombe zakho eziningi zokwehluleka, zokuba buthaka, nezikhathi zokuba nemibono engemihle kungashiwo ukuthi izivivinyo zikaNkulunkulu kuwe. Lokhu kungenxa yokuthi yonke into ivela kuNkulunkulu, yonke into kanye nezigameko eziphilayo kusezandleni Zakhe. Kungakhathaleki ukuthi uyehluleka noma ubuthaka noma uyakhubeka konke kukuNkulunkulu futhi kusezandleni Zakhe. Ngasohlangothini lukaNkulunkulu, lolu uvivinyo lwakho, futhi uma ungakuboni lokho, luzophenduka isilingo. Kunezinhlobo ezimbili zezimo abantu okufanele baziqaphele: Esinye sivela kuMoya oNgcwele, kanti esinye kungenzeka sivela kuSathane. Isimo esisodwa esokuthi uMoya oNgcwele uyakukhanyisela futhi uyakuvumela ukuba uzazi, unengeke futhi uzisole uphinde ukwazi nokumthanda ngempela uNkulunkulu, ugxilise inhliziyo yakho ekwaneliseni Yena. Esinye isimo ukuthi uzazi, kodwa unombono ongemuhle futhi ubuthaka. Kungashiwo ukuthi lokho ukucwenga kukaNkulunkulu. Kungashiwo nokuthi isilingo sikaSathane. Uma uqaphela ukuthi lena insindiso kaNkulunkulu ngawe nokuthi manje umkweleta kakhulu, futhi kusukela manje uzama ukumbuyisela Yena ungabe usawela kuleyo nhlekelele, uma ugxilisa imizamo yakho ekuphuzeni nasekudleni amazwi Akhe, futhi uma uhlale uzibheka njengontulayo, unenhliziyo elangazelayo, khona-ke lolu uvivinyo lukaNkulunkulu. Ngemva kokuphela kokuhlupheka futhi nawe usuphinde usuya phambili, uNkulunkulu usazokuhola, akukhanyisele, akucacisele, futhi akondle. Kodwa uma ungakuqapheli futhi unombono ongemuhle, umane uzinikele osizini, uma ucabanga ngale ndlela, isilingo sikaSathane sisuke sesikwehlele. Lapho uJobe edlula ezilingweni, uNkulunkulu noSathane babephikisana, uNkulunkulu wavumela uSathane ukuba ahluphe uJobe, amvivinye. Nakuba kwakunguNkulunkulu ovivinya uJobe, empeleni kwakunguSathane owayehlele kuye. USathane wayelinga uJobe, kodwa uJobe wayesohlangothini lukaNkulunkulu futhi ukube kwakungenjalo, wayengawela esilingweni. Ngemva nje kokuwela kwabantu esilingweni bawela engozini. Ukudlula ekucwengweni kungashiwo ukuthi kuwuvivinyo oluvela kuNkulunkulu, kodwa uma ungekho esimweni esihle kungashiwo ukuthi kuyisilingo esivela kuSathane. Uma ungakucaceli umbono, uSathane uyokumangalela futhi akudide. Kungakabiphi, uyowela esilingweni.

Uma ungawuboni umsebenzi kaNkulunkulu awusoze wakwazi ukupheleliswa. Ezintweni odlula kuzo, kumele ungene nasemininingwaneni emincane—uyikhulisa kanjani imibono yakho nezikhuthazo eziningi kangaka? Hlobo luni lwemikhuba efanele onalo ngalokhu? Uma ungakwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, lokho kusho ukuthi unaso isiqu. Uma uvela kuphela unogqozi, leso akusona isiqu sangempela futhi nakanjani ngeke ukwazi ukuma uqine. Kulapho ukwazi khona kuphela ukubona nokuzindla ngomsebenzi kaNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi, indawo, lapho uyokwazi khona ukushiya umelusi, uphile ngokuzimela ngokuncika kuNkulunkulu, futhi ukwazi ukubona izenzo zangempela zikaNkulunkulu, injongo kaNkulunkulu iyofezwa lapho kuphela. Okwamanje, abantu abaningi abakwazi ukuyibona. Lapho behlangabezana nenkinga, abazi ukuthi kufanele bayisingathe kanjani, abakwazi ukubona umsebenzi kaNkulunkulu, abakwazi ukuphila ngomoya. Amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu kumele ukufake empilweni yakho engokoqobo.

Ngezinye izikhathi ukunika uhlobo oluthile lomuzwa—ulahlekelwa injabulo yakho yangaphakathi, ulahlekelwa ukuba khona kukaNkulunkulu, futhi ube sebumnyameni. Lolu uhlobo lokucwengwa. Noma nini lapho wenza into ethile ayihambi kahle noma ufika kwangqingetshe. Lokhu ukuqondisa kukaNkulunkulu. Ungenzi into ethile kodwa ungabi nayo imizwa ethile ngayo, nabanye futhi nabo bengazi, kodwa uNkulunkulu uyazi. Ngeke akuyeke uhambe, uyokuyala. Umsebenzi kaMoya oNgcwele unemininingwane eminingi. Uwahlolisisa ngokukhulu ukucophelela wonke amazwi nezenzo zabantu, ukuhamba nokunyakaza kwabo, nayo yonke imicabango nemibono yabo ukuze abantu bakwazi ukuziqaphela ngaphakathi lezi zinto. Wenza into ethile kanye futhi ingahambi kahle, uphinde uyenze futhi ingahambi kahle, kancane kancane uyowuqonda umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngezikhathi eziningi zokuyalwa, uyokwazi ukuthi kufanele wenzeni ukuze uhambisane nentando kaNkulunkulu nalokho okungahambisani nentando Yakhe. Ekugcineni, uyosabela ngokuthe ngqo esiqondisweni sikaMoya oNgcwele ngaphakathi kuwe. Ngezinye izikhathi uzohlubuka futhi uNkulunkulu uyokusola ngaphakathi. Konke lokhu kuvela ekuqondiseni kukaNkulunkulu. Uma ungambheki njengoyigugu uNkulunkulu, uma uwushalazela umsebenzi Wakhe, ngeke akukhanyisele lutho. Lapho umbheka njengobalulekile uNkulunkulu, yilapho akukhanyisela khona nakakhulu. Okwamanje, kunabanye abantu ebandleni abanokholo oludidekile nolusebumnyameni, benza izinto eziningi ezingafanele ngaphandle kwesiyalo, ngakho umsebenzi kaMoya oNgcwele ngeke ubonakale ngokucacile kubo. Abanye abantu bayalwa, bathola imali, futhi baphathe ibhizinisi ngaphandle kokuqoqeka, futhi umuntu onjalo usengozini enkulu kakhulu. Abagcini nje ngokungabi nawo umsebenzi kaMoya oNgcwele manje, kodwa esikhathini esizayo kuyoba nzima ukubaphelelisa. Kunabantu abaningi umsebenzi kaMoya oNgcwele ongeke ubonakale kubo, isiyalo sikaNkulunkulu esingenakubonakala kubo. Bayilabo abangacacile entandweni kaNkulunkulu futhi abangawazi umsebenzi Wakhe. Labo abangama baqine phakathi nokucwengwa, abalandela uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi wenzani, okungenani abakwazi ukushiya, noma ukufinyelela iphesenti elingu-0.1 lalokho okwafezwa uPetru benza kahle, kodwa awukho umsebenzi wabo. Abantu abaningi baziqonda ngokushesha izinto, bamthanda ngempela uNkulunkulu, futhi bangalidlula izinga likaPetru. UNkulunkulu wenza lolu hlobo lomsebenzi, futhi lolu hlobo lomuntu lungasithola isiyalo Sakhe nokukhanyiselwa futhi lulahle ngokushesha noma yini engahambisani nentando kaNkulunkulu. Lolu hlobo lomuntu lufana negolide—yilolu hlobo lomuntu kuphela olubaluleke ngempela! Uma uNkulunkulu enze izinhlobo eziningi zomsebenzi kodwa wena usalokhu ufana nesihlabathi, njengetshe, kusho ukuthi awunamsebenzi!

Umsebenzi kaNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obumvu uyamangalisa futhi awukholakali. Uyosusa abanye abantu ngoba kukhona zonke izinhlobo zabantu ebandleni—kunalabo abachitha imali yebandla, labo abakhohlisa abanye, nokunye. Uma ungawazi ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ube nombono omuhle; lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu ungabonakala kuphela kubantu abayidlanzana. Ngaleso sikhathi kuyocaca ukuthi ubani omthanda ngempela uNkulunkulu nongamthandi. Labo abamthanda ngempela uNkulunkulu banomsebenzi kaMoya oNgcwele, labo abangamthandi ngempela bayokwembulwa ngomsebenzi Wakhe, isinyathelo ngasinye ngesikhathi. Bayoba yizinto zokuqothulwa. Laba bantu bayokwembulwa ngesikhathi somsebenzi wokunqoba—abakubheki njengokubalulekile ukupheleliswa. Futhi labo abaphelelisiwe bazuzwe uNkulunkulu ngokuphelele, futhi bayakwazi ukuthanda uNkulunkulu njengoPetru. Labo abanqotshiwe abanalo uthando oluzenzakalelayo, kodwa banothando oludlulayo kuphela, futhi baphoqelekile ukuthanda uNkulunkulu. Uthando oluzenzakalelayo luba khona ngokuqonda okuzuzwe ngokuhlangenwe nakho okungokoqobo. Lolu thando lungena enhliziyweni yomuntu lumenze azifunele ukuzinikela kuNkulunkulu; amazwi kaNkulunkulu aba isisekelo sakhe futhi uyakwazi ukuhlupheka ngenxa kaNkulunkulu. Yiqiniso, lezi izinto umuntu opheleliswe uNkulunkulu anazo. Uma ufuna kuphela ukunqotshwa, ngeke ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu; uma uNkulunkulu efeza umgomo Wakhe wokusinda kuphela ngokunqoba abantu, kusho ukuthi isigaba sabenzi bomsebenzi besiyokwanela. Nokho, ukunqoba abantu akuwona umgomo wokugcina kaNkulunkulu—umgomo Wakhe wokugcina ukuphelelisa abantu. Ngakho kunokuthi lesi sigaba siwumsebenzi wokunqoba, kufanele nithi lona umsebenzi wokuphelelisa nokususa. Abanye abantu abakanqotshwa ngokugcwele, futhi endleleni yokubanqoba, iqembu labantu liyopheleliswa. Lezi zikhawu ezimbili zomsebenzi zifezwa ndawonye. Abantu abakazishiyi lezo zinto enkathini ende yomsebenzi; leli qiniso liveza ukuthi umgomo wokunqoba usufeziwe—leli iqiniso lokunqotshwa. Ukucwengwa akwenziwa ngenxa yokunqotshwa, kodwa kungenxa yokupheleliswa. Ngaphandle kokucwengwa, abantu ngeke bapheleliswe. Ngakho ukucwengwa kubaluleke kakhulu! Namuhla kupheleliswa iqembu elilodwa labantu, kuzuzwa iqembu elilodwa labantu. Izibusiso eziyishumi ezishiwo ngokwedlule zonke bezihloselwe labo abaphelelisiwe. Konke okumayelana nokuguqula isimo sabo emhlabeni kuhloselwe labo abaphelelisiwe. Labo abangakapheleliswa ngeke bakufinyelele lokhu.

Imibhalo engezansi:

Umbhalo wokuqala awunayo inkulumo ethi “ukulingwa kuka..”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana