Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Septhemba 24, 2018

Umphakathi wenkolo waqala ukumelana noKristu esenyameni eNkathini Yomusa, ngakho kungani uKristu ehlala engamukelwa futhi elahlwa umphakathi wenkolo?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nesimo sobuntu esijwayelekile sikaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Uma uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanaso isimo somuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.

kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

UNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki uyathandwa futhi wemukelwa yibo bonke. Uma uNkulunkulu nje ewuMoya ongabonwa umuntu, kulula kumuntu ukuba akholwe kuNkulunkulu. Umuntu angayikhulula imicabango yakhe, angakhetha noma yisiphi isithombe asithandayo njengesithombe sikaNkulunkulu ukuze azijabulise futhi azenze athokoze. Ngaleyo ndlela, umuntu angenza noma yini ejabulisa kakhulu kuNkulunkulu wakhe, okuyinto lo Nkulunkulu azimisele ukuyenza, ngaphandle kokwesaba. Okukhulu nakakhulu, umuntu ukholwa ukuthi akekho oqotho nozinikele kuNkulunkulu okudlula yena, nokuthi bonke abanye bayizinja ezingabezizwe futhi abathembekile kuNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi yilokho okufunwa yilabo abanezinkolelo ezingaqondakali kuNkulunkulu futhi ezisekelwe ezimfundisweni; abakufunayo konke kuthi akufane, kunomehluko nje omncane. Kumane kuwukuthi umfanekiso kaNkulunkulu ezingqondweni zabo uhlukile, kodwa isiqu sabo siyafana.

Umuntu akahlupheki ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu kholwaokungenakunaka futhi ukholwa kuNkulunkulu ngendlela ethandwa nguye. Leli elinye “lamalungelo nenkululeko yomuntu,” okungenamuntu ongagxambukela kulo, ngoba umuntu ukholwa kuNkulunkulu wakhe, hhayi kuNkulunkulu womunye; lokho kuyimpahla yakhe yedwa, futhi wonke umuntu unalo lolu hlobo lwempahla. Umuntu le mpahla uyibheka njengengcebo eyigugu, kodwa kuNkulunkulu ayikho into ephansi nengafaneleki eyedlula lokho ngoba alukho uphawu lokumelana noNkulunkulu olucace kunakule mpahla yomuntu yangasese. Kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu owenza uNkulunkulu abe inyama enesakhiwo esithintekayo futhi oze abonwe futhi athintwe ngumuntu. Akawona uMoya ongenasimo, kodwa uyinyama engathinteka futhi ibonwe umuntu. Nokho, onkulunkulu abaningi abantu abakholwa kubo abanayo inyama futhi abanaso isimo. Ngale ndlela, uNkulunkulu osesimweni somuntu usephenduke isitha sabantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu, futhi labo abangeke balamukele iqiniso likaNkulunkulu osesimweni somuntu, nabo, ngokufanayo sebebe izitha zikaNkulunkulu. Umuntu unemicabango, hhayi nje ngenxa yendlela yakhe yokucabanga, noma ngenxa yokuhlubuka kwakhe, kodwa ngenxa yale mpahla yomuntu. Abantu bafa ngenxa yale mpahla yomuntu, futhi inguNkulunkulu ongaqondakali ongenakuthintwa, ongeke abonakale, futhi ongekho eqinisweni lokho okonakalisa ukuphila komuntu. Ukuphila komuntu akonakaliswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi akonakaliswa nangengozi uNkulunkulu osezulwini, kodwa nguNkulunkulu osemicabangweni yabantu.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa obuka uKristu njengophila enyameni onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile; akukhona ukuthi akakwazi ukwenyukela ezulwini, nokuthi akakwazi ukuhamba ngokukhululeka emhlabeni. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; benza njengokuthanda kwabo lapho benaye futhi bakhulume amazwi anokunganaki Kuye, sonke isikhathi belokhu belinde ukubuya “kukaKristu weqiniso.” Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni.

Ngaphambi kokuxhumana noKristu, ungacabanga ukuthi isimo sakho sesiguqulwe sonke, ungakholwa ukuthi ungumlandeli othembekile kaKristu, futhi ungakholwa ukuthi ungofanelekile ukwamukela izibusiso zikaKristu. Ngoba sewuhambe imigwaqo eminingi, wenza imisebenzi eminingi, wabuye wathela izithelo, ngakho kufanele ube ngumuntu owamukeliswa umqhele ekugcineni. Kepha kukhona iqiniso elilodwa ongalazi: Isimo senkohlakalo nesokuhlubuka kanye nokuphikisa komuntu kugqama ngenkathi ebona uKristu, kanti ukuhlubuka nokuphikisana okuvela kuleso sikhathi yikho kanye okuphelele kunokunye. Yingenxa yokuba uKristu uyiNdodana yomuntu futhi unobuntu obejwayelekile okwenza umuntu angamtusi futhi angamhloniphi. Yingenxa yokuthi uNkulunkulu uphila enyameni okwenza ukuhlubuka komuntu kuvele ekukhanyeni ngokuphelele nangokugqamile. Ngakho ngithi ukufika kukaKristu kuveze obala konke ukuhlubuka kwesintu kwaveza imvelo yesintu obala. Lokhu kubizwa ngokuthi “ukulutha ingwe uyehlise entabeni” kanye “nokulutha impisi ukuba iphume emgedeni.”

kwesithi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? … Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu uma ebuyela enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu?

kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana