"Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha" (IsAmbulo 3:12)
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukumangalisa kukaNkulunkulu, ukulunga kukaNkulunkulu nobukhosi bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka. Ingqikithi Yakhe, nalokho anakho nayikho, akusoze kwaguquka. Umsebenzi Wakhe, nokho, uhlala uqhubekela phambili futhi uqhubeka ujula, ngoba Yena uhlala emusha futhi akasoze aguga.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Kunalabo abathi uNkulunkulu akaguquki. Kuyiqiniso lokho, kodwa lokho kubhekiswe ekungaguqukini kwesimo sikaNkulunkulu nesiqu Sakhe. Izinguquko egameni Lakhe nasemsebenzini Wakhe azisho ukuthi isiqu Sakhe sesiguqulile; ngamanye amazwi, uNkulunkulu uyohlala enguNkulunkulu, futhi lokhu akusoze kwaguquka.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha? Ngakho-ke, kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe. … Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele. Ungasho kuphela ukuthi kunoNkulunkulu osezulwini, ukuthi ubizwa ngokuthi uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe onamandla amakhulu, ohlakaniphe kakhulu, ophakeme kakhulu, omangalisa kakhulu, ofihlakele kakhulu, onamandla onke kakhulu futhi akukho okungaphezu kwalokho ongakusho; yilokho kuphela okuncane okwaziyo. Njengoba kunjalo, ingabe igama nje likaJesu lingamela uNkulunkulu uqobo? Lapho izinsuku zokugcina zifika, nakuba kusenguye uNkulunkulu owenza umsebenzi Wakhe, igama Lakhe kufanele liguquke, ngoba sekuyinkathi eyehlukile.
kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu.
kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo engezansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana