Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uJesu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uJesu. Bonisa konke okuthunyelwe

ULwesine, Disemba 5, 2019

The Second Coming of Jesus Christ | Full Gospel Movie "The Mystery of Godliness" (English Dubbed)



 The Second Coming of Jesus Christ | Full Gospel Movie "The Mystery of Godliness" (English Dubbed)

 Lin Bo'en was an elder at a house church in China. During all his years as a believer, he felt honored to suffer for the Lord, and valued the knowledge and attainment of the Lord Jesus Christ above anything else in the world. One fateful day, he went out to preach and heard some shocking news: The Lord Jesus has returned in the flesh, and He is Christ of the last days—Almighty God! Lin Bo'en was puzzled.

ULwesibili, Juni 11, 2019

Umfanekiso Wemvu Elahlekile

(Math 18:12-14) Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi aye ezintabeni, ayofuna elahlekile na? Bese uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunalezi zimvu, ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingalahlekanga.


(Math 18:12-14) Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi aye ezintabeni, ayofuna elahlekile na?

ISonto, Mashi 17, 2019

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

(Luka 24:30-32) Kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

ULwesibili, Disemba 4, 2018

2018 Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Uza Emhlabeni Futhi Uba Ngumnikelo Wesono"



2018 Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Uza Emhlabeni Futhi Uba Ngumnikelo Wesono"

NgeNkathi Yomusa, iNkosi uJesu yafika phakathi kwabantu yase ibethelwa ngenxa yabo. Yakhulula umuntu ekuboshweni ngumthetho, futhi ngenxa yomnikelo wesono, isintu sathokozela uthando nobubele beNkosi….

UMgqibelo, Disemba 1, 2018

South African Music Documentary Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma Israyeli (Zulu Subtitles)




South African Music Documentary Clip "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" - Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma Israyeli (Zulu Subtitles)

Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo.

UMgqibelo, Novemba 24, 2018

Ingabe UNkulunkulu USomandla NeNkosi UJesu BanguNkulunkulu Munye?

Lapho isintu sonakaliswa uSathane, uNkulunkulu waqala uhlelo Lwakhe lokuphatha ukuze kusindiswe isintu. UNkulunkulu wenze izigaba ezintathu zomsebenzi wokusindiswa kwesintu. Phakathi neNkathi Yomthetho, uJehova uNkulunkulu wakhipha imithetho futhi waqondisa ukuphila kwesintu, wenza abantu bazi ukuthi kufanele bakhonze uNkulunkulu, futhi wabenza bazi ukuthi siyini isono. Kodwa ngasemaphethelweni eNkathi Yomthetho, ukonakala kwesintu kube kukhulu kakhulu, abantu babevame ukuphula imithetho futhi bone kuJehova.

ULwesibili, Okthoba 16, 2018

Ukungakholwa kuNkulunkulu uSomandla akukhona yini ukukhaphela iNkosi uJesu? Ingabe lokhu akukhona ukuhlubuka?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha” (IsAmbulo 3:12)

UMsombuluko, Okthoba 15, 2018

Uma nginokholo kakade eNkosini uJesu, kungani kufanele ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla ukuze ngithole insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.

UMgqibelo, Okthoba 13, 2018

Njengoba iNkosi uJesu noNkulunkulu uSomandla benguNkulunkulu ofanayo, ingabe ukukholwa kuJesu kuphela akwanele ukuze umuntu asindiswe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele.

ULwesibili, Okthoba 9, 2018

INkosi uJesu isethembise ukuthi, “noma ubani okholwa kuye ngeke abhubhe, kodwa uyokuba nokuphila okuphakade.” UNkulunkulu uzokufeza kanjani lokho akushilo?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa kanye neNkathi Yombuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okusho ukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane.

UMsombuluko, Okthoba 8, 2018

30. Ngesikhathi uJesu enza umsebenzi Wakhe, waphulukisa abagulayo, wakhipha amadimoni, futhi wenza izibonakaliso nezimangaliso. Kungani uNkulunkulu uSomandla engenzi izibonakaliso nezimangaliso emsebenzini Wakhe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi.

ULwesihlanu, Okthoba 5, 2018

EBhayibhelini kuthiwa, alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe abantu, kuphela uMsindisi nguJesu Kristu, onguye izolo, nanamuhla, naphakade. Kodwa namuhla kungani nikholwa kuNkulunkulu uSomandla?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

"Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha" (IsAmbulo 3:12)

ULwesithathu, Okthoba 3, 2018

Kungani iBandla likaNkulunkulu uSomandla lichuma ngokwengeziwe ngesikhathi amabandla eNkathi Yomusa eyincithakalo kangaka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele.

ULwesibili, Meyi 22, 2018

2. Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?

 
uJesu,uKristu,uNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo Yakhe, inkazimulo enjengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).

ULwesihlanu, Novemba 24, 2017

“Umlando Wokuhlushwa Ngenxa Yenkolo eChina” | Insumansumane Ebuhlungu Yamakholwa Ase-China



Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseChina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eChina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda onke amandla akhonzela ezindlini.

ULwesine, Novemba 23, 2017

UMLANDO WOKUHLUSHWA NGENXA YENKOLO ECHINA: ICEBO LOKUFIHLA UBUFAKAZI



Selokhu lathatha izintambo Ezweni laseShayina ngo-1949, iqembu iChinese Communist Party alikaze liyeke ukuhlupha abantu abakholwayo. Libophe futhi labulala amaKristu ngokuzimisela okukhulu, laxosha futhi lahlukumeza amamishinari asebenza eShayina, lashaqa futhi lashisa inqwaba yamakhophi eBhayibheli, lavala futhi lacekela phansi amasonto, futhi ngaphandle kwempumelelo lazama ukuqeda zonke izindlu zokukhonzela.Le filimu ikhombisa ukushona okungazelele komKristu waseShayina ogama linguSong Xiaolan – ukufa iphoyisa le-CCP lachaza ngakho linikeza izincazelo ezingafani futhi ezishayisanayo. Emva kokuphenya, umndeni wakwaSong wathola ukuthi iphoyisa laliqamba amanga sonke lesi sikhathi.

ULwesine, Okthoba 5, 2017

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

  

  Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.

  Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.

  Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.

  UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla