Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Okthoba 22, 2018

Kulabo abakholwe eNkosini uJesu iminyaka eminingi nabazidele ngentshiseko futhi basebenza ngokungakhathali, bahlupheke kakhulu ngenxa yeNkosi. Ingabe ngokungamukeli umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina bazokwenqatshelwa insindiso kanye nokungena embusweni wezulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle? Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi” (Mathewu 7:21-23).

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu basendleleni eyodwa noMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo, kanti ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa. Ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu, ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso. Labo abasuswa ngomsebenzi kaMoya Ongcwele abantu abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu, abahlamuka umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu. Ukuthi abantu abafana nalaba baphikisa uNkulunkulu ngokusobala kungenxa yokuthi umfanekiso kaNkulunkulu awufani nalona abazenzele wona emiqondweni yabo—ngenxa yokuthi baphikisa uNkulunkulu ngokusobala bahlulele uNkulunkulu, okuholela ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abachithe. Ukuba nolwazi lomsebenzi wakamuva kaNkulunkulu akuyona into elula, kodwa uma abantu bengathobela umsebenzi kaNkulunkulu bafune umsebenzi kaNkulunkulu, bazokwazi ukuba nethuba lokubona uNkulunkulu, futhi bazokwazi ukuba nethuba lokuzuza ukuqondiswa okusha nguMoya Ongcwele. Labo abaphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso abakwazi ukuthola ulwazi ngoMoya Ongcwele noma ukuqondiswa nguNkulunkulu; ngalokhu, noma abantu bayawuthola umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu noma cha kuncike emseni kaNkulunkulu, kuncike ekulandeleni kwabo, futhi kuncike ezinhlosweni zabo.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ungakwazi ukwamukela ukukhanya okusha kukaNkulunkulu, futhi ungaqondi konke lokho akwenzayo namuhla, futhi ungakufuni, noma kungukuthi uyakungabaza, uyakwahlulela, noma uyakubhekisisa futhi uyakucubungula; ngakho ke awunanjongo yokuba ulalele. Ukuba lapho kuvela ukukhanya kwalapha namanje, usazisa ukukhanya kwayizolo futhi uphikisa umsebenzi omusha kaNkulunkulu, uyoba yinhlekisa kakhulu, uyilabo abaphikisa uNkulunkulu ngamabomu. Okubalulekile ekulaleleni uNkulunkulu ukwazisa ukukhanya Kwakhe okusha, nokukwazi ukukwamukela nokukusebenzisa. Yilokhu kuphela okungukumlalela ngeqiniso. Labo abangazimisele ukomela uNkulunkulu abakwazi ukuba nomqondo wokulalela uNkulunkulu; futhi bangaphikisa uNkulunkulu ngenxa yokwaneliswa yisimo sempilo abakuyo ngaleso sikhathi. Ukungakwazi ukulalela uNkulunkulu kungenxa yokuba usagajwe yizinto zakudala. Izinto zakudala zinike abantu zonke izinhlobo zemicabango nezinkohliso mayelana noNkulunkulu esezibe yisithombe sikaNkulunkulu emiqondweni yabo. Ngaleyo abakukholwayo yimicabango yabo, nezilinganiso ezisemiqondweni yabo kuphela. Uma ulinganisa uNkulunkulu owenza umsebenzi namuhla noNkulunkulu osemqondweni wakho, ukukholwa kwakho-ke kuvela kuSathane, futhi ungowokuzikhethela kwakho – akakufuni-ke uNkulunkulu ukukholwa okunjalo. Kungakhathaleki ukuba nezinto eziphakeme, futhi kungakhathaleki ukuzinikela kakhulu kwabo – noma ngabe impilo yakho yonke uyinikele emsebenzini Wakhe, waze wamfela – uNkulunkulu akamamukeli muntu onokholo olunjengalolu. Ubakhombisa nje umusa omncane bese ebavumela ukuba bawuthokozele isikhashana. Abantu abayilolu hlobo abakwazi ukwenza iqiniso, uMoya oNgcwele akasebenzi phakathi kubo, noNkulunkulu uzobachitha ngamunye ngamunye. Akunandaba ukuthi bakhulile noma basebasha, labo abangamlaleli uNkulunkulu ekukholweni kwabo begqugquzelwa ngokubi, yilabo abaphikisayo nabaphazamisayo; futhi labo ngokungangabazi uNkulunkulu uyakubalahla. Labo abangamlaleli nhlobo uNkulunkulu, abavuma nje igama Lakhe kuphela, abanolwazana ngobuhle nokuthandeka kukaNkulunkulu kodwa abengahambisani nezinyathelo zikaMoya oNgcwele, futhi abangalaleli umsebenzi namazwi amanje kaMoya oNgcwele – labo baphila phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi abayikuzuzwa bapheleliswe nguNkulunkulu. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokulalela kwabo, ekudleni, ekuphuzeni, kanye nasekuthakaseleleni amazwi kaNkulunkulu, nasenhluphekweni nasekwehlelweni ukucwengwa ezimpilweni zabo. Kusekukholweni okunjalo kuphela lapho izimo zabantu zikwazi khona ukuguquka, kulapho kuphela bethola khona ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu. Ukungeneliswa ukuphila emuseni kaNkulunkulu, ngokuzimisela bomele iqiniso, nokufuna iqiniso, nokufisa ukuzuzwa nguNkulunkulu – yilokhu impela okuchaza ukulalela uNkulunkulu; yilolu ncamashi uhlobo lokukholwa alufunayo uNkulunkulu. Abantu abangenzi okunye ngaphandle kokugcina ngokuhlala emseni kaNkulunkulu kuphela abanakupheleliswa, noma abanakuguqulwa, futhi ukulalela kwabo, ukulunga kanye nothando nokubekezela, konke kulula. Labo abathokozela ukuphila ngomusa kaNkulunkulu kuphela abasoze bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu, futhi noma sebemazi uNkulunkulu, ulwazi lwabo lulula; basho izinto ezifana nokuthi uNkulunkulu uyamthanda umuntu, noma ukuthi unomusa omkhulu kumuntu. Lokhu akuvezi impilo yomuntu, akukhombisi futhi lokho ukuthi abantu bamazi ngokweqiniso uNkulunkulu. Uma, ngenkathi amazwi kaNkulunkulu ebalungisa, noma ngenkathi ukuvivinya kubehlela, abantu abakwazi ukulalela uNkulunkulu — uma kungukuthi baba nokungabaza, baze bawe – ngakho-ke abekho nakancane ekulaleleni. Kubona, kunemithetho nemigomo eminingi mayelana nokukholwa kuNkulunkulu, abadlule kukho okudala okuyimiphumela yeminyaka eminingi yokukholwa, noma yizimfundiso eziningi esuselwe eBhayibhelini. Kungabe abantu abanje bangamlalela uNkulunkulu? Laba bantu bagcwele izinto zabantu — bangamlalela kanjani uNkulunkulu? Bonke balalela ngokwezindlela zabo – kungenzeka uNkulunkulu afise ukulalela okanjalo? Lokhu akukhona ukulalela uNkulunkulu, kodwa ngukulandela imibhalo nje, ukuzanelisa kanye nokuziduduza. Uma uthi yikho ukulalela uNkulunkulu lokho, akukhona ukuthi uyamhlambalaza? UnguFaro waseGibhithe, wenza ububi, futhi ngokucacile uzifaka emsebenzi ophikisa uNkulunkulu – ingabe uNkulunkulu ufuna ukuziphatha okunjalo? Kungaba ngcono uphuthume uphenduke futhi uhlale uqwashile. Uma kungenjalo, kungcono uvele ugoduke: kuzoba ngcono lokho kuwe kunokusebenzela kwakho uNkulunkulu, ngeke uthikameze noma uphazamise, uyoyazi indawo yakho, uhlale kahle – lokho ngeke kube ngcono? Ngaleyo ndlela uzogwema ukuphikisa noNkulunkulu nokujeziswa!

kwesithi “Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, futhi bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele kumele baqhubekele phambili bajule futhi baguquke, isinyathelo ngesinyathelo. Akumele lokhu kume esigabeni esisodwa. Yilabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele kuphele abaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuqala, futhi bangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yilabo abangalaleli kuphela abehluleka ukuzuza emsebenzini kaMoya oNgcwele. Uma ukwenza komuntu kungahambisani nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, nakanjani ukwenza komuntu ngeke kuhambisane nomsebenzi wanamuhla, futhi nakanjani akuhambisani nomsebenzi wanamuhla. Labo bantu abasele emuva ngesikhathi yibo abehluleka ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu, baba yilabo bantu bokugcina abazofakazela uNkulunkulu. Umsebenzi wokuphatha uwonke, phezu kwalokho, kumele uphothulwe yileli qembu labantu. Ngoba labo abake bagcina umthetho kaJehova, kanye nalabo abake bahluphekela isiphambano, uma behluleka ukwamukela isigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi abakwenzile nje bebekwenzela ize, futhi kuyize leze. Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abanjalo baphikisana nomsebenzi kaNkulunkulu wamanje. Yize bebambelela ekukhanyeni kwakudala, lokhu akusho ukuthi bangaphikisana nokuthi abawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Kungani kube nalezi zingxoxo ezingaka ngokuguquka kokwenza komuntu, komehluko phakathi kokwenza okudala nokwamanje, ngokuthi kwakwenziwa kanjani ngezinkathi zakudala, nokuthi kwenziwa kanjani namuhla? Lokho kwahlukaniswa kokwenza komuntu kuhlala kukhulunywa ngakho ngoba umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, ngakho ukwenza komuntu kuhlala kudingeka ukuthi kuguquke. Uma umuntu ehlala enamathele esigabeni esisodwa, lokhu kufakazela ukuthi uyehluleka ukuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokukhanya okusha; akufakazeli ukuthi uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu alukaguquki. Labo abangaphandle kwendlela kaMoya oNgcwele bahlala becabanga ukuthi benza okuyikhona, kube empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu okubo waphela kudala, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele awukho kubo. Umsebenzi kaNkulunkulu wadluliseleka kwelinye iqembu labantu kudala, iqembu ayehlose ukuqedela umsebenzi wakhe omusha kulo. Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube yinamuhla, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi ongaqondakali kubantu futhi abantu abakuthole kunzima ukuba bawamukele, kanti futhi uNkulunkulu usesho okuningi okwenza ukuthi kube nzima ukuba imibono yomuntu yelapheke. Kodwa yize kunjalo akakaze awuyeke umsebenzi Wakhe ngenxa nje yokuthi abantu banobunzima obukhulu; uqhubekile wasebenza waqhubeka wakhuluma, yize noma “amabutho” amaningi esale endleleni, usawenza umsebenzi Wakhe, usaqhubeka nokukhetha amaqembuqembu abantu abafuna ukulalela umsebenzi Wakhe omusha. Akawazweli lawo “maqhawe” awile, kodwa bayigugu Kuye labo abemukela umsebenzi Wakhe omusha namazwi Akhe. Kodwa uzofika kuphi esebenza ngale ndlela, isinyathelo nesinyathelo? Kungani elokhu esusa aphinde akhethe abantu? Kungani elokhu esebenzisa le ndlela? Inhloso yomsebenzi Wakhe ukuthi abantu bamazi, bese bezuzwa Nguye. Umgomo womsebenzi Wakhe ukusebenza kulabo abakwaziyo ukulalela umsebenzi awenza namuhla, ukungasebenzi kulabo abalalela umsebenzi Wakhe odlule, kodwa bephikisa umsebenzi Wakhe wanamuhla. Yiso lesi isizathu esenza ukuba asuse abantu abaningi kangaka.

kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana