Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Okthoba 15, 2018

Sixolelwe izono zethu futhi safaneleka ngokholo eNkosini, futhi ngaphezu kwalokho, sidele izinto eziningi, sazidela, futhi sayisebenzela ngokungakhathali iNkosi. Ngikholwa ukutheni lolu hlobo lokholo luzosivumela ukuba sihlwithwe siye embusweni wezulu. Kungani uthi lokhu ngeke kusenze sithole ukungena embusweni wezulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle? Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi”(Mathewu 7:21-23).

“Yiba nokuthula nabo bonke abantu, nobungcwele, ngaphandle kwakho akekho umuntu oyobona iNkosi” (Heb 12: 14).

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ngaphambi kukaNkulunkulu, ingabe kulula kanjalo ukwenziwa uphelele futhi ube umuntu ongcwele noma olungile? Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho niza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabangani ngalokho enikugqokile, cabangani ngawo wonke amazwi nezenzo zenu, yonke imicabango nemibono yenu, ngisho namaphupho eniwaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yenu. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha abahluphekayo, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi ovela ezulwini, kungakhathaleki ukuthi kunini noma kukuphi, kho konke njenga okwenziwa iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. Ukuthi uLoti wayengase abizwe ngendoda elungile kungenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini ayezoyizuza noma ayezolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Kwaba ngenxa yokuthi uLoti wayebone uNkulunkulu okwenza wanikela ngamadodakazi akhe amabili endaweni yezingelosi. Kodwa akuzona zonke izenzo zakhe zangaphambili ezimeele ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.”


kwesithi “Ababi Kumele Bajeziswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? Ngaphakathi kini, nigcine ukungcola, ubugovu nokudelela, kodwa nisafuna ukwehla noJesu – ngabe ninenhlanhla! Niphuthwe isinyathelo ekukholweni kwenu kuNkulunkulu: Nihlengiwe nje, kodwa anikaguquki. Ukuthi nifune inhliziyo kaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele azenzele Ngokwakhe umsebenzi wokukuguqula nowokukuhlanza; uma uhlengiwe kuphela, ngeke ukwazi ukuzuza ukungcweliswa. Ngale ndlela ngeke ukulungele ukwabelana ngezibusiso ezinhle zikaNkulunkulu ngoba weqe isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu sokuphatha umuntu, okuyisinyathelo esisemqoka sokuguqulwa nokupheleliswa. Manje-ke wena, soni esisanda kuhlengwa, awukwazi ukuthola ifa likaNkulunkulu ngqo.


kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoletha ukukhanya ezintweni ezingalaleli eziphakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yabantu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile.


kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye bayogcina bethi, “Ngikusebenzele kakhulu, futhi nakuba kungabanga yimpumelelo ebatshazwayo, bengikhuthele emizamweni yami. Angeke nje ungivumele ngingene ezulwini ngidle isithelo sokuphila?” Kumele wazi ukuthi ngifisa uhlobo olunjani lwabantu; abangcolile abavunyelwe ukungena embusweni, abangcolile abavunyelwe ukungcolisa umhlabathi oNgcwele. Nakuba kungenzeka wenze umsebenzi omkhulu, futhi ususebenze iminyaka, uma ekugcineni useokungcola okuthunazayo—akubekezeleleki emthethweni weZulu ukuthi ufuna ukungena embusweni Wami! Kusukela ekusekelweni komhlaba kuze kube namuhla, angikaze ngilokothe ngivule intuba elula yokungena embusweni Wami ngenxa yalabo abazincengela Kimi. Lona umthetho wezulu, akekho ongawephula!


kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Babusisiwe bonke labo abakwazi ukuthobela amazwi kaMoya Ongcwele. Akukhathaleki ukuthi babenjani, noma uMoya Ongcwele wayesebenza kanjani ngaphakathi kubo—labo asebezuze umsebenzi wakamuva yibo ababusiseke kakhulu, kanti labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva namuhla bayasuswa. UNkulunkulu ufuna labo abakwaziyo ukwamukela ukukhanya okusha, ufuna labo abemukela nabazi umsebenzi waKhe wakamuva. Kungani kuthiwa kumele nibe izintombi ezimsulwa? Intombi emsulwa iyakwazi ukufuna umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi iqonde izinto ezintsha, ngaphezu kwalokho, ikwazi ukubeka eceleni imiqondo yakudala, ithobele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla. Leli qembu labantu, abemukela umsebenzi wakamuva namuhla, babebekwe nguNkulunkulu ngaphambi kwezinkathi, futhi bangabantu ababusiseke ngempela.


kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana