Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Okthoba 15, 2018

Kuyo yonke le minyaka ngokholo lwami eNkosini ngithole izibusiso eziningi futhi ngelashwa ekuguleni. Ngakho uma kudingeka ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla, ingabe lokho bekungeke kubonise ukungabi nanembeza?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Njengoba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kumele alandele eduze ezinyathelweni zikaNkulunkulu, isinyathelo nesinyathelo; kumele “alandele iMvana noma ngabe iya kuphi.” Yilaba bantu kuphela abafuna indlela yeqiniso, yibo abazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu ababhala izincwadi nezimfundiso yilabo abakhishiwe ngumsebenzi kaMoya oNgcwele. Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi “uJehova nguNkulunkulu” futhi “uJesu nguKristu,” okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze. Ngale ndlela, umuntu ubengasuswa kanjani uMoya ONgcwele? Noma ngabe wenzani uNkulunkulu, inqobo uma umuntu enesiqiniseko sokuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ehambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kokunqikaza, futhi ezama ukuhlangabezana nezidingo zikaNkulunkulu, pho angajeziswa kanjani? Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ume, izinyathelo zakhe azikaze zime, futhi ngaphambi kokuqeda umsebenzi Wakhe wokuphatha, ubelokhu ematasa, futhi akami. Kodwa umuntu wehlukile: Njengoba ethole ingxenyana yomsebenzi kaMoya oNgcwele, uwuphatha sengathi awusoze waguquka; esethole ulwazi oluncane, akaqhubekeli phambili ukuze alandele ezinyathelweni zomsebenzi kaNkulunkulu omusha; esebone ingxenyana yomsebenzi kaNkulunkulu, ubheka uNkulunkulu ngokushesha njengesithombe esibazwe ngokhuni, futhi ukholwa ukuthi uNkulunkulu uyohlala eyilesi simo asibona phambi kwakhe, ukuthi sasinje kudala futhi siyoba njalo nangesikhathi esizayo; esethole ulwazi olungatheni, umuntu uziqhenya kangangoba uyazikhohlwa futhi aqale ukumemezela ngesimo nobukhona bukaNkulunkulu okungekho nhlobo; futhi ebambelele esigabeni esisodwa sikaMoya oNgcwele, noma ngabe wuhlobo luni lomuntu olumemezela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, umuntu akawamukeli. Laba ngabantu abangeke bakwazi ukwamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele; futhi balukhuni; futhi abakwazi ukwamukela izinto ezintsha. Abantu balolo hlobo bakholwa kuNkulunkulu kodwa abamamukeli uNkulunkulu. Umuntu ukholwa ukuthi ama-Israyeli ayenephutha “ngokukholwa kuJehova bese engakholwa kuJesu,” kodwa abantu abaningi babamba iqhaza kulokhu “ukukholwa kuJehova bachithe uJesu” futhi “balangazela ukubuya kukaMesiya, kodwa baphikisa uMesiya obizwa ngokuthi uJesu.” … Yilabo kuphela abalandela ezinyathelweni zeMvana kuze kube sekugcineni abayokwazi ukuthola izibusiso zokugcina, kanti labo bantu “abahlakaniphile,” abangakwazi ukulandela kuze kube sekugcineni kepha bekholwa ukuthi bakuzuze konke, ngeke bakwazi ukubona ukuvela kukaNkulunkulu. Bonke bakholwa ukuthi bangabantu abakhaliphe kakhulu emhlabeni, futhi bayakunqamula ukuqhubeka kokuthuthukisa umsebenzi kaNkulunkulu ngaphandle kwesizathu, futhi kubukeka sengathi bakholwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uzobayisa ezulwini, lapho "abathembeke kuNkulunkulu kakhulu, abalandela uNkulunkulu, abalandela amazwi kaNkulunkulu." Noma "bethembeke ngokweqile" amazwini akhulunywe uNkulunkulu, amazwi abo nezenzo kusabonakala kunyanyisa kakhulu ngoba kuphikisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi benza inkohliso nobubi. Labo abangalandeli kuze kube sekugcineni, abasilelayo emsebenzini kaMoya oNgcwele, futhi ababambelela emsebenzini omdala abahlulekanga nje ukugcwalisa ukwethembeka kuNkulunkulu kuphela, kodwa, baphenduke labo abaphikisana noNkulunkulu, baba yilabo abachitha isikhathi esisha, futhi abazojeziswa. Ngabe bakhona abadabukisa ngaphezu kwabo? Abaningi baze bakholwe ukuthi labo abachitha umthetho omdala futhi bamukele umsebenzi omusha abananembeza. Laba bantu, abakhuluma ngonembeza kuphela, futhi bengawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele, bazogcina sebenqanyulelwe amathuba okuthuthuka ngobabo onembeza. Umsebenzi kaNkulunkulu awulandeli imfundiso, futhi yize kungumsebenzi Wakhe uqobo, uNkulunkulu akabambeleli kuwo. Lokho okumele kuphikwe kuyaphikwa, lokho okumele kunqunywe kuyanqunywa. Kepha umuntu uzenza isitha sikaNkulunkulu ngokubambelela engxenyeni encane yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Akukhona ukuxaka komuntu lokhu? Akukhona ukungazi komuntu lokhu? Uma abantu belokhu benovalo futhi beqaphele kakhulu ngenxa yokwesaba ukungazitholi izibusiso zikaNkulunkulu, yilapho behluleka khona ukuthola izibusiso ezinkulu, kanye nokuthola isibusiso sokugcina. Labo bantu abalandela umthetho njengezigqila bonke bakhombisa ukwethembeka okukhulu emthethweni, futhi abaveza lokho kwethembeka emthethweni, yibo abangabahlubuki abaphikisana noNkulunkulu. Ngoba manje ekuyiNkathi Yombuso hhayi iNkathi yoMthetho, futhi umsebenzi wanamuhla ungeqhathaniswe nomsebenzi wakudala, futhi umsebenzi wakudala ungeqhathaniswe nomsebenzi wanamuhla. Umsebenzi kaNkulunkulu sewuguqukile, futhi ukwenza komuntu nakho sekuguqukile; akusewona owokubambelela emthethweni noma ukuthwala isiphambano. Ngakho, ukwethembeka kwabantu emthethweni nasesiphambanweni akuzukuthola ukuvunywa uNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inkathi endala isidlulile; manje sekuyinkathi entsha. Futhi enkathini entsha umsebenzi omusha kufanele wenziwe. Ikakhulukazi enkathini yokugcina lapho umuntu eyopheleliswa khona, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omusha ngokushesha okukhulu. Ngakho-ke, ngaphandle kokulalela enhliziyweni yakhe, umuntu uzokuthola kunzima ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini mithetho, futhi akasithathi noma isiphi isigaba somsebenzi Wakhe njengesingakuguquki. Kunalokho, umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ulokhu uba musha futhi ulokhu unyuka uya phezulu. Umsebenzi Wakhe uya ngokuya uba ongokoqobo kakhudlwana ngesinyathelo ngasinye futhi uhambisana kakhudlwana nezidingo zomuntu zoqobo. Kusemuva kokuba umuntu ezwe lolu hlobo lomsebenzi lapho engathola khona ukuguqulwa kokugcina kwesimo sakhe. Ulwazi lomuntu ngempilo lukhuphukela emazingeni angaphezulu, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu nawo uya ngokuya wenyuka njalo. Ingale ndlela kuphela lapho umuntu engapheleliswa alungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenza ngale ndlela ukuphikisana nokuhlehlisela emuva imicabango yomuntu, kanti ngakolunye, ukuholela umuntu ukuya esimweni esiphakeme futhi esinamaqiniso, endaweni esesicongweni ekukholweni kuNkulunkulu, ukuze ekugcineni, intando kaNkulunkulu yenziwe. Bonke abanemvelo yokungalaleli abaphikisa ngamabomu bayoshiywa yilo msebenzi osheshayo futhi ohamba ngamandla; yilabo kuphela abalalela ngokuzimisela futhi abazithoba ngenjabulo abayoqhubeka baze bafike ekugcineni komgwaqo. Emsebenzini onjena, nonke kufanele nifunde ukuthobeka nokubeka eceleni imicabango yenu. Isinyathelo ngasinye kufanele sithathwe ngokucophelela. Uma ninganakekeli, ngokuqinisekileyo, niyophenduka abanye balabo abalahlwa uMoya oNgcwele, labo abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngaphambi kokungena kulesi sigaba somsebenzi, imigomo nemithetho yomuntu yakudala yabe iminingi ngendlela yokuthi wakhohliseka, futhi umphumela walokho ukuthi waba nokuzikhukhumeza wazikhohlwa. Zonke lezi yizingqinamba ezivimba umuntu ekuthini amukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu; ziphikisa nokuthi umuntu afike ekwazini uNkulunkulu. Uma umuntu engenakho ukulalela enhliziyweni noma ukulangazelela iqiniso, uyoba senkingeni-ke. Uma ulalela kuphela umsebenzi namazwi alula, futhi ungakwazi ukwemukela lawo ajulile ngokushuba, ungumuntu ogcina ezindleleni ezindala futhi awukwazi ukuhambisana nejubane lomsebenzi kaMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uyahluka ezikhathini ezihlukene. Uma ukhombisa ukulalela okukhulu esigabeni esinye, bese kuthi esigabeni esilandelayo ukhombise ukulalela okuncane noma ungalaleli nhlobo, uNkulunkulu uyokushiya. Uma uhambisana noNkulunkulu lapho enyuka lesi sinyathelo, kufanele uqhubeke nokuhambisana naye uma esenyukela kwesilandelayo isinyathelo. Abantu abanjena kuphela abalalela uMoya oNgcwele.

kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana