Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Mashi 16, 2019

Indaba . Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya kwelanga, Izinyoni naBantu

Imbewu encane yawela emhlabeni. Ngemva kokuna kwemvula enkulu, imbewu yaveza ihlumela elithambile nezimpande zalo zigqitshwe kancane enhlabathini ngaphansi. Lakhula laba lide ihlumela, imimoya enamandla enonya nemvula, ngenxa yokuguquka kwezikhathi zonyaka nenyanga ikhula incipha. Ehlobo, umhlaba waletha izipho zamanzi ukuze ihlumela likwazi ukumela ukushisa okuhangulayo. Ngenxa yomhlaba, ihlumela alikuzwanga ukushisa ngalokho lasinda ekushiseni kwehlobo. Uma ubusika bufika, umhlaba wamboza ihlumela ngokuligona ngemfudumalo kwankonkoshelana. Ngenxa yokufudumala komhlaba, ihlumela lasinda ekubandeni okubi, ladlula lingalimele eziphephweni zasebusika nokuwa kweqhwa ngalesi sikhathi sonyaka. Livikelwe umhlaba, ihlumela lakhula ngesibindi futhi lijabule. Lakhula laba lide lizigqaja ngokukhuliswa ngokuzidela okunikezwe ngumhlaba. Ihlumela lakhula ngokujabula. Lalicula uma imvula yehlela phansi lidansa lintengantenga nxa umoya ulokhu uvunguza. Kanjalo-ke, ihlumela nomhlaba kwancika okunye kokunye …

Yadlula iminyaka, ihlumela labe seliyisihlahla eside. Lakhula laba namagatsha amakhulu anamaqabunga angebalwe sema saqina emhlabeni. Izimpande zesihlahla zamba emhlabeni njengoba zazenzile ngaphambili, kodwa manje zangena zajula ngaphansi emhlabathini. Lokhu okwakuvikele ihlumela kwasekuyisisekelo sesihlahla esinamandla.

Umsebe welanga obonakala phansi esihlahleni isiqu sanyakaza. Isihlahla sanabisa amagatsha aso kabanzi sadonsa ngokwanele ekukhanyeni. Umhlaba ngezansi uphefumula ngesigqi esihambisana nesihlahla, umhlaba wazizwa wenziwe musha, kulokho, umoya ohelezayo wavunguza emagatsheni, isihlahla sathuthumela ngenjabulo, ushaya ngamandla. Kanjalo-ke, isihlahla nokukhanya kwelanga kuncike okunye kokunye …

Abantu bahlala emthunzini opholile wesihlahla futhi bathamela umoya onamakha amnandi. Umoya wahlanza izinhliziyo namaphaphu abo, wahlanza negazi ngaphakathi. Abantu azange basazizwa bekhathele noma benemithwalo. Kanjalo-ke, abantu nesihlahla bathembele omunye komunye …

Iqulu lezinyoni latshiyoza uma zilokhu zihleli emagatsheni esihlahla. Mhlawumbe bezigwema isitha esithile, noma bezizalela zikhulisa amaphuphu azo, noma mhlawumbe bezithatha nje ikhefana. Kanjalo-ke, izinyoni nesihlahla zithmbele okunye kokunye …

Izimpande zesihlahla, zisontekile ziphambene, zingene zajula emhlabeni. Isiqu saso sivikele umhlaba emoyeni nasemvuleni selula amagatsha aso amakhulu savikela umhlaba ngezansi kwaso, isihlahla senza lokhu ngoba umhlaba ungunina. Bahlala ndawonye, bancike omunye komunye, futhi angeke bahlukane …

…………

Zonke izinto engisanda kukhuluma ngazo yizinto enizibonile ngaphambili, njengezimbewu, niyazi ngalokhu, akunjalo? Imbewu ekhula ibe yisihlahla ingebe yinqubo ebonakala yonke imininingwane, kodwa uyazi ukuthi kuyiqiniso, akunjalo? (Yebo.) Uyazi ngomhlaba nangokukhanya kwelanga, akunjalo? Umfanekiso wezinyoni zithe congco esihlahleni yinto ebonwe yibo bonke abantu, akunjalo? (Yebo.) Abantu bephola emthunzini wesihlahla, nikubonile konke lokho, akunjalo? (Sikubonile lokho.) Manje muzwa muni eniwutholayo uma nibona zonke lezi zibonelo emfanekisweni owodwa? (Ukuzwana.) Ingabe zonke lezi zibonelo ezikulo mfanekiso zibuya kuNkulunkulu? (Yebo.) Njengoba zivela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyazi ngobugugu nokubaluleka kwalezi zibonelo ezimbalwa ezivela ndawonye emhlabeni. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, ubenecebo lento ngayinye, kanti enye nenye into ayidalile ikhombisa izinhloso Zakhe futhi ufaka impilo kuzona. Udale indawo yokuphila isintu, okuxoxwe ngayo endabeni esisanda kuyizwa. Kuxoxwe ngokuncika okunye kokunye imbewu nomhlaba okunakho; umhlaba wondla imbewu, imbewu ibhangqwe nomhlaba. Ubudlelwane phakathi kwalokhu okubili bahlelwa ngaphambili nguNkulunkulu kwasekuqaleni, akunjalo? (Yebo.) Isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kulo mfanekiso, Ingabe kuyizibonelo zendawo enokuphila uNkulunkulu ayidalele isintu? (Yebo.) Okokuqala, isihlahla singawushiya umhlaba? (Cha.) Isihlahla singaphila ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Cha.) Manje kwabe kuyini inhloso kaNkulunkulu ngokudala isihlahla, singasho ukuthi bekungukwenzela umhlaba? Singasho ukuthi bekwenzelwe izinyoni kuphela? Singasho ukuthi bekwenzelwe abantu kuphela? (Cha.) Yini ubudlelwane phakathi kwazo? Ubudlelwane phakathi kwazo ukuncika okunye kokunye lapho zingeke zikwazi ukuhlukaniswa khona. Umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kuncike okunye kokunye ukuze kuphile futhi kuyondlana. Isihlahla sivikela umhlaba ngenkathi umhlaba wondla isihlahla; ukukhanya kwelanga kuhlinzekela isihlahla, ngenkathi isihlahla senza umoya omusha ngokukhanya kwelanga usize ukupholisa umhlaba ekushiseni kwelanga. Ubani osizakalayo lapha ekugcineni? Isintu siyasizakala kulokhu, akunjalo? (Yebo.) Lokhu ngesinye sezimiso sokuthi kungani uNkulunkulu edalele abantu indawo enokuphila futhi enye yezinhloso esemqoka kulokhu. Yize lesi kuyisithombe esilula, singabona ubuhlakani bukaNkulunkulu nezinhloso Zakhe. Abantu bangephile ngaphandle komhlaba, noma ngaphandle kwezihlahla, noma ngaphandle kwezinyoni nokukhanya kwelanga, akunjalo? Yize bekuyindaba, kodwa yiqembu labantu abayisilinganiso somhlaba abayindalo kaNkulunkulu wamazulu nomhlaba nokunikeza Kwakhe abantu indawo enokuphila.

UNkulunkulu udalele abantu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto wadala indawo enokuphila futhi. Okokuqala, iphuzu elisemqoka esixoxe ngalo endabeni ubudlelwane obuxhumene nokuncika kwento kwenye kwazo zonke izinto. Ngaphansi kwalo mthetho, indawo enokuphila yabantu ivikelekile, iyaphila iyaqhubeka; ngenxa yokuba khona kwale ndawo enokuphila, abantu bangaphila bazandise. Sisibonile isihlahla, umhlaba, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu enkundleni. Ingabe uNkulunkulu ube khona Naye? Abantu bangebone, akunjalo? Phezulu nje kungabukeka sengathi uNkulunkulu ubengekho, kodwa abantu bangabona imithetho yobudlelwane bokuxhumana phakathi kwezinto ezisesigcawini; kungale mithetho lapho abantu bangabona khona ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi unguMbusi. Akunjalo? UNkulunkulu usebenzisa lezi zimiso nale mithetho ukugcina impilo nokuba khona kwazo zonke izinto. Kungale ndlela lapho ehlinzekela zonke izinto nesintu. Ingabe le ndaba inokuxhumana nendaba esisanda kuyifunda? (Yebo.) Phezulu nje kungabukeka sengathi akukho, kodwa empeleni imithetho emiswe nguNkulunkulu njengoMdali nokwengamela Kwakhe zonke izinto kuxhumana kakhulu nobuqu Bakhe okungumthombo wokuphila njengoba zixhumene kakhulu Naye. Akunjalo? (Yebo.) Ufunde okuthize okuncane, akunjalo?

UNkulunkulu uyiNkosi yemithetho elawula amazulu nomhlaba, ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto, futhi ulawula amazulu nomhlaba nazo zonke izinto ukuthi ziphile ndawonye; wenzela ukuba zingafi ziphele nya noma zinyamalale ukuze abantu baqhubeke baphile, umuntu angaphila endaweni enjalo ngokuholwa nguNkulunkulu. Le mithetho ebusa zonke izinto ingaphansi kokwenganyelwa nguNkulunkulu, noma kunjalo, abantu bangekwazi ukuyingenelela futhi angeke bakwazi ukuyiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Izihlahla zizohluma nini, lizona nini, amanzi angakanani ukudla okungaki okunika amandla emzimbeni umhlaba ozowunika izitshalo, amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka, izihlahla zizoqhama ngasiphi isikhathi sonyaka izithelo, Amandla angakanani azonikezwa izihlahla ukukhanya kwelanga, izihlahla zizophefumulani kula mandla eziwathola ekukhanyeni kwelanga—lezi yizo zonke izinto uNkulunkulu ayesezihlelile ngenkathi edala amazulu nomhlaba futhi ziyimithetho engeke yephulwe ngabantu. Izinto ezidalwe nguNkulunkulu—noma ngabe ziyaphila noma zibukela sengathi aziphili kubantu—zonke zisezandleni zikaNkulunkulu ngaphansi kombuso Wakhe. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule lo mthetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto waklama ukuthi kufanele zibe njani. Isihlahla besingakwazi ukuveza izimpande, ihlumela, sikhule ngaphandle komhlaba. Umhlaba ubuzoba njani uma ngabe ubungenazo izihlahla? Ubuzomelela. Akunjalo na? (Yebo.) Futhi, isihlahla ikhaya lezinyoni, yindawo lapho zikhosela khona emoyeni. BEKUNGALUNGA uma ngabe isihlahla besingahlala ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Bekungeke KULUNGE.) Uma ngabe isihlahla besinomhlaba kuphela bekungeke kulunge. Konke lokhu kwenzelwe umuntu nokuthi aphile. Umuntu uthola umoya omusha esihlahleni, aphile emhlabeni avikelwe yiwo. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga, umuntu angephile ngaphandle kwazo zonke izinto ezahlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, abantu kufanele baqonde ngokucacile ukuthi uNkulunkulu udale imithetho ebusa zonke izinto ukuze zibe khona ngokuxhumana ngendlela yokuncika enye kwenye; enye nenye into ayidalile inosizo nokubaluleka. Uma ngabe uNkulunkulu udale utho ngaphandle kokubaluleka, uNkulunkulu angayishabalalisa. Niyezwa? (Yebo.) Le enye yezindlela azisebenzisa ekuhlinzekeni zonke izinto. Kusho ukuthini “ukuhlinzekela” bheka endabeni? Ingabe uNkulunkulu uyaphuma ayochelela izihlahla nsuku zonke? Ingabe isihlahla sidinga ukusizwa nguNkulunkulu ukuphefumula? (Cha.) “Ukuhlinzekela” kulokhu kubhekiswe ekuphatheni kukaNkulunkulu izinto zonke ngemva kokudala; konke abekudinga bekuyimithetho yokugcina izinto zihamba kahle. Isihlahla sizikhulele ngokwaso ngokutshalwa emhlabeni. Izimo zokukhula kwaso zonke zidalwe nguNkulunkulu. Wenze ukukhanya kwelanga, amanzi, inhlabathi, umoya nendawo ezungezile, umoya, isithwathwa, iqhwa, imvula nezikhathi ezine zonyaka, lezi izimo isihlahla esizidingayo ukuze sikhule, lezi yizinto ezilungiswe nguNkulunkulu. Manje, ingabe uNkulunkulu ungumthombo wayo le ndawo yokuphila? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu kufanele ahambe nsuku zonke ayobala iqabunga ngalinye esihlahleni? Asikho isidingo, akunjalo? UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba asize isihlahla ukuba siphefumule. UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba avuse ukukhanya kwelanga nsuku zonke ethi, “Isikhathi sokukhanya ezihlahleni manje.” Akufanele enze njalo. Ukukhanya kwelanga kuyazikhanyela njengoba kumisiwe ngumthetho, kukhanya esihlahleni, isihlahla sikwamukele kungene kuso. Le yindlela izinto eziphila ngayo ngaphansi kwemithetho. Mhlawumbe lesi isenzeko ongasejwayele, kodwa iqiniso elibonwe ngunoma ubani walamukela. Odinga ukukwenza ukubona ukuthi imithetho yokuba khona kwazo zonke izinto ibuya kuNkulunkulu wazi ukuthi ukukhula nokuphila kwazo kungaphansi kokubuswa nguNkulunkulu. Lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wakho konke ukuphila.

Ingabe yisingathekiso esisetshenziswe kule ndaba, njengoba abantu besho? (Cha.) Ingabe ukuba nesimo somuntu? (Cha.) Lokhu engakhuluma ngakho kuyiqiniso. Konke okuphilayo, konke okukhona kungaphansi kombuso kaNkulunkulu. Yonke into yanikwa ukuphila emva kokuba uNkulunkulu ekudalile; ukuphila okuvela kuNkulunkulu kanti kulandela imithetho nomkhondo akudalela kona. Lokhu akudingi ukuthi kuguqulwe umuntu, futhi akudingi nosizo oluvela kumuntu; lena iyona ndlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo zonke izinto. Niyaqonda, angithi? Nicabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi abantu bakubone lokhu? (Yebo.) Ngakho-ke, ingabe lolu daba lumayelana nesayensi yezempilo? Ingabe kuhlobene nomkhakha othile wolwazi noma isayensi? (Cha.) Asixoxi ngesayensi yezempilo lapha futhi ngempela asenzi naluphi na ucwaningo lwesayensi yezempilo. Yiliphi iphuzu elisemqoka esikhuluma ngalo lapha? (Elokuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila konke.) Nibonani phakathi kwazo zonke izinto ezidaliwe? Nike nazibona izihlahla? Nike nawubona umhlaba? (Yebo.) Nikubonile ukukhanya kwelanga, angithi? Nike nazibona izinyoni ziphumule ezihlahleni? (Sizibonile.) Ingabe isintu siyakujabulela ukuhlala endaweni efana nalena? (Siyajabula.) UNkulunkulu usebenzisa zonke izinto – izinto azidala Yena ukugcina ikhaya lesintu esimweni, kanti lena iyona ndlela ahlinzekela ngayo umuntu nazo zonke izinto.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana