Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Mashi 15, 2019

Indaba yesi . Intabakazi, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, kanye neGagasi Elikhulukazi

Kwakukhona umfudlana omncane ozombeleza uye uphinde ubuye, ekugcineni ufinyelele ekuqaleni kwentabakazi. Intaba yayivimbe indledlana yomfudlana omncane, ngakho-ke umfudlana wabuza intaba ngezwi lawo elintekenteke, elincane, “Ngicela ungidlulise, ume endleleni yami kanti futhi uvimbe indlela yami yokuya phambili.” Intaba yabe isibuza, “Uyaphi?” Lapho umfudlana waphendula ngokuthi, “Ngifuna ikhaya lami.” Intaba yathi, “Kulungile, qhubeka ungeqe!” Kodwa ngenxa yokuthi umfudlana omncane wawuntekenteke futhi umncane kakhulu, wawungeke ukwazi ukweqa phezu kwentaba enkulu kangako, ngakho-ke kwakungekho ongakwenzangaphandle kokuqhubeka ugelezele ekuqaleni kwentaba …

Umoya onamandla wavunguza udlula, ugcwele isihlabathi nezintuli uya lapho kume khona intaba. Umoya wabhonga entabeni, “Ngidlulise!” Intaba yabuza, “Uyaphi?” Umoya wamemeza uphendula, “Ngifuna ukuya ngale kohlangothi lwentaba.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ungakwazi ukudlula phakathi nendawo, ungahamba-ke!” Umoya onamandla wavunguza waya ngapha nangaphaya, kodwa noma usuvunguza ngamandla kangakanani, wangakwazi ukufohla phakathi nentaba. Umoya wakhathala, wema waphumula. Ngakho-ke ngakulolo hlangothi lwentaba umoya ontekenteke ovunguzayo, owenelisa abantu lapho. Lokhu isibingelelo intaba esinika abantu …

Ogwini lolwandle, ulwandle lufutha luginqike lushaye osebeni. Khona manjalo, igagasi elikhulukazi leza libhonga liza ngasentabeni. “Suka!” kumemeza igagasi elikhulukazi. Intaba yabuza, “Uyaphi?” Igagasi elikhulukazi alizange lime, laqhubeka nokugubha liphendula, “Nginweba indawo yami futhi ngifuna ukwelula izingalo zami kancane.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ukwazi ukudlula esiqongweni sami, ngizokudedela endleleni.” Igagasi elikhulukazi lahlehla kancane, lase liphinda ligubha liya ngasentabeni. Kodwa noma lizama kakhulu kangakanani, langakwazi ukudlula phezu kwentaba. Lalingeke likwazi ukwenza ngenye indlela ngaphandle kokuhlehla libuyele lapho liqhamuke khona …

Emakhulwini eminyaka, umfudlana omncane ugobhoze kancane wazungeza lapho kuqala khona intaba. Ngokulandela indlela eyenziwe yintaba, umfudlana omncane wakwazi ukubuyela ekhaya lawo, wahlangana nomfula, wagelezela olwandle. Ngaphansi kokunakekelwa yintaba, umfudlana omncane awuzange ulahleke. Umfudlana omncane nentabakazi bathembela omunye komunye, bakhuzana, bancika omunye komunye.

Emakhulwini eminyaka, umoya onamandla awuzange uyishintshe imikhuba yawo yokumemeza intaba. Umoya onamandla wawuvunguza isishwili sesihlabathi uma “uvakashele” intaba njengoba wenza nasekuqaleni. Wasongela intaba, kodwa awuzange ukwazi ukufohla phakathi nendawo nentaba. Umoya onamandla nentabakazi bathembela omunye komunye, bakhuzana, bancika komunye nomunye.

Emakhulwini eminyaka, igagasi elikhulukazi nalo alizange liphumule, futhi alizange liyeke ukukhula. Lalibhonga ligubhe liphindelela liya ngasentabeni, kodwa intaba ayizange inyakaze nakancane. Intaba yalugada ulwandle, ngale ndlela, izidalwa ezisemanzini zanda zakhula. Igagasi elikhulukazi nentabakazi kwathembela okunye kokunye, kwakhuzana, kwancika okunye kokunye.

Indaba yami isiphelile. Okokuqala, yini ongangitshela yona ngale ndaba, bekuyini ebikuqukethe okusemqoka? Okokuqala kwakukhona intaba, kwase kwenzekani? (Umfudlana omncane, umoya onamandla, kanye negagasi elikhulukazi.) Kwenzekani engxenyeni yokuqala ngomfudlana omncane nentabakazi? Uyakhumbula? (Umfudlana omncane wawugeleza ekuqaleni kwentaba.) Umfudlana ogelezela ezansi kwentaba, ingabe yiyo indaba eyenzeka phakathi kwako? Waya kuphi umfudlana? Kungani sikhuluma ngentabakazi kanye nomfudlana omncane? (Ngoba intaba yavikela umfudlana, umfudlana awuzange ulahleke. Bathembela omunye komunye.) Ungasho ukuthi intaba yawuvikela noma yawuvimba umfudlana omncane? (Yawuvikela.) Kungenzeka ukuthi yawuvimba? Intaba nomfudlana bekundawonye; yawuvikela umfudlana, kodwa futhi yawuvimba. Intaba yawuvikela umfudlana ukuze uzokwazi ukugeleza ungene emfuleni, kodwa futhi yawuvimbela ukuthi ungagelezeli yonke indawo lapho ubungaletha izikhukhula ezazingadala inhlekelele kubantu. Ingabe leli yilona phuzu elisemqoka kulesi sigaba? (Yebo.) Ukuvikela kwentaba ivikela umfudlana nokuba yisivimbelo sokuphephisa amakhaya abantu. Bese kuba khona umfudlana omncane ohlangana nomfula lapho kuqala khona intaba kwathi emva kwesikhathi wagelezela olwandle, ingabe akusona isibophezelo somfudlana omncane lokho? (Yebo.) Ngenkathi umfudlana ungena emfuleni bese ungenela olwandle, ubuthembele phi? Ubungathembele entabeni? Ubuthembele ekuvikelweni yintaba kanye nokuthi intaba ibe isivimbelo, ingabe lokhu yiphuzu elisemqoka? (Yebo.) Niyakubona ukubaluleka kwezintaba emanzini kulokhu? (Yebo, siyakubona.) Ingabe kubalulekile? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu unakho akuhlosile ngokudala izintaba zibe zinde ziphinde zibe phansi? (Unayo.) Kunayo inhloso, angithi? Lena yingxenye encane yendaba, futhi emayelana nomfudlana omncane nentaba enkulu esikwaziyo ukubona ukubaluleka nobumqoka balezi zinto ezimbili ekudalweni kwazo nguNkulunkulu. Siyakwazi futhi nokubona ukuhlakanipha Kwakhe kanye nenhloso endleleni alawula ngayo lezi zinto ezimbili. Akunjalo?

Ingxenye yesibili yendaba ikhuluma ngani? (Umoya onamandla nentabakazi.) Ingabe umoya uyinto enhle? (Yebo.) Hhayi njalo, njengoba kwesinye isikhathi uma umoya umkhulu kakhulu ungadala inhlekelele. Ungazizwa kanjani uma kungafanela ukuthi uhlale ngaphandle emoyeni onamandla? Kuya ngokuthi ubunamandla kangakanani, angithi? Uma kwakungumoya omncane, noma kungumoya wezinga lesi-2 kuya kwelesi-3, noma izinga lesi-3 kuya kwelesi-4 lapho usengakubekezelela, imvamisa umuntu angaba nenkinga yokuhlala evule amehlo. Kodwa-ke ungakwazi ukumelana nawo uma umoya uvunguza ngamandla uze ube yisiphepho? Angeke ukwazi ukumelana nawo. Ngakho-ke, akulungile ukuthi abantu bathi umoya uhlala umuhle, noma ukuthi uhlala umubi ngoba kuncika ekubeni namandla kwawo umoya. Ngakho-ke inamsebenzi muni intaba lapha? Ingabe icishe ibe yisisefo somoya? (Yebo.) Intaba ithatha umoya onamandla bese iyawusika iwenze ini? (Umoya omncane.) Ube umoya omncane. Abantu abaningi bangawuthinta bawuzwe endaweni abebehlala kuzo – ingabe kwakungumoya onamandla noma umoya omncane abawuzwa? (Umoya omncane.) Ingabe lokhu akuyona enye yezinhloso zokudala kukaNkulunkulu izintaba? Ingabe lokhu akuyona inhloso Yakhe? Kungaba njani ukuthi abantu baphile endaweni lapho kuvunguza khona umoya onamandla onesihlabathi ngaphandle kwento yokuvimba noma yokuwusefa? Kungenzeka ukuthi isihlabathi namatshe okuvunguzayo, kwenze abantu bangakwazi ukuphila emhlabeni? Abantu bangashayeka ekhanda beshaywa amatshe andizayo, noma abanye bangangenwa isihlabathi emehlweni bese bengakwazi ukubona. Abantu bangabanjwa umoya noma umoya ubaphephule ngamandla abangeke bakwazi ukuwumela. Izindlu zingadilika kwenzeke zonke izinhlekelele. Ingabe umoya onamandla ubalulekile? (Yebo.) Ikuphi lokhu kubaluleka? Uma bengithi ubumubi, abantu bangase bezwe sengathi awubalulekile, kodwa ingabe kulungile lokho? Ingabe ukuwuguqula ngiwenze ihelehele akubalulekile? Yini abantu abayidinga kakhulu uma kuswakeme noma kushisa? Badinga ihelehele elincane elizoheleza phezu kwabo, ukuvuselela nokuhlakahlekisa imiqondo yabo, ukuthulisa isimo sabo nokwenza ngcono isimo sengqondo. Isibonelo, nonke nihlezi egumbini elinabantu abaningi nomoya ucinene, yini eniyidinga kakhulu? (Uhelehele omncane.) Ezindaweni ezinomoya ongacacile nogcwele udoti unganciphisa ukucabanga komuntu, kwehlise ukuhamba kwegazi labo, kubenze bengakwazi ukucabanga kahle. Kodwa-ke, umoya uba musha uma uthola ithuba lokuhamba uzungeze, kanti nabantu bazozizwa bengcono kakhulu. Yize umfudlana omncane nomoya onamandla kungadala inhlekelele, inqobo nje uma intaba isekhona izokuguqula ikwenze izinto ezingaba usizo kubantu; akunjalo?

Ikhuluma ngani ingxenye yesithathu yendaba? (Intabakazi negagasi elikhulukazi.) Intabakazi negagasi elikhulukazi. Indawo lapha yintaba engasolwandle lapho esingabona khona intaba, ulwandle, kanye negagasi elikhulu. Iyini intaba egagasini kule ndaba? (Umvikeli nesikrini.) Ingabe iyikho kokubili ukuba umvikeli neskrini. Angithi? Inhloso yokulivikela ukugcina le ngxenye yolwandle ukuthi inganyamalali ukuze izidalwa lezi ezihlala kuyo zizophila. Njengeskrini, intaba igcina amanzi olwandle – lo mzimba wamanzi – ukuthi ungakapakeli ngaphandle udale inhlekelele, okungase kulimaze abantu kudilize namakhaya abantu. Angithi? Ngakho-ke singathi intaba iyikho kokubili iskrini nesivikeli. Lokhu kukhombisa ukubaluleka kokwethembela okunye kokunye phakathi kwentaba nomfudlana, intaba nomoya onamandla, kanye nentaba negagasi elikhulu nokuthi kuvimbana kanjani futhi kuthembela kanjani okunye kokunye.

Kukhona umgomo nomthetho ophethe ukuphila kwalezi zinto uNkulunkulu azidalile. Uyabona ukuthi uNkulunkulu wenzeni ngokwenzeke endabeni? Ingabe uNkulunkulu udale umhlaba wase eziba lokhu okwenzekile emva kwalokho? Ingabe wabanika imithetho waklama izindlela esebenza ngayo wase uyabaziba emva kwalokho? Ingabe yikho lokhu okwenzeka? (Cha.) Kuyini lokho-ke? (UNkulunkulu uyalawula.) UNkulunkulu usalawula amanzi, umoya, namagagasi. Akakuvumeli ukuthi kuzigijimele nje futhi akavumi kulimaze noma kuwise amakhaya abantu, kanti ngenxa yalokhu abantu bangaqhubeka baphile badlondlobale kule ngxenye yomhlaba. Okusho ukuthi uNkulunkulu ubeseyihlelile imithetho yokuphila ngenkathi edala lezi zinto. Ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, waqinisekisa ukuthi zizoba wusizo esintwini, futhi waphinde wazilawula ukuze zingabi uhlupho noma zibe yinhlekelele esintwini. Uma bezingalawulwa nguNkulunkulu, Ingabe amanzi awagelezi noma yikuphi? Ingabe umoya awuvunguzi yonke indawo? Uma Ingabe uNkulunkulu ubengazilawuli bezingeke zilawulwe nayimiphi imigomo, umoya ubungavunguza kanti namanzi abezophakama ageleze yonke indawo. Uma ngabe igagasi elikhulu beliphakeme kunentaba Ingabe leyo ngxenye yolwandle isingakwazi ukuba khona? Ulwandle belungeke lube khona. Uma ngabe intaba ibingaphakeme njengegagasi, leyo ngxenye yolwandle ibingeke ibe khona nentaba ibi zolahlekelwa ukubaluleka nobumqoka bayo.

…………

Mayelana nentabakazi nomfudlana omncane, iyini intaba? Izinto eziphilayo zikhulela entabeni ngakho-ke kukhona ukubaluleka kokuba khona kwayo. Ngaso leso sikhathi, intaba ivimba umfudlana omncane, iqinisekise ukuthi awugelezi uye lapho uthanda khona udale inhlekelele kubantu. Akunjalo? Ngokuba khona kwayo nje intaba, inika ithuba izinto eziphilayo ezifana nezihlahla notshani nazo zonke ezinye izitshalo nezilwane ezisentabeni ukuthi kukhule ibe futhi ikhomba indlela yokuthi umfudlana ugelezele ngakuphi; intaba iqoqa amanzi omfudlana bese iyawagada ngokwendalo lapho kuqala khona intaba lapho angagelezelela emfuleni bese ekugcineni aye olwandle. Imithetho ekhona lapha azange ibekwe yindalo, kodwa kunalokho yahlelwa ngokukhethekile nguNkulunkulu ngenkathi edala. Kanti mayelana nentabakazi kanye nomoya onamandla, intaba nayo idinga umoya. Intaba idinga umoya ukuze izophephetha izinto eziphilayo eziphila kuyo, kanti ngaleso sikhathi intaba ivimbela indlela umoya onamandla ongavunguza ngayo ukuze ungabi mkhulu kakhulu ulimaze. Lo mthetho, ndlela thize, ubamba umsebenzi wentaba enkulukazi, ngakho-ke ingabe lo mthetho mayelana nomsebenzi wentaba uzenzekela ngokwawo? (Cha.) Kunalokho kwadalwa nguNkulunkulu. Intabakazi inomsebenzi wayo kanti nomoya onamandla nawo unomsebenzi wawo. Manje, mayelana nentabakazi negagasi elikhulu, ngale kokuthi intaba ibe lapha ingabe amanzi angayithola indlela yokuzigelezela ngokwawo? (Cha.) Amanzi nawo angaba ngaphezu kwamandla okwenza. Intaba ibalulekile njengentaba, ulwandle lubalulekile njengolwandle. Ngale ndlela, ngaphansi kwalezi zimo lapho zingabangisani khona nalapho bekwazi ukuba khona ndawonye ngokujwayelekile, nazo ziyavimbana; intabakazi ivimba ulwandlle ukuze lungabi nezikhukhula ngalokho-ke ivikela amakhaya abantu, kanti lokhu kuphinde kunike ithuba lokuthi ulwandle lukhulise izinto eziphilayo ezihlala kuyo. Ingabe lezi zichitshana zibe khona ngokwazo? (Cha.) Nakho kwadalwa uNkulunkulu. Siyabona kulezi zithombe ukuthi uma uNkulunkulu edala amazulu nomhlaba, wahlela ngaphambilini ukuthi intaba izoma lapha, lapho umfudlana ozoya ngakhona, ukusuka ngakuluphi uhlangothi lapho umoya onamandla uzoqala ukuvunguza khona nokuthi uzoya ngakuphi, kanjalo nokuthi lingaphakama kangakanani igagasi. Izinhloso zikaNkulunkulu zikulezi zinto zonke kanti futhi ziwukwenza Kwakhe. Manje, uyabona ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zikhona kuzo zonke izinto?

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana