Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Juni 11, 2019

Umfanekiso Wemvu Elahlekile

(Math 18:12-14) Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi aye ezintabeni, ayofuna elahlekile na? Bese uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunalezi zimvu, ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingalahlekanga.


(Math 18:12-14) Nicabangani? uma umuntu enezimvu eziyikhulu, bese eyodwa ilahleka, akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi aye ezintabeni, ayofuna elahlekile na? Bese uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunalezi zimvu, ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingalahlekanga. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini, ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancane.

Lesi yisingathekiso—imuphi umuzwa abantu abawutholayo kulesi siqephu? Indlela lo mfanekiso obekwe ngayo usebenzisa isingathekiso ngolimi lo muntu; kuyinto engaphakathi kwesilinganiso solwazi lo muntu. Uma noNkulunkulu wayesho into efanayo ngeNkathi Yomthetho, abantu babebona ukuthi lokhu uNkulunkulu ayikho kuyaguquka, kodwa ngesikhathi iNdodana yomuntu yethula lesi siqephu ngeNkathi Yomusa yezwakala inenduduzo, ifudumele, futhi iseduze nabantu. Ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo senyama, ngesikhathi evela ngesimo somuntu, wasebenzisa umfanekiso ofanele kakhulu ukuveza iphimbo lenhliziyo Yakhe esintwini. Leli phimbo lalimele elikaNkulunkulu uqobo kanye nomsebenzi ayefuna ukuwenza ngaleyo nkathi. Futhi lalimele isimo sengqondo kaNkulunkulu ngabantu ngeNkathi Yomusa. Uma sibheka indlela yesimo sengqondo kaNkulunkulu ngabantu, Yena uqhathanisa umuntu ngamunye njengemvu. Uma imvu ilahlekile, uyokwenza konke okusemandleni akhe ukuyithola. Lokhu kumele isimiso somsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwesintu kulesi sikhathi esenyameni. UNkulunkulu wasebenzisa lo mfanekiso ukuchaza isisombululo kanye nesimo sengqondo Yakhe kulowo msebenzi Wakhe. Lokhu kwakuyinzuzo kaNkulunkulu ngokuthatha isimo senyama: Wayengathatha ithuba lo lwazi lwesintu bese esebenzisa ulimi lo buntu ukuze akhulume kubantu, ukuveza intando Yakhe. Wachaza noma “wahumusha” kubantu injula Yakhe, ulimi lo bunkulunkulu abantu ababehluleka ukuluqonda ngokolimi lwabantu, ngendlela yobuntu. Lokhu kwasiza abantu ukuba baqonde intando Yakhe futhi bazi ukuthi wayefunani. Yena wayeba nezinkulumo nabantu ngendlela yobuntu, esebenzisa ulimi lo buntu, futhi ekhuluma nabantu ngendlela ababeqonda ngayo. Wayekwazi nokukhuluma futhi asebenze, asebenzisa ulimi nolwazi lo buntu ukuze abantu bezwe umusa nokusondela kukaNkulunkulu, ukuze babone inhliziyo Yakhe. Ingabe nibonani kulokhu? Ukuthi azikho izithiyo emazwini nasekwenzeni kukaNkulunkulu. Indlela abantu ababona ngayo, ayikho indlela yokuthi uNkulunkulu wayengasebenzisa ulwazi, nolimi lwabantu, noma izindlela zokukhuluma ukuze akhulume ngalokho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ayefuna ukukusho, umsebenzi ayefuna ukuwenza, noma ukuveza intando Yakhe; lokhu ukucabanga okuyiphutha. UNkulunkulu wasebenzisa lolu hlobo lomfanekiso ukuze abantu bezwe ubukhona nobuqotho bukaNkulunkulu, futhi babone isimo sengqondo Yakhe kubantu ngesikhathi saleyonkathi. Lo mfanekiso wavusa abantu ephusheni ababekade bephila phansi komthetho isikhathi eside, futhi wagqugquzela isizukulwane ngesizukulwane esasiphila phansi kweNkathi Yomusa. Ngokufunda isiqephu salo mfanekiso, abantu bayazi ngobuqotho bukaNkulunkulu ekusindiseni isintu kanye nokuqonda ukubaluleka kwesintu enhliziyweni Yakhe.

Ake sibheke futhi umusho wokugcina kulesi siqephu: “Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini, ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancane.” Ingabe lawa kwakungamazwi eNkosi uJesu uqobo, noma amazwi kaYise osezulwini? Ngokukha phezulu, kusengathi yiNkosi uJesu ekhulumayo, kodwa intando Yakhe imele intando kaNkulunkulu oqobo Lwakhe, yingakho Wathi: “Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini, ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancane.” Abantu ngaleso sikhathi babazisa uBaba osezulwini njengoNkulunkulu, kanti lo muntu abambona phambi kwamehlo abo wayethunyelwe Nguye, futhi akakwazanga ukumela uBaba osezulwini. Ingakho iNkosi uJesu kwakumele akusho Naye lokho futhi, ukuze bazizwele intando kaNkulunkulu ngesintu, futhi bezwe iqiniso kanye nokuqonda ngqo kwalokho akushilo. Noma lokhu kwakuyinto elula ukuyisho, yayino kunakekela futhi yaveza ukuzithoba nokuzifihla kweNkosi uJesu. Noma ngabe uNkulunkulu waphenduka inyama noma Yena wasebenza emhlabeni womoya, wayazi kahle inhliziyo yomuntu, futhi wayeqonda kahle ukuthi abantu badingani, wabe azi kahle ukuthi abantu bakhathazeke ngani, futhi yini ebadidayo, ngakho wafaka lo musho. Lo musho waveza inkinga efihlakele esintwini: abantu babenokungabaza ngalokhu ekushilo iNdodana yomuntu, okusho ukuthi, ngesikhathi iNkosi uJesu ikhuluma kwakumele igcwalisele: “Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini, ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancane.” Ingale ndlela kuphela lapho amazwi Akhe ayengathela khona izithelo, enze abantu bakholwe ukuqonda kwawo ngqo kanye nokuwenza akholeke kangcono. Lokhu kukhombisa ukuthi ngesikhathi uNkulunkulu ephenduka iNdodana yomuntu ejwayelekile, uNkulunkulu nesintu baba nobuhlobo obunzima kakhulu, kanye nokuthi isimo seNdodana yomuntu sasithela ngamahloni kabi. Siyabonisa nokuthi isimo seNkosi uJesu sasideleleke kanjani phakathi kwabantu ngaleso sikhathi. Ngesikhathi esho lokhu, kwakuyindlela yokutshela abantu: Ningaba nesiqiniseko—lokhu akumele lokho okusenhliziyweni Yami, kodwa kuyintando kaNkulunkulu osezinhliziyweni zenu. Esintwini, lokhu kwakungeyona into ehlekisayo? Noma ngabe uNkulunkulu esebenza enyameni wabe enokusizayo okuningi abe engenakho esiqwini sobuyena, kwadingeka ukuba amelane nokungabaza kwabo nokudelwa yibo kanye nokuba ndikindiki nokuba buthuntu kwabo. Kungashiwo ukuthi inqubo yomsebenzi weNdodana yomuntu yayiyinqubo yokuzizwela ukudelwa isintu, kanye nenqubo yokuzizwela isintu siqhudelana Naye. Ngaphezu kwalokho, kwakuyinqubo yokusebenza ukuze azuze ukwethenjwa isintu ngokungaphezi, nokunqoba isintu ngalokhu anakho nayikho, nangobunjalo Bakhe. Kwakungesikho ukuthi uNkulunkulu esemzimbeni wenyama wayephake impi emhlabeni ebhekene noSathane; kwakungukuthi uNkulunkulu waphenduka umuntu ojwayelekile futhi waqala umzabalazo nalabo Ababemlandela, futhi kulo mzabalazo iNdodana yomuntu yafeza umsebenzi Wayo ngokuthobeka Kwayo, ngalokho anakho nayikho, ngothando nangokuhlakanipha Kwakhe. Wathola abantu ayekade ebafuna, wazuza ubunjalo kanye nesikhundla esimfanele, wabe esebuyela esihlalweni Sakhe sobukhosi.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana