Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Julayi 21, 2019

Ngosuku Lwesine, Izinkathi, Izinsuku, Kanye Neminyaka Yesintu Iyavela Lapho UNkulunkulu Esebenzisa Igunya Lakhe Futhi

UMdali wasebenzisa amazwi Akhe ukufeza uhlelo Lwakhe, futhi ngale ndlela wedlulisa izinsuku ezintathu zohlelo Lwakhe. Kulezi zinsuku ezintathu, uNkulunkulu akazange abonakale ezikhandla, noma ezikhathaza; esikhundleni salokho, wachitha izinsuku ezintathu ezinhle kakhulu zohlelo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi omkhulu kakhulu wokuguqulwa komhlaba kakhulu impela. Umhlaba omusha sha wavela ngaphambi kwamehlo Akhe, futhi isiqeshana ngesiqeshana, umfanekiso omuhle owawukade uvaleleke emicabangweni Yakhe wembulwa ekugcineni emazwini kaNkulunkulu. Ukuvela kwento entsha ngayinye kwakungathi ukuzalwa komntwana, futhi uMdali wathokozela umfanekiso owawukade usemicabangweni Yakhe, kodwa owawusuphiwe ukuphila. Ngalesi sikhathi inhliziyo Yakhe yathola ukwaneliseka okukhulu, kodwa uhlelo Lwakhe lwalusanda kuqala nje. Ngokuphazima kweso usuku olusha lwabe selufikile—futhi labe liyini ikhasi elilandelayo ohlelweni loMdali? Wathini? Futhi walisebenzisa kanjani igunya Lakhe? Futhi, ngasoleso sikhathi yiziphi izinto ezintsha ezafika kulo mhlaba omusha? Silandela ukuqondisa koMdali, amehlo ethu awela osukwini lwesine lokudala koMdali izinto zonke, usuku olwabe lungesinye isiqalo esisha. Vele, kuMdali, kwabe ngokungangabazeki kungolunye usuku olumangalisayo, nolunye usuku olubaluleke ngendlela emangalisayo esintwini sanamuhla. Kwabe, phela, kungusuku olunesigqi esingenakulinganiswa nalutho. Lwalumangalisa kanjani, lwalubaluleke kanjani, futhi lwalunokubaluleka okungenakulinganiswa kanjani? Asiqale silalele amazwi akhulunywa nguMdali….

“Futhi uNkulunkulu wathi, Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ukwahlukanisa imini kubusuku; futhi azibe yizibonakaliso, zezinkathi zonyaka, zezinsuku, nezeminyaka: Zibe futhi yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni: futhi kwase kuba njalo.” (Gen 1:14-15). Lokhu kwabe kungokunye ukusebenza kwegunya likaNkulunkulu okwabonakaliswa yizidalwa kulandela ukudala Kwakhe umhlaba owomile nezihlahla kuwona. KuNkulunkulu, isenzo esinjengalesi sasilula ngokufanayo, ngoba uNkulunkulu unamandla amakhulu; uNkulunkulu wethembekile, futhi izwi Lakhe lizofezeka. UNkulunkulu wayala izinkanyiso ukuthi zivele ezulwini, futhi lezi zinkanyiso azikhanyi nje esibhakabhakeni nase mhlabeni kodwa futhi zasebenza njengezimpawu zemini nobusuku, izikhathi zonyaka, izinsuku, kanye neminyaka. Ngale ndlela, lapho uNkulunkulu ekhuluma amazwi Akhe, zonke izenzo uNkulunkulu ayefisa zenzeke, zagcwaliseka ngendlela uNkulunkulu aziqonda ngayo futhi ngendlela uNkulunkulu amise ngayo.

Izinkanyiso ezulwini yizinto esibhakabhakeni ezikhipha ukukhanya; zingasikhanyisa isibhakabhaka, futhi zingakhanyisa izwe nezilwandle. Kuzungeza ngesigqi nokuphindaphinda okuyalwe nguNkulunkulu, kukhanyisa izinkathi ezehlukene ezweni, ngale ndlela ukujikeleza okuphindaphindiwe kokukhanya kudala imini nobusuku ukuthi kuvele empumalanga nasentshonalanga nezwe, futhi akulona uphawu lobusuku nemini kuphela, kodwa ngokujikeleza okuhlukahlukene kubonisa imikhosi kanye nezinsuku ezikhethekile ezehlukahlukene zesintu. Kuhambisana ngokuphelele futhi nezikhathi zonyaka—intwasahlobo, ihlobo, ikwindla, nobusika—okukhishwe nguNkulunkulu, futhi okuthi sekuhlanganiswe nokukhanya kusebenze ngokuvumelana njengeziboniso ezenzeka njalo futhi ezinembayo zezinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka yesintu. Nakuba kwaba ngemuva kokuqalwa kokulima lapho isintu saqala ukuqonda nokuhlangabezana nokuhlukana kwezinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka okwenziwa ukukhanya okudalwe nguNkulunkulu, empeleni izinkathi zenyanga, izinsuku kanye neminyaka eqondwa ngumuntu namhlanje, kwaqala kudala ukuvela ngosuku lwesine lokudalwa kwezinto zonke nguNkulunkulu, kanti futhi nokujikeleza okudedelanayo kwentwasahlobo, ihlobo, ikwindla, kanye nobusika okwenzeka kumuntu kwaqala kudala ngosuku lwesine lokudalwa kwezinto zonke nguNkulunkulu. Ukukhanya okwadalwa nguNkulunkulu kwenza umuntu akwazi ukuhlukanisa njalo, ngokunemba, nangokucacile phakathi kobusuku nemini, aphinde abale izinsuku, futhi akwazi ukugcina ukulandelana kwezinkathi zenyanga, neminyaka. (Usuku lwenyanga egcwele kwabe kungukuphelela kwenyanga eyodwa, kusuka kulokho umuntu wayazi ukuthi ukukhanyisa kokukhanya kwakungukuqala kokujikeleza okusha; usuku lwenyanga egamenxe kwabe kungukuphelela kwengxenye eyodwa yenyanga, okwakutshela umuntu ukuthi inkathi yenyanga entsha yayiqala, kusukela kulokho kwakungaqondakala ukuthi zabe zizingaki izinsuku nobusuku enkathini yenyanga, nokuthi zazingaki izigaba zenyanga enkathini yonyaka, nokuthi zazingaki izinkathi zonyaka onyakeni, futhi konke kwakubonakaliswa njalo.) Ngakho umuntu wayekwazi ukugcina ukulandelana kwezigaba zenyanga, izinsuku, kanye neminyaka okwakukhonjiswa ukujikajika kokukhanya. Kusukela kuleso sikhathi kuqhubeka, isintu nezinto zonke zaphila ngokungazi phakathi kokudedelana okuhlelekile kobusuku nemini nokushitshana kwezinkathi zonyaka okwakudalwa ukujikajika kokukhanya. Yilokhu ukubaluleka kokudalwa kokukhanya ngosuku lwesine nguMdali. Ngokufanayo, izinhloso nokubaluleka kwalesi senzo soMdali kwakungenakuhlukaniswa negunya namandla Akhe. Ngakho-ke, ukukhanya okudalwe nguMdali, nokubaluleka okwakuzokuletha ngokushesha kumuntu kwakungobunye ubuciko ekusebenziseni igunya loMdali.

Kulo mhlaba omusha, lapho isintu sasingakaveli, uMdali wayeselungise ubusuku nemini, isibhakabhaka, izwe nezilwandle, utshani, imifino kanye nezinhlobonhlobo zemithi, kanye nezinkanyiso, izinkathi, izinsuku neminyaka kwempilo entsha ayezoyidala maduzane. Igunya namandla oMdali avezwa ngento ngayinye entsha ayidalayo futhi amazwi Akhe nokuphumelela kwakhe kwenzeka ngesikhathi esisodwa, ngaphandle ngisho kwephutha elincane futhi nangaphandle ngisho kwesikhawu esincane. Ukuvela nokuzalwa kwazo zonke lezi zinto ezintsha kwakungubufakazi begunya namandla oMdali: wethembekile, futhi izwi Lakhe lizofezeka, kanti futhi lokho okufezekile kuhlala kuze kube phakade. Leli qiniso alikaze liguquke: lalinjalo kudala, lisenjalo namanje, futhi liyobanjalo naphakade. Uma uphinda ubheka la mazwi ombhalo, ezwakala emasha kinina? Nikutholile okuqukethwe yiwo okusha, futhi nathola izinto ezintsha? Yingoba izenzo zoMdali zizinyakazisile izinhliziyo zenu, futhi zaqondisa indlela yokwazi kwenu igunya namandla Akhe, futhi zavula umnyango wokuqonda kwenu uMdali, futhi izenzo negunya Lakhe kunike ukuphila phezu kwala mazwi. Ngakho kula mazwi umuntu usebone ukuvezwa kwegunya lomdali okungokoqobo nokucacile, waphinde wafakazela ubukhulu boMdali, futhi wabona nokumangalisa kwegunya namandla oMdali.

Igunya namandla oMdali adala isimanga emva kwesimanga, futhi udonsa amehlo omuntu, bese umuntu angabinakho angakwenza ngaphandle kokunkema ekhungathekile yizenzo ezikhexisa umlomo eziphuma ekusetshenzisweni kwegunya Lakhe. Amandla Akhe angavamile aletha intokozo emva kwentokozo, bese umuntu esala emangele futhi egcwele intokozo, aphinde akhexe ukumazisa nokumthanda, ashaqeke, futhi ahalalise; okudlula lokho, umuntu uthinteka ngokusobala, futhi kwakheka kuye inhlonipho, ukumhlonipha okukhulu kanye nokuzwana. Igunya nezenzo zoMdali zinomthelela omkhulu kumoya womuntu, futhi ziyawuhlanza umoya womuntu, futhi ngaphezu kwalokho, ziwenelise umoya womuntu. Yonke imicabango Yakhe, wonke amazwi Akhe, kanye nakho konke ukwembulwa kwegunya Lakhe kungubuciko phakathi kwezinto zonke, futhi kungumsebenzi omkhulu okufanele kakhulu ukuqonda nolwazi lwesintu esidaliwe. Uma sibala zonke izidalwa ezidalwe ngamazwi oMdali, imimoya yethu iyadonseleka esimangalisweni esingamandla kaNkulunkulu, futhi sizithola silandela izinyathelo zoMdali ukuya osukwini olulandelayo: usuku lwesihlanu sokudalwa kwezinto zonke.

Masiqhubeke sifunde umBhalo isiqephu ngesiqephu, njengoba sibuka eminye imisebenzi yoMdali.


kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Ungase Uthande Nalezi: South African Music Documentary

Awekho amazwana:

Thumela amazwana