Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Februwari 7, 2018

Uthando LukaNkulunkulu Lungokoqobo Impela

EWenzhong Kwidolobha IBeijing

11 Ncwaba,2012

 Ngobusuku bangomhla wama 21, kuwezi-2012, saba nozamcolo omkhulu lana, ongavamile ukwenzeka. Ngizothanda ukuxoxela wonke umuntu owomele uNkulunkulu into engayizwa futhi nengayibona ngaleso sikhathi.

 Ngalolosuku mina kanye nomyeni wami sanakekela insimu yefolishi kadadewethu. Ebusuku imvula enamandla yayilokhu iyithelile, futhi sashesha kakhulu ukuyolala. Ngabo 3:45 ekuseni umfowabo kamyeni wami wamemeza wathi: “Bazovula isigcinamanzi! Yonke into izokhukhuleka! Kumele sivuke ngokushesha!” Lapho ngizwa lokhu ngathuka, futhi konke engangikwazi wukukhala kuNkulunkulu ngenhliziyo ngamazwi, “O Nkulunkulu! O Nkulunkulu!” Ngangazi kuphela ukuthi kufanele ngivikele isithuthuthu sikagesi, kanye nesidlali i-MP5 kanye nekhadi TF elisetshenziselwa ukulalela izingoma kanye nezintshumayelo. Ngikhathazekile kakhulu ngaya kovula igumbi lokugcina izinto ukophushela isithuthuthu sikagesi ngaphandle, futhi ngahamba ngifuna ukuya ekhaya ukobheka izincwadi zami zamazwi kaNkulunkulu kanti futhi ngangikhathazeke ngomamezala wami kanye nabantwana bami. Ngahamba ngomgwaqo omkhulu, kodwa ngoba ngangingaboni emvuleni enkulu ngashayisa ucezu lwetiyela ebeligugulwe yisikhukhula, mina nesithuthuthu saginqikela emanzini. Enhliziyweni yami ngangikhuleka, “O Nkulunkulu, kuwukulunga Kwakho, uma ngikhukhulwa amanzi namuhla. Ngisindise, futhi ngizokwenza umsebenzi wami ngobuqotho kusukela manje!” Ngalesi sikhathi esinye sezicathulo zami sase sikhukhulekile, ngase nginquma ukuthatha umgwaqo omkhulu. Kodwa lapho ngiqhubeka futhi ngibheka, ngamangala; kanti nohlangothi lomgwaqo lwaluvaliwe, ngase ngangakwazi ukudlula. Ngakhubeka futhi emanzini ngakho isicathulo sami esinye sagugulwa amanzi. Amanzi ayesephakeme manje esefika emathangeni ami, futhi ngangingena kukhetha ngaphandle kokubuyela emuva okwesithathu, sonke isikhathi ngithandaza enhliziyweni yami. Ngalesi sikhathi kwaqhamuka umndeni wabathathu kwenye yamapulazi ezingulube, futhi ngambonga uNkulunkulu kusuka enhliziyweni yami. Ngazihlanganisa nabo futhi ngase ngilungiselela ukuthatha umgwaqo omkhulu futhi, ngenkathi umyeni wami eqhamuka. Wasebenzisa into yokubhoboza ukuvula imbobo ocingweni futhi ngaba owokuqala ukugxumela ngaphandle ngezinyawo ezingenazicathulo futhi ngaya emgwaqeni omkhulu. Ngase ningizimu kwakunejika emfuleni ukubheka ngasenyakatho kanti ngasenyakatho umgwaqo wawunokugeleza kwamanzi ukuyela ngaseningizimu, ngakho sasivimbeleke ngaphakathi sinokuzikhethela kuphela ukuthi sithathe umgwaqo omkhulu.

 Ngenkathi ngisuka ngiya ngase mgwaqeni omkhulu futhi ngibuka phansi, imilenze yami yaba buthakathaka. Kungekude nala sihlala khona kunemboni yensimbi; umzila wamamitha amabili nangaphezulu ububanzi wehlukanisa indawo yethu nodonga olubiyele imboni. Amanzi ngaphakathi kodonga ayesengaphezu kwemitha ukushona phansi, futhi ngisho nemizi enamathayela ensimbi amibalabala embonini ayentanta. Manje ngaphinda ngathandaza futhi: “O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokungisindisa. Yingenxa yokuhahela kwami ingcebo ukuthi angiwalaleli amazwi kaNkulunkulu, futhi ngiba ntamo lukhuni. Ngonile!”Uma amanzi abeqhume ngasohlangothini olungasenyakatho, abeyosikhukhula kudala emva kwehora lesibili ekuseni. Aqhumile, nokho, kusukela phansi nodonga ngakwicala langaseningizimu, futhi asehlikela epulazini lezingulube lena ngezansi. Kulesi sikhathi bese ngikubonile ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu; ngoba kulabo abakholwa Nguye ngisho nezinhlekelele ziyobuyela eceleni.

 Sahlala emhubheni osemgwaqeni omkhulu cishe amahora amathathu ngaphambi kokuphuma kuwo bese sibuyela ekhaya. Ngenkathi ngifika ekhaya futhi ngivula isikhwama sami sokudla, ngokumangalisayo sasingemanzi isidlalisi se-MP5 nekhadi i-TF. Ngenkathi isithuthuthu sami sikagesi siwela emanzini kwangena nako futhi; ishaja yesithuthuthu yaba manzi, kanye nezinye izinto futhi. Kuphela isidlalisi i-MP5 kanye nekhadi i-TF okungazange kwenzakale. Ngibonile izenzo ezimangalisayo zikaNkulunkulu.

 Ngenkathi ngibuyela egcekeni lefolishi, into engayibona yangimangaza. Inkompolo yegcekel efolishi yayigcwele imvula eyayi yithele ebusuku; kodwa awekho amanzi atheni angena kuyona. Kwakunamanzi esiqeshini sommbila ngaphambili, futhi ayeshone phansi ngemuva kodwa ayenge maningi ensimini yefolishi.

 Ngalesi sikhukhula, inhliziyo yami yayisithobe kakhulu, futhi manje sengiyayazi into ebaluleke kakhulu. Abantu bavame ukusho ukuthi imali iyikho konke, kodwa ngenkathi inhlekelele ihlasela, imali ngeke ingisindise mina; uNkulunkulu uwuMphathi wami woqobo. Angeke ngisashisekela imali,futhi ngizoyiyeka ingadi yami yefolishi futhi ngizoziphonsa mina uqobo emsebenzini wevangeli. Ngahamba ngalolo suku ukushumayela ivangeli ku-anti wami, umama wami kanye nodadewethu wasemzini. Balalela okungehlele futhi bakwamukela. Esikhathini esedlule umama wami kanye nodadewethu wasemzini babe ngishushisa ngokukholwa kuNkulunkulu; ngase ngibashumayeze iminyaka emine, kodwa babe ngakholwa. Ngalesi sikhathi ngabona ngokucacile ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu. Umyeni wami naye wangishushisa ngaphambili, kodwa manje useyekile, futhi ngiyalishumayela ivangeli kuyena. Ngaphambilini ngangingakwazi ukuvula umlomo wami ukushumayela, angizange ngikhulume. Ngalesi sehlo angizukuyeka; ngizimisele ukuyeka imizamo yami yokuthatha okungehlele futhi ngiveze ubufakazi. Selokhu ngibone futhi ngezwa ukusindisa kukaNkulunkulu kanye nothando Lwakhe olukhulu noluyiqiniso ekulingweni kanye nasenhlekeleleni, nginga ngafakaza kanjani Ngaye?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana