Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Februwari 15, 2018

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

 Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu "uthando" olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ungakwazi ukukhululeka ekudukisweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso? Izinto ezinjalo kumele zicace futhi zingadingi ukuthi zichazwe kabanzi.

 Ezikhathini zangaphambili, abantu abaningi babelandela ngezifiso kanye nemibono yomuntu nangenxa yamathemba abantu. Lezi azizukudingidwa njengamanje. Okumqoka ukuthola indlela yokwenza ezovumela ukuthi umuntu ngamunye akwazi ukuba sesimweni esejwayelekile phambi kukaNkulunkulu futhi kuye ngokuya ekhululeka emaketangweni ethonya likaSathane, ukuze uNkulunkulu akwazi ukukuzuza, bese uphila emhlabeni lokho uNkulunkulu akucela kuwe. Yilokhu kuphela okungagcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Baningi abakholwa uNkulunkulu, kepha abakwazi lokho okufiswa uNkulunkulu noma lokho okufiswa uSathane. Ngobuwula bakholwa futhi balandele abanye ngobumpumputhe , ngakho abakaze bayiphile impilo yobuKristu ejwayelekile; abanabo ubudlelwano obejwayelekile nabantu, kunobudlelwane obejwayelekile obuncane kakhulu umuntu anabo noNkulunkulu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi izinkinga kanye namaphutha abantu, kanye nokunye okuningi okungavimba intando kaNkulunkulu kuningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umuntu akazifakile emgudwini ofanele futhi akakabhekani nempilo yeqiniso. Ngakho-ke kuyini ukungena emgudwini ofanele? Ukuba semgudwini ofanele kusho ukuthi ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu ngazo zonke izinkathi futhi uxhumane ngokwemvelo noNkulunkulu, uye ngokuya ufinyelele ekwazini ukuthi kuntulekani kumuntu futhi aye ngokuya athole ulwazi olujulile ngoNkulunkulu. Ngalokhu, nsukuzonke uzozuza ukubona okusha futhi ukhanyiseleke emoyeni; ukulangazelela kwakho kuyanda, futhi ufuna ukungena eqinisweni. Nsukuzonke kuba khona ukukhanya okusha kanye nokuqonda okusha. Ngale ndlela, uyakhululeka kancane kancane ethonyeni likaSathane, futhi impilo yakho iyakhula kakhulu. Umuntu onje usungene emgudwini ofanele. Hlaziya lokho obhekane nakho ngokwakho futhi uhlole indlela oyithathile ekukholweni kuNkulunkulu ukuqhathanise nokungenhla. Ngabe ungumuntu osemgudwini ofanele? Ngabe uzikhulule kuziphi izindaba emaketangaweni kaSathane kanye nasethonyeni likaSathane? Uma kuwukuthi yilapho usazongena emgudwini ofanele, izibopho zakho noSathane kusamele zigqashulwe. Njengoba kunje, ngabe lokhu kufuna uthando lukaNkulunkulu kungaholela othandweni oluyiqiniso, oluzinikele, futhi olumsulwa? Uthi uthando othanda uNkulunkulu ngalo luqinile futhi lusuka ekujuleni kwenhliziyo, kodwa awukazikhululi emaketangweni kaSathane. Ngabe awumenzi isiwula uNkulunkulu? Uma ufisa ukuthola uthando olumsulwa lukaNkulunkulu, uzuzwe nguNkulunkulu ngokugcwele, futhi ubalwe phakathi kwabantu basembusweni, ngakho kumele uqale uzifake emgudwini ofanele.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana