Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Mashi 25, 2018

Landelani Iqiniso Uma Seniliqonda

 Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu kuhloselwe ukuletha ushintsho esimweni senu; inhloso Yakhe ayikhona nje ukunenza niliqonde noma nilibone bese lokho kuba yisiphelo salo. Njengoba nikwazi ukwamukela, akufanele kube nzima kini ukuqonda izwi likaNkulunkulu, ngoba ingxenye enkulu yezwi likaNkulunkulu ilotshwe ngolimi lwabantu okulula kakhulu ukuluqonda. Isibonelo, niyazi ukuthi yini uNkulunkulu afuna niyiqonde futhi niyenze; lena yinto umuntu okwazi ukuqonda okufanele akwazi ukuyenza. Okushiwo uNkulunkulu manje kucace kakhulu futhi kukhanya bha, uNkulunkulu uphinde aveze okuningi abantu abangakaze bacabange ngakho noma izimo ezihlukahlukene zomuntu. Amazwi Akhe ayaqondakala, akhanya njengonyezi ogcwele. Ngakho-ke manje, abantu sebeqonda izinto eziningi; okubahlulayo ukwenza izwi Lakhe. Abantu kumele bazi lonke uhlobo lweqiniso, bahlaziye futhi bafune yonke imininingwane yalo, bangamane nje balinde ulwazi abanikwa lona; uma benza kanjalo bayophenduka okungaphezu kokhamisa ngithele. Bayalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa abalenzi. Uhlobo olunjena lomuntu alulithandi iqiniso, futhi ekugcineni luyobhujiswa. Ukuphila njengoPetru wama-90 kusho ukuthi umuntu ngamunye kini kufanele enze izwi likaNkulunkulu, abe nokungena kwangempela ezintweni enibhekana nazo, azuze ukukhanyiselwa okukhulu ekubambisaneni kwenu noNkulunkulu, alethe olunye usizo Lwakhe ezimpilweni zenu. Uma nilifunda kakhulu izwi likaNkulunkulu kodwa niqonda kuphela okubhalwe kulo, ningenalo ulwazi ngezwi likaNkulunkulu ekuphileni kwenu okungokoqobo, ngeke nilazi izwi likaNkulunkulu. Ngokwenu, izwi likaNkulunkulu alikhona ukuphila, kodwa liyimibhalo efile. Uma ugcina ngokubambelela emibhalweni efile, ngeke uyiqonde ingqikithi yezwi likaNkulunkulu, futhi ngeke uyiqonde intando Yakhe. Incazelo kamoya yezwi likaNkulunkulu kini iyocaca kuphela lapho niqaphela izwi Lakhe ezintweni enidlula kuzo, futhi incazelo kamoya ngamaqiniso amaningi ningayibamba kulezo zinto kuphela, futhi izinto enidlule kuzo ezinganikhanyisela izimfihlakalo zezwi likaNkulunkulu. Uma ningalenzi, akunandaba ukuthi izwi Lakhe licace kangakanani, okuwukuphela kwento eniyibambile nje izincwadi nezimfundiso eziyize leze, eseziphenduke imithetho yenkolo kini. Akuyona yini lena into eyenziwa abaFarisi? Uma nilenza futhi nilibona izwi likaNkulunkulu, liba yinto enokwenzeka kini; uma ningafuni ukulenza, kusho ukuthi izwi likaNkulunkulu kini lithi alifane nenganekwane yezulu lesithathu. Eqinisweni, inqubo yokukholelwa kuNkulunkulu iyinqubo yokubona izwi Lakhe kanye nokuzuzwa Nguye, noma uma sikucacisa, ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukulazi nokuliqonda izwi Lakhe, nokulibona futhi uphila ngalo izwi Lakhe; leso isimo esingokoqobo sokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Uma ukholelwa kuNkulunkulu futhi unethemba lokuphila phakade ngaphandle kokufuna ukwenza izwi likaNkulunkulu njengento okufanele nibe nayo ngaphakathi, kusho ukuthiniyiziwula; kufana nokuya la kudliwa khona uyobona nje ukuthi kudliwani ufike ungadli. Umuntu onjalo akasona yini isiwula?

 Iqiniso umuntu okufanele alazi litholakala ezwini likaNkulunkulu, iqiniso elizuzisayo futhi eliwusizo olukhulu esintwini. Liwumuthi nokudla okudingwa imizimba yenu, into enisizayo nibuyise ubuntu benu obujwayelekile, iqiniso okufanele nihlonyiswe ngalo. Uma nenza izwi likaNkulunkulu, ukuphila kwenu kuzoqhakaza nakakhulu; uma nenza izwi likaNkulunkulu, iqiniso licaca nakakhulu. Njengoba isimo senu sikhula, izinto zasezweni likamoya nizozibona ngokucacile, futhi nizoba namandla okunqoba uSathane. Amaqiniso amaningi eningawaqondi ayocaciswa lapho nenza izwi likaNkulunkulu. Abantu abaningi baneliswa nje ukumane baqonde okubhalwe ezwini likaNkulunkulu bagxile ekuzihlomiseni ngezimfundiso ngaphandle kokuqonda ukujula kwazo ngokuzenza; akuyona yini leyo indlela yabaFarisi? Inkulumo ethi “izwi likaNkulunkulu liwukuphila” ingaba kanjani yiqiniso kubo? Ukuphila komuntu kungaqhakaza kuphela lapho umuntu enza izwi likaNkulunkulu; ngeke kumane nje kukhuliswe ukuthi ufunda izwi Lakhe. Uma nikholelwa ukuthi ukuqonda izwi likaNkulunkulu kwanele ukuze umuntu aphile, abe nesimo, kusho ukuthi ukuqonda kwenu kuphambene. Ukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu kwenzeka lapho nenza iqiniso, futhi kumele niqonde ukuthi “iqiniso ningaliqonda kuphela ngokuthi nilenze.” Namuhla, ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, ungase uthi uyalazi izwi likaNkulunkulu, kodwa angeke uthi uyaliqonda. Abanye bathi okuwukuphela kwendlela yokwenza iqiniso, ukuliqonda kuqala, kodwa yingxenye yakho lokhu kuphela eyiqiniso akukhona konke okuyiqiniso. Ngaphambi kokuba wazi iqiniso, usuke ungakaze uliqaphele lelo qiniso. Ukucabanga ukuthi uyakuqonda okuzwayo akufani nokuyiqonda ngempela into. Ukwazi iqiniso njengoba libhaliwe akufani nokuqonda incazelo yalo yangempela. Ukuthi unolwazi olunzulu ngeqiniso akusho ukuthi uyaliqonda noma uyalibona; incazelo yangempela ngeqiniso ivela ngemva kokulibona. Yingakho ngithi iqiniso ungaliqonda kuphela ngemva kokudlula kulo, futhi uma usudlule eqinisweni ungaqonda nezingxenye zalo ezifihlekile. Ukuqonda iqiniso ngokujulile kuwukuphela kwendlela ongazi ngayo izinto ezihambisana neqiniso, nongaqonda ngayo ingqikithi yalo. Ngakho, ungaya nomaphi ngeqiniso, kodwa uma ungenalo iqiniso, ungalokothi uzame ukuqinisekisa abantu abakholwayo, ingasaphathwa eyomndeni wakho. Ngaphandle kweqiniso ufana noshibilika eqhweni, kodwa ngeqiniso ungajabula futhi ukhululeke, akekho ongakuhlasela. Akunandaba ukuthi imfundiso inamandla kangakanani, ngeke ilehlule iqiniso. Ngeqiniso, kungagudluzwa umhlaba nezintaba kanye nolwandle, kanti ukungabi neqiniso kuholela ekudliweni izibungu; leli iqiniso elilula.

 Okubalulekile manje ukuthi nazi iqiniso kuqala, bese niyalenza, nizihlomise ngencazelo yangempela yeqiniso. Kufanele kube yilowo umgomo wenu, kungamane nje kube ukuthi abanye balandele amazwi enu kodwa balandele izenzo zenu, futhi incazelo yangempela ningayithola lapho kuphela. Akunandaba ukuthi nehlelwa yini, akunandaba ukuthi uzithela phezu komuntu onjani, yiqiniso kuphela elinganenza nime niqine. Izwi likaNkulunkulu yileli eliletha ukuphila kumuntu, hhayi ukufa. Uma ungaphili ngemva kokufunda izwi likaNkulunkulu, lingakuvusi izwi Lakhe, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle kuwe. Uma ngemva kwesikhathi usulifunde kakhulu izwi likaNkulunkulu wezwa izintshumayelo eziningi ezingokoqobo, kodwa usesesimweni somuntu ofile, lokho kuwubufakazi bokuthi awulazisi iqiniso, futhi awulifuni iqiniso. Uma nifuna ngempela ukuzuza uNkulunkulu, beningeke nigxile ekutholeni izimfundiso ezinkulu, nikhuthaze abanye ngazo, kodwa benizogxila ekuboneni izwi likaNkulunkulu nasekwenzeni iqiniso; akufanele yini engabe niphezu kwalokho njengamanje?

 Asisiningi isikhathi uNkulunkulu azokwenza umsebenzi Wakhe ngaso kini, kodwa ungaba yini umphumela uma ningabambisani Naye? Kungani uNkulunkulu ehlale efuna nenze izwi Lakhe uma seniliqonda? Kungoba uNkulunkulu unembulele amazwi Akhe, isinyathelo senu esilandelayo ukuwenza, futhi uNkulunkulu uyokwenza umsebenzi wokunikhanyisela, aniqondise njengoba nenza la mazwi. Kunjalo nje. Izwi likaNkulunkulu lihloselwe ukwenza umuntu aqhakaze ekuphileni ngaphandle kokuphambuka noma ukugxeka. Nithi senilifundile izwi likaNkulunkulu nalenza, kodwa awukho umsebenzi kaMoya Oyingcwele eniwemukele—enikushoyo kungakhohlisa ingane kuphela. Umuntu akazi ukuthi izinhloso zenu zifanele yini, kodwa nicabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke azi? Kwenzeka kanjani ukuthi abanye benze izwi likaNkulunkulu, bamukele ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele, kodwa ngandlela thize nina nenza izwi Lakhe kodwa anikutholi ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele? Ingabe uNkulunkulu uthatha ngomuzwa? Uma izinhloso zenu zizinhle ngempela futhi nibambisana, uMoya kaNkulunkulu uzoba nani. Kungani abanye abantu behlale befuna ukuba phambili, kodwa uNkulunkulu engabavumeli baphakame bahole ibandla? Kungani abanye abafeza umsebenzi wabo, kodwa bengaboni bazuze ukwamukelwa uNkulunkulu? Kungenzeka kanjani lokho? UNkulunkulu uhlola inhliziyo, abantu abafuna iqiniso kumele benze kanjalo ngezinhloso ezinhle—abantu abangenazo izinhloso ezinhle ngeke bakwazi ukuma. Eqinisweni, umgomo wenu ukuvumela izwi likaNkulunkulu lisebenze kini. Ngamanye amazwi, kuwukuliqonda ngempela izwi likaNkulunkulu lapho ulenza. Mhlawumbe ikhono lakho lokwamukela izwi likaNkulunkulu alibukhali, kodwa uma wenza izwi likaNkulunkulu, uNkulunkulu angandisa umzila wokwamukela kulelo khono lakho elintulayo, ngakho akumele nje wazi amaqiniso amaningi, kodwa kumele futhi uwenze. Lena indaba enkulu engenakushalazelwa. UJesu wahlupheka kakhulu lapho eneminyaka engama-33½ ngoba wayenza iqiniso. Kungani imibhalo ihlale ithi washushiswa? Kungenxa yokuthi isuke ifuna ukuchaza ukuthi wahlupheka kakhulu ngenxa yokuthi ulandela iqiniso futhi wafeza intando kaNkulunkulu. Wayengeke ahlupheke kanjalo ukube walazi iqiniso kodwa wangalenza. Ukube uJesu walandela ayekufundiswa amaJuda, walandela abaFarisi, wayengeke ahlupheke. Ungafunda ezintweni ezenziwa uJesu ukuthi ukuphumelela komsebenzi kaNkulunkulu kungenxa yokubambisana kwakhe Naye, lena into okumele niyazi. Ingabe uJesu wayezohlupheka ngendlela ahlupheka ngayo esiphambanweni ukube akalenzanga iqiniso? Ingabe wayezowuthandaza umthandazo onjalo onomunyu ukube akenzanga ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu? Lokhu-ke kusho ukuthi lolu uhlobo lokuhlupheka umuntu okufanele akubekezelele.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana