Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Mashi 23, 2018

Mayelana Nokuphila Komoya Okujwayelekile

Ikholwa kumele libe nokuphila komoya okujwayelekile—lesi isisekelo sokwazi amazwi kaNkulunkulu nokuba ngokoqobo. Okwamanje, ingabe yonke imithandazo, ukusondelana noNkulunkulu, ukuhlabelela, ukudumisa, ukuzindla, nokuzama ukuqonda amazwi kaNkulunkulu eniwenzayo kuhlangabezana namazinga okuphila komoya okujwayelekile? Akekho kini okumcacela kahle lokhu. Ukuphila komoya okujwayelekile akupheleli emthandazweni, ekuhlabeleleni, empilweni yesonto, ekudleni nasekuphuzeni amazwi kaNkulunkulu, neminye yaleyo mikhuba, kodwa kusho ukuphila impilo yomoya entsha nephilile. Akukho mayelana nendlela, kodwa ngomphumela. Abantu abaningi bacabanga ukuthi ukuze umuntu abe nokuphila komoya okujwayelekile kumele athandaze, ahlabelele, adle futhi aphuze amazwi kaNkulunkulu, noma azame ukuqonda amazwi kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi kunayiphi imiphumela, noma ukuthi kunokuqonda kweqiniso, laba bantu bamane bagxile emnyakazweni wangaphandle, abagxilile emiphumeleni—bangabantu abaphila ngamasiko enkolo, ababona abantu abaphila ngaphakathi esontweni, ingasaphathwa eyokuthi babe ngabantu bombuso. Imithandazo yalolu hlobo lomuntu, ukucula, nokudla kanye nokuphuza kwakhe amazwi kaNkulunkulu konke kunamathela emithethweni, babophekile kuyo, futhi sebekhathele ukuhambisana nayo; abayenzi ngoba bethanda noma abayenzi ngokusuka enhliziyweni. Akunandaba ukuthi la bantu bathandaza futhi bacule kangakanani, ngeke ibe khona nhlobo imiphumela, ngoba okuwukuphela kwento abayenzayo imithetho namasiko enkolo, abalenzi izwi likaNkulunkulu. Ngokugxila endleleni kuphela, nokuthatha amazwi kaNkulunkulu njengemithetho yokugcinwa, lolu hlobo lomuntu alulenzi izwi likaNkulunkulu, kodwa lujabulisa inyama, futhi lwenza izinto ngoba lubukisa kwabanye. Lolu hlobo lwesiko lenkolo nomthetho luvela kumuntu, hhayi kuNkulunkulu. UNkulunkulu akayigcini imithetho, akanamatheli kunoma iyiphi imithetho; wenza izinto ezintsha usuku nosuku futhi wenza umsebenzi ongokoqobo. Njengabantu abaseSontweni Elinabantu Abathathu abenza kuphela umlindelo wasekuseni, imikhuleko yakusihlwa, ababongayo ngaphambi kokudla, ababonga ngayo yonke into, nezinye izinto ezinjalo, akunandaba ukuthi kungakanani okwenziwa yila bantu, noma bakwenza kangakanani, ngeke babe nawo umsebenzi woMoya Oyingcwele. Uma abantu bephila kule mithetho, izinhliziyo zabo zigxile ekwenzeni, kusho ukuthi uMoya Oyingcwele awusakwazi ukusebenza, ngoba izinhliziyo zabantu zithathwe imithetho, zithathwe imibono yabantu; ngakho uNkulunkulu akasenayo indlela yokusebenza; abantu bayohlale belawulwa umthetho, futhi lolu hlobo lomuntu alusobe lwadunyiswa uNkulunkulu.

Ukuphila komoya okujwayelekile kuwukuphila phambi kukaNkulunkulu. Lapho ethandaza, umuntu angayithulisa inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi ngomthandazo, umuntu angafuna ukukhanyiselwa uMoya Oyingcwele, azi amazwi kaNkulunkulu futhi angaqonda intando kaNkulunkulu. Lapho edla futhi ephuza amazwi kaNkulunkulu umuntu angacacelwa futhi akuqonde kakhudlwana lokho uNkulunkulu afuna ukukwenza njengamanje, futhi angaba nendlela entsha yokwenza ngeke abe nenkani, ngoba zonke izenzo zomuntu zibe nenhloso eyinqubekela-phambili. Ngokwesibonelo, umthandazo womuntu awuhloselwe ukusho amazwi amnandi, noma ukuklabalasa phambi kukaNkulunkulu ukuze umuntu aveze ukudabuka, kodwa owokwenza umuntu abe nomoya owodwa, athulise inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, afune isiqondiso samazwi kaNkulunkulu kuzo zonke izinto, ukwenza inhliziyo yomuntu ibe sekukhanyeni usuku nosuku, ingabi ebukelayo noma evilaphayo, nokungena emgudwini ofanele wokwenza amazwi kaNkulunkulu. Okwamanje, abantu abaningi bagxile ezindleleni, abafuni ukulwela iqiniso ukuze babe nenqubekela-phambili ekuphileni; yilapho abantu bephambuka khona. Kuphinde kube nabanye futhi abantu, okuthi ngisho noma bekwazi ukwamukela ukukhanya okusha, izindlela zabo azishintshi; bashintshanisa izimfundiso zenkolo ezedlule ukuze bamukele izwi likaNkulunkulu namuhla, futhi abakungenisayo kuseyimfundiso eneminonjana yenkolo kuyo, abangenisi ukukhanya okumsulwa kwanamuhla. Ngakho, abakwenzayo akuhlanzekile—benza okufanayo ngegama elisha, akunandaba ukuthi abakwenzayo kuhle kanjani, kusewubuzenzisi. UNkulunkulu uqondisa abantu ukuba benze izinto ezintsha njalo, futhi udinga abantu ukuba babe nemibono emisha nokuqonda okusha nsuku zonke, futhi bangaphili isidala noma bangashintshi. Uma ubukholelwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa izindlela zakho zingakashintshi nhlobo, uma usengovuthayo futhi umatasa ngaphandle, ungezi phambi kukaNkulunkulu ukuze ujabulele amazwi Akhe ngenhliziyo ezolile, kusho ukuthi ngeke uzuze lutho. Lapho wamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, uma ungalakhi icebo elisha, uma ungayenzi ngendlela entsha, uma ungakufuni ukuqonda okusha, kodwa ubambelela ezintweni ezindala ezedlule uthole ukukhanya okusha okusesilinganisweni ngaphandle kokushintsha ukwenza, kusho ukuthi nakuba isiqu salolu hlobo lomuntu sikulo mthombo, eqinisweni bangabaFarisi benkolo abangaphandle komthombo kaMoya Oyingcwele.

Uma ufuna ukuphila ngendlela ejwayelekile yokuphila komoya, kudingeka wamukele ukukhanya okusha usuku nosuku, ufune ukuwaqonda ngempela amazwi kaNkulunkulu, futhi uliqonde iqiniso. Kufanele ube nendlela yokwenza yonke into, ngokuwafunda njalo amazwi kaNkulunkulu, ungaba nemibuzo emisha ubone namaphutha akho. Lokhu kuyobe sekuveza inhliziyo eyomile futhi efunayo, okuyokhuthaza sonke isiqu sakho, ukwazi ukuba nokuthula phambi kukaNkulunkulu nganoma isiphi isikhathi, wesabe kakhulu ukusalela emumva. Uma umuntu engaba nale nhliziyo eyomile futhi efunayo, futhi ezimisele ukulokhu engena kuyo, kusho ukuthi usemgudwini ofanele wokuphila komoya. Bonke labo abangamukela ukukhuthazwa uMoya Oyingcwele, abafuna ukuya phambili, abazimisele ukufuna ukupheleliswa uNkulunkulu, labo abafuna ukuwaqonda ngokujulile amazwi kaNkulunkulu, futhi abangafuni izinto ezingaphezu kwemvelo kodwa abakhokha inani elingokoqobo, abayicabangelayo intando kaNkulunkulu, bangene ngokoqobo, benze isipiliyoni sabo sibe yiqiniso futhi sibe nengqondo, abangafuni amazwi ayize emfundiso, futhi abangafuni umuzwa ongaphezu kwamandla emvelo, abangakhonzi muntu omkhulu—lolu hlobo lomuntu lungene ekuphileni okujwayelekile komoya. Konke abakwenzayo kuhloselwe ukubayisa phambili ekuphileni, ukugcina umphefumulo wabo, futhi ungabi noshintsho, nokungena kahle njalo. Ngokwesibonelo, lapho bethandaza ngaphambi kokudla, abaphoqelekile ukwenza kanjalo, kodwa kunalokho, bathulisa inhliziyo yabo phambi kukaNkulunkulu, babonge uNkulunkulu enhliziyweni yabo, bazimisele ukuphilela uNkulunkulu, ukubeka isikhathi sabo ezandleni zikaNkulunkulu, futhi bazimisele ukubambisana noNkulunkulu, basebenzele uNkulunkulu. Uma izinhliziyo zabo zingeke zithule phambi kukaNkulunkulu, bangancamela ukungadli kodwa baqhubeke benza; lokhu akukhona ukunamathela emithethweni, kodwa kuwukwenza izwi likaNkulunkulu. Abanye, lapho bethandaza phambi kukaNkulunkulu, bese benza izinto zokubukisa ngamabomu, okungabenza babonakale njengamakholwa amakhulu, kodwa izingqondo zabo ziyadungaza: “Kungani kufanele ngenze lokhu? Izinto azilungi yini ngaphandle komthandazo? Izinto zizofana ngisho ngingathandaza, ngizihluphelani?” Lolu hlobo lomuntu lunamathela emithethweni, futhi nakuba amazwi alabo bantu ethi azimisele ukwanelisa uNkulunkulu, inhliziyo yabo ayikho phambi kukaNkulunkulu. Abathandazi ngale ndlela ukuze bathulise izinhliziyo zabo phambi kukaNkulunkulu, kodwa bakwenzela ukukhohlisa nokubukisa kwabanye. Lolu hlobo lwabantu luzenzisa ngempela, njengomfundisi wesonto onxusela abanye kuphela kodwa yena engeke angene; lolu hlobo lomuntu luyisikhulu sesonto, ngazo zonke izindlela! Njalo uNkulunkulu usho okusha, wenza okusha, kodwa uhlale unamathela emithethweni, uzama ukuphamba uNkulunkulu, usebenza Naye ngokunganaki, ngakho awuyena yini umuntu ongcolisa uNkulunkulu? Ungazithola yini izibusiso unamathele emithethweni engcolisa uNkulunkulu? Ngeke yini uNkulunkulu akujezise?

Umsebenzi ukhula kakhulu ngokushesha, uxosha abaphathi bezenkolo ezinkolweni nasemahlelweni ahlukahlukene nosaziwayo ababukela kude inkonzo, kude kakhulu, bese usabalalisa emimoyeni emine labo chwepheshe abaphakathi kwenu abathanda ngokukhethekile ukunamathela emithethweni. Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi, awunciki ndawo futhi awuhuduli izinyawo. Awudonsi noma uhudule umuntu ngenkani; uma ungahambisani nawo uzosala, akunandaba ukuthi ulandele iminyaka emingakanani. Akunandaba ukuthi uyisotsha elizinikele kangakanani, uma unamathela emithethweni, kumele ulahlwe. Ngeluleka lolu hlobo lwabantu ukuba lube nolwazi, luzihlehlele lona, lungabambeleli kokudala; lwenze abanye benze izwi likaNkulunkulu ngokuvumelana nemiyalelo yalo—akukhona yini lokhu ukuzama ukunqoba izinhliziyo zabantu? Enikwenzayo ukunamathela emithethweni, nokufundisa abantu ukwenza inkonzo yesonto. Nihlale nenza abantu benze ngokwezifiso zenu, lokhu akubangi yini uqhekeko? Akulihlukanisi yini isonto? Nisithathaphi isibindi sokuthi niyacabanga ngentando kaNkulunkulu? Kufanele yini ukuthi nithi lokhu okokuphelelisa abanye? Uma niqhubekholeli yini abantu emasikweni enkolo? Uma umuntu enokuphila komoya okujwayelekile, uma ehlale ethola inkululeko emoyeni wakhe, angawenza ngokukhululekile amazwi kaNkulunkulu ukuze amenelise, ngisho noma ethandaza, akahambi nje emigudwini ethile noma alandele inqubo, uyakwazi ukuhlale ehambisana nokukhanya okusha. Ngokwesibonelo: Lapho ezijwayeza ukuthulisa inhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, angayithulisa ngempela izinhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi akekho ongamphazamisa, futhi akunamuntu, noma utho olungaphazamisa ukuphila kwabo komoya. Lolu hlobo lokwenza luhloselwe ukuthola umphumela, hhayi nje ukunika abantu imithetho abazonamathela kuyo. Lolu hlobo lomuntu alunamatheli emithethweni, kodwa luba nenqubekela phambili ekuphileni. Uma ugcina imithetho kuphela, ukuphila kwakho ngeke kushintshe; nakuba abanye bangase benze ngale ndlela, njengani, ekugcineni, abanye bangakwazi ukuhambisana nomsebenzi woMoya Oyingcwele, nakuba niyokhishwa emthonjeni woMoya Oyingcwele. Ngakho anizikhohlisi yini? Inhloso yala mazwi ukuvumela abantu bathulise izinhliziyo zabo phambi kukaNkulunkulu babuyele kuNkulunkulu, ukuvumela umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe ngaphandle kokunqamuka kubantu, futhi ube nemiphumela.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana