Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Ephreli 18, 2018

Isenzo (2)

 Ezikhathini ezedlule, abantu babeziqeqeshela “ukuba noNkulunkulu baphile phakathi komoya ngaso sonke isikhathi” okuwukuthi, uma kuqhathaniswa nalokhu okwenziwa namuhla, kube ukuqeqesha okulula kukamoya. Ukwenza okunje kuza ngaphambi kokuba abantu bangene endleleni efanele yempilo, kanti yindlela engajulile nelula kakhulu kuzo zonke izindlela ezisetshenziswayo. Kwakwenzeka ezigabeni zokuqala zenkolelo yabantu kuNkulunkulu. Uma abantu baphila njalo ngokwenza lokhu, bazoba nemizwa eminingi, futhi angeke bakwazi ukungena olwazini olujulile noluyiqiniso. Bazokwazi nje ukuqeqesha imimoya yabo, begcina izinhliziyo zabo zikwazi ukusondela kuNkulunkulu ngokujwayelekile bahlale njalo benentokozo enkulu yokuba noNkulunkulu. Bazokhawula emhlabeni omncane wokuba ndawonye noNkulunkulu, bangakwazi ukubamba lokho okusekujuleni okukhulu. Abantu abahlala phakathi kwale mingcele kuphela abakwazi ukuba nempumelelo enkulu. Noma ngasiphi isikhathi, kunokwenzeka ukuba bakhale, “Wewu! Nkosi Jesu. Ameni!” Uma bedla, bamemeza bathi, “O Nkulunkulu! “Ngiyadla, Nawe uyadla…” Futhi kunje cishe nsuku zonke. Lokhu kwakwenziwa ngezikhathi ezedlule, ukwenza kokuhlala emoyeni ngaso sonke isikhathi. Ngabe akuyona inhlamba? Namuhla, uma kuyisikhathi sokuzindla ngamazwi kaNkulunkulu, nifanele ukuzindla ngawo, uma sekuyisikhathi sokusebenzisa iqiniso, nifanele ukulisebenzisa, nanoma sekuyisikhathi sokwenza umsebenzi wenu, nifanele ukuwenza. Ukwenza ngale ndlela kukhululekile, kuyakukhulula. Akufani nokuthi amadoda amadala enkolo athandaza futhi athatha kanjani umusa. Ngempela, ngaphambili, le ndlela bekuyiyona abantu abakholelwa kuNkulunkulu ababefanele ukwenza ngayo—kodwa ukuhlala wenza ngale ndlela isidala leso. Okwakwenziwa kudala isisekelo sokwenziwa namuhla. Uma ngabe bekunendlela yokwenza njengoba kwakwenziwa kudala, ukwenza kwanamuhla bekuzoba lula kakhulu. Manje-ke, namuhla, uma kukhulunywa “ngokuletha uNkulunkulu ekuphileni kweqiniso,” kukhulunywa ngasiphi isibonakaliso sokwenza? “Impilo yeqiniso” okokuqala idinga ukuthi abantu babe nobuntu obujwayelekile; abantu okufanele babe nakho yilokho uNkulunkulu akucelayo kubo namuhla. Ukuletha amazwi kaNkulunkulu ekuphileni kweqiniso ukucacisa ngempela lokhu “ukuletha uNkulunkulu ekuphileni kweqiniso.” Namuhla, abantu kufanele bazihlomise kuqala ngalokhu okulandelayo: Ngendaba eyodwa, kufanele benze ngcono ubukhulu bezingqondo zabo, bafunde, bandise ulwazimagama lwabo, bathuthukise namakhono abo okufunda, futhi kokunye kufanele baphile impilo yabantu abajwayelekile. Nisanda kubuya kuNkulunkulu nibuya ezweni, manje nifanele niqale ngokulolonga umoya wenu, nilolonge inhliziyo yenu ukuthi ibe nokuthula noNkulunkulu. Lokhu yikhona okuyisisekelo esikhulu, futhi isinyathelo sokuqala sokuthola uguquko. Abanye abantu bayafanelisela ekwenzeni kwabo; bazindla ngeqiniso besageza izingubo zabo, becabanga ngamaqiniso okufanele bawaqonde nezimiso okufanele bazilandele ngokweqiniso. Kwenye indaba, nifanele nibe nempilo yabantu ejwayelekile, kwenye kufanele kube nokungena eqinisweni.Lokhu ukwenza okuhle kakhulu kwempilo yeqiniso.

 Kudala, abantu babethwele ubunzima obukhulu, kodwa eqinisweni obunye babo bebungadingeki, ngoba ezinye zezinto yilezo ebezingafanele ukwenziwa abantu. Uma beletha uNkulunkulu ezimpilweni zabo zeqiniso, uNkulunkulu okokuqala udinga ukuthi abantu badumise uNkulunkulu, balandele ukwazi uNkulunkulu, futhi benze umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu phakathi kobuntu obujwayelekile. Akudingeki ukuba bakhuleke kuNkulunkulu uma beqala nje ukushanela phansi, bazizwe benecala uma bengakhuleki. Ukwenza kwanamuhla akunjalo; kukhululekile futhi kulula! Abantu abacelwa ukuhlala ezimfundisweni. Omunye nomunye kufanele enze ngokwesimo sakhe: Uma umyeni wakho engakholwa, mphathe njengongakholwa, kanti uma ekholwa, mphathe njengokholwayo. Ungagxili othandweni nasekubekezeleni, kodwa kubuhlakani. Abanye abantu bayahamba bayothenga imifino, uma behamba njalo bayasola: Nkulunkulu! Ngabe uvumela ukuthi ngithenge muphi umfino namuhla? Ngicela usizo Lwakho. Ngabe kufanele ngikhethe uma ngithenga? Bese beyacabanga: Angizukukhetha; uNkulunkulu ucela ukuba ngimdumise, ukuthi ngidumise igama Lakhe kuzo zonke izinto, nokuthi bonke abantu babe nobufakazi, manje uma ngabe umthengisi enginikeza okuthize okudala okomile, ngizoqhubeka ngibonge uNkulunkulu—ngizobekezela! Thina abakholelwa kuNkulunkulu asiyikhethi imifino esiyithengayo. Nicabanga ukuthi ukwenza lokhu kuletha ubufakazi kuNkulunkulu, bese ngemuva kokuchitha i-yuan elilodwa nithenga imfino esikhuntile emdala, nisakhuleka nithi: Nkulunkulu! Ngizoqhubeka ngidle le mfino ebolile—inkani nje ungamukela, ngizodla. Ngabe lokhu kwenza akuhlekisi? Akukona ukulandela imfundiso? Ngaphambili, abantu babeqeqesha imimoya yabo bahlale emoyeni ngaso sonke isikhathi, futhi lokhu kuhambelana nomsebenzi owenziwe eNkathini Yomusa. Ubumnene, ukuzithoba, uthando, ukubekezela, ukubonga zonke izinto—lokhu yikona okwakufanele bonke abakholwayo eNkathini Yomusa. Ngaleso sikhathi, abantu babekhuleka kuNkulunkulu kuzo zonke izinto; babekhuleka uma bethenge izingubo, nanoma betshelwa ngenhlangano, bebekhuleka bethi: Nkulunkulu! Ngabe uyangivumela ukuba ngiye noma cha? Uma ungivumela ngiye, ngakho ngilungisele indlela ehlelekile, yenza ukuthi konke kuhambe kahle. Kanti uma ungangivumeli ukuba ngihambe, ngicela ungenze ukuba ngiwele phansi. Njengoba bebekhuleka, bebencenga uNkulunkulu. Ngemuva kokukhuleka bebezizwa bengakhululekile, bese bengayi. Bekukhona nodade labo ababesaba ngenxa yokwesaba ukushaywa abayeni babo abangakholwa uma sebebuya, ababezizwa bengakhululekile uma bekhuleka—ngenxa yokuzizwa bengakhululekile, abazange baye enhlanganweni. Bebekholelwa ukuthi lokhu bekuyintando kaNkulunkulu, uma ngokweqiniso, uma ngabe bebeyile, bekungenzeke lutho. Umphumela bekungukuthi badlulwe inhlangano. Konke lokhu kwakubangwa ukungazi kwabantu. Abantu abenza ngale ndlela baphila ngokwemizwa yabo. Le ndlela yokwenza iyiphutha futhi iyahlekisa, ayiqukethe lutho ngaphandle kokufiphala, futhi igcwele imizwa nemicabango yabo kakhulu. Uma nitshelwa ngenhlangano, hambani, kanti uma ningatshelwanga, ningayi, uma nitshelwa ngayo, asikho isidingo sokukhuleka kuNkulunkulu. Ngabe akulula lokhu? Uma, namuhla nidinga ukuthenga ingubo ethize, hambani phela niyoyithenga. Ningakhuleki kuNkulunkulu uthi: Nkulunkulu! Namuhla ngifanele ukuthenga ingubo ethize, ngabe uyangivumela noma cha? Ngabe ngifanele ukuthenga yiphi inhlobo yengubo yokugqoka? Uma ngabe omunye wodade kungenzeka afike ngisahambile? Ulokhu ukhuleka futhi uzindla, uzitshela ukuthi: “Angifuni ukuya namuhla, udade othize angafika.” Kepha umphumela ukuthi, ntambama, uzothola ukuthi akekho ofikile, futhi uphuthelwe okuningi. Ngisho naseNkathini yoMusa, le ndlela yokwenza yayinephutha futhi ingalungile. Ngalokho-ke, uma ngabe abantu benza njengasezikhathini ezedlule, angeke kube nezinguquko ezimpilweni zabo. Bazozithoba nje, banganaki ubandlululo, futhi abazukwenza lutho kodwa balalele babuye babekezele ngokumpumpuzela. Ngaleso sikhathi, abantu babegxile ekudumiseni uNkulunkulu—kepha uNkulunkulu akazuzanga dumo kubona, ngoba abazange baphile lutho, futhi abaguqukanga. Bavele bazithobisa bazikhawulisa ngokwemiqondo yabo, kanti neminyaka eminingi yokwenza ayilethanga nguquko ezimpilweni zabo; bebazi kuphela ukubekezela, ukuzithoba, ukuthanda nokuxolela, bengekho nakanci ekukhanyiselweni nguMoya Ongcwele. Bangamazi kanjani uNkulunkulu?

 Abantu bazongena kuphela endleleni elungile yokukholelwa kuNkulunkulu uma beletha uNkulunkulu ezimpilweni zabo zeqiniso, nasezimpilweni zabo zobuntu ezijwayelekile.Namuhla, amazwi kaNkulunkulu ayanihola, kanti asikho isidingo sokufuna njengasezikhathini ezedlule. Uma ningenza ngokwalawa mazwi, futhi nizihlole nizilinganise ngokwezimo lezo enginibalele zona, ngalokho nizokwazi ukuguquka. Lokhu akuyona imfundiso, kodwa yilokho uNkulunkulu akucelayo kubantu. Namuhla, nginitshela okubaluleke kakhulu: Nakani ngokwenza ngokwamazwi Ami kuphela. Izidingo Zami kinina zingokwezidingo zabantu abajwayelekile, futhi bese nginitshelile lokho; uma nigxila kahle ekwenzeni ngale ndlela, nizokwazi ukulandela inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla isikhathi sokuphila emazwini kaNkulunkulu: Amazwi kaNkulunkulu asechaze konke, asecacise konke, futhi uma nje uqhubeka uphila ngamazwi kaNkulunkulu, uzophila impilo ekhululeke ngempela nengenamingcele. Ngaphambili, ngenkathi niletha uNkulunkulu ezimpilweni zenu zeqiniso, nibe nezimfundiso nemicimbi eminingi, nikhuleke kuNkulunkulu nangezinto ezincanyana, nibeke amazwi acacile ohlangothini olulodwa, ningawafundi, nanikela yonke imizamo yenu ekufuneni—ngomphumela ongazange ube nezithelo. Ake nithathe lokhu ebenikugqoka, njengesibonelo: Uma benikhuleka, nalubeka ezandleni zikaNkulunkulu lolu daba, nicela uNkulunkulu anihlungele okuthize okufanele ukugqokwa yinina. UNkulunkulu uwezwile lawa mazwi wathi: “Nicela ukuba nginake le mininingwane engasho lutho? Buyephi ubuntu obujwayelekile nobunobuhlakani enginidalele bona?” Kwesinye isikhathi, omunye uzokwenza iphutha ezenzweni zakhe, futhi uzokholelwa ukuthi ukhube uNkulunkulu, bese eqala eba nomthwalo. Izimo zabanye abantu zinhle kakhulu, kodwa uma benza into encane ngendlela engalungile bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyabasola. Eqinisweni, akuwona umsebenzi kaNkulunkulu lo, kodwa owezingqondo zabantu. Kwesinye isikhathi, akukho okubi ngokuthi nizibona kanjani izinto kodwa abanye bathi aniziboni kahle, ngalokho bese niyathiyeka—niba ngabaphikisayo, nifiphale ngaphakathi. Kaningi, uma abantu bethule ngale ndlela, bakholelwa ukuthi bajeziswa nguNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu uthi: “Angiwenzi umsebenzi wokusola kinina, ningangibeka kanjani icala ngalokhu?” Abantu bangabaphikisa kakhulu. Futhi bavamise ukuba nozwela olukhulu futhi bahlale bekhononda ngoNkulunkulu. UNkulunkulu akafuni ukuthi nihlupheke, kodwa nivumela ukuba kuleso simo. Akusizi ukuhluphekela izinto ezinjalo. Ngoba abantu abawazi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ezintweni eziningi abanalo ulwazi, futhi abakwazi ukubona kahle. Ezikhathini ezinjalo, bayathiyeka emicabangweni yabo, bengenela phakathi engxakini. Abanye abantu bathi zonke izinto nezindaba zisezandleni zikaNkulunkulu—manje uNkulunkulu angeke azi uma abantu bengabaphikisayo? Ngempela uNkulunkulu uyazi. Uma nithiywe emiqondweni yabantu, uMoya Ongcwele awunandlela yokusebenza kini. Ezikhathini eziningi, abanye abantu bayabambeka esimweni esibi, kodwa ngilokhu ngiyaqhubeka ngomsebenzi Wami. Noma ngabe niyaphikisa noma nibhekana nesimo ngaphambi kokwenzeka, angivinjelwa yinina—kodwa nifanele ukwazi ukuthi amazwi amaningi engiwakhulumayo, nomsebenzi omkhulu engiwenzayo, uza umkhulu ushesha ngokwezimo zabantu. Uma niphikisa, lokhu akuwuvimbeli umsebenzi kaMoya Ongcwele. Ngezikhathi zokusolwa nokufa, bonke abantu bebebambeke esimweni esibi, kodwa lokhu akuwumisanga umsebenzi Wami; ngesikhathi niphikisa, uMoya Ongcwele uqhubekile wenza lokho obekudingeka ukwenziwa kwabanye. Ningahlala nimi ndawonye inyanga yonke, kodwa ngiyaqhubeka ngisebenze—noma ngabe yini eniyenzayo esikhathini esizayo noma esikhathini samanje, angeke imise umsebenzi kaMoya Ongcwele. Ezinye izimo eziphikisayo zivela ebuthakathakeni babantu; uma abantu bengakwazi ngempela ukwenza okuthile noma ukukubamba, baba abaphikisayo. Isibonelo, ngesikhathi sokusola, amazwi kaNkulunkulu akhuluma ngoNkulunkulu othandayo ukufikela ezingeni elithile ngesikhathi sokusola—kodwa wena ukholwe ukuthi awunawo amakhono. Kulesi simo abantu bazizwe benosizi kakhulu futhi bekhala, bazizwe benosizi ngokuthi inyama yabo yoniwe kakhulu nguSathane nokuthi ubukhulu bezingqondo zabo bebuntula kakhulu, bezwe kuwusizi kangakanani ukuthi bazalwe kule ndawo. Abanye abantu bezwe ukuthi sekusemuva kakhulu ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, nokuthi abafanele ukupheleliswa. Zonke lezi zimo zijwayelekile.

 Inyama yomuntu ekaSathane, igcwele isimilo esingalaleli, ingcole ngokudabukisayo, iyinto engcolile. Abantu bathanda intokozo yenyama kakhulu, kuningi kakhulu ukubonakaliswa kwenyama, ngakho uNkulunkulu wenyanya inyama ukufikela ezingeni elithile. Uma abantu beshiya ukungcola, izinto ezikhohlakele zikaSathane, bazuza insindiso kaNkulunkulu. Kodwa uma behlala bengakwazi ukuzihlukanisa nokungcola nenkohlakalo, bazoba ngaphansi kombuso kaSathane ke. Ukusitheza amehlo kwabantu, inkohliso nobukhwembe yizinto zikaSathane; ngokunisindisa, uNkulunkulu unihlukanisa nalezi zinto futhi umsebenzi kaNkulunkulu angeke ungalungi, futhi konke kulungele ukusindisa abantu ebumnyameni. Uma nike nakholwa ukufikela ezingeni elithile futhi nizihlukanise nenkohlakalo yenyama, ningasasindwa yile nkohlakalo, beningesindiswe? Uma niphila ngaphansi kombuso kaSathane anikwazi ukubonakalisa uNkulunkulu, niyinto engcolile, futhi anisoze nathola ifa likaNkulunkulu. Uma senihlanziwe napheleliswa, nizoba ngcwele, futhi nizojwayeleka, nibusiswe uNkulunkulu nithokoziswe nguNkulunkulu. Umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu namuhla insindiso, futhi, ngaphezu kwalokho, ukwahlulela, ukusola nokuqalekisa. Unezibonakaliso eziningi. Ngabe amanye amazwi kaNkulunkulu akawona okwahlulela nokusola, nokuqalekisa futhi? Ngikhuluma ukuze ngizuze umphumela, ukwenza abantu bazazi hhayi ukubabulala; inhliziyo Yami ikini. Ukukhuluma enye yezindlela engisebenza ngazo, ngisebenzisa amazwi ukuveza isimilo sikaNkulunkulu, nokunivumela ukuqonda intando kaNkulunkulu. Inyama yenu ingafa, kodwa ninomoya nomphefumulo. Uma ngabe abantu bebenenyama kuphela, bekungebekhona mqondo ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, noma kube nomqondo kuwo wonke lo msebenzi engiwenzile. Namuhla, ngikhuluma ngento eyodwa bese kuba nenye, emzuzwini owodwa ngizonda abantu kakhulu, kolandelayo ngithanda kakhulu; lokhu ngikwenzela ukuguqula izimilo zenu, nokuguqula imiqondo yenu.

 Izinsuku zokugcina sezifikile, kanti amazwe emhlabeni wonke asesiphithiphithini, kunokwehlukana kwezepolitiki, izindlala, izifo, izikhukhula nezomiso kuvela ndawo zonke, kunembedumehlwana emhlabeni wabantu, namazulu ehlise inhlekelele. Lezi yizimpawu zezinsuku zokugcina. Kepha kubantu, kubukeka sengathi umhlaba wenjabulo nobukhazikhazi, lowo okhula njalo kakhulu. Uma abantu bebheka umhlaba, izinhliziyo zabo zidonsekela kuwo, futhi abaningi abakwazi ukuzehlukanisa nawo; abaningi bazokhohliswa yilabo abazibandakanya nobuqili nobuthakathi. Uma ningaphokopheleli inqubekela phambili, futhi ningenamibono, nizothathwa yileli gagasi lesono. IShayina yizwe elisesemuva kakhulu kunawo wonke amazwe, yindawo lapho udrako omkhulu obomvu ehlala ezigoqe khona, inabantu abaningi abakhonza izithixo nabathakathayo, amathempeli amaningi, futhi yindawo lapho amadimoni angcolile ahlala khona. Nizalelwe kuwo, nijabulela imihlomulo yawo, futhi nikhohlakaliswe nahlushwa yiwo, kepha ngemva kokuzihlola niyawufulathela bese nizuzwa uNkulunkulu ngokuphelele. Lokhu yinkazimulo kaNkulunkulu, ngakho lesi sigaba somsebenzi sibaluleke kakhulu. UNkulunkulu wenze umsebenzi onesisindo esikhulu, wakhuluma amazwi amaningi kakhulu, uzogcina esenizuze ngokuphelele—le yingxenye yomsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu, futhi “kungokuhle okutholwa ngabanqobi” bempi kaSathane. Ubungcono balaba bantu nokuqina kwempilo yebandla, kukhulisa amathuba okunqotshwa kukadrako omkhulu obomvu. Lezi yizindaba zomhlaba womoya, yizimpi zomhlaba womoya, bese ngesikhathi uNkulunkulu enqoba, uSathane uzohlazeka awele phansi. Lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu sibaluleke kakhulu. Umsebenzi osezingeni eliphezulu kangaka usindisa ngokuphelele leli qembu labantu; niyaphunyuka ekuthonyweni nguSathane, nihlala ezweni elingcwele, nihlala ekukhanyeni kukaNkulunkulu, kanti kunobuholi nokuqondiswa ukukhanya, bese ukuphila kwenu kunikeza umqondo. Enikudlayo nenikwembathayo kwehlukile kubona; nithokozela amazwi kaNkulunkulu, niphila impilo enomqondo—bona, bathokozelani? Bathokozela ifa lokhokho babo “nomoya kazwelonke.” Abanawo nomncane umkhondo wobuntu! Izingubo zenu, amazwi nezenzo kwehluke kakhulu kunokwabo. Ekugcineni, nizokushiya ngempela ukungcola, ningasathiyeki ekulingweni uSathane, nizuze imihlinzeko yansuku zonke kaNkulunkulu. Kumele nihlale niqaphile. Nakuba nihlala endaweni engcolile aningcolisiwe ukungcola futhi ningaphila eduze kukaNkulunkulu, nithole isivikelo Sakhe esikhulu. Nikhethwe phakathi kwabo bonke kule lizwe lamagwala. Ingabe anibona abantu ababusisekile? Njengomuntu odaliwe, kumele nakanjani nikhonze uNkulunkulu futhi niphishekele ukuphila okunenjongo. Uma ningamkhonzi uNkulunkulu futhi niphila ukuphila okungcolile kwenyama, ingabe anizona izilwane zasendle emzimbeni womuntu? Njengomuntu, kumele ufinyelele kuNkulunkulu futhi ukhuthazelele konke ukuhlupheka. Lokhu kuhlupheka okuncane obhekene nakho namuhla, kumele ukujabulele futhi ukwamukele ngenjabulo futhi uphile ukuphila okunenjongo, njengoJobe, njengoPetru. Kule lizwe, abantu bagqoka izingubo zikasathane, badle ukudla abakunikezwa usathane, futhi basebenzela futhi bakhonza ngaphansi kokuqondisa kukadeveli, nibanjwa ukungcola kwakhe. Uma ningakubambi ukuphila noma indlela yeqiniso, ngabe iyini injongo yokuphila kwakho? Ningabantu abaphikelela indlela elungile, abafuna intuthuko. Ningabantu abaphuma esizweni sikadrako omkhulu obomvu, labo uNkulunkulu ababiza ngokuthi balungile. Ingabe lokhu akukona ukuphila okunenjongo enkulu?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana