Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Meyi 12, 2018

Isiphetho Somuntu

 Noma nini lapho kukhulunywa khona ngesiphetho, lokho nikubheka njengento ebaluleke kakhulu; nonke nisheshe nizwele uma kukhulunywa ngale ndaba. Abanye basheshe bacabange ngoNkulunkulu ngenxa yokuthi bafuna ukuba nesiphetho esihle. Ngingabona ngesifiso senu, esingadingi ukuba sichazwe ngamazwi. Nakanjani anifuni inyama yenu iwele enhlekeleleni, futhi ikakhulu, anifuni ukwehlela esijezisweni saphakade esikhathini esizayo. Ninethemba kuphela lokuphila ngokukhululekile futhi kalula. Ngakho niyakhathazeka noma nini lapho kukhulunywa ngesiphetho, nesaba kakhulu ukuthi uma ningalaleli ngokwanele, ningase nimcasule uNkulunkulu, nigcine nijeziswa futhi kube kufanele. Anikaze ninqikaze ukudela izinto ngenxa yesiphetho senu, futhi iningi lenu elake lakhohlakala futhi langanaka selishintshe isigubhukane laba nomusa nobuqotho; ubuqotho benu buze bethuse. Ngale kwalokho, nonke ninezinhliziyo ezithembekile, futhi kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni niye nathulula isifuba senu Kimi ngaphandle kokufihla noma yiziphi izimfihlo zenu, ukusola, ukukhohlisa, noma ukuzinikela. Kukho konke, “nizivume” ngokwethembeka okukhulu Kimi lezo zinto ezibalulekile ezifihleke emizweni yenu. Ngempela, nami angikaze ngizigweme lezo zinto, ngoba seziyinto ejwayelekile Kimi. Ungamane ungene olwandle lomlilo esiphethweni sakho sokugcina kunokulahlekelwa umucu wonwele ukuze wamukelwe uNkulunkulu. Akukhona ukuthi ngiba undlov’ kayiphikiswa; ukuthi inhliziyo enizinikela ngayo ngeke imelane nakho konke njengoba ngenza. Ningase ningakuqondi engikushoyo, ngakho ake ngininike incazelo elula: Enikudingayo akulona iqiniso nokuphila; akuyona imiyalo yokuthi kufanele niziphathe kanjani, futhi akuwona umsebenzi Wami onzima. Enikudingayo yikho konke lokhu eninakho enyameni—umcebo, isikhundla, umndeni, umshado, njalo njalo. Aniwanaki ngokugcwele amazwi nomsebenzi Wami, ngakho ngingalufingqa ngamagama amathathu ukholo lwenu: lunokunqikaza. Ningaya noma kuphi ukuze nifinyelele izinto enizinikele kuzo ngempela, kodwa ngiphawule ukuthi anilahli yonke into ngenxa yezinto ezimayelana nokukholelwa kwenu kuNkulunkulu. Kunalokho, ngokwezinga elithile niqotho, futhi niyanakisisa. Yingakho ngithi labo abantula inhliziyo yobuqotho bangempela bayizehluleki ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu. Cabangisisa—ingabe ziningi izehluleki ezikuzungezile?

 Kufanele nazi ukuthi impumelelo ifinyelelwa ngezenzo zabantu; lapho abantu bengaphumeleli kodwa bahluleke, nalokho kungenxa yezenzo zabo, akubangelwa ezinye izinto. Ngikholelwa ukuthi nizokwenza noma yini efunekayo ukuze nenze into enzima kakhulu nehluphekisa kakhulu ukwedlula ukukholelwa kuNkulunkulu, nokuthi niyokunakisisa kakhulu. Ngeke nifune ngisho ukwenza noma yimaphi amaphutha; lezi izinhlobo zemizamo yenu engapheli nonke eniyenze ezimpilweni zenu. Nikwazi ngisho nokungikhohlisa enyameni ngaphansi kwezimo lapho ningeke nikhohlise ngisho noma ubani emindenini yenu. Lena indlela enihlale niziphatha ngayo kanye nesimiso enisisebenzisayo ekuphileni kwenu. Seniyekile yini ukufuna isithombe samanga ukuze ningikhohlise, ngenxa yesiphetho senu, nokuba nesiphetho esihle nesijabulisayo? Ngiyazi ukuthi ukuzinikela nobuqotho benu okwesikhashana; izifiso nenani enilikhokhayo akukhona yini okwamanje kuphela futhi hhayi okwangaleso sikhathi? Nifuna kuphela ukuzikhandlela umzamo wokugcina ukuze nibe nesiphetho esihle. Enikufunayo nje ukwenza isivumelwano sokuhwebelana; akukhona ukuthi nithanda iqiniso, futhi akukhona ukuthi nifuna ukungibuyisela inani engalikhokha. Ngamafuphi, nimane nifuna ukuveza ukuthi nihlakaniphe kangakanani, kodwa anifuni ukukulwela lokho. Akusona yini isifiso senu esijulile lesi? Akumele nizifihle, futhi akumele nicabange kakhulu ngekusasa lenu ngezinga lokuthi ningabe nisakwazi ngisho ukudla noma ukulala. Akulona yini iqiniso ukuthi isiphetho senu siyobe sesinqunyiwe ekugcineni? Kufanele umsebenzi wenu niwenze ngokwamandla enu onke ngezinhliziyo ezivulekile neziqotho, nizimisele ukwenza noma yini edingekayo. Njengoba nishilo, lapho kufika usuku, uNkulunkulu ngeke aphathe ngokungafanele noma ubani ohluphekile noma wakhokha ngenxa Yakhe. Lolu ukholo okufanele sibe nalo, futhi akufanele ulukhohlwe. Yile ndlela kuphela engingakhulula ngayo ingqondo yami ngani. Ngale kwalokho, angisoze ngakwazi ukukhululeka ngani, futhi niyohlala niyizinto ezinengekayo Kimi. Uma nonke ningalandela unembeza wenu ningenzele konke, nizame konke emsebenzini wami, futhi ninikele ngokuphila kwenu emsebenzini wami wevangeli, ngeke yini inhliziyo yami ijabule ngani? Ngeke yini ngikhululeke ngokugcwele engqondweni mayelana nani? Kuyishwa ukuthi eningakwenza kumane kuyingxenye encane futhi edabukisayo yalokho engikulindele; kulokhu, ningakwazi kanjani ukufuna Kimi lokho eninethemba lakho?

 Isiphetho kanye nesimo senu kubaluleke kakhulu kini—kuyindaba yokukhathazeka okukhulu. Nikholelwa ukuthi uma ningenzi izinto ngokucophelela okukhulu, kuyofana nokungabi nasiphetho, kanye nokubhujiswa kwesimo senu. Kodwa ingabe nike nacabanga yini ukuthi imizamo umuntu ayenzayo imane nje ingenxa yesiphetho sakhe, imane iwumsebenzi ongenazithelo? Imizamo enjalo ayilona iqiniso—ingamanga futhi iyakhohlisa. Uma kunjalo, labo abasebenzela isiphetho sabo bayonqotshwa okokugcina, ngoba izehluleki ekukholelweni kwabantu kuNkulunkulu ziba khona ngenxa yenkohliso. Ngike ngasho ngaphambili ukuthi angithandi ukukhohliswa noma ukuphanjwa, noma ukuthi kushisekwe ngendlela engamanga. Ngithanda ukuthi abantu abathembekile babhekane namaqiniso Ami kanye nezinto engizilindele. Ngaphezu kwalokho, engikuthandayo yilapho abantu bekwazi ukuveza ukuthi bacophelela kakhulu futhi bayakhathazeka ngenhliziyo Yami, nalapho benganikela ngakho konke ngenxa Yami. Ingaduduzwa ngale ndlela kuphela inhliziyo Yami. Okwamanje, zingakanani izinto engingazithandi ngani? Zingakanani izinto engizithandayo ngani? Ingabe akekho kini oke waqaphela bonke ububi enibenzile ngenxa yesiphetho senu?

 Enhliziyweni Yami, angifisi ukuhlukumeza noma iyiphi inhliziyo enhle nekhuthaziwe, futhi angifisi ukuqeda amandla anoma ubani owenza umsebenzi wakhe ngokwethembeka; noma kunjalo, kumele nginikhumbuze nonke ngenikuntulayo nangemiphefumulo engcolile ekujuleni kwezinhliziyo zenu. Inhloso yokwenza kanjalo ukuba nethemba lokuthi nizokwazi ukunikela ngenhliziyo eneqiniso ekubhekaneni namazwi Ami, ngoba ngikuzonda kakhulu ukukhohliswa abantu. Kuphela nginethemba lokuthi esigabeni sokugcina somsebenzi Wami, nizokwenza umsebenzi omuhle kakhulu, nizinikele ngokugcwele, ningabe nisanqikaza. Yiqiniso, ngethemba ukuthi nonke nizoba nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngisenezimfuno Zami, okuwukuthi nenze isinqumo esingcono nizinikele okokuqala nokokugcina Kimi. Uma umuntu enganikela ngesiqu sakhe, nakanjani lowo muntu uzoba impahla kaSathane, futhi ngeke ngiqhubeke ngimsebenzisa. Ngizomthumela ekhaya anakekelwe abazali bakhe. Umsebenzi Wami unisize kakhulu; enginethemba lokukuthola kini inhliziyo eyethembekile nenhle, kodwa kuze kube manje izandla Zami azinalutho. Cabangani ngakho: Lapho ngelinye ilanga ngisanenzondo ngaphezu kwamazwi, ngiyoniphatha kanjani ngokuzayo? Ingabe ngiyoba nobungani? Ingabe inhliziyo Yami iyobe isenokuthula? Ingabe niyayiqonda imizwa yomuntu osebenze kanzima etshala kodwa wangavuna ngisho okukodwa okusanhlamvu? Ingabe niyaqonda ukuthi lijule kangakanani inxeba lomuntu oshaywe kanzima? Ningawunambitha umunyu womuntu ogcwele ithemba okudingeka ahlukane nomuntu ngenxa yezinto ezimbi? Ingabe nike nayibona intukuthelo yomuntu ocasuliwe? Ningawazi yini umuzwa wokuziphindisela ngokuphuthumayo womuntu oye waphathwa ngenzondo nangenkohliso? Uma niyiqonda indlela laba bantu abacabanga ngayo, ngicabanga ukuthi akufanele kube nzima ukuthi niyibone ngeso lengqondo indlela uNkulunkulu ayokwenza ngayo ngesikhathi sempindiselo Yakhe! Okokugcina, ngethemba ukuthi nizokwenza okusemandleni enu ngenxa yesiphetho senu; noma kunjalo, kungaba ngcono kungabi nokukhohlisa emizamweni yenu, ngale kwalokho ngizobe ngisaphoxekile enhliziyweni Yami. Ukuphoxeka okunjalo kuholela kuphi? Anizikhohlisi yini? Labo abacabanga ngesiphetho sabo kodwa basonakalise nakanjani ngeke basindiswe. Ngisho noma labo bantu bethukuthele, ubani oyozwelana nabo? Kukho konke, ngisanifisela ukuthi nibe nesiphetho esihle. Noma kunjalo, ngethemba ukuthi akekho kini owela enhlekeleleni.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana