Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Juni 7, 2018

4. Yini umehluko phakathi kwalokho iNkosi ekuphathise abantu Ngenkathi Yomusa nalokho uNkulunkulu akuphathise abantu Ngenkathi Yombuso?

 Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

 “Nokuthi ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono kufanele kushunyayelwe egameni lakhe ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema” (ULuka 24:47).

 “Ngalokho hambani, futhi nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele: Nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo: futhi, bhekani, nginani ngaso sonke isikhathi, ngisho nasekupheleni kwezwe” (UMathewu 28:19-20).

 “Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini” (Mathewu 7:21).

 Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

 njengesigaba somsebenzi kaJesu: wavula indlela entsha. Ngenkathi efika washumayela iVangeli lombuso wezulu, wathi umuntu kufanele aguquke, avume izono. Ngemva kokuba uJesu eseqede umsebenzi Wakhe uPetru noPawulu nabanye baqala baqhubekisa umsebenzi kaJesu. Ngemva kokuba uJesu abethelwe esiphambanweni wenyukela ezulwini, bathunyelwa nguMoya ukushumayela iVangeli lesiphambano.

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Ngesikhathi, eNkathini Yomusa, uNkulunkulu ebuyela ezulwini lesithathu, umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlenga sonke isintu empeleni wawusuqhubekele esinyathelweni sokugcina. Okuwukuphela okwakusele emhlabeni kwakuyisiphambano leso uJesu ayesithwele, ilineni elicolekile uJesu ayesongwe ngalo, kanye nomqhele wameva nengubo ebomvu klebhu uJesu ayeyigqokile (lezi yizinto amaJuda azisebenzisela ukuhlekisa Ngaye). Okungukuthi, umsebenzi wokubethelwa kukaJesu wawuvuse uthuthuva isikhathi esithile futhi lwase lwehlile. Kusukela ngaleso sikhathi kuye phambili, abafundi bakaJesu baqala ukuqhubekisela phambili umsebenzi Wakhe, belusa futhi benisela emabandleni yonke indawo. Okuqukethwe umsebenzi wabo kwakuyilokhu: ukwenza bonke abantu baphenduke, bavume izono zabo, futhi babhapathizwe; abaphostoli bonke basakaza indaba yangaphakathi yokubethelwa kukaJesu kanye nalokho okwakwenzeke ngempela, bonke abantu abakwazanga ukuzibamba kodwa baziphonsa phambi kukaJesu ukuze bavume izono zabo, futhi ngaphezu kwalokho, abaphostoli basakaza yonke indawo amazwi uJesu awakhuluma kanye nemithetho nemiyalo ayenza. Kusukela lapho kwaqala ukwakhiwa kwamabandla eNkathini Yomusa.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Ngaphambili, emihlanganweni ekhethekile noma imihlangano emikhulu eyayibanjwa ezindaweni ezihlukahlukene, kwakukhulunywa ngengxenye eyodwa kwendlela yokwenza. Lokhu kwenza kwakuba yilokho okwakuzokwenziwa ngeNkathi Yomusa, futhi kwakuhlobene kancane kakhulu nolwazi ngoNkulunkulu, ngoba imibono yeNkathi Yomusa kwakuwumbono wokubethelwa kukaJesu kuphela, futhi yayingekho imibono emikhulu kunalona. Umuntu kwakungafanele azi okungaphezulu komsebenzi Wakhe wokuhlenga isintu ngokubethelwa, ngakho ngeNkathi Yomusa yayingekho eminye imibono yokulandelwa ngumuntu. Ngale ndlela, umuntu wayenolwazi oluncane ngoNkulunkulu, futhi ngale kolwazi ngothando lukaJesu kanye nozwelo, kwakunezinto ezimbalwa ezilula nezidabukisayo okwakumele azenze, izinto ezaziqhelelene kakhulu nesikhathi sanamuhla. Phambilini, noma ngabe kwakuhlangenwe ngayiphi indlela, umuntu wayengakwazi ukukhuluma ngolwazi lwangokoqobo lomsebenzi kaNkulunkulu, engeke akwazi nokusho ngokucacile ukuthi iyiphi indlela yokwenza efanele umuntu okwakumele ayithathe. Wayedamane engeza imininingwane elula esisekelweni sokulalela nokubekezela; kwakungekho nguquko etheni engqikithini yokwenza kwakhe, ngoba ngaso leso sikhathi uNkulunkulu akazange enze msebenzi omusha, futhi ayekudinga nje kumuntu kwakuwukulalela nokubekezela, noma ukuthwala isiphambano. Ngaphandle kwalezi zenzo, ayikho imibono engaphezu kwokubethelewa kukaJesu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Phambilini, kwakudingeka ukuthi umuntu ahambisane nomthetho kanye nemiyalelo, futhi kwakudingeka ukuthi abakezele futhi athobeke. Namuhla, kudingeka ukuthi umuntu alalele zonke izinhlelo zikaNkulunkulu futhi abe nothando oluphakeme lukaNkulunkulu, futhi ekugcineni kudingeka ukuthi aqhubeke nokuthanda uNkulunkulu phakathi kokuhlushwa. Lezi zigaba ezintathu zidingwa uNkulunkulu kumuntu, isinyathelo nenesinyathelo, ekuphatheni Kwakhe kukonke. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Nonke nizothola umsebenzi kuNkulunkulu, yini pho leyo? Lokhu kuhambelana nesinyathelo esilandelayo somsebenzi, okuzoba umsebenzi omkhulu ozokwenziwa emhlabeni wonke jikelele. Ngakho manje nimele ukulandele uguquko esimilweni senu ukuze nibe ubufakazi bukaNkulunkulu nithola inkazimulo ngomsebenzi Wakhe esikhathini esizayo, futhi nenziwe izifanekiso zomsebenzi Wakhe wangomuso. Ukulandelela kwanamhlanje kwakha isisekelo somsebenzi wesikhathi esizayo; ukuze wena usetshenziswe uNkulunkulu ukuze ube ufakazi Wakhe. Uma lokhu kuyilokho okuhlosile, uzokwazi ukuzuza uMoya oNgcwele. … Kumele niqhubeke nokwenza konke okusemandleni ukuze nipheleliswe, nitholwe, futhi nisetshenziswa uNkulunkulu, nivumela konke okusemhlabeni ukubona izenzo zikaNkulunkulu kinina. Kuzo zonke izinto, yinina abalawuli bazo, futhi phakathi kwakho konke lokho okukhona, nizovumela uNkulunkulu athole ubufakazi nenkazimulo Yakhe ngenxa yenu—lokhu kukhombisa ukuthi uyisizukulwane esibusisiwe kunazo zonke!

kwesithi “Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangena Esimweni Sangempela Seqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Bonke labo abangabantu bakaNkulunkulu kumele babe nokuphila, kumele bamukele ukuqeqeshelwa umbuso, futhi baphokophelele izinguquko esimweni sempilo yabo. Lokhu yikho uNkulunkulu akudingayo kubantu bombuso.

 Okudingwa uNkulunkulu kubantu bombuso yilokhu okulandelayo:

 1. Kumele bamukele umsebenzi kaNkulunkulu, okungukuthi, kumele bamukele wonke amazwi akhulunywa emsebenzini kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina.

 2. Kumele bangene ekuqeqeshelweni umbuso.

 3. Kumele baphokophelele ukuba izinhliziyo zabo zithintwe nguNkulunkulu. Uma inhliziyo yakho isiphendukele kuNkulunkulu ngokugcwele, futhi unempilo yakamoya ejwayelekile, uzophila endaweni yenkululeko, okusho ukuthi uzophila ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa nguNkulunkulu ube ngokaNkulunkulu.

 4. Kumele bazuzwe nguNkulunkulu.

 5. Kumele babonakalise inkazimulo kaNkulunkulu emhlabeni.

 La maphuzu amahlanu angumyalelo waMi kini. Amazwi aMi akhulunywa kubantu bakaNkulunkulu, kanti uma ungazimisele ukwamukela le miyalelo, ngeke ngikuphoqe—kodwa uma uyamukela ngeqiniso, uzokwazi ukwenza intando kaNkulunkulu. Namuhla niqala ukwamukela imiyalelo kaNkulunkulu, niphokophelele ukuba ngabantu bombuso futhi nifinyelele emazingeni adingekayo kubantu bombuso. Lesi yisinyathelo sokuqala sokungena. Uma ufisa ukfeza ngokuphelele intando kaNkulunkulu, kumele wamukele le miyalelo emihlanu, kanti uma ukwazi ukufinyelela kuyo, uzobe usufuna inhliziyo kaNkulunkulu bese uba usizo olukhulu kuNkulunkulu.

 …………

 Ukuthi uyakwazi ukwamukela ukwahlulelwa, ukusolwa, ukushaywa, nokucwengisiswa ngamazwi kaNkulunkulu, futhi phezu kwalokho, uyakwazi ukwamukela imisebenzi kaNkulunkulu, konke kwakubekwe uNkulunkulu ekuqaleni kwesikhathi, ngalokho akumele uphatheke kabi uma usolwa. Akekho namunye ongathatha umsebenzi osuwenziwe kini, nezibusiso eziphezu kwenu, futhi akekho namunye ongathatha konke lokhu okunikwe nina. Abantu benkolo ngeke baqhathaniswa nani. Aniphethe ubungoti obukhulu baseBhayibhelini, futhi anihlonyiswanga ngemfundo yenkolo, kodwa ngenxa yokuthi uNkulunkulu usesebenze ngaphakathi kini, senizuze okukhulu kunabo bonke abanye kulezi zinkathi—ngakho-ke lesi isibusiso senu esikhulu. Ngenxa yalokhu kumele nizinikele ngempela kuNkulunkulu, nithembeke kakhulu kuNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ukuphakamisile, kumele wenyuse imizamo yakho, futhi kumele ulungise isimo sakho ukuze wamukele umsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ume uqine endaweni uNkulunkulu akunike yona, uphokophelele ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu, wamukele ukuqeqeshelwa umbuso, uzuzwe uNkulunkulu ekugcineni ube ufakazi kuNkulunkulu. Unokungaki kulezi zinqumo? Uma uzithathile lezi zinqumo, kusho ukuthi ekugcineni ngokuqinisekile uzozuzwa uNkulunkulu, ube ufakazi kaNkulunkulu. Kumele uqonde ukuthi umsebenzi omkhulu ukuthi uzuzwe uNkulunkulu ube ufakazi kaNkulunkulu. Lena yintando kaNkulunkulu.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Kumele wazi ukuthi akumina nje ozenzela lokhu. Kunalokho, ngimele uBaba Wami. Okwamanje, iqhaza lakho ukulandela kuphela, ukulalela, ukuguquka kanye nokufakaza. Okumele ukuqonde ukuthi kungani kumele ukholwe Kimi. Lona umbuzo obaluleke kakhulu ukuba ngamunye wenu awuqonde. UBaba Wami, ngenxa yodumo Lwakhe, nonke wanihlelela Mina ngaphambili kusukela ngesikhathi edala izwe. Kwakungenxa yomsebenzi Wami uqobo, nangenxa yodumo Lwakhe wanimisela khona ngaphambili. Kungenxa kaBaba Wami ukuthi niyakholwa Kimi; Kungenxa yokuhlela ngaphambili kukaBaba Wami ukuthi niyangilandela. Akukho kulokhu okungenxa yokukhetha kwenu. Okubaluleke ngisho kakhulu, ukuthi niqonde ukuthi niyilabo uBaba angiphe bona ngenhloso yokufakaza Ngami. Ngokuba wangipha nina, kumele nigcine izindlela engininika zona kanye nezindlela namazwi enginifundisa wona, ngoba kuwumsebenzi wenu ukugcina izindlela Zami. Lokhu kuyinhloso yasekuqaleni yokukholwa kwenu Kimi. Ngakho ngithi kini, ningabantu uBaba Wami Angiphe bona ukuba bagcine izindlela Zami. Nokho, nikholwa Kimi kuphela; anisibo abami ngoba anisibo abomndeni wakwa-Israyeli kodwa kunalokho ngabohlobo lwenyoka yasendulo. Konke engicela nikwenze ukungifakazela, kodwa namuhla kumele nihambe ngezindlela Zami. Konke lokhu kungenxa yobufakazi besikhathi esizayo. Uma nisebenza kuphela njengabantu abalalela izindlela Zami, ngakho aniyikuba namsebenzi futhi ukubaluleka kokuthi uBaba Wami ungiphe nina, kuyolahleka. Engigcizelela ukunitshela khona ilokhu: “Kumele nihambe ezindleleni Zami.”

kwesithi “Uqonda Ukuthini Mayelana NoNkulunkulu ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Lokhu osudlule kukho kanye nokubonile kungaphezu kwalokho kwabangcwele kanye nabaprofethi bakudala, kodwa uyakwazi ukufakaza ngaphezu kwabangcwele kanye nokwabaprofethi bakudala? Lokhu engikupha khona manje kudlula okukaMose futhi kukhulu kunokukaDavide, ngokunjalo ngicela ukuba ubufakazi bakho budlule lobo bukaMose nokuthi amazwi akho abe ngaphezu kwamazwi kaDavide. Ngikunika okuphindwe ngokwekhulu, ngokunjalo ngicela ukuba ungikhokhele ngokufanayo. Kumele wazi ukuthi Yimi onika ukuphila kubantu, kepha nguwe owemukela ukuphila Kimi futhi kumele ufakaze Ngami. Lokhu kungumsebenzi wakho, engiwuthumela kuwe futhi okumele ungenzele wona. Ngikuphe yonke inkazimulo Yami, ngaphinda ngakupha ukuphila okungatholwanga abantu abakhethiwe, ama-Israyeli. Ngangegunya enginalo, kumele ungifakazele, futhi unikele ubusha bakho Kimi uphinde udele ukuphila kwakho. Kunoma ubani engibeka inkazimulo Yami kuye uyofakaza Ngami futhi anikele ukuphila kwakhe ngenxa Yami. Lokhu kwakumisiwe kwakudala. Kuyinhlanhla yakho enhle ukuthi ngabeka inkazimulo Yami phezu kwakho, kanti umsebenzi wakho ukufakazela udumo Lwami. Uma ukholwa Kimi ukuze uthole ingcebo kuphela, umsebenzi Wami ngeke ube namthelela, futhi uyobe ungafezi umsebenzi wakho. Ama-Israyeli abona kuphela umusa, uthando, kanye nobukhulu Bami, kanti amaJuda abona kuphela ukubekezela Kwami kanye nesihlengo. Babona umsebenzi woMoya Wami umncane kakhulu; ngale ndlela yokuthi izinga lokuqonda kwabo lalilingana nokukodwa ezinkulungwaneni eziyishumi uma kuqhathaniswa nalokhu okuzwile kanye nokubonile. Lokhu okubonile kudlula ngisho lokho okwabapristi abakhulu phakathi kwabo. Ngalolusuku, iqiniso oye waliqonda lidlula elabo; lokhu okubonile namuhla kudlula lokho okwabonwa kweNkathi Yomthetho, ngokunjalo nangeNkathi Yomusa, futhi nalokho odlule kukho kudlula nokukaMose kanye no-Eliya. Ngokuba lokho okwaqondwa ama-Israyeli kwakungumthetho kaJehova kuphela kanti nalokho abakubona kwakungumhlane kaJehova; lokho okwaqondwa amaJuda kwakungukuhlenga kukaJesu kuphela, lokho abakwamukelayo kwakungumusa abawuphiwa nguJesu kuphela, futhi nalokho abakubona kwakungumfanekiso kaJesu kuphela phakathi kwendlu yamaJuda. Lokhu okubonayo namuhla inkazimulo kaJehova, isihlengo sikaJesu kanye nayo yonke imisebenzi Yami yalolusuku. Uwezwile futhi amazwi oMoya Wami, wabonga nokuhlakanipha Kwami, wafinyelela nasekwazini izimangalizo Zami, futhi wafunda ngesimo Sami. Ngikutshelile futhi ngohlelo Lwami lonke lokwenza izinto. Lokhu okubonile akusiyena nje uNkulunkulu unothando nomusa, kodwa yilowo ogcwele ukulunga. Uyibonile imisebenzi Yami emangalisayo futhi wazi nokuthi Mina ngigcwele intukuthelo enolaka kanye nobukhosi. Okunye futhi, ubukwazi ukuthi ngake ngehlisela ulaka Lwami phezu kwendlu ka-Israyeli, futhi namuhla, lufikile kuwe. Uye waqonda kakhulu ngezimfihlakalo Zami ezisezulwini ngaphezu kuka-Isaya ngokunjalo noJohane; wazi kakhulu ngokuthandeka nokuhlonipheka Kwami okudlula bonke abangcwele bezizukulwane ezingaphambilini. Lokhu okwamukelile akusilona nje iqiniso Lami, indlela Yami, ukuphila Kwami, kodwa umbono kanye nesambulo esingaphezu kwesikaJohane. Uye waqonda izimfihlakalo eziningi futhi wabona nobuso Bami beqiniso; uye wamukela ukwahlulela Kwami okuningi futhi wazi kakhulu ngesimo Sami esilungileyo. Ngakho, noma uzalwe ngezinsuku zokugcina, ukuqonda kwakho yilokho kwakudala kanye nokudlulile; uphinde wazi futhi okosuku lwanamuhla, kanti okunje kwenziwe isandla Sami. Lokhu engikucela kuwe akunzima, ngokuba ngikunike okuningi kakhulu futhi kuningi okubone Kimi. Ngakho-ke, ngicela ukuba ungifakazele njengalokhu benza abangcwele bakudala, kanti lokhu yikhona kuphela okuyisifiso senhliziyo Yami.

kwesithi “Yini Oyaziyo Ngokukholwa?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Umsebenzi wokwahlulela Kwami ukwenza umuntu angilalele kangcono, nomsebenzi wokusola Kwami ukuvumela umuntu ukuba aguquke ngokunomthelela ongcono. Nakuba engikwenzayo kungenxa yokuphatha Kwami, angikaze ngenze noma yini engeyona inzuzo kumuntu. Lokhu kungoba ngifuna ukwenza zonke izizwe ngaphandle kuka-Israyeli zilalele njengama-Israyeli futhi ngizenze abantu bangempela, ukuze ngibe nendawo emazweni angaphandle kuka-Israyeli. Lokhu ukuphatha Kwami; kungumsebenzi engiwufezayo emazweni abeZizwe. Namanje, abantu abaningi abakakuqondi ukuphatha kwami ngoba abanandaba nalezi zinto, esikhundleni salokho bacabangana ngekusasa labo kanye nalapho beya khona. Noma ngingathini, abantu abanandaba nomsebenzi engiwenzayo, banaka kuphela isiphetho zabo esikhathini esizayo. Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, umsebenzi Wami ungakhula kanjani? Ivangeli Lami lingasabalaliswa kanjani emhlabeni wonke? Kumele nazi ukuthi lapho umsebenzi Wami wanda, ngizonihlakaza, futhi Ngizonishaya njengoba nje uJehova ashaya izizwe zakwa-Israyeli. Konke lokhu kuzokwenziwa ukuze ivangeli Lami lisabalale emhlabeni wonke, nokusabalalisa umsebenzi Wami kubantu beZizwe, ukuze igama Lami lidunyiswe ngabadala nezingane ngokufanayo, negama Lami elingcwele liphakanyiswe emilonyeni yabantu bakuzo zonke izinhlanga nezizwe. Kulesi sikhathi sokugcina, ngizokwenza igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ngenze izenzo Zami zibonwe abeZizwe ukuze bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese ngenza amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.

kwesithi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Ungakwazi yini ukuveza isimo sikaNkulunkulu wesikhathi ngolimi olufanele olunokubaluleka kwenkathi? Uma ubheka odlule kukho emsebenzini kaNkulunkulu, ngabe ungasichaza ngemininingwane isimo sikaNkulunkulu? Ungasichaza kanjaningokuyikho, ngendlela efanele? Ukuze ngalokhu, abanye bafunde ngodlule kukho. Ungakwedlulisela kanjani okubonile kanye nodlule kukho, kulabo abadabukisayo, abampofu, namakholwa azinikele, alambele futhi omele ukulunga futhi abalindele wena ukuba ubeluse? Hlobo luni lwabantu abalindele wena ukuba ubeluse? Ungabona ngamehlo engqondo? Ngabe uyawazi umthwalo owuthwele, ukuthunywakwakho, kanye nesibopho sakho? Lukuphi ulwazi lomlando wokuthunywa? Ungasebenza kanjani njengomphathi omuhle enkathini ezayo? Ngabe unawo umqondo ophakeme wokuba ngumphathi? Ungamchaza kanjani umphathi wazo zonke izinto? Ngabe ungumphathi wazo zonke izidalwa eziphilayo kanye nazo zonke izinto ezisezweni ngempela? Yiziphi izinhlelo onazo zokuthuthuka kwesinyathelo esilandelayo somsebenzi? Bangaki abantu abalinde wena ukuba ube umelusi wabo? Ngabe umthwalo wakho ungosindayo? Bampofu, bayadabukisa, bayizimpuphuthe, futhi balahlekile, bayalila ebumnyameni, “Iphi indlela?” Yeka indlela abalangazelela ukukhanya ngayo, njengenkanyezi etshuzayo, eyehla masinyane bese ihlakaza amandla obumnyama obucindezele abantu iminyaka eminingi. Ubani ongazi ukuthi bethemba ngokukhathazeka okungakanani, futhi bakulangazelela kangakanani lokhu ubusuku nemini? Laba bantu abahlupheka kakhulu bahlala beboshwe emigodini yobumnyama, bengenalo ithemba lokukhululwa, ngisho nangosuku lokubanika kokukhanya; bayoyeka nini ukukhala? Le mimoya entekenteke engazange ithole ukuphumula ihlupheka ngempela ngeshwa elingaka. Bavalelwe isikhathi eside unya lwezintambo kanye nomlando omi ndawonye. Ubani oke wezwa umsindo wokukhala kwabo? Ubani oke wabona isimo sobuso babo obudabukisayo? Ngabe uke wacabanga ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu ilusizi futhi ikhathazeke kangakanani? Angakumela kanjani ukubona abantu abangenacala abadala Yena ngezandla Zakhe behlupheka? Vele, isintu sineshwa lokufakelwa ubuthi. Nakuba siphile kwaze kwaba yinamuhla, ubani obengase acabange ukuthi sekunesikhathi eside sifakelwe ubuthi ngomubi? Ingabe usukhohliwe ukuthi nawe ungomunye walabo bagilwa? Ngothando othanda ngalo uNkulunkulu, awufuni yini ukuzama ukusindisa labo abaphilayo? Awufuni yini ukusebenzisa wonke umzamo wakho ukukhokhela uNkulunkulu othanda isintu njengenyama kanye negazi Lakhe siqu? Ungakuhumusha kanjaniukusetshenziswa nguNkulunkulu ukuze uphile ukuphila okuhlukile kokwabanye? Ingabe unalo ngempela ugqozi kanye nokuzimisela ukuphila impilo enenhloso, yomuntu ongcwele okhonza uNkulunkulu?

kwesithi “Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana