Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Okthoba 29, 2018

Angasindiswa yini umuntu uma eqongelela kuphela izenzo ezinhle ngaphandle kokwenza okubi kodwa angakholwa kuNkulunkulu?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zixoshe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. … Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.

kwesithi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuyiqiniso elingenakuphikwa ukuthi “abekho abalungileyo kulo mhlaba, abalungileyo abekho emhlabeni.” Lapho niza ngaphambi kukaNkulunkulu, cabangani ngalokho enikugqokile, cabangani ngawo wonke amazwi nezenzo zenu, yonke imicabango nemibono yenu, ngisho namaphupho eniwaphupha mihla yonke—konke kungokwenzuzo yenu. Akulona yini iqiniso lelo? “Ukulunga” akusho ukupha abahluphekayo, akusho ukuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, futhi akusho ukungalwi, ukungaphikisani, ukungayibambi inkunzi noma ukungebi. Ukulunga kusho ukuthatha imiyalo evela kuNkulunkulu njengomsebenzi wakho nokulalela iziqondiso nezinhlelo zikaNkulunkulu njengomsebenzi ovela ezulwini, kungakhathaleki ukuthi kunini noma kukuphi, kho konke njenga okwenziwa iNkosi uJesu. Yilokhu kanye ukulunga okukhulunywe uNkulunkulu. Ukuthi uLoti wayengase abizwe ngendoda elungile kungenxa yokuthi wasindisa izingelosi ezimbili ezazithunyelwe uNkulunkulu ngaphandle kokukhathazwa ukuthi yini ayezoyizuza noma ayezolahlekelwa yiyo; lokho akwenza ngaleso sikhathi kubizwa ngokuthi ukulunga, kodwa akakwazi ukubizwa ngendoda elungile. Kwaba ngenxa yokuthi uLoti wayebone uNkulunkulu okwenza wanikela ngamadodakazi akhe amabili endaweni yezingelosi.. Kodwa akuzona zonke izenzo zakhe zangaphambili ezimeele ukulunga, futhi kungakho ngithi “abekho abalungileyo emhlabeni.” Ngisho naphakathi kwalabo abazama ukululama, akekho ongabizwa ngokuthi ulungile. Kungakhathaleki ukuthi izenzo zakho zinhle kangakanani, kungakhathaleki ukuthi ubonakala ukhazimulisa igama likaNkulunkulu kangakanani, awubashayi futhi awubaqalekisi abanye abantu, noma awubabambi inkunzi futhi awuzebi izinto zabo, noma kunjalo awukwazi ukubizwa ngokuthi ulungile, ngoba noma imuphi umuntu ovamile angaba njalo. Namuhla, okubalulekile ukuthi awumazi uNkulunkulu. Namuhla kungamane kuthiwe unokuncane okubonisa ukuthi ungumuntu, noma kunjalo awukwazi ukuba nokulunga uNkulunkulu akhuluma ngakho. Ngakho akukho kokwenzayo okuwubufakazi bolwazi lwakho ngoNkulunkulu.

kwesithi “Ababi Kumele Bajeziswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinga umuntu ahlulela ngalo omunye, lisekelwe endleleni aziphatha ngayo; lowo oziphatha kahle ungumuntu olungile, lowo oxegelwa isimilo ukhohlakele. Izinga uNkulunkulu ahlulela ngalo umuntu lisekelwe ekutheni lowo muntu uyamlalela yini; lowo olalela uNkulunkulu ungumuntu olungile, futhi lowo ongamlaleli uNkulunkulu uyisitha futhi ungumuntu okhohlakele, kungakhathaliseki ukuthi ukuziphatha kwalowo muntu kuhle noma kubi, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ukhuluma ngendlela efanele noma engafanele. Abanye abantu bafisa ukusebenzisa lezo zenzo ezinhle ukuze bazitholele indawo enhle abazoya kuyo, kanti abanye bafisa ukusebenzisa amazwi ukuze bathenge ngawo indawo enhle. Abantu bacabanga ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu unquma ikusasa lomuntu ngokwendlela aziphatha nakhuluma ngayo, ngakho abantu abaningi bazofuna ukusebenzisa lokhu ukuze bazitholele umusa wesikhashana ngokukhohlisa.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje baningi abantu abangakwazi ukubona ikusasa lesintu nalapho siphokophele khona futhi abangawakholwa amazwi engiwakhulumayo; bonke labo abangawakholwa, kanye nalabo abangaphili ngeqiniso, bangamademoni! Labo abalifunayo nalabo abangalifuni manje bayizinhlobo ezimbili ezingafani zabantu, futhi bayizinhlobo ezimbili zabantu eziphokophele ezindaweni ezimbili ezingafani. Labo abafuna ulwazi lweqiniso futhi benze okushiwo iqiniso bangabantu uNkulunkulu ayobasindisa. Labo abangayazi indlela yeqiniso bangamademoni nezitha; bayinzalo yengelosi embi enkulu futhi bayobhujiswa. Ngisho nabantu abakholelwa kuNkulunkulu ongaqondakali—ingabe abawona yini nabo amademoni? Abantu abanonembeza ohlanzekile kodwa abangayamukeli indlela yeqiniso bangamademoni; ubuntu babo buyamphika uNkulunkulu. Labo abangayamukeli indlela yeqiniso yilabo abamphikayo uNkulunkulu, futhi ngisho noma laba bantu bebekezelela ubunzima obuningi, basazobhujiswa. … Noma ubani ongakholelwa ekubeni nesimo somuntu kukaNkulunkulu unobudemoni; okungaphezu kwalokho, ukuthi uzobhujiswa.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana