Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Okthoba 28, 2018

Njengoba uNkulunkulu ethanda isintu, kungani ehlisa izinhlekelele ukuze abhubhise bonke abantu ababi abamphikayo nabamelana Naye?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Ukusondela kwesiphetho sazo zonke izinto kuwuphawu lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu nolokuphela kokwanda kwesintu. Lokhu kusho ukuthi isintu njengoba sonakaliswe uSathane sesifinyelele esiphethweni sokwanda kwaso, nokuthi inzalo ka-Adamu no-Eva isizale kwaze kwafika emikhawulweni yayo, futhi kusho ukuthi akunakwenzeka ngesintu esinjalo, njengoba sonakaliswe uSathane, ukuba sande. … Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yabantu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile. … Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila ngayo ekuphumuleni ngokuthula.

kwesithi "UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma uNkulunkulu engazange abembule ababi, labo abamlalela ngobuqotho babengeke balibone ilanga; ukube uNkulunkulu akabahambisanga endaweni efanele, labo abangamlaleli abantu bebengeke bekwazi ukuthola isijeziso esibafanele. Lena inqubo yomsebenzi Wakhe. Ukube akawuthwalanga lo msebenzi wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo, abantu Bakhe bebengeke bakwazi ukungena ezindaweni abalungiselele zona. Lapho isintu singena ekuphumuleni, abenza okubi bazobhujiswa, bonke abantu bayongena emgudwini ofanele, futhi zonke izinhlobo zabantu ziyoba nohlobo lwazo ngokuqondene nemisebenzi okufanele ziyifeze. Yilolu kuphela okuyoba usuku lwesintu lokuphumula nendlela engenakugwenywa yokuhluma kwesintu, futhi kulapho isintu singena ekuphumuleni kuphela lapho ubukhulu bukaNkulunkulu nesigcino sezinto azifezile kuyofinyelela khona ekupheleni; lokhu kuyosonga umsebenzi Wakhe. Lo msebenzi uyoqeda konke ukuphila okuwohlokile kwabantu, futhi uyoqeda ngokuphila kwabantu abakhohlakele. Kusukela lapha, abantu kufanele bangene endaweni entsha. Nakuba umuntu ehola isiqu senyama, kunomehluko omkhulu phakathi kwesiqu sokuphila kwakhe nesiqu sokuphila kwesintu okukhohlakele. Isizathu sokuba khona kwakhe nesizathu sokuba khona kwesintu esikhohlakele azifani. Nakuba lokhu kungekhona ukuphila kohlobo olusha lomuntu, kungabizwa ngokuphila kwabantu abathole insindiso nokuphila kwabantu abavuselelwe. Laba abantu ababengamlaleli uNkulunkulu, abake banqotshwa uNkulunkulu base futhi besindiswa Nguye; laba abantu abamhlazile uNkulunkulu, kamuva base befakaza Ngaye. Ukuba khona kwabo, ngemva kokudlula nokusinda ovivinyweni Lwakhe, kuyiyona nto ekhona eyenza umqondo kakhulu; bangabantu abafakaza ngoNkulunkulu phambi kukaSathane; bangabantu abakufanele ukuphila. Laba abazobhujiswa bangabantu abangeke bafakaze ngoNkulunkulu futhi abakufanele ukuphila. Ukubhujiswa kwabo kuzokwenzeka ngenxa yokuziphatha kwabo okukhohlakele, futhi ukubhujiswa kungumvuzo wabo ongcono kakhulu.

kwesithi "UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukusuka ekudalweni komhlaba kuze kufike manje uMoya kaNkulunkulu useqale umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ngaphezu kwalokho sewenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulelwa komuntu, ukusola nesiqalekiso. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge isintu esonakele esonweni. Namuhla, uyakwazi nokunqoba isintu esingamazi asenze sibe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze sonke sizithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungile kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa nothando kuphela, uNkulunkulu wobuhlakani nezimangaliso kuphela, uNkulunkulu ongcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo ababi phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokusola; kulabo okufanele bapheleliswe, uwukuhlupheka, ukucwengwa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukubheka, nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uwukujezisa kanye nokushaywa.

kwesithi "Ukuba Sesimweni Somuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Sesimweni Somuntu" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isihe Sami sivezwa kulabo abangithandayo futhi bazidele bona. Futhi isijeziso esilethwa phezu kwababi kungubufakazi kanye besimo Sami esilungile Kanye, ikakhulukazi, nobufakazi bentukuthelo Yami. Uma inhlekelele ifika, indlala kanye nesifo esibhubhisayo siyokwehlela bonke labo abaphikisana Nami futhi bayokhala. Labo abenze zonke izinhlobonhlobo zobubi, kodwa asebengilandele iminyaka eminingi, ngeke bangabi nacala; nabo futhi, bayokwehlela enhlekeleleni efana nayo engakaze ibonakale ezinkathini zonke, futhi futhi bayohlala esimweni esingapheli sokwethuka novalo.

kwesithi "Kumele Wenze Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana