Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ISonto, Februwari 3, 2019

Ukujikeleza Kokuphila Nokufa Kwabantu Abehlukahlukene Benkolo

Siqeda kuxoxa ngokujikeleza kokuphila nokufa esigabeni sokuqala, sabangakholwayo. Manje, make sixoxe ngesigaba sesibili, sabantu abahlukahlukene benkolo. “Ukujikeleza kokuphila nokufa kwabantu abehlukahlukene benkolo” naso yisihloko esibalulekile, futhi kunilungele ukuthi nibe nokuqonda ngakho. Okokuqala, masikhulume ngokuthi ezinkolweni iyiphi “inkolo” esibhekise kuyo lapho sithi khona “abantu benkolo”: Kusho Inkolo yamaJuda, eyamaKrestu, eyamaKhatholika, eyama-Islam, nobuBuddha, okuyizinkolo ezinkulu ezinhlanu. Phezu kwabangakholwayo, abantu abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu bayingxenye enkulu yenani labantu emhlabeni. Kulezi zinkolo ezinhlanu, labo asebekwenze umsebenzi wabo ukukholwa—abalandeli abasebenzela inkolo ngokugcwele—bambalwa, kodwa lezi zinkolo zinamakholwa amaningi. Amakholwa azo aya endaweni ehlukile uma efa. “Ehlukile” ehluke kunekabani? Ehlukile kweyabangakholwayo, kweyabangenankolo, ebesikhuluma ngabo khona manje. Emva kokufa, abakholwa kulezi zinkolo ezinhlanu baya kwenye indawo, endaweni ehlukile kweyabangakholwayo. Umhlaba kamoya uzokhipha isahlulelo ngabo ulandela lokho abakwenzile ngaphambi kokufa, kulandele ukuthi benziwe izinto ezifanele. Kungani-ke kodwa laba bantu bebekwa endaweni ehlukile lapho bezohlungwa khona? Kunesizathu esibalulekile salokhu. Siyini leso sizathu? Ngizonichazela ngokwenza isibonelo.

Masibhekise enkolweni yamaBuddha: Make nginitshele iqiniso. Umuntu ongumBuddha, okokuqala, lowo ngumuntu ophendukele enkolweni yamaBuddha, futhi ngumuntu owaziyo ukuthi inkolo yakhe iyini empeleni. Uma umBuddha egunda izinwele bese eba yindela noma yindelakazi, lokho kusho ukuthi uziqhelelanisile nomhlaba wezinto ezibambekayo washiya izinto zomhlaba womuntu kude le. Zonke izinsuku bahaya imibhalo yakhona badle ukudla okuyimifino kodwa, baphila impilo yokuzithiba, izinsuku zabo zidlula zihambisana nelambu elishisa ibhotela elibandayo nelikhanya okulufifi. Abenkolo yamaBuddha baphila impilo yabo ngale ndlela. Uma impilo yabo yomzimba wenyama iphela, benza isifinyezo sempilo yabo, kodwa ezinhliziyweni zabo abazi ukuthi bazoya kuphi emva kokufa, bazohlangana nobani, futhi bazoba nesiphelo esinjani—ezinhliziyweni zabo abacacelwa yilezi zinto. Ayikho into abayenzile ngaphandle kokuphila impilo yabo yonke ngokunganaki bephelekezelwa yinkolo, emva kwalokho bayawushiya umhlaba bephelekezelwa ngamathemba nemibono engasho lutho. Leso yisiphetho sempilo yabo yenyama okuthi lapho beshiya khona emhlabeni wabaphilayo, nalapho impilo yabo iphela, babuyele endaweni yabo yakuqala emhlabeni kamoya. Ukuthi labo bantu babuyiselwe enyameni ukuba babuyele emhlabeni bayoqhubeka nempilo yokuzifundisa kuncika ekuthini ukuziphatha kwabo nakho ukuzifundisa lokho ngaphambi kokuthi bafe. Uma bengenzanga lutho olungafanele ngesikhathi besaphila, bazobuyiselwa enyameni masinya babuyiselwe emhlabeni futhi, lapho bezofika bagunde khona izinwele ekhanda babe yizindela noma izindelakazi. Baba yizindela noma izindelakazi kathathu noma kasikhombisa: Ngokwenqubo yokuqala, imizimba yabo yenyama iyazifundisa, emva kwalokho bayafa babuyele emhlabeni kamoya, lapho befika bahlolwe khona, emva kwalokho—uma kungenazinkinga—bangabuyela futhi emhlabeni wabantu, baqhubeke nokuzifundisa, okusho ukuthi bangaphinda futhi baphendukele enkolweni yamaBuddha baqhubeke nokuzifundisa. Uma sebebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, bazophinda babuyele emhlabeni kamoya, okuyilapho beya khona njalo uma impilo yabo yenyama iphela. Uma okubenza bemukeleke nezindlela zokuziphatha emhlabeni wabantu kuhambisana nemithetho yasezulwini ngokomhlaba kamoya, kusukela lapho bayohlala khona okokuphela; ngeke besabuyiselwa enyameni njengabantu, ngeke futhi besangena engcupheni yokujeziselwa ukwenza okubi. Ngeke baphinde babhekane nale nqubo. Esikhundleni salokho, ngokwezimo zabo, bazohlala endaweni kamoya, okuyindawo amaBuddha ayibiza ngenzuzo yokungafi. Uyaqonda manje, yebo? Kusho ukuthini ukuthi “inzuzo yokungafi” ngokwenkolo yamaBuddha? Kusho ukuba yisithunywa somhlaba kamoya, lapho kungekho khona ukubuyiselwa enyameni noma ukujeziswa. Ngaphezu kwalokho, kusho ukungabe kusaba nenhlupheko okuyinkinga yokuba ngumuntu emva kokubuyiselwa enyameni. Ngakho lisekhona yini elinye ithuba lokuthi babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane? Alikho nhlobo. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi bahlalele ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya kanti abasezubuyiselwa enyameni njengabantu. Yisibonelo esisodwa lesi sokungena kulokhu abakubiza ngokuthi ukuzuza ukungafi.

Kwenzekani ngalabo abangakuzuzanga ukungafi? Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayahlolwa baqinisekiswe yisithunywa, uma betholakala bengazange bazifundise ngokukhuthala noma bazi imibhalo ngokukhuthala njengoba kubalula inkolo yamaBuddha; esikhundleni salokho, benza okubi kakhulu, bakwenza kakhulu okubi lokho. Uma bebuyela emhlabeni kamoya, bayehlulelwa ngokwenza okubi, kulandele ukujeziswa. Kulokhu, akukho ukukhetha abathile. Umuntu onje ukuzuza nini ukungafi? Uma empilweni yakhe engakwenzi okubi—uma, emva kokubuyela emhlabeni kamoya, kubonakala ukuthi akenzanga lutho olungafanele ngaphambi kokuthi afe. KULUNGILE! Bona bayaqhubeka nokubuyiselwa enyameni, baqhubeke basho imibhalo, badluliseizinsuku zelambu elishisa ibhotela elibandayo, elikhanya kalufifi, bengabulali noma yini ephilayo, bengadli inyama, futhi bengahlanganyeli ezintweni ezenziwa emhlabeni wabantu, beshiya izinkathazo emuva futhi kude, bengaxabani namuntu. Ngenkathi kwenzeka lokho, bangenzi bubi, kuba sekulandela ukuthi babuyele emhlabeni kamoya, kuthi emva kwazo zonke izenzo zabo nokuziphatha sekuhloliwe, babe sebephindiselwa emhlabeni wabantu futhi, ekujikelezeni ozokwenzeka izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa. Uma kungabi khona okuphoxayo ngalesi sikhathi, ukuzuza kwabo ukungafi kuzobe sekuhlala kungathintekile ngokungafanele, futhi bazophumelela. Lena indaba yokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa yabo bonke abantu benkolo: Bayakwazi-ke lapha ukuzuza ukungafi, bathathe indawo emhlabeni kamoya. Lokhu yikhona okubenza behluke kwabangakholwayo. Okokuqala, ngenkathi besaphila emhlabeni, kumele baziphathe kanjani labo abakwazi ukuthatha indawo emhlabeni kamoya? Kumele bangenzi nobuncane ububi: Akumele babulale, bashise abantu, badlwengule, noma baphange izimpahla zabantu; kodwa uma bekhwabanisa, bekhohlisa, bentshontsha, beqola, ngeke bakuzuze ukungafi. Okusho ukuthi, uma behlobana noma besondelana nokwenza okubi, ngeke baphunyule ekujezisweni emhlabeni kamoya. Umhlaba kamoya wenza amalungiselelo amaBuddha azuze ukungafi: Anganikwa umsebenzi wokulawula labo ababonakala bekholwa enkolweni yamaBuddha, kanye naseNdodeni Endala Esesibhakabhakeni, amaBuddha azonikwa igunya lokuphatha, angaphatha abangakholwayo, noma abe yizithunywa esisezingeni eliphansi. Lokhu kubekwa kuhambisana nobunjalo bale miphefumulo. Yisibonelo senkolo yamaBuddha lesi.

Ezinkolweni ezinhlanu esikhulume ngazo, ubuKrestu bukhethekile ngandlela thile. Yini ekhetheke kangako ngobuKrestu? Laba ngabantu abakholwa kuNkulunkulu weqiniso. Singabafaka kanjani kulolu hla abantu abakholwa wuNkulunkulu weqiniso? Kungoba ubuKrestu buyemukela kuphela ukuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa futhi bayamphikisa uNkulunkulu abanabo ubungane Naye. Ingani babethela uKrestu esiphambanweni, bazifaka bona esimeni sokuba yizitha kuNkulunkulu nomsebenzi Wakhe wezinsuku zokugcina, imiphumela yalokho yabenza baba yiqeqebana lenkolo. UbuKrestu buwuhlobo lwenkolo, buyiyo, ngaphandle kokungabaza, buhlobene nenkolo—buwumsebenzi othile, buyibandla, bungukukholwa, buthe ukwehluka enkolweni yalabo abalandela uNkulunkulu ngokweqiniso. Isizathu sokuthi ngibufake kulolu hlu lwezinkolo ezinhlanu ezinkulu ukuthi ubuKrestu busezingeni elilodwa nobuJuda, inkolo yamaBuddha, kanye ne-Islam. AmaKrestu amaningi awakholwa ukuthi ukhona uNkulunkulu, nokuthi ubusa phezu kwezinto zonke, awakholwa futhi ukuthi ukhona. Esikhundleni salokho, azinikela ekukhulumeni ngobukholwa ebhekisa emibhalweni yeBhayibheli, asebenzisa isifundo sobukholwa ukufundisa abantu ukuthi babe nomusa, babekezelele ukuhlushwa, nokwenza izinto ezinhle. Buyilolo hlobo lwenkolo ubuKrestu: Bunamathela kuphela emibhalweni yezinkolo, abubhekisi nakancane emsebenzini kaNkulunkulu wokulawula aphinde asindise umuntu, yinkolo yalabo kuphela abalandela uNkulunkulu bebe bengemukelwa wuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu unawo umgomo awubhekise kubona. Akabaphathi nje noma ikanjani ngokuzibonela Kwakhe, ngendlela efanayo nabangakholwayo. Indlela asebenza ngayo udaba lwabo iyafana neyamaBuddha: Uma, ngenkathi besaphila, umKrestu eziqoqile ngokwakhe, ehlala ngempela Emithethweni Elishumi kanye nakweminye imithetho, ehlala emithethweni yalokho okuthinta ukuziphatha kwakhe – nokuthi uma engakwenza empilweni yakhe yonke—bazophinda badinge ukuchitha isikhathi esifanayo ekujikelezeni wokuphila nokufa ngaphambi kokuthi bazuze ngokweqiniso lokho okubizwa ngokuhlwithwa. Emva kokuzuza lokhu “kuhlwithwa,” babe sebehlala emhlabeni kamoya, lapho benikwa khona isikhundla sokuba ngesinye sezithunywa. Ngokufanayo, uma benza okubi emhlabeni, uma bona futhi benza izono eziningi, akube kusavikeka ukuthi bajeziswe bagotshwe ngobunzima obehlukahlukene. Enkolweni yamaBuddha, ukuzuza “ukungafi” kusho ukungena eNirvana, kubizwa ngokuthini-ke lokho enkolweni yobuKrestu? Kubizwa “ngokungena ezulwini” kanye “nokuhlwithwa.” Labo “abahlwithwe” ngokweqiniso bayaphinda nabo bangene ekujikelezeni kwempilo yokuphila nokufa izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, okuzothi emva kwakho, emva kokufa, bafike emhlabeni kamoya, kungathithi balele basebuthongweni. Uma bephelelisekile bayakwazi ukusala bebamba iqhaza, kanti, kungafani nabantu abesemhlabeni, ababuyiselwa enyameni ngendlela elula, noma ngokwesivumelwano.

Kuzo zonke lezi zinkolo, isiphelo okukhulunywa ngaso nesilwela ukusizuza siyafana nokuzuza ukungafi kwabenkolo yamaBuddha—ukuthi kubantu abangamaKrestu lokhu kutholakala ngezindlela ezahlukile. Bawuhlobo olulodwa. Ngokuba ngabantu balezi zinkolo abakwazi ukuhlala ngeqiniso emithethweni yayo inkolo ekuziphatheni kwabo, lolu hlobo lwabantu, uNkulunkulu ubapha indawo efanele abayise kuyo, indawo abafanelwe ukuba kuyo, abaphathe ngendlela efanelekile. Konke lokhu kungokwamukelekayo, kodwa akufani nendlela abantu abakucabanga ngayo. Manje, senikuzwile konke okwenzeka ngabantu abangamaKrestu, nizizwa kanjani nina? Niyakhathazeka ngabo? Niyabezwela? (Kancane.) Akukho okungenziwa—kumele bazilahle bona ngecala. Kungani ngisho kanje? Umsebenzi kaNkulunkulu uliqiniso, uNkulunkulu uyaphila futhi ukhona, umsebenzi Wakhe uhloselwe abantu bonke ungowawo wonke umuntu—kungani amaKrestu engakwemukeli lokhu? Kungani bemphikisa futhi bemelana noNkulunkulu? Banenhlanhla ukuthi banesiphelo esikanje, kungani-ke nibazwela? Ukuthi baphathwe kanje kukhombisa ukubabekezelela okukhulu. Ngendlela abaphikisa ngayo uNkulunkulu, kumele babhujiswe—kodwa uNkulunkulu akakwenzi lokho, uphethe ubuKrestu njengenkolo ejwayelekile. Esimeni esinje, ngabe sikhona isidingo sokuthi sijule nangalezi ezinye izinkolo? Yini ewumongo walezi ezinye izinkolo zizonke? Ukuthi abantu babe nomusa, bangenzi okubi. Bathole ubunzima obukhulu, bangenzi okubi, basho izinto ezinhle, benze izenzo ezinhle, bangethuki abanye, bangafinyeleli ezinqumeni ngabanye abantu, bazehlukanise nezingxabano, benze izinto ezinhle, babe ngabantu abahle—eziningi izimfundiso zezinkolo zisho lokhu. Ngakho, uma laba bantu benkolo—laba bantu bezinkolo eziningi namahlelo—bekwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, ngeke benze amaphutha amakhulu noma izono ngesikhathi besaphila emhlabeni, kanye nasemva kokuba bebuyiselwe enyameni izikhathi ezintathu noma eziyisikhombisa, kakhulu-ke laba bantu, abantu abakwazi ukuhlala ngokweqiniso emithethweni yenkolo, bazokwazi ukubamba iqhaza emhlabeni kamoya. Ngabe baningi abantu abanjalo? Akulula ukwenza okuhle, noma ukuhlala emithethweni. Inkolo yamaBuddha ayibavumeli abantu badle inyama—ungakwenza lokho? Uma kungathiwa gqoka izingubo ezimpunga usho imibhalo ngendlela yamaBuddha ethempelini usuku lonke, ungakwenza lokho? Ngeke kube lula. UbuKrestu buneMithetho Elishumi kanye neminye imithetho, ngabe le miyalelo nemithetho kulula ukuhlala kuyo? Akunjalo! Bheka ukungethuki abanye: Abantu abakwazi ukuhlala kulo mthetho, yebo? Abakwazi ukuzivimba, bayethukana—emva kwalokho abakwazi ukukwesula lokho, benzanjani-ke? Ebusuku bavuma izono zabo! Abakwazi ukuvika ukwethuka abanye abantu, emva kwalokho babe nenzondo futhi ezinhliziyweni zabo, baphinde bedlulele ekuzilungiseleleni isikhathi abazobalimaza ngaso. Uma sihlanganisa, kulabo abaphila ngale nkolo efile, akulula ukungoni nokungenzi okubi. Ngakho, kuyo yonke inkolo, bambalwa abantu abakwazi ukuzuza ukungafi. Ucabanga ukuthi njengoba abantu abaningi belandela lezi zinkolo, baningi abazothola ithuba lokubamba iqhaza emhlabeni kamoya! Ababaningi kangako nokho, bambalwa abakwazi ukufinyelela kulokhu. Kungako esingakhuluma ngakho ngokujikeleza kwempilo yokuphila nokufa kwabantu benkolo. Okubehlukanisayo ukuthi bayakwazi ukuzuza ukungafi, okuyiwona mahluko abanawo kwabangakholwayo.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana