Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Februwari 4, 2019

Ukufa nokuphila kwabangakholwayo

Masiqale ngokufa nokuphila kwabangakholwayo. Emva kokuthi umuntu afe, uthathwa asuswe ahanjiswe yisithunywa esivela emhlabeni kamoya. Sizothi yini yakhe esuswayo? Akuyona inyama, kodwa umphefumulo. Uma ususwa umphefumulo wakhe, ufikela endaweni esebenzela umhlaba kamoya, okuyindawo eyamukela imiphefumulo yabantu abafile. (Qaphela lokhu: Indawo yokuqala afikela kuyo umuntu ofile awuyazi umphefumulo.) Uma efika kule ndawo, kunesisebenzi esimhlolayo, esiqinisekisa igama lakhe, ikheli, iminyaka yobudala, kanye nokuthi wenzeni ngempilo yakhe. Konke akwenzile ngempilo yakhe kubhalwa phansi encwadini kuqinisekiswe ukuthi kushaya emhlolweni. Uma sekuhloliwe konke, ukuziphatha kwakhe lowo muntu kanye nezenzo zakhe empilweni yakhe yonke kusetshenziselwa ukuthola ukuthi kumele ajeziswe noma aqhubeke nokuvuselelwa njengomuntu, okuyisigaba sokuqala. Ngabe siyethusa lesi sigaba sokuqala? Asethusi kakhulu, ngoba into yokuqala eseyenzekile ukuthi lo muntu usefikile endaweni emnyama nengajwayelekile. Akwethusi kakhulu lokho.

Esigabeni sesibili, uma lo muntu enze izinto ezimbi eziningi empilweni yakhe yonke, enze izenzo ezingezinhle, uzobe eseyiswa endaweni yesijeziso ayojeziswa. Yiyona ndawo azoyiswa kuyo, indawo ebekelwe ukujezisa abantu. Imininingwane yokujeziswa kwakhe incike ezonweni azenzile, nokuthi zingaki izinto ezimbi azenzile ngaphambi kokuthi afe—okuyisimo sokuqala esifika uma usesigabeni sesibili. Ngenxa yezinto azenzile nobubi abenzile ngaphambi kokufa, uma ebuyiselwa enyameni emva kokujeziswa—uma ephinda futhi ezalelwa emhlabeni wezinto ezibambekayo—abanye abantu bazoqhubeka babe ngabantu, abanye babe yizilwane. Lokho kusho ukuthi, emva kokuba umuntu ebuyele emhlabeni kamoya, uyajeziswa ejeziselwa ububi abenzile; ngaphezu kwalokho, ngenxa yezinto ezimbi azenzile, ukubuyiselwa enyameni okulandelayo akabi ngumuntu, kodwa uba yisilwane. Izilwane abangaba yizo abanjengaye zibandakanya izinkomo, amahhashi, izingulube, kanye nezinja. Abanye abantu bangaba yizinyoni esibhakabhakeni, noma amadada noma amahansi…. Emva kokubuyiselwa enyameni babe yizilwane, uma sebefa babuyela emhlabeni kamoya, bese, njengakuqala, ngokokuziphatha kwabo kokuqala uma sebefa manje umhlaba kamoya uzokhetha ukuthi babuyiselwa enyameni babe ngabantu yini noma cha.

Abaningi abantu benza ububi obukhulu, izono zabo zimbi kakhulu, ngalokho uma bebuyiselwa enyameni baba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili—akwesabisi lokho? Yini oyesabayo wena? Ukuthi umuntu abe yisilwane, kuyesabisa lokho. Kumuntu, yini esingathi ibuhlungu ngokuphenduka isilwane? Ukungabi nalulimi ozolukhuluma, ukuba nemicabango elula, ukukwazi kuphela ukwenza izinto ezenziwa yizilwane nokudla izinto ezidliwa yizilwane, ukuba nomqondo ongajulile kanye nokusebenzisa umzimba ukudlulisa imilayezo njengesilwane, ukungakwazi ukuhamba uqondile, ukungakwazi ukukhuluma nabantu, nokuthi akukho ukuziphatha kwabantu nezinto abazenzayo ezibahlanganisa nezilwane. Okusho ukuthi, kuzo zonke izinto, ukuba yisilwane kukwenza umuntu osezingeni eliphansi kunazo zonke izinto eziphilayo, futhi kubuhlungu kakhulu kunokuphila njengomuntu phaqa. Eyodwa lena yezinto zomhlaba kamoya eziyisijeziso kulabo abenze ububi benza nezono ezinkulu. Uma kubhekiswa ebunzimeni besijeziso, lokho kuya nokuthi silwane sini umuntu aphenduka abe yiso. Isibonelo, ngabe ukuba yingulube kungcono kunokuba yinja? Ngabe ingulube iphila impilo engcono kuneyenja? Embi kakhulu, noma kanjani. Uma umuntu eba yinkomo noma yihhashi, ngabe uphila kangcono kunengulube? (Kangcono.) Kubukeka sengathi, uma ithuba ulinikiwe, kuba khona okuzwayo. Ngabe umuntu uphila kangcono uma eyikati? Nempela kungcono kunokuba yihhashi noma yinkomo. Uma bewukhethiswa ezilwaneni ongaba yizo, ungakukhetha ukuba yikati, kungakuphatha kangcono, ngoba ungaba yivila esikhathini esiningi uzilalele nje. Ukuba yinkomo noma yihhashi kunomsebenzi omkhulu, ngakho uma abantu bebuyiselwa enyameni ngokuphendulwa inkomo noma ihhashi, kumele basebenze kanzima—okubukeka kuyisijeziso esisindayo. Ukuba yinja kuthe ukuba ngcono kunokuba yinkomo noma yihhashi ngoba inja inobuhlobo obuhle nomniniyo. Okunye ngaphezu kwalokho, namhlanje, abantu abaningi banezinja, kanti emva kweminyaka emithathu emihlanu inja ibe seyikuzwa okuningi abakushoyo! Kungoba inja iyamuzwa umniniyo uma ekhipha amazwi, imqonda kangcono umniniyo, futhi iyakwazi nokumelana nendlela azizwa ngayo kanye nezidingo zakhe, ngakho umniniyo uyiphatha kahle, bese idla kahle iphuza kahle, futhi uma igula inakekelwa kakhulu—ngabe inja ayiphili impilo emnandi? Ngaleyo ndlela ukuba yinja kungcono kunenkomo noma ihhashi. Kulokhu, ubunzima besijeziso somuntu buvezwa ukuthi ubuyiselwa izikhathi ezingaki enyameni babe yizilwane, nokuthi yiziphi izinhlobo zezilwane ababuyiselwa enyameni babe yizo. Uyakuzwa lokho, yebo?

Kungoba benze izono eziningi besaphila, abanye abantu bazojeziswa ngokubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane izikhathi eziyisikhombisa kuya kwezilishumi nambili. Uma isijeziso sesithathe izikhathi eziningi ngokwanele, uma umuntu ebuyela emhlabeni kamoya udluliselwa kwenye indawo. Imiphefumulo eyahlukahlukene kule ndawo seyisitholile isijeziso, manje izobe seyiba sezingeni lokubuyiselwa enyameni ibe ngabantu. Le ndawo ihlukanisa imiphefumulo ngokwezinhlobo ukuthi izoya kuluphi uhlobo lomndeni uma izalwa, ukuthi izobamba liqhaza lini uma seyibuyiselwe enyameni, kanjalo kanjalo. Isibonelo, abanye abantu baba ngabaculi uma befika kulo mhlaba, bese bebekwa eqeqebeni labaculi; abanye bazoba ngosomabhizinisi uma befika kulo mhlaba, bese babekwe eqeqebeni losomabhizinisi, kuthi uma umuntu ezoba ngumcwaningi owusosayensi uma eba ngumuntu, abekwe eqeqebeni labacwaningi bezesayensi. Uma sebefakiwe emikhakheni yabo, umuntu ngamunye uthunyelwa ngesikhathi esihlukile nangosuku olukhethiwe, kufane nendlela abantu abathumela ngayo ama-imeyili namhlanje. Ngalokhu umuntu useqede umzuliswano owodwa wokuphila nokufa, kanti kuba nomnyakazo omkhulu. Kusukela ngosuku afika ngalo umuntu emhlabeni kamoya kuze kube kuphela isijeziso sakhe, angaphendulwa isilwane izikhathi eziningi, bese ebuyiselwa ekuphendulweni abe ngumuntu futhi; wumjikelezo ophelele lona.

Ngabe labo abaqede izijeziso zabo, abangasezubuyiselwa enyameni ngokuba yizilwane, banokuthunyelwa masinya emhlabeni wezinto ezibambekayo njengabantu? Noma kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi babuye babe ngabantu? Laba bantu baba ngabantu izikhathi ezimi kanjani?[a] Kunemikhawulo yesikhashana kulokhu. Konke okwenzeka emhlabeni kamoya kulawulwa imikhawulo nemithetho efanele—uma ngingachaza ngokusebenzisa izinombolo, nizoqonda. Kulabo ababuyiselwa enyameni ngokuthatha isikhathi esincane, uma befa ukuphinda bazalwe njengabantu kuyalungiselelwa. Isikhathi esifushane kunazo zonke kuba yizinsuku ezintathu. Kwabanye abantu, kuba yizinyanga ezintathu, kwabanye kube yiminyaka emithathu, kuthi kwabanye kube yiminyaka engamashumi amathathu, kanti kwabanye kuba ngamakhulu amathathu eminyaka, kuze kuthi kwabanye kube yizinkulungwane ezintathu zeminyaka, njalo-njalo. Yini-ke engaphawulwa ngale mithetho yesikhashana, yini eyiqukethe ngempela? Ukufika komphefumulo emhlabeni wezinto ezibambekayo, okuwumhlaba wabantu, kuncike esidingweni: Kuya ngokuthi qhaza lini elizobanjwa yilo muntu emhlabeni. Uma abantu bebuyiselwa enyameni njengabantu abejwayelekile, abaningi babo babuyiselwa enyameni masinya, ngoba umhlaba wabantu unesidingo esikhulu sabantu abanjalo, bese bebuyiselwa ezinsukwini ezintathu ezilandelayo emindenini ehlukile kunale abebekuyo ngaphambi kokufa. Kodwa kukhona labo okufanele badlale indima ekhethekile kulo mhlaba. “Ekhethekile” kusho ukuthi asikho isidingo esikhulu salaba bantu emhlabeni wabantu; ababaningi okudingeka badlale leyo ndima, ngakho bangathatha iminyaka engamakhulu amathathu ngaphambi kokuthi babuyiselwe enyameni. [b] Lokho kusho ukuthi, lowo mphefumulo uzobuya kanye njalo emva kweminyaka engamakhulu amathathu, noma kube kanye emva kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu. Kungani kunjalo? Kungoba eminyakeni engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu aludingeki lolo hlobo lomuntu emhlabeni wabantu, ngalokho bagcinwa endaweni ethile emhlabeni kamoya. Masibheke umuntu onjengoConfucius, njengesibonelo. Wayenethonya elijulile emasikweni omdabu eChina. Cishe niyamazi nonke; ukufika kwakhe kwaba nomphumela omkhulu emasikweni, olwazini, kokomdabu, kanye nasekucabangeni kwabantu bangaleso sikhathi. Kodwa umuntu onjengalona akadingeki minyaka yonke, kwabe sekudingeka ukuthi ahlale emhlabeni kamoya, walinda khona iminyaka engamakhulu amathathu noma eyizinkulungwane ezintathu ngaphambi kokuthi abuyiselwe enyameni. Kungoba umhlaba wabantu wawungamdingi umuntu onjengalona, kwadingeka alinde engenzi lutho, ngokuthi kwakunesidingo esincane somuntu onjengaye, kwabe kukuncane okwakumele akwenze, ngakho kwadingeka agcinwe ndawana thile emhlabeni kamoya isikhathi esithile, engenzi lutho, ukuze akhishelwe emhlabeni wabantu uma sewumdinga. Lena yimithetho yokomoya yesikhashana eholela ekuthini abantu babuyiselwe enyameni. Noma bangaba ngabantu abejwayelekile noma abakhethekile, umhlaba kamoya unemithetho efanele nezindlela ezinembayo ukwenza umsebenzi wokubuyisela enyameni abantu, kanti le mithetho kanye nezindlela kuphuma kuNkulunkulu, yehlika ivela kuNkulunkulu, ayinqunywa noma ilawulwe yisithunywa noma ibe semhlabeni kamoya. Manje seniyaqonda, yebo?

Umphefumulo noma yimuphi, iqhaza olibamba emva kokubuyiselwa enyameni—ukuthi yiliphi iqhaza lawo kule mpilo—ukuthi uzalelwa kumuphi umndeni, nokuthi impilo yawo injani kuncike empilweni yawo edlule. Zonke izinhlobo zabantu ezifika kulo mhlaba wabantu, iqhaza ezilibambayo kalifani, njengemisebenzi eziyenzayo lezi zinhlobo. Yimiphi leyo misebenzi? Abanye abantu bafikela ukuzokhokha izikweletu: Uma bebekweleta abanye izimali eziningi empilweni yabo edlule, bayazikhokha lezo zikweletu. Abanye abantu, ngaleyo nkathi, babuyela ukuzoqoqa izikweletu: Babeqolwe izinto eziningi, nemali eningi empilweni yabo edlule, emva kokufika emhlabeni kamoya banikwa ubulungiswa bavunyelwe ukuzoqoqa izikweletu kule mpilo. Abanye abantu babuyela ukuzokhokha izikweletu zokubonga: Empilweni yabo edlule—ngaphambi kokuthi bafe—kunomuntu osuke eye waba nomusa kubo, kuthi empilweni yabo yamanje banikwe ithuba elikhulu lokubuyiselwa enyameni bazalwe futhi ukuba bazokhokha isikweletu sokubonga. Abanye, ngaleyo nkathi, baphinde bazalwa kulesi sikhathi samanje ukuba bathole ukuphila nje. Iyiphi impilo abayitholayo? Kusuke kunomuntu obabulele empilweni yabo edlule. Uma sihlanganisa, wonke umuntu ophilayo manje impilo yakhe ihlobene nempilo yakhe edlule, ihlobene ngokungehlukaniswe. Okusho ukuthi, impilo yomuntu wonke ophila manje ithola ithonya empilweni yakhe eyedlule. Isibonelo, ngaphambi kokuthi afe uZhang wenza inkohlakalo ngemali kaLi eningi kakhulu. Ngabe uZhang unesikwelethu esikhulu kuLi? Uma kunjalo, ngabe kuyimvelo ukuthi uLi aqoqe isikweletu sakhe kuZhang? Ngakho, emva kokufa kwabo, kunesikweletu okufanele sikhokhwe phakathi kwabo, uma bebuyiselwa enyameni uZhang bese eba ngumuntu, ngabe uLi usiqoqa kanjani isikweletu sakhe kuye? Kokunye okungenzeka ukuthi uLi azalwe njengendodana kaZhang bese siqoqeka isikweletu, ingani uZhang usenguyise. Yilokho okunokwenzeka kule mpilo, empilweni yanamuhla. Uyise kaLi okunguZhang uthola imali eningi, ilokhu idliwa nguLi nje. Noma angathola malini uZhang, uLi indodana yakhe “umsiza” ngokuyisebenzisa. Noma angathola malini uZhang, ayeneli, umfana wakhe, ngaleso sikhathi, ngasizathu sithile uzithola edla imali kayise ngezindlela eziningi ezahlukene. UZhang udidekile nje: “Kwenzekani? Kungani indodana yami imosha nje? Kungani amadodana abanye abantu eziphethe kahle kangaka? Kungani indodana yami ingenanhloso enhle empilweni, kungani ingento yalutho ingakwazi ukuzenzela imali ngokwayo, kungani kudingeka njalo ngiyixhase? Ngoba kudingeka ngiyixhase, ngizoyixhasa-ke, kungani kodwa ukuthi noma ngingayinika malini, idinga enye eningi futhi? Kungani ingenzi umsebenzi wosuku nje onokwethembeka? Kungani iwulova nje, iyadla, iyaphuza, iyafeba, iyabheja—ikwenza konke? Kwenzekani nje kimi?” UZhang athi ukucabanga kancane: “Ngabe kungoba ngamkweleta kakhulu empilweni yakhe edlule? Kungenzeka kambe ukuthi kungoba bengimkweleta imali empilweni edlule. O, kuhle-ke, ngizosikhokha isikweletu! Ngeke kuphele lokhu ngize ngisikhokhe sonke ngokuphelele!” Lungafika usuku lapho uLi esithola khona sonke isikweletu sakhe, kuthi ngenkathi efika eminyakeni engamashumi amane noma amahlanu, kufike usuku lapho efikelwa khona wumcabango ophusile: “Angenzanga lutho oluhle kuwo wonke uhhafu wokuqala wempilo yami! Ngiyidle yonke imali ubaba ayisebenzile—kumele ngiziphathe kahle! Ngizolungisa isimo sami: Ngizokwethembeka, ngiphile impilo efanele, ngingaphindi ngimkhubekise ubaba futhi!” Kungani ecabanga ngale nto? Kungani eseguquka manje eba ngumuntu okahle? Ngabe sikhona isizathu salokhu? Siyini sona leso sizathu? Eqinisweni, kungoba esesiqoqe sonke isikweletu sakhe; sikhokhiwe isikweletu. Kulokhu, kukhona imbangela nomphumela. Indaba yaqala kudaladala, ngaphambi kokuthi bazalwe bobabili, ngakho le ndaba yabo yempilo edlule ibuyiselwe empilweni yamanje, akekho kubo ozolahla omunye ngecala. Lokhu nalokhuya uZhang ayifundise khona indodana yakhe, ayizange ikulalele, ayizange yenze nomncane umsebenzi noma ngowosuku nje—kodwa kuthe ngosuku isikweletu esaphela ngalo, akubanga khona sidingo sokuthi ayifundise indodana yakhe; yavele yaqonda izinto ngokwemvelo. Yisibonelo esilula njena lesi, kukhona, ngaphandle kokuthandabuza, eziningi ezinye izibonelo ezifana nalezi. Kusho ukuthini kubantu lokhu? (Ukuthi kumele baziphathe kahle.) Ukuthi akumele benze okubi, kuzoba khona imiphumela engemihle kubo ngokwenza okubi! Abaningi abangakholwa, uyababona, benza okubi, kanti ububi ababenzile sebube nayo imiphumela engemihle kubo, angithi kunjalo? Kungabe-ke imiphumela engemihle kubo ayibafanele? Konke okuholele emiphumeleni engemihle kubo kunesizathu. Ucabanga ukuthi akukho okuzokwenzeka kuwe uma wenze inkohlakalo kumuntu ngemali yakhe? Ucabanga ukuthi, emva kokuqola umuntu imali, akukho miphumela kuwe emva kokuthatha imali yakhe? Ngeke kungenzeki lutho: Isondo liyajika—kuliqiniso lokhu! Okusho ukuthi noma ngabe bangobani, noma bayakholwa noma cha ukuthi uNkulunkulu ukhona, wonke umuntu kumele azithwalele yena imiphumela yokuziphatha kwakhe, amukele okulandela emva kwezenzo zakhe. Mayelana nalesi sibonelo esilula—uZhang esejezisiwe, noLi esekhokhelekile—kwamukelekile lokhu? Kwamukelekile. Uma abantu benza izinto ezinjena, kukhona imiphumela enjalo emelwe ukuba khona. Ingabe ikhishiwe ekuphathweni komhlaba kamoya? Akuhlukaniseki nokuphathwa komhlaba kamoya. Phezu kokuba bengabangakholwayo, labo abangakholwa uNkulunkulu, ubukhona babo buyayithinta inqubo yezulu nemiyalelo yalo akekho noyedwa ongayibalekela; noma ngabe unesikhundla esiphakeme kangakanani emhlabeni wabantu, akekho okwazi ukuvika leli qiniso.

Labo abangenakho ukukholwa bavame ukukholwa ukuthi yonke into ebonakalayo ikhona, kanti konke okungabonwa, noma okukude kakhulu nabantu, akukho. Bakhetha ukukholwa ukuthi ayikho into okuthiwa “yisikhathi sokuphila nokufa,” futhi asikho “isijeziso,” ngakho bayona benze isono ngaphandle kokuzisola—emva kwalokho bajeziswe, noma babuyiselwe enyameni ngokwenziwa izilwane. Iningi kulabo abangakholwayo bawela kulo mzuliswano onzima. Kungani kunjalo? Kungoba abazi ukuthi umhlaba kamoya uyakumela ukulawula kwawo konke okuphilayo. Noma ngabe uyakholwa noma awukholwa, leli qiniso limile, ngokuthi akukho noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuvika lokho uNkulunkulu akubonayo ngamehlo Akhe, akekho futhi noyedwa umuntu noma into ekwazi ukuphunyula emithethweni kanye nasemikhawulweni yezulu nemiyalelo kaNkulunkulu. Kanjalo futhi ngiyasho ukuthi bonke kinina ngamunye ngamunye lesi sibonelo esilula; noma uyakholwa noma kawukholwa uNkulunkulu, akwamukelekile ukwenza isono nokwenza okubi, kunemiphumela, lokhu kuliqiniso eliphelele. Uma kungukuthi umuntu oqole omunye imali uthola isijeziso esinje, leso sijeziso simfanele simlingene, silungile. Ngokujwayelekile kwesikubonayo okufana nalokhu okuthola isijeziso emhlabeni kamoya, kungukujeziswa okuvela ngemiyalelo kanye nemigomo kaNkulunkulu, ngakho ukuziphatha okunobugcwelegcwele nobubi—ukudlwengula nokuqola, ukukhwabanisa nokukhohlisa, ukweba nokubamba inkunzi ukubulala nokuthungela ngomlilo, kanjalo kanjalo—kuholela ezijezisweni eziningi ezinamazinga angalingani ngobunzima. Zibandakanya ini nani lezi zijeziso ezehlukene ngamazinga obunzima? Ezinye zazo zithatha isikhathi ukufinyelela ezingeni lobunzima, ezinye zikwenza lokho ngezindlela ezahlukahlukene, kuthi ezinye zikwenze ngendawo lapho abantu beya khona uma bebuyiselwa enyameni. Isibonelo, abanye abantu banokukhuluma kabi. Kusho ukuthini “ukukhuluma kabi”? Kusho ukukhipha inhlamba wethuke abanye kanye nokusebenzisa ulimi olunendelelo, ulimi oluqalekisa abantu. Yini ebalulwa wulimi olubi? Lubalula ukuthi lowo muntu unenhliziyo embi. Ulimi olubi oluqalekisa abanye abantu luvame ukuvela emilonyeni yabantu abanjalo, kanti lolo lulimi olubi luhambisana nemiphumela enzima. Emva kokuthi laba bantu bafe bathola isijeziso esifanele, bangazalwa futhi kodwa bazalwe beyizimungulu. Abanye abantu bathanda ukucubungula kakhulu uma besaphila, bavame ukuqinela abanye, amaqhinga abo avama ukuhlelwa kahle, okuningi abakwenzayo kuyabalimaza abanye. Uma bezalwa futhi, bangazalwa bengaphelele engqondweni kungenjalo babe yizinhlanya. Abanye bavama ukuzinikela ekucingeni babone ingasese labanye abantu; amehlo abo abona okuningi abangafanele ukukubona, bazi okuningi abangafanele ukukwazi, bese bezalwa beyizimpumputhe. Abanye abantu bashesha kakhulu uma besaphila, bayalwa, benza okuningi okubi, bese kuthi uma bezalwa futhi babe nokukhubazeka, babe yizinyonga noma ngabangenaso isitho esithile mhlawumbe bangabi nangalo, kungenjalo babe yizifumbu, baxhwale ngemiqala, baxhuge, noma babe nomlenze omfushane kunomunye, njalo-njalo. Ngalokhu bawela ezijezisweni eziningi ezahlukahlukene eziya nokuthi benze ububi obungakanani ngenkathi besaphila. Bese wena uthi, kungani abanye abantu beyinsanga? Kungabe baningi abantu abanjalo? Bakhona baningi kulezi zinsuku. Abanye abantu bayinsanga ngoba empilweni yabo edlule bawasebenzise kakhulu amehlo abo, benze izinto eziningi ezimbi ngawo, uma bezalwa futhi kulo mhlaba amehlo abo aba yinsanga, ezimeni ezimbi kakhulu baba yizimpumputhe. Ngokwakho abantu abayinsanga ngabe kumnandi ukubabuka? Bayasenza isimo sibe sihle? Bheka nje ukuthi banobuso obumi kahle kanjani, isikhumba sabo sicacile siyakhanya, banamehlo amakhulu nezinkophe ezingathi zihamba ngambili—kodwa ngeshwa amehlo abo ayinsanga. Babukeka kanjani? Ngabe lokhu akuvezi ithonya lemikhuba yabo emibi? Ngalelo thonya, impilo yabo injani? Uma behlangana nabanye abantu, bacabanga bathi: “O, ngiyinsanga! Akufanele ngibuke abantu kakhulu, angifuni ukuthi babone amehlo ami. Kumele njalo uma ngikhuluma ngibheke phansi, angikwazi ukubabheka ebusweni.” Amehlo abo ayinsanga enza ukuthi ukubheka kwabo kube nendlela ethile, kuthikameza nendlela ababheka ngayo abantu ebusweni. Kulokhu, singethi balahlekelwe yindlela yokusebenzisa amehlo? Ngakho-ke, ngabe ukusebenzisa kwabo amehlo ngokweqile empilweni yabo eyedlule akulungisiwe? Ngakho, empilweni yabo elandelayo, ngeke balokothe benze into embi njengale. Ukuphindiselela lokhu!

Abanye abantu bazwana kahle nabanye ngaphambi kokuthi bafe, bebenzela okuningi okuhle labo abahlalisene nabo, abathandiweyo babo, abangani, ozakwabo, noma abantu abaxhumene nabo. Basiza abanye abantu, bayaphana futhi bayabanakekela abanye abantu, mhlawumbe babasize ngemali, abanye bayabahlonipha laba bantu, kuthi uma abantu abanjalo bebuyela emhlabeni kamoya bangakutholi ukujeziswa. Ukuze umuntu ongakholwa angajeziswa kumele abe ngumuntu oziphethe kahle kakhulu. Esikhundleni sokukholwa nguNkulunkulu, bakholwa kuphela yiNdoda Endala Yasesibhakabhakeni. Bakholwa kuphela ukuthi kunomoya ongaphezu kwabo obona konke abakwenzayo—ukuphela kwento abakholwa yiyo. Umphumela wabo yini? Baziphethe kahle. Labo bantu banezinhliziyo ezinomusa bayaphana, ekugcineni sebebuyela emhlabeni kamoya, wona umhlaba kamoya bese ubaphatha kahle baphinde babuyiselwe enyameni bazalwe futhi masinya. Luhlobo luni lomndeni abazofikela kuwo? Nakuba ungeke ube yizigwili, impilo yalowo mndeni nokho kuzoba ngenokuthula, kuzoba noxolo emalungwini awo, awuzuba namsindo, izinsuku zawo zinenjabulo, wonke umuntu kuwo uthakasile, unempilo enhle. Uma lowo muntu eba mdala, uzozala amadodana namadodakazi amaningi, abe nomndeni omkhulu, izingane zakhe zibe neziphiwo zithokozele impumelelo, kuthi zona nemindeni yazo zibe nenhlanhla ejabulisayo—umphumela onjalo usukela kakhulu empilweni yakhe edlule. Okusho ukuthi, impilo yonke yomuntu, kuze kube semva kokufa afike lapho eyiswa khona uma ebuyiselwa enyameni, noma kungowesilisa noma ngowesifazane, noma ngabe yimuphi umsebenzi wakhe, noma ngabe udlule kukuphi nakukuphi empilweni, izinkinga zakhe, izibusiso azithokozele, noma ngubani azohlangana naye, kuzokwenzekani kuye—akekho okwazi ukwenza umhlahlo walokhu, ukukuvika, noma ukuzifihla kukho. Lokho kusho ukuthi, emva kokuthi impilo yakho seyihleliwe, okuzokwenzeka kuwe, noma ungazama kanjani ukukuvika, noma yingani ozama ukuvika ngayo, awunayo indlela yokugwema uhlelo lwempilo olubekelwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya. Kungoba uma ubuyiselwa enyameni, impilo yakho isuke isihleliwe. Noma ingaba yimbi noma ingaba yinhle, wonke umuntu kumele abhekane nalokhu, aqhubekele phambili; yinto lena angekho kwabaphila kulo mhlaba ongayivika, akukho futhi kulokhu okuliqiniso kakhulu kunokunye. Kulungile-ke, uyakuqonda konke lokhu, yebo?

Uma sewukuqonda-ke lokhu, ngabe uyabona ukuthi uNkulunkulu unezindlela ezinembayo zokuqaphela kanye nokulawula impilo yokuphila nokufa kwabantu abangakholwa? Okokuqala, uNkulunkulu wenze imithetho yezulu eminingi, imiyalelo, nezinhlelo ngokomoya, emva kokwethulwa kwale mithetho, imiyalelo, kanye nezinhlelo, konke kulandelwa ngokuqinisileyo, njengokusho kukaNkulunkulu, ngabantu abasezikhundleni ezahlukahlukene emhlabeni kamoya, akekho onesibindi sokuyephula. Ngakho-ke, empilweni yabantu yokuphila nokufa emhlabeni wabantu, noma ngabe umuntu ubuyiselwe enyameni waba yisilwane noma wabangumuntu , kunemithetho kukho kokubili. Kungoba le mithetho ivela kuNkulunkulu, akekho onesibindi sokuyephula, futhi akekho nokwazi ukuyephula. Ngenxa yobukhulu bukaNkulunkulu, ngoba-ke kunale mithetho, ethi umhlaba wezinto ezibambekayo ubonwa ngabantu njengohlelekile noqondile; kungenxa yalobu bukhulu bukaNkulunkulu ukuthi umuntu akwazi ukuphila ngokuthula nomunye umhlaba ongabonakali nhlobo kumuntu, akwazi ukuphila ngoxolo nawo—kanti konke ongeke ukwehlukanise nobukhulu bukaNkulunkulu. Emva kokufa komphefumulo wenyama, umphefumulo usuke usaphila, ngakho bekuzokwenzekani uma ubungaphethwe uNkulunkulu? Lo mphefumulo bewuzozulazula yonke indawo, ungene le nale, uze ulimaze izinto eziphila emhlabeni wabantu. Lokho kulimala bekungeke kugcine kubantu, bekuzofinyelela nasezitshalweni nasezilwaneni—kodwa okokuqala okungalimala ngabantu. Uma bekungenzeka lokhu—ukuba lowo mphefumulo bewungangalawulwa, wase ulimaza abantu, wenza izinto ezimbi—bekuyoze ulawulwe emhlabeni kamoya: Uma izinto bezinqala, lowo mphefumulo bewuyoshabalala masinya, bewuyolimala uphele; uma kwenzeka, bewuyobekwa ndawana thile uze ubuyiselwe enyameni. Lokho kusho ukuthi, ukulawula komhlaba kamoya okwenzeka emiphefumulweni enhlobonhlobo kuhlelekile, kwenziwa kulandelwa izinyathelo nemithetho efanele. Kungenxa yalokhu kulawulwa ukuthi umhlaba wezinto ezibambekayo wabantu awusona isiphithiphithi, ukuthi isintu emhlabeni wezinto ezibambekayo siziphethe ngendlela eyamukelekayo, indlela enokuhlakanipha, nempilo yenyama ehlelekile. Kusemva kokuthi isintu sibe nempilo eyamukelekayo ukuthi labo abaphila enyameni bakwazi ukuqhubeka nokuphila bazalane ezizukulwaneni ngezizukulwane.

…… Uma sibhekisa kwabangakholwayo, kungabe umgomo uthi izenzo zikaNkulunkulu zivuza abahle zijezise ababi? Uyabona ukuthi kunomgomo ezenzweni zikaNkulunkulu? Kumele ukwazi ukubona ukuthi ukhona umgomo. Abangakholwayo abakholwa kuNkulunkulu, abazigcini izinhlelo zikaNkulunkulu, ababunakile nobukhulu bukaNkulunkulu, abamamukeli nakancane uNkulunkulu. Okukhulu kakhulu, bayamhlaza uNkulunkulu, bayamqalekisa futhi, benjalo nje bavukela labo abakholwa wuNkulunkulu. Nakuba laba bantu beziphethe kanjalo kuNkulunkulu, ukulawula kukaNkulunkulu kubo akusuki emigomeni Yakhe; ubaphatha ngokuhlelekile elandela imigomo Yakhe kanye nokuziphatha Kwakhe. Ngabe uyithatha kanjani indlela abamelana ngayo Naye? Uyithatha njengeyokungazi! Kubehlele laba bantu—iningi labo okungabangakholwayo—ukuthi babuyiselwe enyameni kanye ngokuba yizilwane. Manje uthini, ngabe abangakholwayo basemehlweni kaNkulunkulu? (Imfuyo.) Emehlweni kaNkulunkulu, bayilolu hlobo, bayimfuyo. UNkulunkulu uyayelusa imfuyo, uyabelusa abantu, unemigomo efanayo nakulolu hlobo lwabantu. Nasekubeluseni laba bantu ukubalawula Kwakhe kanye nezenzo Zakhe ezibhekiswe kubo, kusabonakala isimo sikaNkulunkulu kanye nemithetho Yakhe ezintweni zonke. Kulokho, niyabubona na ubukhulu bukaNkulunkulu emigomeni Yakhe aphatha ngayo labo abangakholwayo engikhulume ngabo?Niyasibona isimo sokulunga kukaNkulunkulu? (Siyasibona.) Niyabubona ubukhulu bukaNkulunkulu, niyasibona isimo Sakhe? Okusho ukuthi, noma ngabe yiziphi izinto asebenza ngazo, uNkulunkulu ulandela imigomo Yakhe kanye nesimo Sakhe. Lobu ubuqu bukaNkulunkulu. Akaveli ayephule kalula nje imiyalelo noma kungaba yimithetho yasezulwini ayibeka Yena ngoba ethatha lolu hlobo lwabantu njengemfuyo; uNkulunkulu wenza izinto elandela imigomo, akagudluki nakancane, izenzo Zakhe azithonywa nakancane okunye, noma ngabe wenzani, konke ukwenza elandela imigomo Yakhe. Lokhu kufakazela ukuthi uNkulunkulu unobuNkulunkulu Kuye Uqobo, okuyinto engajwayelekile engekho kunoma yini edaliwe. UNkulunkulu uyazinikela akubeke emahlombe Akhe konke akwenzayo, indlela enza ngayo, indlela akuphethe ngayo, indlela akusebenza ngayo, nendlela abusa ngayo yonke into, abantu, kanye nezinto eziphilayo kuzo zonke izinto azidala, akakaze futhi abe nobudedengu kulokhu. Kulabo abaziphethe kahle, unomusa nobubele; kulabo ababi, ubanika isijeziso angazisoli neze ngaso; kubantu abehlukahlukene abaphilayo, wenza izinhlelo ezifanele ngesikhathi esifanele ngendlela efanele ngokulandela izidingo ezahlukahlukene zabantu emhlabeni ngezikhathi ezahlukahlukene, ukuze abantu abaphilayo babuyiselwe enyameni kulandelwa iqhaza abalibambe ngendlela ehlelekile, bahambahambe phakathi komhlaba wezinto ezibambekayo nomhlaba kamoya ngendlela ehlelekile.

Ukufa komuntu ophilayo—ukumiswa kwempilo yomzimba—kusho ukuthi umuntu useye wahamba emhlabeni wezinto ezibambekayo waya emhlabeni kamoya, kanti ukuzalwa kwempilo yenyama entsha kusho ukuthi umuntu ophilayo ufikile evela emhlabeni kamoya efika emhlabeni wezinto ezibambekayo wayeseqala indima yakhe, yokubamba iqhaza lakhe. Noma ngabe ukuhamba noma ukufika kwento ephilayo, kokubili akuhlukaniseki emsebenzini womhlaba kamoya. Uma kufika umuntu emhlabeni wezinto ezibambekayo, amalungiselelo kanye nezidingo zakhe kusuke sekwenziwe nguNkulunkulu emhlabeni kamoya kwenzelwa umndeni aya kuwo, inkathi afika ngaso, ihora afika ngalo, iqhaza azolibamba. Impilo yonke yalo muntu—izinto azenzayo, izindlela azithathayo— ziqhubeka ngokwamalungiselelo akhe enziwe emhlabeni kamoya, ngaphandle kwephutha noma ngabe lincane kangakanani. Isikhathi lapho impilo yenyama iphela khona, okwesikhashana, nangendlela nendawo lapho iphelela khona, kucacisiwe kwafakazelwa futhi emhlabeni kamoya. UNkulunkulu ubusa umhlaba wezinto ezibambekayo, aphinde abuse emhlabeni kamoya, kanti akawubambezeli umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa, akenzi phutha futhi ekulungiseleleni umphefumulo emzuliswaneni wempilo yokuphila nokufa. Isithunywa ngasinye ezikhundleni ezisemthethweni emhlabeni kamoya siqala umsebenzi waso, senze njengoba kufanele, silandele imiyalelo nemithetho kaNkulunkulu. Ngakho, emhlabeni wesintu, yonke into eyenganyelwe ngumuntu ihlelekile, ayinasiphithiphithi. Konke lokhu kungenxa yohlelo lwemithetho ehleliwe kaNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto, kuphinde kube ngegunya likaNkulunkulu elibusa phezu kwakho konke, kanti konke lokho abusa phezu kwakho kubandakanya umhlaba wezinto ezibambekayo okuhlala kuwo umuntu, kuphinde futhi, phezu kwakho lokho, kube umhlaba kamoya ongabonakali kumuntu. Ngakho, uma isintu sifisa impilo enhle, sifisa futhi ukuhlala ezindaweni ezinhle, phezu kokuphiwa umhlaba wezinto ezibambekayo ophelele obonakalayo, umuntu uyadinga ukuphiwa umhlaba kamoya, ongabonakali kumuntu, obusa phezu kwakho konke okuphilayo egameni lesintu, ophinda ube ngohlelekile. Ngalokho, uma kuthiwa uNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto, akwengezwanga lutho ekuqapheleni nasekuqondeni “zonke izinto”?

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana