Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesihlanu, Mashi 8, 2019

Inyama, Imithombo Yamanzi Nezitshalo Ezelaphayo UNkulunkulu Azilungisela Isintu

Okusanhlamvu, izithelo nemifino, kanye nazo zonke izinhlobo zamantongomane konke kungukudla kwabantu abadla imifino kuphela. Yize kungukudla kwabadla imifino kuphela, kunezakhamzimba ezanele ukwanelisa izidingo zomzimba womuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu akazange athi: “Ukunikeza isintu lokhu kwanele. Isintu singazidla lezi zinto.” UNkulunkulu akagcinanga lapho kodwa kunalokho walungiselela izinto ezinambitheka kamnandi kakhulu esintwini. Yiziphi lezi zinto? Izinhlobo eziningi ezahlukene zenyama nezinhlanzi enifuna ukuzibona ematafuleni enu okudlela nizidle zonke izinsuku. Kukhona izinhlobo eziningi zenyama nezinhlanzi. Izinhlanzi zonke eziphila emanzini; isimo senyama yazo sehlukile kunenyama ekhula emhlabeni kanti futhi inganikeza isintu izakhamzimba ezihlukene. Izakhi zenhlanzi ziyakwazi nokuguqula ukubanda nokushisa emizimbeni yabantu, ngakho-ke inosizo kakhulu esintwini. Kodwa okunambitheka kamnandi akumele kudliwe kakhulu. Kusasebenza isisho esifanayo: UNkulunkulu ubeka phezu kwesintu inani elifanele ngesikhathi esifanele, ukuze abantu bezokwazi ukuzithokozela kahle lezi zinto ngenkathi efanele nangesikhathi sazo. Inyama yenkukhu neyezinyoni ezifuywayo ihlanganisani? Inkukhu, izigwaca, ijuba, njll. Abantu abaningi badla nedada nehansi. Nakuba uNkulunkulu enza amalungiselelo, abantu abakhethwe uNkulunkulu, uNkulunkulu waphinde waba nezindinganiso azibekile futhi wabeka nohlobo oluthile eNkathini yoMthetho. Manje lolu hlobo seluncike kumuntu ngamunye ngokunambitha kwakhe nangokuqonda kwakhe. Lezi zinhlobo eziningi ezihlukene zenyama zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ezehlukene, ezibuyisa amaphrotheni kanye nokusansimbi, kondle igazi, kuqinise imisipha namathambo, kunikeze namandla amaningi. Kungakhathaliseki ukuthi basebenzisa ziphi izindlela zokupheka nokuzidla lezi zinto, kafushane, lezi zinto ngakolunye uhlangothi zisiza abantu benze ngcono ubumnandi kanye nothando lokuzidla, kuthi kolunye uhlangothi kusuthise izisu zabo. Into ebaluleke kakhulu ukuthi zinikeza umzimba womuntu izakhamzimba ozidinga nsuku zonke. Lena yimicabango uNkulunkulu ayenayo ngenkathi elungiselela isintu ukudla. Kukhona ukudla kwabantu abadla imifino kuphela kanjalo nokwabantu abadla inyama—ingabe lokho akukona ukuceba nenala? (Yebo.) Kodwa abantu kumele baqonde izinhloso zokuqala zikaNkulunkulu ngenkathi elungiselela isintu zonke lezi zinhlobo zokudla. Ingabe wayevumela isintu ukuba sithokoze lokhu kudla ngobugovu? Kwenzekani uma abantu bedla kakhulu lokhu abathanda ukukudla? Ngeke babe nezakhamzimba eziningi emzimbeni? Ngeke yini izakhamzimba eziningi emzimbeni zilethe zonke izinhlobo zokugula emzimbeni womuntu? Akukuhle neze ukuphula umthetho wendalo edalwe uNkulunkulu, yingakho-ke uNkulunkulu ebeka inani elifanele ngesikhathi esifanele bese abantu bethokozela ukudla okuhlukile ngokwesikhathi nezinkathi ezehlukile. Iyona ndlela enhle leyo. Ngokwesibonelo, ngemva kokuphila ngenkathi yasehlobo eshisa kakhulu, abantu bazobamba ukushisa okuthile, ukoma okudala izifo kanye nokuswakama emizimbeni. Uma ikwindla lifika, kuzovuthwa izithelo eziningi, bese kuthi uma abantu bedla izithelo ezithile ukuswakama kwabo kuzosuka. Ngesikhathi esifanayo, izinkomo nezimvu zizobe sezikhule kakhulu, ngakho-ke abantu kumele badle inyama ukuze bondleke. Ngemva kokudla izinhlobo eziningi zenyama, imizimba yabantu izoba namandla ifudumale ikwazi ukumelana nokubanda kwasebusika, ngalokho bazokwazi ukuthi badlule ngokuthula esikhathini sasebusika. Ukuthi yisiphi isikhathi sokulungiselela isintu izinto, ukuthi isiphi isikhathi sokuthi kukhule ini, kuthele izithelo kuvuthwe—konke lokhu kulawulwa uNkulunkulu futhi kwase kuhlelwe uNkulunkulu kusukela kudala, futhi wakulinganisa kahle. Ukuthi nje isintu asiyiqondi intando kaNkulunkulu. Lesi yisihloko esimayelana nokuthi “uNkulunnkulu wakulungisa kanjani ukudla enzela ukuphila kwansuku zonke komuntu.”

Ngaphandle kwazo zonke izinhlobo zokudla, uNkulunkulu waphinda wenzela isintu imithombo yamanzi. Abantu kumele baphuze amanzi uma beqeda ukudla. Ingabe ukudla isithelo kwanele? Abantu ngeke bakwazi ukudla izithelo kuphela, ngale kwalokho, ngezinye izinkathi zonyaka azikho izithelo. Pho inkinga yesintu yamanzi ingasombululeka kanjani? Ngokuthi uNkulunkulu alungiselele imithombo eminingi yamanzi phezu komhlaba nangaphansi komhlaba, okubandakanya amachibi, imifula, kanye neziphethu. Le mithombo yamanzi kungaphuzwa kuyo uma amanzi akhona enganukubezekile, noma engasetshenzisiwe ngabantu noma engonakalisiwe. Mayelana nemithombo yokudla kwezimpilo zemizimba yabantu, uNkulunkulu wenze amalungiselelo aqonde ngqo, nafanele, ukuze izimpilo zabantu zicebe futhi zibe nenala zingasweli lutho. Lokhu yinto abantu abayizwayo nabayibonayo. Phezu kwalokho, kuzo zonke izinto, kungaba izilwane, izitshalo, noma zonke izinhlobo zotshani, uNkulunkulu uphinde wadala ezinye izitshalo ezidingekayo ekulungiseni ukulimala noma ukugula emizimbeni yabantu. Wenzani, ngokwesibonelo, uma usha? Ingabe ungawasha ngamanzi? Ingabe ungamane uthathe isiqephu sendwangu noma kuphi usithandele khona? Kungase kugcwale ubomvu noma ungenwe amagciwane ngaleyo ndlela. Wenzenjani, ngokwesibonelo, uma ushiswa ngephutha ilangabi noma amanzi ngengozi? Ingabe ungawasha ngamanzi? Ngokwesibonelo, uma ungenwa umkhuhlane, ungenwa amakhaza, ulimala ngesikhathi wenza umsebenzi, uma ugula uphethwe isisu ngoba hleze udle into engalungile, noma ube nezifo ezithile ngenxa yomkhuba wokuphila noma unezinkinga emoyeni, ezifana nezifo zemithambo, izimo eziphathelene nengqondo noma izifo zezitho zomzimba ezingaphakathi—kukhona izitshalo zokwelapha lezi zinto. Kukhona izitshalo ezithuthukisa ukuhamba kwegazi ukuze kusuke ukuma kwegazi, kusuke izinhlungu, zimise ukopha, zinike izinzwa, zisize abantu babe nesikhumba esijwayelekile, zisuse ukuma kwegazi emzimbeni, nezisusa ukungcola emzimbeni. Kafushane, zonke zingasetshenziswa nsuku zonke. Ziwusizo kubantu kanti zilungiswe nguNkulunkulu uma kwenzeka umzimba womuntu uzidinga. Ezinye zazo zavunyelwa nguNkulunkulu ukuthi zitholwe umuntu engaqondile, kanti ezinye zatholwa ngenxa yezimo ezithile noma abantu abathile abalungiselwe nguNkulunkulu. Ngemva kokuzithola, isintu sazidlulisela kwabanye, futhi abantu abaningi bazi ngazo. Ngale ndlela, ukudala kukaNkulunkulu lezi zitshalo kubalulekile futhi kunenjongo ethile. Kafushane, zonke lezi zinto zivela kuNkulunkulu futhi zalungiselelwa futhi zatshalwa ngenkathi edala indawo yokuhlala isintu. Zonke lezi zinto zinesidingo esikhulu. Akukhombisi yini ukuthi ngenkathi uNkulunkulu edala amazulu nomhlaba nakho konke, imicabango yaKhe yayingcono kuneyesintu? Uma ubona konke lokhu uNkulunkulu akwenzile, ingabe uyakwazi ukuzwa uhlangothi lukaNkulunkulu olubonakalayo? UNkulunkulu wasebenza emfihlakalweni. Abantu bengakafiki kulo mhlaba, ngaphambi kokuthi ahlangane nesintu, uNkulunkulu wayesevele ekudalile konke lokhu. Yonke into ayenza wayenzela isintu, enzela ukuphila kwabo, nokucabangela ubukhona besintu, ukuze isintu siphile kulo mhlaba kaNkulunkulu ocebile nonenala awulungiselele bona, nokuthi baphile ngokujabula, bangakhathazeki ngokudla noma ngezingubo zokugqoka, bangasweli lutho. Isintu siyaqhubeka nokwanda kanye nokuphila endaweni efana nale, kodwa ababaningi abaqondayo ukuthi uNkulunkulu udale yonke into eyidalela isintu. Kunalokho, uSathane wenze kube ngathi kudalwe yindalo.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana