Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesine, Ephreli 11, 2019

Imizwa yoMdali eQotho ngeSintu

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu, kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; Akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze Acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo. Isizathu esibanga umuntu ngokungaqondi, acabange ukuthi uNkulunkulu umxwaya ngamabomu, nokuthi uNkulunkulu usicashele ngamabomu isintu, ukuthi uNkulunkulu akananhloso yokuvumela umuntu ukuthi amqonde futhi amazi, ukuthi akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, futhi akafisi ukuqonda uNkulunkulu; nangaphezu kwalokho, akazihluphi ngemicabango, amazwi noma izenzo zoMdali…. Uma sikhuluma iqiniso, uma umuntu esebenzisa isikhathi esingatheni, ukubhekisisa futhi aqonde amazwi noma izenzo zoMdali futhi athi ukulalela imicabango nephimbo le nhliziyo yoMdali, ngeke kube nzima ukubona ukuthi imicabango, amazwi kanye nezenzo zoMdali ziyabonakala futhi zisobala. Ngokunjalo, kuzothatha ukuzikhandla okuncane ukubona ukuthi uMdali uphakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi, nokuthi uhlala exoxisana nomuntu kanye nendalo iyonkana, nokuthi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku. Ingqikithi nesimo Sakhe kubonakaliswa engxoxweni Yakhe nomuntu; imicabango nemibono Yakhe iyavezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe; uyaphelekezela futhi abuke isintu ngaso sonke isikhathi. Uyakhuluma buthule nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile: Ngigadile; Ngilindile; Ngeseduze nawe…. Izandla zakhe zifudumele futhi zinamandla; izinyathelo Zakhe zilula; iphimbo Lakhe liphansi futhi lihle; isiqu Sakhe siyadlula futhi sijike, samukela sonke isintu; ubuso Bakhe buhle futhi bumnene. Akakaze ahambe, futhi akakaze anyamalale. Kusukela entathakusa kuze kuyohwelela, ungumngane wesintu oselokhu ekhona njalo. Ukunakekela ngokuzinikela Kwakhe nothando olukhethekile analo ngesintu, kanye nokunaka nothando lweqiniso analo ngomuntu, kwabonakala kancane kancane lapho Esindisa umuzi waseNineve. Ikakhulu, ingxoxo phakathi kwaNkulunkulu uJehova noJona yadalula kakhulu uzwelo loMdali ngesintu Ayesidalile Yena uqobo. Ngala mazwi ungathola ukuqonda ukujulile lwemizwa eqotho esuka enhliziyweni ngesintu…

Okulandelayo kubhalwe eNcwadini kaJona 4:10-11: “Wayesethi uJehova, Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga; owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye: mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo; kanye nezinkomo eziningi na?” Lawa ngamazwi ongoqobo kaNkulunkulu uJehova, ingxoxo phakathi Kwakhe no Jona. Noma le ngxoxo imfushane, igcwele iyachichima ngokunakekela koMdali ekhathalele isintu kanye nokuba madolonzima Kwakhe ukusiyekelela. La mazwi abonakalisa isimo sengqondo nemizwa yeqiniso uNkulunkulu ayigcina enhliziyweni Yakhe ngendalo Yakhe, futhi ngala mazwi acacile, amazwi angavamile neze ukuzwiwa umuntu, uNkulunkulu ubeka obala izinhloso Zakhe zeqiniso ngesintu. Le ngxoxo ikhombisa isimo sengqondo uNkulunkulu abenaso ngabantu baseNineve-kodwa isimo sengqondo esinjani lesi? Kwabe kuyisimo sengqondo ayenaso ngabantu baseNineve ngaphambili nangemuva kokuphenduka kwabo. UNkulunkulu uphatha isintu ngendlela efanayo. Kula mazwi umuntu angayithola imicabango Yakhe, kanye nesimo Sakhe.

Imiphi imicabango kaNkulunkulu evezwa kula mazwi? Ukufunda ngokucophelela kuveza ngokushesha ukuthi usebenzisa igama “isihawu”; ukusebenzisa leli gama kukhombisa isimo sengqondo seqiniso sikaNkulunkulu ngomuntu.

Uma sibuka ngokwesayensi yokuchaza amagama, umuntu angalichaza igama “isihawu” ngezindlela ezihlukene: okokuqala, ukuthanda nokuvikela, ukuba no zwelo ngento ethile; okwesibili, ukuthanda kakhulu; okukugcina, ukungafuni ukulimaza leyonto futhi ukungakwazi ukumela ukukwenza lokho. Ngamafuphi, lichaza uthando olunobubele, nolungafuni ukuyeka umuntu noma into; lichaza isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu kumuntu. Nakuba uNkulunkulu wasebenzisa igama elivamile ukushiwo phakathi kwabantu, ukusebenzisa leli gama kweneka iphimbo lenhliziyo kaNkulunkulu kanye nesimo sengqondo Yakhe ngomuntu.

Nakuba umuzi waseNineve wawugcwele abantu ababekhohlakele, bebabi futhi benodlame njengabaseSodoma, ukuphenduka kwabo kwadala ukuthi uNkulunkulu ashintshe inhliziyo Yakhe futhi anqume ukungababhubhisi. Ngoba ukuphendula kwabo emazwini nemiyalo kaNkulunkulu kwakhombisa isimo sengqondo esihluke kude le kuleso sezakhamizi zaseSodoma, futhi ngenxa yokuzithobela kwabo kweqiniso uNkulunkulu nokuphenduka kwabo kweqiniso ezonweni zabo, kanye nokuziphatha okusuka enhliziyweni nokungeqiniso ngazo zonke izindlela, uNkulunkulu waphinda wakhombisa isihawu esisuka enhliziyweni Yakhe futhi wabanika sona. Umvuzo kaNkulunkulu kanye nesihawu Sakhe ngesintu, akekho angakwazi ukukulingisa; akekho umuntu ongaba nesihe nokubelezelela kukaNkulunkulu noma imizwa Yakhe eqotho ngesintu. Ukhona umuntu ombona njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma indoda enamandla amakhulu, ongakhulumela endaweni ephakeme kakhulu, ekhuluma njengendoda noma owesifazane omkhulu, noma esicongweni, ongasho la mazwi esintwini noma endalweni? Ubani phakathi kwesintu ongazi isimo sokuphila sesintu njengentende yesandla sakhe? Ubani ongathwala inkathazo nomthwalo wokubhekela ukuba khona kwesintu? Ubani ongamemezela ukubhujiswa komuzi? Futhi ubani angakwazi ukuxolela umuzi? Ubani ongathi uyayazisa kakhulu indalo yakhe? UMdali kuphela! UMdali kuphela onesihawu ngesintu. UMdali kuphela okhombisa isintu ububele nothando. UMdali kuphela onothando lweqiniso olungenakuphuka ngalesi sintu. Ngokunjalo, uMdali kuphela onganika isintu isihe futhi azise indalo Yakhe. Inhliziyo Yakhe iyagxuma futhi iqaqambe ngazo zonke izenzo zomuntu: Uyathukuthela, ahlupheke futhi adabuke ngenxa yobubi bomuntu nenkohlakalo; uyajabula, aname, athethelele futhi asase ngenxa yokuphenduka nokukholwa komuntu; yonke imicabango nemibono Yakhe iphathelene nesintu; lokho Ayikho nalokho Anakho kubonakaliselwa isintu seku konke; imizwelo Yakhe isiyonke ithandelene nokuba khona kwesintu. Ngenxa yesintu, Uyahamba, abe phansi phezulu; unikela konke ukuphila Kwakhe buthule; unikela yonke imizuzu nemizuzwana yempilo Yakhe…. Akakaze akwazi ukuba nesihawu ngempilo Yakhe uqobo, kepha kade ayenesihawu futhi azisa isintu asidala Yena uqobo Lwakhe…. Unika konke anakho kulesi sintu…. Unika isihe nokubekezelela okungenamigomo futhi ngaphandle kokulindela ukukhokhelwa. Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu siqhubeke siphile phambi kwamehlo Akhe, samukela ukuhlinzeka Kwakhe; Ukwenza lokhu kuphela ukuze isintu ngelinye ilanga sizithobe phambi Kwakhe futhi sibone ukuthi Nguye owondla ukubukhona komuntu futhi anike impilo yoyo yonke indalo.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana