Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Ephreli 10, 2019

Isimo Esilungile soMdali Singokoqobo futhi Sicacile

Isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akuyona Imvelakancane—Ukuphenduka kweqiniso Komuntu kuyimvelakancane


Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wabe ebathukuthelele kangakanani abantu baseNineve, kwathi bangamemezela ukuzila futhi bembatha indwangu yamasaka nomlotha, inhliziyo Yakhe yathamba kancane kancane, futhi waqala ukushintsha inhliziyo Yakhe. Ngesikhathi ememezela kubo ukuthi Wayezowubhubhisa umuzi wabo—umzuzwana ngaphambi kokuvuma nokuphenduka kwabo ezonweni zabo—uNkulunkulu wayesabathukuthelele. Kwathi sebedlule ochungechungeni lwe zenzo zokuphenduka, intukuthelo kaNkulunkulu ngabantu baseNineve, yaguquka kancane kancane yaba isihe nokubabekezelela. Ayikho into ephikisanayo ngokuqondana kwalesi sambulo mayelana nalezi zingxenye ezimbili zesimo sikaNkulunkulu esehlweni esisodwa. Umuntu angakuqonda futhi akwazi kanjani lokungabikhona kokuphikisana? UNkulunkulu ngokulandelana waveza futhi wabonakalisa lo bukhona Bakhe obubili obuphikisana kakhulu, ngesikhathi abantu baseNineve bephenduka, wavumela abantu ukuthi babone ubuqobo nokunganengeki kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu wasebenzisa isimo sengqondo Yakhe ukutshela abantu lokhu: Akukhona ukuthi uNkulunkulu akababekezeleli abantu, noma Akafuni ukubonisa isihe kubo; ukuthi abavamile ukuphenduka kweqiniso kuNkulunkulu, futhi kuyimvelakancane ukuthi abantu ngokweqiniso bashiye izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova obusezandleni zabo. Ngamanye amazwi, uma uNkulunkulu ethukuthelele umuntu, Uthemba ukuthi umuntu uzokwazi ukuphenduka ngokweqiniso, futhi Uthemba ukubona ukuphenduka kweqiniso komuntu, okulapho Uyobe eseqhubeka ukunikeza ngokuphana isihe nokubekezelela Kwakhe kumuntu. Lokhu kungukuthi inkambo embi yomuntu izehlisela ulaka lukaNkulunkulu, kanti isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu kunikezwa labo abalalela uNkulunkulu futhi baphenduke ngokweqiniso phambi kwakhe, nalabo abakwazi ukushiya izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova obusezandleni zabo. Isimo sengqondo sikaNkulunkulu sabonakaliswa ngokusobala bha ngempatho Yakhe yabantu baseNineve: isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu akukho nzima neze ukukuthola; Ufuna ukuphenduka kweqiniso komuntu. Inqobo nje uma abantu beshiya izindlela zabo ezimbi futhi balahle ubudlova ezandleni zabo, Unkulunkulu uzoshintsha inhliziyo Yakhe futhi ashintshe isimo sengqondo Yakhe ngabo.

Isimo Esilungile soMdali Singokoqobo futhi Sicacile


Ngesikhathi uNkulunkulu eshintsha inhliziyo Yakhe ngabantu baseNineve, ingabe isihe nokubekezelela Kwakhe kwabe kuyisithombe esinamanga? Lutho neze! Ngakho inguquko phakathi kwalezi zingxenye ezimbili zesimo sikaNkulunkulu ngesikhathi sodaba olulodwa ikusiza ukuthi uboneni? Isimo sikaNkulunkulu siyinto ephelele; asiqhekekanga neze. Akukhathaliseki ukuthi Uveza intukuthelo noma isihe nokubekezelela abantu, konke lokhu kungukuvezwa kwesimo Sakhe esilungile. Isimo sikaNkulunkulu singokoqobo futhi sicacile. Ushintsha imicabango nesimo sengqondo Yakhe ngendlela izinto eziqhubeka ngayo. Ukuguquka kwesimo Sakhe sengqondo ngabantu baseNineve kutshela isintu ukuthi unemicabango nemibono Yakhe ngokwakhe; Akayona into esebenzisa okomshini noma isithombe sobumba, kodwa unguNkulunkulu ophilayo uqobo Lwakhe. Wayengabathukuthelela abantu baseNineve, njengoba wayengabaxolela izici zabo ezidlulile ngokuhambisana nezimo zengqondo zabo; Wayenganquma ukuletha umehlo kubantu baseNineve, futhi Wayengashintsha isinqumo Sakhe ngenxa yokuphenduka kwabo. Abantu baqoka ukusebenzisa imigomo njengomshini, futhi baqoka ukusebenzisa imigomo ukumisa nokuchaza uNkulunkulu, njengoba bethanda ukusebenzisa izindlela ezibekiwe zokwenza okuthile (ama-fomula) ukwazi isimo sikaNkulunkulu. Ngakho-ke, ngangokucabanga kwesintu ku konke, uNkulunkulu akacabangi, futhi akanayo imibono enohlonze. Eqinisweni, imicabango kaNkulunkulu iyaguquguquka njalo ngangokushintsha kwezinto nesimo sezindawo; ngesikhathi le micabango iguquka, izingxenye ezihlukene zobukhona bukaNkulunkulu zizovela. Ngalesi sikhathi senguquko, ngomzuzu lapho uNkulunkulu eshintsha inhliziyo Yakhe, Uveza esintwini, iqiniso lokuba khona kwempilo Yakhe, futhi uveza ukuthi isimo Sakhe esilungile singokoqobo futhi sicacile. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu usebenzisa ezakhe izambulo eziyiqiniso ukufakazela esintwini iqiniso kokuba khona kolaka Lwakhe, isihe Sakhe, umusa Wakhe kanye nokubekezelela Kwakhe. Ingqikithi Yakhe izovezwa noma ingasiphi isikhathi noma kuyiphi indawo ngokuhambisana nokuqhubeka kwezinto. Unentukuthelo yebhubesi nesihe nokubekezelela kukamama. Isimo Sakhe esilungile akuvumelekile ukuba singabazwe, siphulwe, sishintshwe noma sihlanekezelwe noma imuphi umuntu. Phakathi kwazo zonke izindaba nezinto zonke, isimo sikaNkulunkulu esilungile, okungukuthi, intukuthelo kaNkulunkulu nesihe sikaNkulunkulu, singavezwa noma kunini noma kukuphi. Uveza ngokucacile lezi zingxenye kuzo zonke izindawo ongazicabanga emvelweni futhi uzenza ngokucacile ngazo zonke izikhathi. Isimo sikaNkulunkulu esilungile asikhawuliswa isikhathi noma indawo, noma, ngamanye amazwi, isimo sikaNkulunkulu esilungile asivezwa noma asibonakaliswe njengomshini ngokuphoqwa imingcele yesikhathi noma indawo. Kunalokho, isimo sikaNkulunkulu esilungile sibonakaliswa siphinde sivezwe ngokukhululeka noma ingasiphi isikhathi noma ikuyiphi indawo. Uma ubona uNkulunkulu eshintsha inhliziyo Yakhe futhi eyeka ukubonakalisa ulaka Lwakhe futhi egwema ukubhubhisa umuzi waseNineve, ungathi uNkulunkulu unesihe nothando kuphela? Ungasho ukuthi ulaka lukaNkulunkulu luqukethe amazwi ayize? Lapho uNkulunkulu ebonakalisa ulaka olwesabekayo futhi ehoxisa isihe Sakhe, ungathi Akezwa uthando lweqiniso ngesintu? UNkulunkulu ubonakalisa ulaka olwesabekayo ngenxa yezenzo ezimbi zabantu; ulaka Lwakhe alunasici. Inhliziyo kaNkulunkulu ithintwa ukuphenduka kwabantu, futhi ilokuphenduka okushintsha inhliziyo Yakhe kanjalo. Ukuthinteka Kwakhe, ukushintsha kwenhliziyo Yakhe kanye nesihe nokubekezelela Kwakhe maqondana nomuntu akunasici nhlobo; kuhlanzekile, kumsulwa, akunasici futhi akungcolisiwe. Ukubekezelela kukaNkulunkulu ukubekezelela okumsulwa; Isihe Sakhe isihe esimsulwa. Isimo Sakhe sizoveza ulaka kanye nesihe nokubekezelela, ngokuhambisana nokuphenduka komuntu kanye nenkambo yakhe ehlukile. Akunandaba ukuthi Uvezani noma Ubonakalisani, kumsulwa; kuqondile; ingqikithi yakho ihluke kakhulu kunanoma yini endalweni. Izimiso zezenzo uNkulunkulu azibonakalisayo, imicabango nemibono Yakhe noma isiphi isinqumo esithile, kanye nanoma isiphi isinqumo esisodwa, akunazo nanoma iziphi izici noma amabala. Njengoba uNkulunkulu enqumile, Uthatha isinyathelo ngokunjalo futhi ngale ndlela Ufeza konke Akwenzayo. Lezi zinhlobo zemiphumela ziqondile ngqo futhi azinaphutha ngoba umthombo wazo awunasici futhi awunabala. Ulaka lukaNkulunkulu alunasici. Ngokunjalo, isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, okungatholakali kunanoma isiphi isidalwa, kungcwele futhi akunasici, futhi kungama lapho kuzindlwa futhi kudingidwa odlule kukho.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana