Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ukwahlulelwa Ngaphambi Kwesihlalo SikaKristu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Ukwahlulelwa Ngaphambi Kwesihlalo SikaKristu. Bonisa konke okuthunyelwe

UMsombuluko, Septhemba 17, 2018

15. Akulula Ukuzazi Ngeqiniso

UZhang Rui Edolobheni laseHangzhou, Esifundazweni saseZhejiang 

  Ngangiwumuntu ongumkhohlisi. Ezwini likaNkulunkulu singakubona lokhu ukuthi abantu abangabakhohlisi angeke basindiswe uNkulunkulu; abantu abaneqiniso kuphela abayothola udumo Lwakhe.

ISonto, Septhemba 16, 2018

7. Umoya Wokuqhosha Ngaphambi Kokuwa

UBaixue Edolobheni LaseShenyang 

  Ngenxa yesidingo somsebenzi, ngadluliselwa kwenye indawo yokusebenza. Ngaleso sikhathi, nganginokubonga okukhulu kuNkulunkulu. Ngezwa sengathi kuningi kakhulu lapho ngangisilele khona, kodwa ngokuphakanyiswa nguNkulunkulu kwezulu, nganikezwa ithuba lokugcwalisa umsebenzi wami endaweni yokusebenza emangalisayo.

UMgqibelo, Juni 23, 2018

Ukuqonda intando kaNkulunkulu phakathi kobunzima

UXiao Rui wasedolobheni iPanzhihua, isifundazwe saseSichuan 

Lapho ngishumayela ivangeli ngahlangana nabaholi ababengenasineke ebeletha ubufakazi bamanga ukuba balwe baphazamise babize namaphoyisa. Lokhu kwaholela ekutheni labo ebengishumayela kubo bangazihluphi ukuba beze baxhumane nathi, nalabo ebebeqeda ukwamukela ivangeli bengakwazi ukuba nesibindi emsebenzini kaNkulunkulu. Lapho ngisebenza kanzima kepha imiphumela ingemihle, ngacabanga: Umsebenzi wevangeli unzima ukuwenza. Bekuzoba kuhle ukuba uNkulunkulu uveze izimangaliso ezithile bese ejezisa labo abafakaza ngamanga kanye nalabo abamzibayo impela uNkulunkulu ukuba avele kulabo abakhohlisiwe.

ULwesibili, Juni 19, 2018

Umsebenzi Waloluhlobo Awumuhle Neze

UDing Ning waseDolobheni laseHeze, esifundeni saseShadong

 Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, ibandla belihlele ushintsho emsebenzini wami. Njengoba ngathola lo msebenzi omusha, ngangicabanga ukuthi “ngidinga ukuthatha leli thuba lokugcina lokubiza umhlangano nabafowethu kanye nodadewethu, ngikhulume nabo kucace ngezindaba, futhi ngibashiye nesithombe esihle.” Ngakho-ke, ngahlangana namadikoni ambalwa, futhi ngasekupheleni kwesikhathi sindawonye, ngathi, “Ngicelwe ukuba ngihambe lapha ngiye komunye umsebenzi ohlukile.

Ukuzibuyiselela Kwangempela

UZhou Li Edolobheni LaseXintai, Esifundazweni iShandong

 Kudala, sasidinga ukuhlukanisa izifunda endaweni yethu, kodwa ngokwemigomo yethu yokuhlungwa kwabaholi, kwakunomfo owayebukeka ekulungele kangcono ukuthatha isikhundla. Ngazilungiselela ukumkhuphulela esikhundleni sokuhola isifunda. Ngolunye usuku ngixoxa nalo mfo, wabalula ukuthi wayebona sengathi nginokuzikhukhumeza emsebenzini wami, angikhululekile, nokuthi uma kuhlanganyelwe nami akubi khona ukujabula…. Uma ngikuzwa lokhu, ngezwa sengathi ngehlisiwe. Ngezwa ubuhlungu, khona lapho ngabe sengiqala ngimbheka ngenye indlela lo mfo, ngangabe ngisalungiselela ukumkhuphulela esikhundleni sokuhola isifunda.

UMsombuluko, Juni 18, 2018

Kwangicacela Ukuthi Bengilokhu Ngihamba Indlela Yabafarisi

UWuxin Wasedolobheni laseTaiyuan, esiFundazweni saseShanxi 

 Into esasilokhu siyixoxa ekuhlanganyeleni kwangaphambilini yizindlela ezahanjwa nguPetru noPawulu. Kuthiwa uPetru wayenake ukuzazi yena noNkulunkulu, futhi wayengumuntu uNkulunkulu ayethokoza ngaye, ngenkathi uPawulu yena wayenaka umsebenzi wakhe kuphela, isithunzi sakhe nokuhlonishwa kwakhe emphakathini, futhi-ke wayengumuntu uNkulunkulu ayemnyanya.