Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Septhemba 22, 2018

Ingabe ukwahlulela kwezinsuku zokugcina okushiwo eBhayibhelini kubhekise emsebenzini kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Abanye bakholwa ukuthi ngezinye izikhathi uNkulunkulu angeza emhlabeni ukuze abonakale kumuntu, lapho eyokwahlulela isintu mathupha, avivinye umuntu ngamunye kungasali muntu. Labo abacabanga kanjalo abasazi lesi sigaba sikaNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu akahluleli umuntu ngamunye, futhi akavivinyi umuntu ngamunye; ukwenza lokho bekungeke kube umsebenzi wokwahlulela. Ingabe ayifani inkohlakalo yaso sonke isintu? Ingabe asifani sonke isiqu sikaNkulunkulu? Okwahlulelwayo isiqu sesintu esikhohlakele, isiqu somuntu esonakaliswe uSathane, nazo zonke izono zomuntu. UNkulunkulu akehluleli amaphutha amancane nangabalulekile omuntu. Umsebenzi wokwahlulela kukhona okumelayo, awenziwa ngenxa yomuntu othile kuphela. Kunalokho, uwumsebenzi okwahlulelwa kuwo iqembu labantu ukuze kwahlulelwe sonke isintu. Ngokwenza Kwakhe lo msebenzi mathupha kulo lonke iqembu labantu, uNkulunkulu osenyameni usebenzisa umsebenzi Wakhe ukumela umsebenzi waso sonke isintu, ngemva kwawo oya ngokuya wanda. Nomsebenzi wokwahlulela unjalo. UNkulunkulu akahluleli uhlobo oluthile lomuntu noma iqembu elithile labantu, kodwa wahlulela abangalungile kuso sonke isintu—ukumelana noNkulunkulu kwabantu, ngokwesibonelo, noma ukungamhloniphi, noma ukuphazamiseka komsebenzi kaNkulunkulu, njalo njalo. Okwahlulelwayo yingqikithi yokumelana kwesintu noNkulunkulu futhi lo msebenzi ungumsebenzi wokunqoba ngezinsuku zokugcina. Umsebenzi nezwi likaNkulunkulu osesimweni somuntu okubonwa umuntu kuwumsebenzi wakwahlulela ongaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi phakathi nezinsuku zokugcina, izinto ezacatshangwa umuntu esikhathini esedlule. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu uwukwahlulela ngqo okungaphambi kwesihlalo esimhlophe sobukhosi. UNkulunkulu osesimweni somuntu wanamuhla unguNkulunkulu owahlulela sonke isintu ezinsukwini zokugcina. Le nyama nomsebenzi Wakhe, nezwi kanye naso sonke isimo Sakhe, konke kungokwakhe. Nakuba umthamo womsebenzi wakho unomkhawulo, futhi ungabandakanyi indawo yonke ngokuqondile, ingqikithi yomsebenzi wokwahlulela iwukwahlulelwa ngokuqondile kwaso sonke isintu; akuwona umsebenzi owenziwa ezweni laseChina kuphela, noma owenzelwa isibalo esincane sabantu. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu enyameni, nakuba umthamo womsebenzi ungabandakanyi indawo yonke, umela umsebenzi wendawo yonke, futhi ngemva kokuqeda umsebenzi osemthamweni wenyama Yakhe, lo msebenzi uyowusabalalisela ngokushesha endaweni yonke, ngendlela efanayo nalena ivangeli likaJesu elasabalala ngayo endaweni yonke ngemva kokuvuka nokunyukela ezulwini Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi kungumsebenzi kaMoya noma wenyama, kuwumsebenzi ofezwa ngaphansi komthamo othile, kodwa omela umsebenzi wayo yonke indawo. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ubonakala enza umsebenzi Wakhe esebenzisa ukubonakala Kwakhe okusamuntu, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu uyena owahlulela abantu esesihlalweni esimhlophe sobukhosi. Kungakhathaleki ukuthi unguNkulunkulu kaMoya noma wenyama, lowo owenza umsebenzi wokwahlulela unguNkulunkulu owahlulela isintu ngezinsuku zokugcina. Lokhu kuchazwa ngokusekelwa emsebenzini Wakhe, akuchazwa ngendlela abukeka ngayo ngaphandle noma kwezinye izinto eziningi. Nakuba umuntu enemicabango yakhe ngala mazwi, akekho ongaphikisana nokwahlulela kukaNkulunkulu osesimweni somuntu nokunqotshwa kwaso sonke isintu. Kungakhathaleki ukuthi ahlaziywa kanjani, amaqiniso ayohlale engamaqiniso. Akekho ongathi “Umsebenzi wenziwa uNkulunkulu, kodwa inyama ayiyena uNkulunkulu.” Umbhedo lowo, ngoba lo msebenzi awunakwenziwa muntu ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. … Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu. Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. Ukuba ukwahlulela kwakwenziwa ngokuqondile uMoya kaNkulunkulu, ngabe-ke konke kulungile. Ngaphezu kwalokho, lowo msebenzi ubuyobe ulukhuni ukuthi umuntu awemukele, ngoba uMoya awukwazi ukubhekana ubuso nobuso nomuntu, futhi ngenxa yalokhu, imiphumela ngeke isheshe ivele, futhi umuntu ngeke akwazi ukubona ukungacasuleki kwesimo sikaNkulunkulu ngokucacile. USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. Ngokufana nomuntu onobuntu obuvamile, uNkulunkulu osenyameni angehlulela ngokuqondile ukungalungi komuntu; lokhu kuwuphawu lobungcwele Bakhe bemvelo, nolokungajwayeleki Kwakhe. UNkulunkulu kuphela ofanelekayo, futhi osesikhundleni sokwahlulela umuntu, ngoba uneqiniso nokulunga, ngakho angakwazi ukwahlulela umuntu. Labo abangenalo iqiniso nokulunga abakufanele ukwahlulela abanye. Ukuba lo msebenzi wawenziwa uMoya kaNkunkulu, bekungeke kube ukunqoba phezu kukaSathane. UMoya ungaphezulu kakhulu kwezidalwa ezifayo, futhi uMoya kaNkulunkulu ngendalo ungcwele, uyayinqoba inyama. Ukuba uMoya wenza lo msebenzi ngokuqondile, ubengeke akwazi ukwahlulela konke ukungalaleli komuntu, futhi ubengeke akwazi ukwambula konke ukungalungi komuntu. Ngoba umsebenzi wokwahlulela wenziwa futhi ngemicabango yomuntu ngoNkulunkulu, futhi umuntu akaze abe nemicabango yoMoya, futhi uMoya akakwazi kangcono ukwambula ukungalungi komuntu kube lukhuni ngokwengeziwe ukuveza kangcono ukungalungi okunjalo. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyisitha sabo bonke labo abangamazi. Ekwahluleleni imicabango yabantu nalabo abamelene Naye, uveza konke ukungalaleli kwesintu. Imiphumela yomsebenzi Wakhe enyameni ibonakala ngokucacile kuneyomsebenzi kaMoya. Ngakho ukwahlulelwa kwaso sonke isintu akwenziwa uMoya ngokuqondile, kodwa kuwumsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

“Ukwahlulela” emazwini akhulunywe ngaphambilini - ukwahlulela kuyoqala endlini kaNkulunkulu - kusho ukwahlulela okwenziwa uNkulunkulu namuhla kulabo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi ngezinsuku zokugcina. Mhlawumbe kukhona labo abakholelwa kulezo zimangaliso becabanga ukuthi uma sekufika izinsuku zokugcina, uNkulunkulu uyobeka itafula elikhulu ezulwini, ayokwendlala indwangu emhlophe kulo, bese kuthi ehleli esihlalweni sakhe sobukhosi esikhulu futhi bonke abantu beguqe phansi ngamadolo. adalule izono zomuntu nomuntu bese ngalokho anqume ukuthi ngabe bayokhuphukela ezulwini noma bayothunyelwa echibini lomlilo nesibabule. Noma umuntu angacabangani, ingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu ingeguqulwe. Ukucabanga komuntu akulutho ngaphandle kokuba yilokho okwakhiwe imicabango yomuntu nje futhi kuphuma emqondweni womuntu, kwaqoqwa futhi kwahlanganiswa kulokho umuntu akubonile wakuzwa. Ngakho ngithi, ngisho zingaba wubuhlakani obungakanani izithombe ezakhekile, aziyilutho nje nolungaphezu kwemidwebo futhi azinakuthatha indawo yohlelo lomsebenzi kaNkulunkulu. Vele, umuntu wonakaliswe nguSathane, ngakho angakwazi kanjani ukuqonda imicabango kaNkulunkulu? Umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu muhle kakhulu. Umuntu ukholwa wukuthi njengoba kunguNkulunkulu uqobo owenza umsebenzi wokwahlulela, kusho ukuthi mkhulu kakhulu futhi akanakuqondwa ngabantu abafayo; kumele kuzwakale emazulwini futhi kushukumise umhlaba, kungenjalo kungaba kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ukholwa ngukuthi njengoba lokhu kungumsebenzi wokwahlulela, uNkulunkulu-ke kumele aphakame futhi abe nobukhosi lapho esebenza, futhi labo abahlulelwayo kufanele ukuba bakhihla isililo futhi baguqe ngamadolo becela intethelelo. Umfanekiso onje kufanele ukuthi muhle kakhulu emehlweni futhi uvusa imizwa ngokujulile…. Wonke umuntu ucabanga umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ukuthi ungomangalisayo ngokungaphezulu kwemvelo. Ngabe uyazi, nokho, ukuthi uNkulunkulu waqala umsebenzi wokwahlulela kubantu kudala futhi sonke lesi sikhathi wena ubuthokomele ekuthuleni kokungazi? Ukuthi ngesikhathi ocabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela uqala ngaso ngokusemthethweni, sekuyisikhathi sokuthi uNkulunkulu enze izulu nomhlaba kabusha? Ngaleso sikhathi, mhlawumbe uyobe nje usanda kuqonda incanzelo yokuphila, kodwa umsebenzi ongenamusa wokujezisa kukaNkulunkulu uyokuthumela, usagcwele ubuthongo, esihogweni. Yilapho-ke oyothuka usuqonda ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela usuphothuliwe.

… Uma kufika egameni elithi "ukwahlulela," uzocabanga amazwi akhulunywa nguJehova kuzo zonke izindawo futhi amazwi okusola ashiwo nguJesu kubaFarisi. Yize la mazwi ebuhlungu, akasikho ukwahlulela abantu okwenziwa uNkulunkulu;l ngamazwi kuphela akhulunywa nguNkulunkulu ezimweni ezahlukene, okusho ukuthi, ezindaweni nasezikhathini ezahlukene; futhi awafani namazwi akhulunywa nguKristu njengoba ahlulela abantu ezinsukwini zokugcina. Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu. Uma ungawabuki la maqiniso ngokubaluleka kwawo futhi uhlala ucabanga ukuwabalekela noma ukuthola indlela entsha yokuwabalekela, ngithi uyisoni esikhulu. Uma ukholwa kuNkulunkulu, ube ungalifuni iqiniso noma intando kaNkulunkulu, noma ungayithandi indlela ekusondeza kuNkulunkulu, ngakho ngithi kuwe ungumuntu ozama ukubalekela ukwahlulela. Ungunopopi futhi uyimbuka elibalekela isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe. UNkulunkulu ngeke axolele muntu ohlubukayo ophunyukayo phansi kwamehlo Akhe. Abantu abanjalo bayothola isijeziso esiqine kakhulu. Labo abeza phambi kukaNkulunkulu ukuze behlulelwe futhi esebengcwelisiwe bayophila phakade embusweni kaNkulunkulu. Nakanjani, lokhu kuyokwenzeka esikhathini esizayo.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, ngeke baphinde bayibone inhlamvu yelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyamen

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana