Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Okthoba 3, 2018

Kungani iBandla likaNkulunkulu uSomandla lichuma ngokwengeziwe ngesikhathi amabandla eNkathi Yomusa eyincithakalo kangaka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Indlela yokuchaza umsebenzi kaMoya oNgcwele ngokucacile ekwamukeleni okwenzeka lapha namanje, beyingabambelele esikhathini sakudala. Labo abangahambisananga nomsebenzi wanamuhla, futhi abangahlukaniswanga nezenzo zanamuhla, bayilabo abaphikisana futhi abangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abanjalo baphikisana nomsebenzi kaNkulunkulu wamanje. Yize bebambelela ekukhanyeni kwakudala, lokhu akusho ukuthi bangaphikisana nokuthi abawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. … Uma umuntu ehlala enamathele esigabeni esisodwa, lokhu kufakazela ukuthi uyehluleka ukuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokukhanya okusha; akufakazeli ukuthi uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu alukaguquki. Labo abangaphandle kwendlela kaMoya oNgcwele bahlala becabanga ukuthi benza okuyikhona, kube empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu okubo waphela kudala, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele awukho kubo. Umsebenzi kaNkulunkulu wadluliseleka kwelinye iqembu labantu kudala, iqembu ayehlose ukuqedela umsebenzi wakhe omusha kulo. Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlala kuqhubekela phambili, futhi ukwenza komuntu kuhlala kukhuphukela phezulu. UNkulunkulu uhlala esebenza, futhi umuntu uhlala edinga, ukuze bobabili bafinyelele esicongweni samandla abo, uNkulunkulu nomuntu bamunye ngokugcwele. Lokhu kuyisibonakaliso sokufezwa komsebenzi kaNkulunkulu, futhi umphumela wokugcina wokuphatha kukaNkulunkulu konke.

Esigabeni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu kukhona izidingo zomuntu ezihambisana nawo. Bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele baphethwe ubukhona kanye nokuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi labo abangekho ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele bangaphansi kokulawula kukaSathane, futhi abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, labo ababambisanayo emsebenzini kaNkulunkulu omusha. Uma labo abangaphakathi kwale ndlela behlukeka ukwenza iqiniso elidingwa uNkulunkulu ngalesi sikhathi, bazoqondiswa izigwegwe, futhi okubi kakhulu ukuthi bazolahlwa uMoya oNgcwele. Labo abamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, bazophila ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele, bamukela ukunakekelwa nokuvikelwa uMoya oNgcwele. Labo abazimisele ngokwenza iqiniso bakhanyiselwa uMoya oNgcwele, futhi labo abangazimisele ngokwenza iqiniso bayaqondiswa uMoya oNgcwele, futhi bangaze bajeziswe. Ngisho noma umuntu unjani, kuncike ekutheni basemgudwini kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu uzothwala ijoka labo bonke abamukela umsebenzi Wakhe omusha ngenxa yegama Lakhe. Labo abadumisa igama Lakhe futhi abazimisele ngokwenza amazwi Akhe bazokwamukela izibusiso Zakhe; labo abangamlaleli futhi abangawenzi amazwi Akhe bazokwamukela ukujeziswa Nguye. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha, futhi njengoba bamukela umsebenzi omusha, kumele basebenzisane noNkulunkluu ngokufanele, futhi kumele bangaziphathisi okwabahlubuki abangawenzi umsebenzi wabo. Yilokhu kuphela okudingwa uNkulunkulu kumuntu. Akunjalo kubantu abangawamukeli umsebenzi omusha: Bangaphandle komgudu koMoya oNgcwele, futhi ukuqondiswa kanye nokukhalinywa uMoya oNgcwele akusebenzi kubo. Usuku lonke, laba bantu baphila enyameni, baphila phakathi kwemiqondo yabo, futhi abakwenzayo nje kususelwa ezifundisweni ezivela ngokucubungula nocwaningo lwemiqondo yabo. Akukhona lokho okudingwa umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, kube kungahambisani noNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu bancishiwe ubukhona bukaNkulunkulu, futhi, phezu kwalokho, bantula izibusiso nokuvikelwa uNkulunkulu. Amazwi abo amaningi kanye nezenzo kubamele ezidingweni zomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi kuyimfundiso, akulona iqiniso. Izimfundiso ezinje kanye nemithethonqubo kwanele ukuze kufakazele ukuthi into eyodwa ekuhlanganisayo yinkolo; akukhona okukhethiwe, noma injongo yomsebenzi kaNkulukulu. Ukuhlangana kwabo bonke labo abaphakathi kwabo kungabizwa ngokuthi ukuhlanganyela kwezenkolo kuphela, futhi kungebizwe ngokuthi ibandla. Lokhu kuyiqiniso elingaguquleki. Abanawo umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele; abakwenzayo kubukeka kunephunga lenkolo, abakuphilayo kugcwele inkolo; abanabo ubukhona kanye nomsebenzi kaMoya oNgcwele, kanti abafanelekile nawukuqondiswa nokukhanyiswa uMoya oNgcwele. Laba bantu bayizidumbu ezingenampilo, futhi bayizimpethu ezingenamoya. Abanalwazi ngokuhlubuka nokuphikisa komuntu, abanalwazi ngezenzo ezimbi zonke zomuntu, bebe bengenalwazi nhlobo ngomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando kaNkulunkulu yamanje. Bonke abanalwazi, abantukazana, bawudoti ongafanele ukubizwa ngabantu abakholwayo! Akukho abakwenzayo okunegalelo ekuphatheni kukaNkulunkulu, kube kungelungise uhlelo lukaNkulunkulu. Amazwi abo kanye nezenzo kunyanyisa kakhulu, kuyadina, futhi akufanelekanga nawukuthi kuze kubalwe.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani kuthiwa ukwenza kwalabo abasemabandleni enkolo sekuhanjelwe isikhathi? Yingoba lokho abakwenzayo akuhlangene nomsebenzi wanamuhla. ENkathini Yomusa, lokho abakwenzayo bekuyikhona, kodwa ngokwedlula kwaleso sikhathi futhi umsebenzi kaNkulunkulu waguquka, ukwenza kwabo kuye ngokuya kuphelelwa yisikhathi. Kushiywe umsebenzi omusha kanye nokukhanya okusha. Ngokubheka isisekelo sawo sokuqala, umsebenzi kaMoya oNgcwele uqhubekele phambili kwezinye ngezinyathelo eziningi ezijulayo. Kodwa labo bantu basabambeke esigabeni sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu, futhi babambelele ezenzweni zakudala kanye nokukhanya okudala. Umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquka kakhulu kabi eminyakeni emithathu noma emihlanu, ngakho lungebe lukhulu kakhulu uguquko olwenzeke eminyakeni eyizi-2000? Uma umuntu engenakho ukukhanya noma ukwenza okusha, kusho ukuthi usilele emsebenzini kaMoya oNgcwele. Lokhu kuwukwahluleka komuntu; ubukhona bomsebenzi omusha kaNkulunkulu kungephikiswe ngoba, namuhla, labo abanomsebenzi kaMoya oNgcwele wokuqala basalandela izinqubo eseziphelelwe isikhathi. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, futhi bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele kumele baqhubekele phambili bajule futhi baguquke, isinyathelo ngesinyathelo. Akumele lokhu kume esigabeni esisodwa. Yilabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele kuphele abaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuqala, futhi bangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yilabo abangalaleli kuphela abehluleka ukuzuza emsebenzini kaMoya oNgcwele. Uma ukwenza komuntu kungahambisani nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, nakanjani ukwenza komuntu ngeke kuhambisane nomsebenzi wanamuhla, futhi nakanjani akuhambisani nomsebenzi wanamuhla. Labo bantu abasele emuva ngesikhathi yibo abehluleka ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu, baba yilabo bantu bokugcina abazofakazela uNkulunkulu. Umsebenzi wokuphatha uwonke, phezu kwalokho, kumele uphothulwe yileli qembu labantu. Ngoba labo abake bagcina umthetho kaJehova, kanye nalabo abake bahluphekela isiphambano, uma behluleka ukwamukela isigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi abakwenzile nje bebekwenzela ize, futhi kuyize leze.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uyofeza leli qiniso: Uyokwenza ukuthi bonke abantu emhlabeni wonke beze phambi Kwakhe, futhi bakhonze uNkulunkulu emhlabeni, futhi omunye umsebenzi Wakhe kwezinye izindawo uyophela, futhi abantu bayophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Kuyoba njengakuJosefa: Bonke babeya kuye ukuze bathole ukudla, futhi bamkhothamele, ngoba wayenezinto ezidliwayo. Ukuze bagweme indlala abantu bazophoqeleka ukuba bafune indlela yeqiniso. Wonke umphakathi wamakholwa ubhekene nendlala enzima, futhi uNkulunkulu wanamuhla kuphela ongumthombo wamanzi okuphila, umthombo ogeleza njalo owenzelwe ukuba abantu bajabule, futhi abantu bazoza bancike Kuye. … Ngelinye ilanga, abafundisi abadala bazothumela amathelegramu befuna amanzi omthombo wokuphila. Bazobe bekhulile, kodwa nabo bazoza bakhonze lo muntu, lowo ababemdelela. Emilonyeni yabo bazoqaphela futhi ezinhliziyweni zabo bazothemba—ingabe lolu akulona uphawu noma isimanga?

kwesithi “Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana