Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Okthoba 13, 2018

Njengoba iNkosi uJesu noNkulunkulu uSomandla benguNkulunkulu ofanayo, ingabe ukukholwa kuJesu kuphela akwanele ukuze umuntu asindiswe?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:

Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane, yingakho uNkulunkulu ezimisele ukuphinde azifake engozini yokungena enyameni.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. … Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani kuthiwa ukwenza kwalabo abasemabandleni enkolo sekuhanjelwe isikhathi? Yingoba lokho abakwenzayo akuhlangene nomsebenzi wanamuhla. ENkathini Yomusa, lokho abakwenzayo bekuyikhona, kodwa ngokwedlula kwaleso sikhathi futhi umsebenzi kaNkulunkulu waguquka, ukwenza kwabo kuye ngokuya kuphelelwa yisikhathi. Kushiywe umsebenzi omusha kanye nokukhanya okusha. Ngokubheka isisekelo sawo sokuqala, umsebenzi kaMoya oNgcwele uqhubekele phambili kwezinye ngezinyathelo eziningi ezijulayo. Kodwa labo bantu basabambeke esigabeni sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu, futhi babambelele ezenzweni zakudala kanye nokukhanya okudala. Umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquka kakhulu kabi eminyakeni emithathu noma emihlanu, ngakho lungebe lukhulu kakhulu uguquko olwenzeke eminyakeni eyizi-2000? Uma umuntu engenakho ukukhanya noma ukwenza okusha, kusho ukuthi usilele emsebenzini kaMoya oNgcwele. Lokhu kuwukwahluleka komuntu; ubukhona bomsebenzi omusha kaNkulunkulu kungephikiswe ngoba, namuhla, labo abanomsebenzi kaMoya oNgcwele wokuqala basalandela izinqubo eseziphelelwe isikhathi. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, futhi bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele kumele baqhubekele phambili bajule futhi baguquke, isinyathelo ngesinyathelo. Akumele lokhu kume esigabeni esisodwa. Yilabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele kuphele abaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuqala, futhi bangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yilabo abangalaleli kuphela abehluleka ukuzuza emsebenzini kaMoya oNgcwele. Uma ukwenza komuntu kungahambisani nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, nakanjani ukwenza komuntu ngeke kuhambisane nomsebenzi wanamuhla, futhi nakanjani akuhambisani nomsebenzi wanamuhla. Labo bantu abasele emuva ngesikhathi yibo abehluleka ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu, baba yilabo bantu bokugcina abazofakazela uNkulunkulu. Umsebenzi wokuphatha uwonke, phezu kwalokho, kumele uphothulwe yileli qembu labantu. Ngoba labo abake bagcina umthetho kaJehova, kanye nalabo abake bahluphekela isiphambano, uma behluleka ukwamukela isigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi abakwenzile nje bebekwenzela ize, futhi kuyize leze. …

…………

… Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi "uJehova nguNkulunkulu" futhi "uJesu nguKristu," okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. … Abaningi baze bakholwe ukuthi labo abachitha umthetho omdala futhi bamukele umsebenzi omusha abananembeza. Laba bantu, abakhuluma ngonembeza kuphela, futhi bengawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele, bazogcina sebenqanyulelwe amathuba okuthuthuka ngobabo onembeza. Umsebenzi kaNkulunkulu awulandeli imfundiso, futhi yize kungumsebenzi Wakhe uqobo, uNkulunkulu akabambeleli kuwo. Lokho okumele kuphikwe kuyaphikwa, lokho okumele kunqunywe kuyanqunywa. Kepha umuntu uzenza isitha sikaNkulunkulu ngokubambelela engxenyeni encane yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Akukhona ukuxaka komuntu lokhu? Akukhona ukungazi komuntu lokhu? Uma abantu belokhu benovalo futhi beqaphele kakhulu ngenxa yokwesaba ukungazitholi izibusiso zikaNkulunkulu, yilapho behluleka khona ukuthola izibusiso ezinkulu, kanye nokuthola isibusiso sokugcina. Labo bantu abalandela umthetho njengezigqila bonke bakhombisa ukwethembeka okukhulu emthethweni, futhi abaveza lokho kwethembeka emthethweni, yibo abangabahlubuki abaphikisana noNkulunkulu. Ngoba manje ekuyiNkathi Yombuso hhayi iNkathi yoMthetho, futhi umsebenzi wanamuhla ungeqhathaniswe nomsebenzi wakudala, futhi umsebenzi wakudala ungeqhathaniswe nomsebenzi wanamuhla. Umsebenzi kaNkulunkulu sewuguqukile, futhi ukwenza komuntu nakho sekuguqukile; akusewona owokubambelela emthethweni noma ukuthwala isiphambano. Ngakho, ukwethembeka kwabantu emthethweni nasesiphambanweni akuzukuthola ukuvunywa uNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba kuhlala kunokusha okuvelayo emsebenzini kaNkulunkulu, ngakho kunomsebenzi omusha, futhi kunanomsebenzi ongasasebenzi namuhla nomdala. Lo msebenzi omdala nomusha uyaphambana, kodwa uyaphelelisana; isinyathelo ngasinye silandela esokugcina. Ngoba kunomsebenzi omusha, izinto zakudala kumele, nakanjani, zisuswe. … Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala umusha futhi awukaze ube mdala, futhi awukaze wakhe imfundiso futhi, kunalokho, uyaqhubeka nokushintsha futhi uzenze musha kakhulu noma kancane. Lo msebenzi uvezwa yisimo esiyisisekelo sikaNkulunkulu Uqobo. Futhi kuyisimiso esiyisisekelo somsebenzi kaNkulunkulu, kanti ungenye yezindlela uNkulunkulu afeza ngazo umsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuba uNkulunkulu bengasebenzi ngale ndlela, umuntu bengeke ashintshe noma akwazi ukumazi uNkulunkulu, futhi uSathane bengeke aze ahlulwe. Ngakho, emsebenzini Wakhe bekuqhubeka nokuba noshintsho olubonakala lwenzeka njalo, kodwa oluye lube ngolwesikhathi esithile. Indlela umuntu akholelwa ngayo kuNkulunkulu, nokho, yehluke kakhulu: Unamathela ezimfundisweni nasezinhlelweni ezindala, ezejwayelekile, futhi uma zizindala kakhulu zihlwabusa kakhulu kuye. Kungenzeka kanjani ukuthi umqondo onobuwula womuntu, umqondo ongaguquki njengetshe, wamukela umsebenzi omusha ongaqondakali kanye namazwi kaNkulunkulu? … Inhloso kaNkulunkulu beyiselokhu ingeyokuthi umsebenzi Wakhe ube musha futhi uphile, ungabi mdala futhi ufe, nokuthi enza ukuthi umuntu abambelele kukho kwahlukaniswa ngokweminyaka nezikhathi, kungabi ngokwangunaphakade futhi kube ngokungashintshi. Lokho kwenziwa wukuthi Yena unguNkulunkulu owenza umuntu aphile futhi abe musha, kunodeveli owenza ukuthi umuntu afe futhi aguge. Ingabe anisakuqonda lokhu? Unemibono ngoNkulunkulu futhi uyehluleka ukuyidedela ngoba awufuni ukwamukela. Akusikho ukuthi kwenziwa ukuqonda umsebenzi kaNkulunkulu kancane, noma ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ungahambisani nomuntu - noma, phezu kwakho konke, yingoba uNkulunkulu uhlala ebudedengu emsebenzini Wakhe.

kwesithi “Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana