Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Mashi 6, 2019

UNkulunkulu Ubeka Imingcele Yezimo Zokwakheka Komhlaba Ezehlukene

Namuhla ngizokhuluma ngesihloko esithi lezi zinhlobo zemithetho elethwa nguNkulunkulu kubantu nakuzo zonke izinto eziphilayo zimnakekela kanjani umuntu. Empeleni siyini lesi sihloko? Ngesithi zimnakekela kanjani umuntu lezi zinhlobo zemithetho elethwa nguNkulunkulu kuzo zonke izinto eziphilayo. Yisihloko esikhulu lesi, ngakho singasehlukanisa izingxenye eziningi bese sixoxa ngazo ngasinye ukuze zichazeke ngokucacile kinina. Ngale ndlela kuzoba lula ukuthi niziqonde kancane kancane.

Okokuqala, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wabekela izintaba imingcele, amathafa, izingwadule, amagquma, imifula, kanye namachibi amakhulukazi. Emhlabeni kunezintaba, amathafa, izingwadule, amagquma, kanye nezinhlobo zamanzi—kuyini konke lokhu? Akuzona izinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo? UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwalezi zinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo. Uma sikhuluma ngokubekwa kwemingcele, kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi izintaba zicacisiwe ngokwazo, amathafa acacisiwe ngokwawo, izingwadule zinophawini wazo, amagquma anezindawo zawo ezimiyo. Kukhona futhi izinhlobo zamanzi amaningi anjengemifula kanye namachibi amakhulukazi. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wehlukanisa izinto zonke ngokucacile. UNkulunkulu uhlelile ukuthi intaba izoba nesilinganiso sobude obuyizungezile bamakhilomitha amangaki, ithathe umkhawulo wobubanzi ongakanani futhi. Uhlelile futhi ukuthi mangaki amakhilomitha ebanga elizungeze ithafa nokuthi lithathe ibanga lobubanzi elingakanani. Ngenkathi edala konke okuphilayo wabheka futhi ibanga lobubanzi lezingwadule kanye nebanga lobubanzi lamagquma kanye nobungako bawo, kanye nokuthi ehlukaniswa yini—wakubheka konke lokhu. Wabheka ibanga lobungako bemifula kanye namachibi amakhulukazi ngenkathi ekudala—konke kunemingcele yakho. Ngakho sisho ukuthi uma sithi “imingcele”? Sisanda kukhuluma ngokuthi ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto eziphilayo kuyakha kanjani imithetho yakho konke okuphilayo. Isibonelo, ibanga nemingcele yezintaba akweluleki noma kufinyele ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ukudlula kwesikhathi. Lokhu akunyakazi: Lokhu “kunganyakazi” kungumthetho kaNkulunkulu. Mayelana nezindawo zamathafa, ukuthi yini imikhawulo yazo, ukuthi zizungezwe yini, lokho kumiswe nguNkulunkulu. Kunomngcele, ngeke kuvele kuqubuke igqunyana nje noma kanjani phakathi nethafa. Ithafa ngeke ngokuphazima kweso liphenduke intaba—ngeke kwenzeke lokho. Imithetho nemingcele esikhulume ngakho kubhekiswe kulokhu. Ngokogwadule, ngeke silibale lapha iqhaza logwadule noma esinye isimo sendawo noma ukubukeka komhlaba, kuphela imingcele yalokhu. Ngaphansi komthetho kaNkulunkulu umkhawulo wogwadule nawo ngeke weluleke. Lokhu kungenxa yokuthi uNkulunkulu ukunikeze umthetho, ibanga. Ubukhulu bakho kanye neqhaza okulibambileyo, umngcele okwehlukanisile, kanye nalapho kutholakala khona—lokhu kwesekelwe nguNkulunkulu. Ngeke kuleqe ibanga lakho, kusuke lapho kukhona, ngeke futhi kwandise indawo noma kanjani nje. Nakuba ukugeleza kwamanzi njengemifula namachibi amakhulu kuhlelekile futhi kuqhubeka, akukaze kuphume emkhawulweni okuwunikiwe noma kudlule imingcele okubekelwe yona. Konke kugeleza kubheke endaweni eyodwa ngendlela ehleliwe, kugeleze kubheke lapho kufanele khona. Ngakho ngaphansi kwemithetho yokubusa kukaNkulunkulu, akukho mfula nalichibi elizokoma noma kanjani nje, noma kushintshe indawo okugelezela kuyo noma kanjani nje noma kuguqule umthamo nokugeleza ngenxa yokuphenduphenduka komhlaba noma ngenxa yokudlula kwesikhathi. Konke lokhu kwaziwa nguNkulunkulu, kusekubuseni Kwakhe. Lokho kusho ukuthi, konke okuphilayo okudalwe nguNkulunkulu okuhambisana nabantu kunezindawo ezimisiwe, izigodi, kanye nemikhawulo. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala konke okuphilayo, imingcele yakho yamiswa ngeke iguqulwe ngokuzenzakalelayo, ngeke yenziwe kabusha, noma ishintshwe. Kusho ukuthini ukuthi “ngokuzenzakalelayo”? Kusho ukuthi ngeke igudlulwe ngokungemthetho, yandiswe, noma ishintshwe esimeni sayo sokudalwa ngenxa yesimo sezulu, amazinga okushisa, noma ijubane umhlaba ophenduka ngalo. Isibonelo, intaba inokuphakama okuthile, iphansi layo linebanga elithile, iphakeme kusuka olwandle ngendlela ethile, futhi inohlaza oluyisilinganiso esithile. Konke lokhu kuhlelwe kwanikwa isibalo nguNkulunkulu kanti ukuphakama nobubanzi ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Ngokwamathafa, iningi labantu lakhe emathafeni, futhi akukho kugudluka kwesimo sezulu okuzothinta izindawo zabo noma ubunjalo bokuphila kwabo. Ngisho okuqukethwe yizindawo lezo ezahlukahlukene kanye nezimo zomhlaba ezadalwa nguNkulunkulu ngeke ziguquke noma kanjani. Isibonelo, lokho okuyizinto ezakha ugwadule, izinto ezinqwabelene ngaphansi komhlaba, inani lesihlabathi eliqukethwe kanye nombala wesihlabathi, ugqinsi esiyilo—lokhu ngeke kuguqulwe ngokuzenzakalela. Kungani zingeke ziguqulwe lezi zinto ngokuzenzakalela? Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe. Kuzo zonke lezi zimo zezwe kanye nezezindawo ezidalwe nguNkulunkulu, ukuphethe konke ngendlela ehleliwe nemiswe kahle. Ngakho zonke lezi zimo zezwe zisekhona eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa, amashumi ezinkulungwane zeminyaka emva kokudalwa nguNkulunkulu. Zisayidlala indawo yazo ngayinye ngayinye. Nakuba ezikhathini ezithile kusabheduka izintabamlilo, ngezikhathi ezithile kuqubuka ukunyikima komhlaba, kuphinde kube nokugudluka okubanzi komhlaba, uNkulunkulu akasoze nakancane avumele uhlobo oluthile lomhlaba ukuthi lulahlekelwe umsebenzi olwadalelwa wona. Kungesizathu salokhu kuphatha kukaNkulunkulu kuphela, ukubusa Kwakhe kanye nokuqonda Kwakhe le mithetho, ukuthi konke lokhu—konke lokhu okujatshulelwa ngumuntu nokubonwa ngumuntu—kuqhubeka nokuphila ngendlela ehlelekile ezweni. Ngakho, kungani uNkulunkulu ephethe zonke lezi zinhlobo zezimo zezwe ezikhona ngale ndlela emhlabeni? Inhloso ukuthi izinto eziphilayo ezikhona ezindaweni zomhlaba ezahlukahlukene zizokuba nendawo ezinzile, nokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila zande kuleyo ndawo ezinzile. Zonke lezi zinto eziphilayo—ezinyakazayo kanye nezinganyakazi, eziphefumula ngamakhala kanye nalezo ezingaphefumuli—ziba yindawo eyehlukile ukuba umuntu akwazi ukuqhubeka nokuphila. Ukuphela kwalolu hlobo lwesimo sendawo olukwazi ukunakekela izizukulwane ngezizukulwane zomuntu, futhi yilolu hlobo kuphela lwendawo olukwazi ukuvumela umuntu aqhubeke nokuphila ngokuthula, izizukulwane ngezizukulwane.

Niboneni kulokhu engisanda kukhuluma ngakho? Ukuthi imithetho kaNkulunkulu ekubuseni Kwakhe phezu kwazo zonke izinto ibalulekile—ibaluleke kakhulu! Simo sini esilindeleke ukwandulela izinto eziphilayo ukuba zikhule ngaphansi kwale mithetho? Kungenxa yokubusa kukaNkulunkulu. Kungenxa yokubusa Kwakhe ukuthi zonke izinto eziphilayo zenza imisebenzi yazo ngaphansi kokubusa Kwakhe. Isibonelo, izintaba zinakekela amahlathi, amahlathi bese enakekela aphinde avikele izinyoni eziyizinhlobonhlobo kanye nezilwane ezihlala kuwo. Amathafa ayisinyathelo esilungiselwe abantu ukuba batshale izitshalo kanye nezinyoni nezilwane ezinhlobonhlobo. Avumela abantu abaningi ukuthi bahlale emhlabeni owendlalekile kube nobungcono ezimpilweni zabantu. Amathafa futhi anezindawo zotshani—izindawo ezinkulu zotshani. Izindawo ezinotshani lezi ziwumhlaba wezimila. Zivikela inhlabathi ziphinde zinakekele izinkomo, izimvu, namahhashi aphila kulezi zindawo zotshani. Ugwadule nalo lunomsebenzi walo eliwenzayo. Akuyona indawo yokuhlala abantu; umsebenzi walo ukomisa izindawo ezinomhwamuko. Ukugeleza kwemifula namachibi amakhulukazi kuwusizo kubantu ngamanzi okuphuzwa kanye nangezidingo zamanzi kukho konke okuphilayo. Noma yikuphi lapho kugelezela khona, abantu bazoba namanzi aphuzwayo. Lena yimingcele ebekwe nguNkulunkulu yezindawo ezahlukahlukene.


Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana