Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesithathu, Julayi 31, 2019

Ngaphansi Kwegunya lo Mdali, Zonke Izinto Ziphelelisiwe

igunya likaNkulunkulu,Amazwi KaNkulunkulu


Zonke izinto ezidalwe nguNkulunkulu, kuhlanganiswe lezo ezazikwazi ukunyakaza nalezo ezazingakwazi ukunyakaza, njengezinyoni nezinhlanzi, njengemithi nezimbali, futhi kuhlanganiswe nemfuyo, izilokazana, kanye nezilwane zasendle ezenziwa ngosuku lwesithupha—zonke zazizinhle kuNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, emehlweni kaNkulunkulu, zonke lezi zinto, ngokuhambisana nohlelo Lwakhe, zazifinyelele esicholweni sokupheleliswa, futhi zazifinyelele emazingeni uNkulunkulu ayefisa ukuwafeza. Isinyathelo ngesinyathelo, uMdali wenza umsebenze ayehlose ukuwenza ngokuhambisana nohlelo Lwakhe. Zilandelana, izinto ayehlose ukuzidala zavela, kanti ukuvela kwazo ngayinye, kwakukhombisa igunya lo Mdali, nokucaca kwegunya Lakhe, futhi ngenxa yalokucaciseka, zonke izilwane zazingenakwenza lutho ngaphandle kokubonga umusa woMdali, nokuhlinzeka koMdali. Njengoba izenzo ezimangalisayo zikaNkulunkulu zazibonakaliswa, lo mhlaba wakhukhumala, kancane kancane, ngazo zonke izinto uNkulunkulu ayezidalile, futhi waguquka ekubeni isiphithiphithi nobumnyama waba nokucaciseleka nokukhanya, wasuka ekubeni nokuthula okuthe cwaka, waba nokuphila okukhwishizayo nobungqabavu obungenamkhawulo. Phakathi kwazo zonke izinto zendalo, kusukela kwezinkulu kuya kwezincane, kusukela kwezincane kuya kwezincinyane, akukho okungadalwanga ngegunya namandla oMdali, futhi kwakunesidingo nokubaluleka okuyingqayizivele futhi okusemvelweni yaso, ukubakhona kwesilwane ngasinye. Akukhathaliseki umehluko ngokubunjwa nesakhiwo sazo, zazifanele ukuba zazenziwe uMdali ukuze zibekhona ngaphansi kwegunya lo Mdali….

Ngamafushane, mayelana nezinto zonke, umuntu kufanele athobele umthetho woMdali, okungukuthi, athobele uhlelo olubekwe nguMdali ezintweni zonke; lesi isimo sengqondo esihlakaniphe kunazo zonke. Isimo sengqondo sokusesha, nokulalela izinhloso zasekuqaleni zoMdali, ukwemukela ngeqiniso nokuqiniseka ngomthetho woMdali. Kuhle kuNkulunkulu, ngakho isiphi isizathu umuntu anaso sokuthi asole? Ngakho, zonke izinto ezingaphansi kwegunya lo Mdali zizodlala umculo omnandi nomusha ngenxa yobukhosi boMdali, zizoqala isandulelo esimangalisayo ngenxa yomsebenzi Wakhe wosuku olusha, kanti kulo mzuzu uMdali Naye uzovula ikhasi elisha emsebenzini Wakhe wokuphatha! Ngokomthetho wehlumela lasentwasahlobo, ukuvuthwa kwasehlobo, isivuno sasekwindla kanye nokukhweza nokugcina izinto kwasebusika okumiswe nguMdali, zonke izinto zizozwakala ngohlelo lo Mdali lokuphatha, futhi zizokwemukela usuku lwazo olusha, isiqalo esisha, nomzila wempilo omusha, futhi maduzane nje zizozala zilandelana unomphela ukuze zemukele usuku ngalunye ngaphansi kobukhosi begunya lo Mdali.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana