Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

ULwesibili, Agasti 27, 2019

19. Akukho Bantu Abakhethwayo Ebandleni

Impilo yeBandla

ULiu Xin edolobheni laseLiaocheng, esiFundazweni saseShandong

Emva kokulandela uNkulunkulu kule minyaka, ngazizwa sengathi ngidlule ekuhluphekeni okuthile futhi ngikhokhe inani elithile, ngakho kancane kancane ngaqala ngaphila ngokuhlomula ezinzuzweni zami zangaphambilini futhi ngagabisa ngesikhundla sami esiphezulu. Ngacabanga: Ngishiye ikhaya eminyakeni eminingi kanti nomndeni wami kade wagcina nokukhuluma nami. Ngaphansi kwalezi zimo, ibandla nakanjani lizonginakekela. Ngisho noma ngingawenzi umsebenzi wami kahle ngeke bangikhombe indlela. Okukhulu abangakwenza bazongisusa la ngikhona bangifake ukuba ngenze omunye umsebenzi. Ngenxa yokucabanga kanje, angizange ngibe nakuzibophezela emsebenzini wami. Ngakushaya indiva konke, futhi ngaze ngabuka umsebenzi wevangeli njengesinengiso, ngaso sonke isikhathi ngihlala ebunzimeni kanye nakuzo izaba. Yize noma ngezwa inhliziyo yami inecala kanye nonembeza wami ungilahla ngoba uNkulunkulu ngangimkweleta lukhulu ngenxa yokuziphatha kwami ngendlela yokugcina icala nje, kanye nokuthi kungekudala ngangizogudluzwa, nalapho ngangisaphila ngomqondo wenhlanhla nje, ngethemba ukuthi izinsuku zami ebandleni zizoziphelela nje ngingenzanga lutho.

UNkulunkulu ulungile futhi ungcwele. Ekugcineni, emva kokuba ngixove ngaxova umsebenzi wami ngokuchitha isikhathi eside ngisebenza ngokuhudula izinyawo nokuvilapha, ngaxoshwa ngathunyelwa ekhaya ukuba ngike ngiyozihlolisisa. Ngaleso sikhathi, ngangethukile: Bangakwenza kanjani ukuba bangabe besangicabangela nje? Emva kokusebenza iminyaka eminingi kangaka, manje sekufuneka ngiye ekhaya, kanjalo nje. Kodwa ngizowubheka kanjani umndeni wami uma ngibuyela ekhaya manje? Nginamathemba mani ngekusasa lami? … Inhliziyo yami yaxakaniseka kakhulu futhi ngagcwala ukudideka nokusola uNkulunkulu. Ngawela ebumnyameni, ngibhekene nobuhlungu.

Phakathi kokuhlupheka, ngeza phambi kukaNkulunkulu ngamemeza kuYe: O Nkulunkulu, selokhu ngangicabanga ukuthi emva kokusebenza kude kangaka nekhaya iminyaka emingaka kanye nokubekezelela ukuhlupheka okungaka, ibandla ngeke lingiphathe kanje. Manje ngiphila ebumnyameni, inhliziyo yami igcwele ukudideka nokusola okubhekiswe Kuwe. Yiba nomusa kimina futhi ukuze ngikwazi ukuthola ukucaciseleka Kwakho kanye nokuhlolwa ebumnyameni. … Emva kokukhuleka ngiphindaphinda kanje izikhathi eziningi, izwi likaNkulunkulu langikhanyisela. Ngelinye ilanga ngabona la mazwi kaNkulunkulu: “Ngeke ngibazwele nakancane labo kini abahlupheka iminyaka eminingi futhi basebenze kanzima bengabi nalutho oluphathekayo ngalokho. Ngokuphambene nalokho, ngiyabajezisa labo abangakaze bakwenze engikufunayo, akunamivuzo, nozwelo luncane. Mhlawumbe lokho nikucabanga ekubeni ngabalandeli iminyaka eminingi nenza umsebenzi onzima noma kunjani, ngakho kunoma yisiphi isimo ningasithola isitsha selayisi endlini kaNkulunkulu ngokwenza inkonzo. Ngingathi iningi lenu licabanga ngale ndlela ngoba kuze kube manje benilandela umyalo wokusizakala ngento ethile hhayi ukuthi kusizakalwe ngani. Ngakho manje ngiyanitshela futhi angidlali: Anginandaba nokuthi umsebenzi wakho onzima muhle kangakanani, nokuthi uhlaba umxhwele kangakanani, nokuthi ungilandela eduze kangakanani, nokuthi waziwa kangakanani, noma ukuthi usungcono kangakanani umbono wakho; uma nje ungakwenzi engikufunayo, awusoze wadunyiswa Yimi. …ngoba ngeke ngilethe izitha Zami, nabantu abenza okubi belingisa uSathane embusweni Wami, enkathini elandelayo.” (“Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni). Izwi ngalinye likaNkulunkulu lembula ubukhosi nolaka Lwakhe, kungigwaza ngqo en kimi ebulalayo njengenkemba ebukhali nxazombili, futhi licekela phansi iphupho lami “lokuba okungeni ngikwazi ukuziphilisa ebandleni noma yingayiphi indlela ngenxa yomsebenzi engiwufakayo, ngisho noma kungewona umsebenzi oncomekayo.” Ngalesi sikhathi, ngangingenayo enye indlela ngaphandle kokuzihlolisisa: Yize noma ngangishiye ikhaya futhi ngilokhu ngigcwalisa isibopho sami ngaphandle kule minyaka embalwa edlule, kubonakala ngaphandle sengathi ngikhokhe inani elithile futhi ngibhekane nokuhlupheka okuncane, angizange ngiluzwe neze usizi lukaNkulunkulu, futhi angikaze nakanye ngicabange ngokuthi ngigcwalise kanjani izibopho zami ngendlela efanele ukuze ngenelise uNkulunkulu. Kunalokho, ngenza umsebenzi wami njengokugcina nje icala. Ikakhulukazi ngalesi sikhathi, angizange ngibe namthwalo neze ngomsebenzi wami wevangeli futhi angizange ngithathele phezulu nezinqumo ezibekiwe zomsebenzi wokuvangela kwebandla, ngingenandaba noma ngiyawuqeda umsebenzi noma cha futhi ngingenamuzwa wokuthi nganginotho engangimkweleta lona uNkulunkulu. Ngaze ngathatha umsebenzi wevangeli njengento ewumthwalo, ngicabanga ukuthi uma kufika abanye abantu abasha bese ngingatholi muntu ozobanisela kuzoba yinkinga enkulu kakhulu. Ngenxa yalokho, angikhombisanga ntshisekelo emsebenzini wevangeli ngase ngibangela ukuba umsebenzi ulimale kakhulu. Njengoba nganginganakile umsebenzi wokunisela abantu, kwaholela ekubeni amakholwa ayesanda kuphenduka ashiye ngenxa yokuthi akekho owayezowanisela. Ibandla lahlela ukuba mina ngibheke imindeni eyayingabasingatha futhi ngibhekelele ezinye zezinto ezazijwayelekile, kodwa ngangisahlezi ebunzimeni nakuzo izaba, nginqaba ukubambisana noNkulunkulu. Phezu kwalokho, ngangenelisekile yisimo sami sangaleso sikhathi futhi ngingafune nqubekelaphambili, ngaqhubeka ngaba ngumuntu owonakele ngandlela thile futhi ngalahlekelwa umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ngabangela ukuba izingxenye eziningi zomsebenzi webandla ugcine uyinhlakanhlaka. … Ngacabanga ngendlela yami yokuziphatha: Lokhu kwakuwufeza kanjani umsebenzi wami? Kwakuwukwenza ububi nje kuphela! Kodwa empeleni ngakuzwa lokho, ngisho nomsebenzi wami wawungewona oncomekayo, kodwa ngangisebenze ngokuzikhandla, kanye nokuthi noma ngabe kungenzekani, okungenani kufanele ngikwazi ukuziphilisa ngebandla. Kuthe lapho ibandla lingihlelela ukuba ngibuyele ekhaya ukuze ngiyozihlolisisa, ngabona sengathi angiphathwanga kahle. Ngaze ngazibona nginjengomuntu owayenegalelo ebandleni, ngibiza izinto kuNkulunkulu ngingenamahloni futhi ngigabisa ngesikhundla sami esiphezulu. Empeleni konke engangikwenza kwakungenangqondo nje, kungahluzekile kahle! Lesi simo sami sasinyanyeka futhi siyisinengiso kuNkulunkulu! Ibandla lehlukile emphakathini kanye nasezweni ngoba isimo sikaNkulunkulu sokulunga asinamusa kunoma yimuphi umuntu. Akunandaba ukuthi uneziqu noma ufaneleke kangakanani, ukuthi kungakanani ukuhlupheka okubekezelile, noma sewunesikhathi eside kangakanani umlandela Yena. Uma unenga isimo sikaNkulunkulu, konke okuzokwehlela ulaka nobukhosi bukaNkulunkulu. Kungenzeka kanjani ukuthi imbungulu efana nami engazange iwenze umsebenzi wayo futhi ebeyiziphilisa ngebandla yona yodwa yehluke phambi kokulunga kukaNkulunkulu? Kwaba yilapho-ke lapho ngaqonda khona ukuthi ukuxoshwa kwami nokungenza ngizihlolisise empeleni kwakuwukwahlulela kukaNkulunkulu kokulunga kimina. Futhi kwakuwuthando olukhulu nensindiso uNkulunkulu ayengayinikeza le ndodana Yakhe ehlubukayo. Kungenjalo, ngabe ngisabambelele kulowa mbono ongalungile “wokuba okungenani ngikwazi ukuziphilisa ebandleni noma yingayiphi indlela ngenxa yomsebenzi engiwufakayo, ngisho noma kungewona umsebenzi oncomekayo,” ngilele ephusheni lami engizalukele lona, futhi ekugcineni ngibolele emicabangweni yami.

O Nkulunkulu! Ngiyabonga! Mawudunyiswe Wena! Ngisho noma indlela Yakho yokusindisa ingafani nemibono yami, manje sengiyaziqonda izinhloso Zakho futhi sengiyabona ukunakekelwa kanye nemicabango Yakho. Ngizimisele ukwamukela ukusola Kwakho nokwahlulela, futhi ngakho ngizihlolisise ngokuyikhona futhi ngizazi mina, ngisazi isimo Sakho sokulunga, futhi phezu kwalokho ngizimisele ukuphenduka bese ngiqala kabusha ukuze ngibe umuntu omusha!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana