Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMsombuluko, Septhemba 2, 2019

I. Ubani Omkhulu: UNkulunkulu, noma IBhayibheli? Ebudlelwaneni Obuphakathi KukaNkulunkulu NeBhayibheli

1. Eminyakeni eminingi, izindlela zomdabu zabantu zokukholwa (lezo zobuKristu, okungenye yezinkolo ezintathu ezinkulu emhlabeni) bekuwukufunda iBhayibheli; ukusuka eBhayibhelini akulona ukholo eNkosini, ukusuka eBhayibhelini kuyinkolelo-ze embi, kanye nokuhlubuka, futhi ngisho lapho abantu befunda ezinye izincwadi, isisekelo salezo zincwadi kufanele kube ukuchazwa kweBhayibheli. Okungukuthi, uma uthi ukholwa eNkosini, kufanele ufunde iBhayibheli, kufanele udle uphinde uphuze iBhayibheli, futhi ngaphandle kweBhayibheli akufanele ukhonze noma iyiphi enye incwadi engaphathelene neBhayibheli. Uma ukwenza lokho, ukhaphela uNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi lapho kwaba khona iBhayibheli, inkolelo yabantu eNkosini ibingukukholelwa eBhayibhelini. Esikhundleni sokuthi abantu bakholelwa eNkosini, kungcono ukuthi bakholelwa eBhayibhelini; kunokuba kuthiwe sebeqalile ukufunda iBhayibheli, kungcono ukuthi sebeqalile ukukholelwa eBhayibhelini; futhi kunokuthi kuthiwe sebebuyele phambi kukaNkulunkulu, kungcono ukuthi sebubuyele phambi kweBhayibheli. Ngale ndlela, abantu bakhonza iBhayibheli sengathi linguNkulunkulu, sengathi liyigazi lempilo yabo nokulahlekelwa yilo kungafana nokulahlekelwa impilo yabo. Abantu babona iBhayibheli liphakeme njengoNkulunkulu, futhi kukhona ngisho nalabo abalibona liphakeme kunoNkulunkulu. Uma abantu bengenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, uma bengamuzwa uNkulunkulu, bayaqhubeka baphile—kodwa ngokushesha uma belahlekelwa iBhayibheli, noma balahlekelwe izahluko nezisho ezaziwayo eBhayibhelini, kumane kube sengathi balahlekelwe impilo yabo. Ngakho, ngokushesha uma abantu bekholwa kuNkulunkulu bayaqala bafunde iBhayibheli, nokwazi iBhayibheli ngekhanda, futhi lapho bazi ngekhanda ingxenye enkulu yeBhayibheli, yilapho kubonakala kakhulu ukuthi bayayithanda iNkosi futhi banokholo olukhulu. Labo abalifundile iBhayibheli futhi abakwazi ukukhuluma kwabanye ngalo bangabafowethu nodadewethu abalungile. Kuyo yonke le minyaka, ukukholwa nokuthembeka kwabantu eNkosini kukalwe ngezinga lokuqonda kwabo iBhayibheli. Abantu abaningi bamane abaqondi ukuthi kungani kufanele bakholwe kuNkulunkulu, nokuthi kufanele bakholwe kanjani kuNkulunkulu, futhi abenzi lutho ngaphandle kokucinga ngokumpumpuzela befuna imikhondo yezincazelo obala izimfihlakalo zezahluko zeBhayibheli. Abakaze bafune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele; kuze kube manje, abenzanga lutho ngaphandle kokufundisisa nokuphenya iBhayibheli, futhi akekho owake wathola umsebenzi osemusha woMoya oNgcwele, ngaphandle kwaseBhayibhelini, akekho owake wasuka eBhayibhelini, futhi abakaze balokothe basuke eBhayibhelini. Abantu balifundile iBhayibheli kuyo yonke le minyaka, baqhamuke nezincazelo eziningi kakhulu, bazikhandla kakhulu; banokuhluka ngemibono okuningi, futhi abaphikisana ngayo bengaphezi, ngendlela yokuthi sekunezinhlelo zamabandla ezingaphezu kwezi-2000 ezakhiwe namuhla. Zonke zifuna ukuthola izincazelo ezithile ezikhethekile, noma izimfihlakalo ezijule kakhulu eBhayibhelini, zifuna ukulihlola, nokuthola isendlalelo ngomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli, noma isendlalelo ngomsebenzi kaJesu eJudiya, noma ezinye izimfihlakalo ezingaziwa muntu. Indlela abantu abalithatha ngayo iBhayibheli yile enokuthatheka nokukholwa, futhi akekho ocacelwe ngokuphelele indaba yangaphakathi noma ingqikithi yeBhayibheli. Ngakho, umphumela walokho namuhla ukuthi, abantu basenokuzwa ongachazeki wesimangaliso uma sekuza eBhayibhelini; okudlula lokho, benganyelwe yilo bathathekile, futhi bakholelwa kulo. Namhlanje, bonke abantu bafuna ukuthola iziphrofetho zomsebenzi wezinsuku zokugcina eBhayibhelini, bafuna ukuthola ukuthi imuphi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ngezinsuku zokugcina, nokuthi iziphi izimpawu ezikhona zezinsuku zokugcina. Ngale ndlela, ukukhonza kwabo iBhayibheli kuya kuba namandla, futhi njengoba ziya zisondela izinsuku zokugcina, baya bezikholwa kakhulu iziphrofetho zeBhayibheli, ikakhulukazi lezo ezimayelana nezinsuku zokugcina. Ngokholo olumpumpuzela kakhulu eBhayibhelini, nangokwethembela okukhulu eBhayibhelini, abanasifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele. Ngokokubona kwabantu bacabanga ukuthi iBhayibheli kuphela elingaletha umsebenzi woMoya oNgcwele; iseBhayibhelini kuphela lapho bengathola khona izinyathelo zikaNkulunkulu; iseBhayibhelini kuphela lapho kucashe khona izimfihlakalo zomsebenzi kaNkulunkulu; iBhayibheli kuphela—hhayi ezinye izincwadi noma abantu—okungacacisa yonke into kaNkulunkulu kanye nomsebenzi wakhe sewuwonke; iBhayibheli lingaletha umsebenzi wezulu emhlabeni; futhi iBhayibheli lingaqala futhi liphethe izinkathi. Ngale mibono, abantu abanaso isifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele.


ivela kwethi “Mayelana NeBhayibheli (1) ” Ezwini Elivela Lisenyameni

2. Namhlanje, abantu bakholwa ukuthi iBhayibheli nguNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu iBhayibheli. Futhi, bayakholelwa ukuthi wonke amazwi aseBhayibhelini yiwo wodwa amazwi uNkulunkulu awakhuluma, futhi nokuthi wonke ashiwo nguNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu bacabanga ngisho ukuthi nakuba zonke izincwadi ezingama-66 zeTestamente Elidala neTestamente Elisha zabhalwa ngabantu, zonke zanikezwa ngokuphefumulelwa nguNkulunkulu futhi zabe zingumbhalo wamazwi oMoya oNgcwele. Lokhu kuyincazelo eyiphutha yabantu, futhi ayivumelani namaqiniso. Empeleni, ngaphandle kwezincwadi zokuphrofetha, iningi lokubhalwe eBhayibhelini lingumlando nje. Ezinye zezincwadi zeTestamente Elisha zivela kulokho abantu abadlule kukho mathupha, futhi ezinye zivela ekukhanyiselweni nguMoya oNgcwele; izincwadi zikaPawulu, isibonelo, zavela emsebenzini womuntu, zabe zingumphumela wokukhanyiselwa nguMoya oNgcwele, futhi zabe zibhalelwe amabandla, zingamazwi okuyala nokukhuthaza abazalwane emabandleni. Kwabe kungewona amazwi ayekhulunywe nguMoya oNgcwele—uPawulu wayengeke akhulumele uMoya oNgcwele, futhi wabe engeyena umprofethi, kungasaphathwa okokubona imibono. Izincwadi zakhe zazibhalelwe amabandla ase-Efesu, eFiladelfiya, eGalathiya, kanye namanye amabandla.……Uma abantu bebona izincwadi noma amazwi kaPawulu njengamazwi oMoya oNgcwele, futhi bewakhonze njengoNkulunkulu, ngakho kungathiwa bemukela noma yini bakhohliseka kalula. Ukukusho ngesankahlu, akuve lokhu kuwukumthuka uNkulunkulu? Umuntu angakhulumela kanjani uNkulunkulu? Futhi abantu bangakhothama kanjani ngaphambi kwemibhalo yezincwadi zakhe namazwi awakhuluma ongathi ayeyincwadi engcwele, noma incwadi yasezulwini? Ingabe amazwi kaNkulunkulu ayengakhulunywa ngumuntu ngokunganaki? Wayengamkhulumela kanjani uNkulunkulu umuntu?


ivela kwethi “Mayelana NeBhayibheli (3)” Ezwini Elivela Lisenyameni

3. Ngisho nabaningi bakholelwa ukuthi noma yimuphi umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kumelwe usekelwe iziphrofetho, nokuthi esigabeni ngasinye somsebenzi onjalo, bonke labo abamlandela ngenhliziyo eqinisekile kumele baboniswe izambulo, ngale kwalokho lowo msebenzi ngeke kube okaNkulunkulu. Kakade akuwona umsebenzi olula kumuntu ukwazi uNkulunkulu. Uma usuhlanganisa nenhliziyo yomuntu emangazayo nokuhlubuka kwakhe kwendalo kokuzazisa nokuzidla, konke lokhu kwenza kube nzima kakhulu ukuba abantu bamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu. Umuntu akawufundisisi umsebenzi omusha kaNkulunkulu ngokucophelela noma awemukele ngokuthobeka; kunalokho, umuntu uba nesimo sokungahloniphi, elinde izambulo nokuholwa uNkulunkulu. Lena akuyona indlela yokuziphatha yabantu abahlubuka nabaphikisa uNkulunkulu? Abantu abanjalo bangakuthola kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu?

ivela kwethi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” Ezwini Elivela Lisenyameni

4. Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokuthuthuka, futhi nakuba inhloso yomsebenzi Wakhe ingaguquki, izindlela asebenza ngazo ziyaguquguquka njalo, kanjalo nangalabo abalandela uNkulunkulu. Ubuningi bomsebenzi kaNkulunkulu, busho ukuthi abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, nesimo somuntu siguquka ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe. Kodwa-ke, kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyaguquka yingakho labo abangawazi umsebenzi woMoya oNgcwele nalabo abangenangqondo abangalazi iqiniso babe abaphikisi bakaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele imicabango yabantu, ngoba umsebenzi Wakhe uhlale umusha awubi mdala. Akakaze nanini aphinde umsebenzi omdala kodwa kunalokho uqhubekela phambili nomsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini. Njengoba uNkulunkulu engawuphindi umsebenzi Wakhe nabantu belokhu behlulela umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ngomsebenzi Wakhe wesikhathi esidlule, kunzima kakhulu ukuba uNkulunkulu aqhube isigaba ngasinye somsebenzi wenkathi entsha. Umuntu uletha izihibe eziningi kakhulu! Ukucabanga komuntu kuncane impela! Akekho umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa bonke bayawuchaza lo msebenzi. Uma ekude noNkulunkulu, umuntu ulahlekelwa ukuphila, iqiniso, kanye nezibusiso zikaNkulunkulu, kodwa umuntu akamukeli ukuphila noma iqiniso, kanjalo nezibusiso ezinkulu uNkulunkulu azibeke phezu komuntu. Bonke abantu bafisa ukuzuza uNkulunkulu kodwa abakwazi ukubekezelela ushintsho emsebenzini kaNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu bakholelwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ume nse. Ekukholelweni kwabo, konke okudingekayo ukuze uzuze ukusindiswa kwangunaphakade kuNkulunkulu ukuthi ugcine umthetho, nokuthi inqobo nje uma bephenduka bevuma izono zabo, inhliziyo kaNkulunkulu izokwaneliseka ingunaphakade. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu angaba uNkulunkulu kuphela ngaphansi komthetho nokuthi uNkulunkulu owabethelwa esiphambanweni ngenxa yabantu; baphinde bacabange ukuthi uNkulunkulu akumele futhi angeke abe ngaphezu kweBhayibheli. Yiyo kanye le mibono ebabophele yabaqinisa emthethweni wakudala yabagcina beboshelelwe emithethweni enzima.


ivela kwethi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” Ezwini Elivela Lisenyameni

5. AmaJuda angalesiya sikhathi onke afunda eTestamenteni Elidala futhi azi ngesiphrofetho sika-Isaya ukuthi ingane yomfana izozalelwa emkhombeni. Kungani pho, sebenalolu lwazi, baqhubeka bemshushisa uJesu? Ingabe lokhu akungenxa yesimo sabo sokuhlubuka sendalo nokungawazi umsebenzi woMoya oNgcwele? Ngaleso sikhathi, abaFarisi babekholelwa ukuthi umsebenzi kaJesu wawungafani nalokhu ababekwazi okwaphrofethwa ngengane yomfana; abantu banamuhla baphika uNkulunkulu ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni awuhambisani neBhayibheli. Ingabe into eyenza ukuba bahlubuke uNkulunkulu ayiyona into eyodwa efanayo? Ningakwazi ukwamukela ngaphandle kwemibuzo wonke umsebenzi woMoya oNgcwele? Uma kungumsebenzi kaMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi “ngumthombo” ofanele. Kumele uwamukele ngaphandle kokungabaza, kunokuba ukhethe ofuna ukukwamukela. Uma uzuze ulwazi oluthile kuNkulunkulu waba nokungabaza Ngaye, ingabe lokhu akukona ukwenza okungafuneki? Okumele ukwenze ukwamukela, ngaphandle kokuthi kusekelwe yiBhayibheli, noma yimuphi umsebenzi inqobo uma kungoMoya oNgcwele, ngoba ukholelwa kuNkulunkulu ukuze ulandele uNkulunkulu, hhayi ukumphenya. Akumele nifune obunye ubufakazi obungubufakazi bokuthi nginguNkulunkulu wenu. Kunalokho, kumele nihlukanise ukuthi nginalo na usizo kini; ilokho okusemqoka. Yize senithole ubufakazi obungephikiswe eBhayibhelini, ngeke bunilethe ngokuphelele phambi Kwami. Yini eniphila emingceleni yeBhayibheli, hhayi phambi Kwami; iBhayibheli ngeke linisize ukuba nazi Mina, futhi ngeke lijulise uthando lwenu Ngami. ……Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngokuthi abantu ezinsukwini zokugcina kumele bangene kanjani noma kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu. Kanjalo, ngeke kube amanga ukubheka eBhayibhelini ukuze uthole umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina? Yini ongayihlukanisa ngokubamba iBhayibheli kuphela ezandleni zakho? Kungaba ngutolika weBhayibheli noma umshumayeli, ubani ongazi ngaphambili umsebenzi wanamuhla?


ivela kwethi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” Ezwini Elivela Lisenyameni

6. AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu abafuna iqiniso, kodwa abantu abalandela ngokomthetho amazwi ombhalo ongcwele; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, nokuthi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. …Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abamukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi – bangafanelana kanjani Nami?

       ivela kwethi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu ” Ezwini Elivela Lisenyameni


7. Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi?


ivela kwethi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” Ezwini Elivela Lisenyameni

8. Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?


ivela kwethi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” Ezwini Elivela Lisenyameni

9. Ukuqonda iBhayibheli, ukuqonda umlando, kodwa ukungaqondi ukuthi uMoya oNgcwele wenzani namhlanje — lokho kuyiphutha! Wenze kahle kakhulu ukufunda umlando, wenze umsebenzi omuhle kakhulu, kodwa awuqondi lutho ngomsebenzi owenziwa uMoya oNgcwele namhlanje. Akubona yini lobo ubuwula? Abanye abantu bayakubuza: “Wenzani uNkulunkulu namhlanje? Yini okufanele ungene kuyo namhlanje? Kuhamba kanjani ukushisekela kwakho ukuphila? Ingabe uyayiqonda intando kaNkulunkulu? Ngeke ube nampendulo ngalokho abakubuzayo—ngakho yini oyaziyo?


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (4)” Ezwini Elivela Lisenyameni

10. Lokhu kungenxa yokuthi iBhayibheli lalandela izinkulungwane eziningi zeminyaka yomlando wabantu futhi abantu bonke baliphathisa okukaNkulunkulu ngezinga lokuthi abantu ezinsukwini zokugcina bafaka iBhayibheli esikhundleni sikaNkulunkulu. Kuyamunenga lokhu uNkulunkulu. Kanjalo nangesikhathi Sakhe, kufanele acacise udaba olungaphakathi nomsuka weBhayibheli. Ngale kwalokho, iBhayibheli belisazokwazi ukuthatha isikhundla sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu futhi bangenqaba baphinde bakale izenzo zikaNkulunkulu besekela lokho emazwini aseBhayibhelini. Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. ……Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa.

ivela Esethulweni seNgxenye Yesibili kwethi Izwi Elivela Lisenyameni

11. IBhayibheli umbhalo womlando womsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli, futhi lilandisa ngokuningi ukubikezela kwabaphrofethi basemandulo kanye namanye amazwi kaJehova emsebenzini Wakhe ngaleso sikhathi. Ngakho, bonke abantu bayithatha le ncwadi njengencwadi engcwele (ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi mkhulu). Phela, lokhu kungenxa yokuhlonipha kwabo uJehova okukhulu kanye nokumthanda kakhulu uNkulunkulu. Abantu bayibiza ngale ndlela le ncwadi kuphela ngenxa yokuthi abadaliweyo bakaNkulunkulu bamthanda kakhulu uMdali wabo, futhi kukhona ngisho labo le ncwadi abayibiza njengencwadi yasezulwini. Empeleni, imane iwumbhalo wabantu. Ayizange iqanjwe igama nguJehova mathupha, futhi uJehova akazange aqondise ukwenziwa kwayo mathupha. Ngamanye amazwi, umbhali wale ncwadi akuyena uNkulunkulu, kodwa abantu. IBhayibheli Elingcwele yigama elinokuhlonipha elinikwe yona ngabantu. Leli gama alizange liqokwe nguJehova noJesu emva kokuthi bekade benengxoxo ndawonye; ayiyilutho ngaphezu kokuba umbono womuntu. Ngoba le ncwadi ayibhalwanga nguJehova, kungasaphathwa uJesu. Kunalokho iyizindaba zabaprofethi, abaphostoli kanye nababoni abaningi basendulo, ezabuthelwa ndawonye yizizukulwane zakamuva ukwenza incwadi yemibhalo yasendulo, kubantu ebonakala sengathi ingcwele kakhulu, incwadi abakholelwa ukuthi inezimfihlakalo ezingeqondwe futhi ezijulile ezilinde ukudalulwa izizukulwane ezizayo.


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (4)” Ezwini Elivela Lisenyameni

12. lokho okubhalwe eBhayibhelini umsebenzi kwa-Israyeli kuphela ngaleso sikhathi. Amazwi akhulunywa ngabaprofethi, u-Isaya, uDaniyeli, uJeremiya, kanye noHezekeli … amazwi abo abikezela omunye umsebenzi Wakhe emhlabeni, abikezela umsebenzi kaJehova uqobo Lwakhe. Konke lokhu kwavela kuNkulunkulu, kwabe kungumsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ngaphandle kwalezi zincwadi zabaprofethi, yonke into ngumbhalo ngalokho abantu abadlule kukho emsebenzini kaJehova ngaleso sikhathi.

ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

13. Konke okulotshwe eBhayibhelini kunomkhawulo futhi akukwazi ukuveza yonke imisebenzi kaNkulunkulu. AmaVangeli aMane anezahluko ezingaphansi kweziyikhulu uma sezihlanganisiwe okubhalwe kuz0 isibalo esithile sezigameko njengalapho uJesu eqalekisa isihlahla somkhiwane, ukuphika iNkosi kukaPetru izikhathi ezintathu ukubonakala kukaJesu kubafundi Bakhe ngemva kokubethelwa nokuvuswa kwakhe, ukufundisa ngokuzila ukudla, ukufundisa ngomthandazo, ukufundisa ngesahlukaniso somshado, ngokuzalwa nangolibo lukaJesu, ukuqoka kukaJesu abafundi nokunye. Lena yimibhalo embalwa, kodwa abantu bayikhonze njengamagugu, baze baqinisekise imisebenzi yanamuhla ngokuyiqhathanisa nayo. Baze bakholwe ukuthi uJesu wenza okuningi kangaka kuphela emva kokuzalwa Kwakhe kuphela. Kunjengokuthi bakholwa wukuthi uNkulunkulu angenza lokho kuphela, awukho omunye umsebenzi ongaba khona. Akubona ubuphukuphuku lobo?


ivela kwethi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

14. ekufundeni iBhayibheli abantu bangazuza izindlela eziningi zokuphila ezingatholakali kwezinye izincwadi. Lezi zindlela yizindlela zokuphila zomsebenzi woMoya oNgcwele abadlula kuzo abaphrofethi nabaphostoli ezinkathini eziphambilini, futhi amazwi amaningi ayigugu, futhi angakuhlinzeka lokho abantu abakudingayo. Ngakho, bonke abantu bayathanda ukufunda iBhayibheli. Ngenxa yokuthi kuningi kakhulu okufihlakele eBhayibhelini, imibono yabantu ngalo ayifani naleyo ngemibhalo yabantu ababenegalelo elikhulu kwezikaMoya. IBhayibheli umbhalo kanye nenqolobane yalokho abantu abadlule kukho nolwazi lwabantu ababekhonza uJehova noJesu enkathini endala nentsha, ngakho izizukulwane zakamuva zikwazile ukuzuza okuningi ukukhanyiseleka, ukukhanyiswa, kanye nezindlela zokwenza kulona. Isizathu sokuthi iBhayibheli liphakeme kunemibhalo yanoma iliphi iqhawe kwezomoya yingoba yonke imibhalo yawo ithathelwe eBhayibhelini, konke abadlule kukho kuvela eBhayibhelini, futhi wonke achaza iBhayibheli. Ngakho, nakuba abantu bengathola ukuhlinzekwa ezincwadini zanoma yiliphi iqhawe kwezomoya, basalokhu bekhonza iBhayibheli, ngoba libonakala liphakeme futhi lijule kakhulu kubo! Nakuba iBhayibheli liletha ndawonye ezinye zezincwadi zamazwi okuphila, njengezincwadi zikaPawulu kanye nezincwadi zikaPetru, futhi nakuba abantu bengahlinzekwa futhi basizwe yilezi zincwadi, lezi zincwadi zishiywe yisikhathi nokho, ngezenkathi endala, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zilungele isikhathi esisodwa kuphela, futhi akuzona ezaphakade. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlale uthuthuka, futhi awukwazi ukumane ume ngesikhathi sikaPawulu noPetru, noma uhlale eNkathini Yomusa ngenkathi lapho uJesu abethelwa kuyo. Ngakho, lezi zincwadi zilungele iNkathi Yomusa kuphela, hhayi iNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. Zingahlinzeka kuphela amakholwa eNkathi Yomusa, hhayi abangcwele beNkathi Yombuso, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zisalokhu zibhuntshile zingasasetshenziswa. Kuyafana nomsebenzi kaJehova wokudala noma umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli: Akukhathaleki noma wawumkhulu kangakanani lo msebenzi, wawuselokhu ubhuntshile, uphelelwe isikhathi, futhi sasiyofika isikhathi lapho wawuyodlula. Umsebenzi kaNkulunkulu nawo uyefana: Muhle kakhulu, kodwa kuyofika isikhathi lapho uyophela; ngeke ulokhu ukhona phakathi komsebenzi wokudala, noma phakathi komsebenzi wokubethela. Akukhathaleki noma ngabe ukholisa kanjani umsebenzi wokubethelwa, akukhathaleki noma ngabe waphumelela kangakanani ukwehlula uSathane, umsebenzi phela, kusewumsebenzi, futhi nezinkathi, phela ziseyizinkathi; umsebenzi ngeke uhlale esisekelweni esisodwa futhi nezikhathi ngeke zingashintshi, ngoba kwakukhona ukudalwa, futhi kufanele kube khona izinsuku zokugcina. Lokhu akunakugwemeka! Ngakho, namhlanje amazwi okuphila eTestamenteni Elisha—izincwadi zabaphostoli, kanye namaVangeli Amane—asephenduke izincwadi zomlando, asephenduke amakhalenda amadala aphethe izinsuku zonyaka, futhi amakhalenda amadala abengabangenisa kanjani abantu enkathini entsha? Noma ngabe la makhalenda akwazi kangakanani ukunika abantu ukuphila, noma ngabe akwazi kanjani ukuholela abantu esiphambanweni, akuve ephelelwe isikhathi? Akuve engasewusizo lwalutho?


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (4)” Ezwini Elivela Lisenyameni

15. Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli izincwadi nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (4)” Ezwini Elivela Lisenyameni

16. Liyincwadi enjani iBhayibheli? ITestamente Elidala liwumsebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. ITestamente Elidala eBhayibhelini libhala wonke umsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho kanye nomsebenzi Wakhe wokudala. Lonke libhala umsebenzi owenziwa nguJehova, futhi ekugcineni liphothula zonke izindaba zomsebenzi kaJehova ngeNcwadi kaMalaki. ITestamente Elidala libhala ngezingxenye ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu: Omunye ngumsebenzi wokudala, futhi omunye ngukumisa umthetho. Yomibili yenziwa nguJehova. INkathi Yomthetho imele umsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwegama likaJehova; yiwo wonke umsebenzi owenziwa ngaphansi kwegama likaJehova. Ngakho, iTestamente Elidala libhala ngomsebenzi kaJehova, kanti iTestamente Elisha libhala ngomsebenzi kaJesu, umsebenzi owenziwa ikakhulukazi ngaphansi kwegama likaJesu. Ukubaluleka okukhulu kwegama likaJesu kanye nomsebenzi awenza kubhalwe eTestamenteni Elisha. Ngesikhathi seTestamente Elidala, uJehova wakha ithempeli ne-altare kwa-Israyeli, waqondisa impilo yama-Israyeli emhlabeni, efakazela ukuthi bangabantu Bakhe abakhethiweyo, iqembu lokuqala labantu abakhetha emhlabeni futhi ababe ngabenhliziyo Yakhe, iqembu lokuqala alihola mathupha; okungukuthi, izizwe eziyi-12 zakwa-Israyeli zabe zingabakhethiweyo bokuqala bakaJehova, ngakho uNkulunkulu wayesebenza njalo kubo, kwaze kwafika lapho sewuphele khona umsebenzi kaJehova weNkathi Yomthetho. Umsebenzi wesigaba sesibili kwabe kungumsebenzi weNkathi Yomusa weTestamente Elisha, futhi wenziwa phakathi kwesizwe sakwaJuda, esinye sezizwe eziyi-12 zakwa-Israyeli. Ukuthi isilinganiso somsebenzi sasisincane kakhulu kwakungenxa yokuthi uJesu wabe enguNkulunkulu osenyameni. UJesu wasebenza kuphela kulo lonke izwe laseJudiya, futhi wenza umsebenzi weminyaka emithathu nesigamu kuphela; ngakho okubhalwe eTestamenteni Elisha akukwazi impela ukudlula ubuningi bomsebenzi obhalwe eTestamenteni Elidala. Umsebenzi kaJesu weNkathi Yomusa ubhalwe ikakhulukazi kumaVangeli Amane. Indlela eyahlanjwa ngabantu beNkathi Yomusa kwabe kuyileyo yezinguquko ezikha phezulu kakhulu ezimweni zabo zempilo, iningi lazo zibhalwe ezincwadini ezathunyelelwa amaKristu okuqala.

ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

17. Izincwadi zevangeli zeTestamente Elisha zabhalwa eminyakeni engama-20 noma engama-30 ngemuva kokubethelwa kukaJesu. Phambilini, abantu bakwa-Israyeli babefunda iTestamente Elidala kuphela. Okungukuthi, ngeNkathi Yomusa abantu babefunda iTestamente Elidala. ITestamente Elisha lavela kuphela ngeNkathi Yomusa. ITestamente Elisha labe lingekho ngesikhathi uJesu esebenza; abantu emuva kokuvuka nokunyukela Kwakhe ezulwini babhala phansi umsebenzi Wakhe. Yilapho kuphela kwaba khona amaVangeli Amane, ukwengeza kulokho, kwakukhona izincwadi zikaPawulu noPetru, kanye neNcwadi yeSambulo. Emuva kweminyaka engaphezu kwama-300 uJesu enyukela ezulwini, yilapho kuphela izizukulwane ezalandela zaqoqa ndawonye imibhalo, kwaba khona iTestamente Elisha. Kuphela emuva kokuthi lo msebenzi wabe sewuqediwe, kwaba khona iTestamente Elisha; lalingazange libe khona phambilini. ……Lokho abakubhala, kungathiwa, kwakuhambisana nezinga le mfundo nezinga lomuntu lokukhalipha. Ababekubhala kwabe kuyilokho abantu ababedlule kukho, futhi ngamunye babenezindlela zabo zokubhala nokwazi, futhi umbhalo ngamunye wabe uhlukile. Ngakho, uma ukhonza iBhayibheli njengoNkulunkulu uwunalwazi futhi uyisiphukuphuku ngokwedlulele! Kungani ungafuni umsebenzi kaNkulunkulu wanamhlanje? Umsebenzi kaNkulunkulu kuphela ongasindisa umuntu. IBhayibheli ngeke limsindile umuntu, futhi alishintshanga nhlobo eminyakeni eyizinkulungwane eziningi, futhi uma ukhonza iBhayibheli awusoze wawuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele.


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (3)” Ezwini Elivela Lisenyameni

18. IBhayibheli incwadi yomlando, futhi uma bewudle waphinda waphuza iTestamente Elidala ngesikhathi seNkathi Yomusa—uma bewenze okwakufuneka ngesikhathi seTestamente Elidala ngeNkathi Yomusa—uJesu ngabe wakudikila futhi wakulahla; uma ubusebenzise iTestamente Elidala emsebenzini kaJesu, ubuyoba umFarisi. ……Ngesikhathi sikaJesu, uJesu wahola amaJuda kanye nabo bonke labo ababemlandela ngokuhambisana nomsebenzi woMoya oNgcwele Kuye ngaleso sikhathi. Akazange athathe iBhayibheli njengesisekelo salokho abe ekwenza, kodwa wakhuluma ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe; wakushaya indiva okwakushiwo yiBhayibheli, futhi akazange afune eBhayibhelini ukuze athole indlela ayezohola ngayo abalandeli Bakhe. Kusukela ngesikhathi eqala ukusebenza, wasakaza indlela yokuphenduka—izwi elalingakaze liphathwe eziprofethweni zeTestamente Elidala. Akazange enze ngokuhambisana neBhayibheli, kodwa wavula indlela entsha futhi wenza umsebenzi omusha. Wayengakaze abhekise eBhayibhelini uma eshumayela. NgeNkathi Yomthetho, akekho owake wakwazi ukwenza izimangaliso Zakhe zokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni. Umsebenzi Wakhe, izimfundiso Zakhe, igunya Lakhe—akekho owayeke wakwenza lokhu ngeNkathi Yomthetho. UJesu wenza umsebenzi Wakhe omusha nje, futhi nakuba abantu abaningi bamsola besebenzisa iBhayibheli—futhi baze basebenzisa iTestamente Elidala ukuze bambethele—umsebenzi Wakhe walidlula iTestamente Elidala; ukuba lokhu bekungenjalo kungani abantu bambethela esiphambanweni? Akuve kungenxa yokuthi iTestamente Elidala lalingasho lutho ngemfundiso Yakhe, nekhono Lakhe lokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni? Umsebenzi Wakhe kwakungowokuvula indlela entsha, kwabe kungewona owokuqala uchuku ngamabomu nokumelana neBhayibheli noma ukuphetha ngamabomu iTestamente Elidala. Weza kuphela ukuzokwenza inkonzo Yakhe, ukuletha umsebenzi omusha kulabo ababemlangazelela futhi bemfuna. Akazange afikele ukuzochaza iTestamente Elidala noma ukuphakamisa umsebenzi walo. Umsebenzi Wakhe kwabe kungekhona ukuvumela iNkathi Yomthetho ukuthi iqhubeke ithuthuke, ngoba umsebenzi Wakhe awuzange uzihluphe ngokubonelela ukuthi wawungenalo iBhayibheli njengesisekelo sawo; uJesu wamane wafika nje ukuze enze umsebenzi ayefanele ukuwenza. Ngakho akazange achaze iziprofetho zeTestamente Elidala, noma asebenze ngokuhambisana namazwi eNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Wakushaya indiva okwabe kushiwo iTestamente Elidala, akazange anake noma lalivumelana yini nomsebenzi Wakhe noma cha, futhi akazange anake nokuthi abanye baba ini ngomsebenzi Wakhe, noma ukuthi babewusola kangakanani. Wamane waqhubeka nokwenza umsebenzi okwakufanele awenze, nakuba abantu abaningi babesebenzisa ukubikezela kwabaprofethi beTestamente Elidala ukumlahla. Kubantu, kwakubukeka sengathi umsebenzi Wakhe awunasisekelo, futhi kwakukuningi ngawo okwakungavumelani nemibhalo yeTestamente Elidala. Ingabe akubona ubuwula lobu? Ingabe imfundiso iyadinga ukusetshenziswa emsebenzini kaNkulunkulu? Futhi kumele yini ukuba kuhambisane nokubikezela kwabaprofethi? Kanti phela, ubani omkhulu: uNkulunkulu noma iBhayibheli? Kungani umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uhambisane neBhayibheli? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokudlula iBhayibheli? Angeke yini uNkulunkulu akwazi ukushiya eBhayibhelini futhi enze omunye umsebenzi? Kungani uJesu nabafundi Bakhe babengaligcini iSabatha? Uma wayengaligcina iSabatha futhi enze ngokuhambisana nemiyalelo yeTestamente Elidala, kungani uJesu wayengaligcini iSabatha emva kokufika, kodwa kunalokho, wageza izinyawo, wamboza ikhanda, wahlephula isinkwa, futhi waphuza iwayini? Akuve konke lokhu kungekho emiyalelweni yeTestamente Elidala? Uma uJesu wayelihlonipha kakhulu iTestamente Elidala, kungani wazishaya indiva lezi zimfundiso?

……Ngakho, Wathi: “Ningacabangi ukuthi ngizele ukuzochitha umthetho, noma abaphrofethi: angizanga ukuzochitha, kodwa ukuzogcwalisa.” Ngakho, ngokuhambisana nalokho akufezayo, ziningi izimfundiso azephula. Wathatha abafundi wabayisa emasimini ukuyokha nokudla izikhwebu, akazange aligcine iSabatha, futhi wathi “iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho neyosuku lwesabatha.” Ngaleso sikhathi, ngokwemigomo yama-Israyeli, noma ubani owabe engaligcini iSabatha wayekhandwa ngamatshe. Kepha, uJesu, akazange angene ethempelini noma agcine iSabatha, futhi umsebenzi Wakhe wawungenziwanga nguJehova ngesikhathi seTestamente Elidala. Ngakho, umsebenzi owenziwa nguJesu wawedlula umthetho weTestamente Elidala, wawungaphezulu kwalo, futhi wawungahambisani nalo. NgeNkathi Yomusa, uJesu akazange asebenze ngokuhambisana nomthetho weTestamente Elidala, wayezishaye indiva lezo zimfundiso. Namhlanje kusekhona abantu ababambelele eBhayibhelini, kanye nomthetho weTestamente Elidala ikakhulukazi—akuphikisi yini umsebenzi kaJesu lokhu? Abanye abantu bathi iBhayibheli incwadi engcwele, nokuthi kufanele lifundwe, futhi abanye abantu bathi kufanele umsebenzi kaNkulunkulu usekelwe ungunaphakade, ukuthi iTestamente Elidala liyisithembiso sikaNkulunkulu nama-Israyeli, futhi ngeke lize liyekwe, futhi neSabatha kufanele ligcinwe njalo! Akuve bengena ngqondo nje? Kungani uJesu engaligcinanga iSabatha? Ingabe wayenza isono? Ubani ongabona adlule kulezi zinto?


ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

19. Amazwi nomsebenzi kaJesu ngaleso sikhathi ayengabambelelanga ezimfundisweni, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe ngokomthetho weTestamente Elidala. Bekuya ngomsebenzi obufanele ukwenziwa eNkathini Yomusa. Usebenze ngokomsebenzi awubekile, ngokohlelo Lwakhe, nangokwenkonzo Yakhe; akasebenzanga ngokomthetho weTestamente Elidala. Ayikho into ayenza eyayihambelana nomthetho weTestamente Elidala futhi akezanga emsebenzini wokugcwalisa amazwi abaprofethi. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu wawungenzelwanga ukugcwalisa izibikezelo zabaprofethi basendulo futhi akezanga ukuzohlala emfundisweni noma ukubona izibikezelo zabaprofethi basendulo ngenhloso. Kodwa izenzo Zakhe azithikamezanga izibikezelo zabaprofethi basendulo, noma zithikazise umsebenzi awenza ngaphambilini. Iphuzu elisemqoka emsebenzini Wakhe bekuwukungalandeli nanoma iyiphi imfundiso, nokwenza umsebenzi lowo Yena Ngokwakhe obekufanele ukuthi awenze. Ubengesiye umprofethi noma isanusi kodwa umenzi owayezele ukwenza umsebenzi owayefanele ukuwenza, ezele nokuzovula inkathi Yakhe entsha enze nomsebenzi Wakhe omusha. Kusobala, ngenkathi uJesu ezele ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, wabuye wagcwalisa amazwi amaningi akhulunywa abaprofethi basendulo eTestamenteni Elidala. Kanjalo-ke nomsebenzi wanamuhla ugcwalise izibikezelo zabaprofethi basendulo beTestamente Elidala. Wukuthi nje angiphakamisanga “leya alimanaki endala ephuzi,” yilokho nje. Ngoba mningi umsebenzi okufanele ngiwenze, kunamazwi amaningi okufanele ngiwakhulume kini, futhi lo msebenzi namazwi abaluleke kakhulu kunokuchaza iziqeshana ezivela eBhayibhelini, ngoba umsebenzi ofana nalowo awubalulekanga kakhulu nokuthi ube yigugu kuwena futhi awukwazi ukukusiza noma ukukuguqula. Ngihlose ukwenza umsebenzi omusha hhayi ngenxa yokugcwalisa isiqeshana esivela eBhayibhelini. Uma ngabe uNkulunkulu weza kuphela emhlabeni ukugcwalisa amazwi abaprofethi basendulo beBhayibheli, manje-ke ubani omkhulu, uNkulunkulu osesimweni somuntu noma labo baprofethi basendulo? Manje, ngabe abaprofethi abaphethe uNkulunkulu, noma uNkulunkulu ophethe abaprofethi? Uwachaza kanjani lawa mazwi?


ivela kwethi “Bayini Abantu Ngokwemvelo Yabo Nokufaneleka Kwabo” Ezwini Elivela Lisenyameni

20. Uma ufisa ukubona umsebenzi weNkathi Yomthetho, nokubona ukuthi abakwa-Israyeli bayilandela kanjani indlela kaJehova, kufanele ufunde iTestamente Elidala; uma ufisa ukuqonda umsebenzi weNkathi Yomusa, kufanele ufunde iTestamente Elisha. Kepha uwubona kanjani umsebenzi wezinsuku zokugcina? Kufanele wamukele ubuholi bukaNkulunkulu wanamhlanje, futhi ungene emsebenzini wanamuhla, ngoba umsebenzi omusha lo, futhi akekho owake wawubhala eBhayibhelini. Namhlanje, uNkulunkulu uthathe isimo senyama futhi waqoka abanye abakhethiweyo eShayina. UNkulunkulu uyasebenza kulaba bantu, uyaqhubeka esuka emsebenzini wakhe emhlabeni, uyaqhubeka esuka emsebenzini weNkathi Yomusa. Umsebenzi wanamuhla uyindlela umuntu angakaze ayithathe, futhi indlela okungekho muntu owake wayibona—umsebenzi kaNkulunkulu wakamuva emhlabeni. Ngakho umsebenzi ongakaze wenziwe phambilini akuwona umlando, ngoba manje yimanje, futhi usazobuye ube owakudala. Abantu abazi ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu futhi omusha kakhulu emhlabeni, futhi ngaphandle kwakwa-Israyeli, ukuthi sewuze wahamba wadlula esilinganisweni sakwa-Israyeli, waphinde wadlula ukubikezela kwabaprofethi, ukuthi umsebenzi omusha futhi omangalisayo ongaphandle kweziprofetho, kanti futhi umsebenzi wanamuhla okude le nakwa-Israyeli, uphinde waba umsebenzi abantu abangawuqondi futhi abangakaze bawubone ngamehlo engqondo. IBhayibheli lingaba kanjani nemibhalo ebeka ngokusobala ngalo msebenzi onjena? Ubani obengabhala ngakho konke ngomsebenzi wanamuhla, angashiyi lutho, kungakafiki isikhathi? Ubani obengabhala ngalo msebenzi onamandla futhi ohlakaniphe kakhulu ophambana nesiko encwadini endala ekhuntile? Umsebenzi wanamuhla awuwona umlando, ngakho, uma ufuna ukuhamba endleleni entsha yanamhlanje, kufanele ulishiye iBhayibheli, kufanele udlule ezincwadini zeziprofetho noma umlando weBhayibheli. Yilapho kuphela uyokwazi ukuhamba indlela entsha ngokufanele, futhi yilapho kuphela uyokwazi khona ukungena embusweni omusha kanye nasemsebenzini omusha. Kufanele uqonde ukuthi kungani, namhlanje, ucelwa ukuba ungalifundi iBhayibheli, kungani kukhona omunye umsebenzi ohlukene neBhayibheli, kungani uNkulunkulu engabheki eBhayibhelini ukuze athole izindlela zokwenza ezintsha futhi ezinemininingwane, kungani esikhundleni salokho kukhona umsebenzi onamandla nangaphezulu ongaphandle kweBhayibheli. Yilokhu konke okufanele ukuqonde.

ivela kwethi “Mayelana neBhayibheli (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

21. Ngesikhathi uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe omusha, Akabuyanga esanamathela kokudala, futhi Wayengasakhathazekile ngezinqubo zeNkathi yoMthetho. Futhi wayengaphazamiswa umsebenzi Wakhe wangenkathi engaphambilini, kodwa Wasebenza ngokujwayelekile ngeSabatha futhi ngesikhathi abafundi Bakhe sebelambile, bakha izikhwebu badla. Konke lokhu kwakujwayelekile emehlweni kaNkulunkulu. UNkulunkulu wayengaba nesiqalo esisha somsebenzi Wakhe omningi afuna ukuwenza kanye nezinto afuna ukuzisho. Uma eke waba nesiqalo esisha, Yean akabe esakhuluma ngomsebenzi Wakhe omdala noma aqhubeke nawo. Ngokuba uNkulunkulu unezimiso Zakhe emsebenzini Wakhe. Ngesikhathi Yena efuna ukwenza umsebenzi omusha, kungesikhathi lapho efuna ukuletha isintu esigabeni esisha somsebenzi Wakhe, futhi lapho umsebenzi Wakhe usungene esigabeni esiphezulu ngokuthe xaxa. Uma abantu beqhubeka nokwenza ngendlela yokushiwo kudala noma imigomo noma beqhubeka nokubambelela kukho, Yena ngeke akukhumbule noma akutuse lokho. Lokhu kungenxa yokuthi Yena uselethe umsebenzi omusha, futhi usengene esigabeni esisha somsebenzi Wakhe. Uma Esungula umsebenzi omusha, Uvela kubantu enomfanekiso omusha, ngasohlangothini olusha sha, futhi nangendlela entsha sha ukuze abantu babone izingxenye ezahlukene zesimo Sakhe kanye nalokhu Anakho Nayikho. Lena enye yezinjongo Zakhe emsebenzini Wakhe omusha. UNkulunkulu akabambeleli kokudala noma athathe indlela eyaziwayo; uma Yena esebenza futhi ekhuluma, akukho nzima ngale ndlela abantu abacabanga ngayo. KuNkulunkulu, konke kumahhala futhi kukhululiwe, futhi akukho ukuthikanyezwa, akukho izihibe—lokhu akuletha esintwini inkululeko nokukhululwa kodwa. UnguNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu okhona ngobuqotho nangeqiniso. Yena akasiwo unodoli noma isithombe sobumba, futhi uhluke kakhulu ezithixweni abantu abazingcwelisayo futhi bazidumise. Yena uyaphila futhi unomdlandla, futhi lokho okulethwa amazwi nomsebenzi Wakhe kubantu kungukuphila kanye nokukhanya kuphela, inkululeko nokukhululwa kuphela, ngokuba uphethe iqiniso, ukuphila, kanye nendlela—Akakhinyabezwa yilutho kunoma imuphi umsebenzi Wakhe.

   ivela kwethi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, kanye NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” Ezwini Elivela Lisenyameni

22. Ngaleso sikhathi, uJesu wathi umsebenzi kaJehova usalele emuva eNkathini Yomusa, kunjengoba ngisho namuhla ukuthi umsebenzi kaJesu usalele emuva. Uma ngabe kube khona iNkathi Yomthetho kuphela yangaba khona iNkathi Yomusa, uJesu ngabe akabethelwanga futhi ngabe akabahlenganga bonke abantu; uma ngabe kwaba khona iNkathi Yomthetho kuphela, ingabe abantu babezoba khona kuze kube namuhla? Umlando uqhubekela phambili; umlando awuwona yini umthetho wemvelo womsebenzi kaNkulunkulu? Ingabe lokhu akuvezi ukuphatha Kwakhe umuntu emhlabeni wonke? Umlando uqhubekela phambili, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu iyaqhubeka nokuguquka. Ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu agcine isigaba esisodwa somsebenzi iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ngoba bonke abantu bayazi ukuthi uhlale emusha akabi mdala. Ubengeke akwazi ukuqhubeka agcine umsebenzi ofana nokubethelwa, kanye, kabili, kathathu … abethelwe esiphambanweni. Lokhu ukubona komuntu ongenangqondo. UNkulunkulu akagcini umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi Wakhe uhlale uguquka futhi umusha njalo, njengoba ngihlale ngikhuluma nani amazwi amasha ngenze nomsebenzi omusha. Lona umsebenzi engiwenzayo, ukubaluleka kwawo kuvezwe emagameni athi “omusha” nelithi “omangazayo.”


ivela kwethi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” Ezwini Elivela Lisenyameni

23. Njengoba kukhona indlela ephakeme, kungani uzofunda le ndlela esezingeni eliphansi esiphelelwe isikhathi? Njengoba kunamazwi amasha, futhi nomsebenzi omusha kakhulu, kungani uphila phakathi kwemibhalo emidala yemilando? Amazwi amasha angakuhlinzeka, okubonisayo ukuthi lokhu ngumsebenzi omusha; imibhalo emidala ayikwazi ukukwenelisa, noma igculise izidingo zamanje, okufakazela ukuthi ingumlando, futhi ayiwona umsebenzi walo mzuzu. Indlela ephakeme kunazo zonke, indlela entsha kunazo zonke, futhi ngomsebenzi omusha, akusho lutho ukuthi iphakeme kangakanani indlela yakudala, isewumlando wemicabanga yabantu, futhi akusho lutho ukuba wusizo kwayo uma uhlola okwedlule, iseyindlela endala. Nakuba ibhaliwe “encwadini engcwele,” indlela endala iwumlando; nakuba kungekho okubhaliwe ngayo “encwadini engcwele,” indlela entsha eyalo mzuzu. Le ndlela ingakusindisa, futhi le ndlela ingakushintsha, ngoba lokhu ngumsebenzi woMoya oNgcwele.


ivela kwethi “Mayelana NeBhayibheli (1)” Ezwini Elivela Lisenyameni

24. UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola izincwadi nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!


      ivela kwethi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” Ezwini Elivela Lisenyameni

25. UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngezincwadi, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi adungekile alokhu emile izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni izincwadi ezingakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

      ivela kwethi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” Ezwini Elivela Lisenyameni

26. Uma nisebenzisa imibono ukuze nilinganise futhi nichaze uNkulunkulu, sengathi uNkulunkulu uyisithombe sobumba esingaguquki, futhi uma uchaza uNkulunkulu ngokweBhayibheli, umqoqele emkhawulweni omncane womsebenzi, lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamphika uNkulunkulu. Ngoba ezinhliziyweni zawo, amaJuda angenkathi zeTestamente Elidala enza uNkulunkulu waba yisithombe esibunjiwe, sengathi uNkulunkulu angase abizwe ngokuthi unguMesiya kuphela, futhi yilowo owayebizwa ngoMesiya kuphela owayenguNkulunkulu, ngoba babekhonza futhi bekhuleka kuNkulunkulu sengathi ungumfanekiso wobumba (olungaphili), babethela uJesu wangaleso sikhathi esiphambanweni, bemgwebela ekufeni—bebulala uJesu ongenacala. UNkulunkulu akenze cala, kodwa abantu abamyekanga, ngokungangabazi bamgwebela ukufa. Ngale ndlela uJesu wabethelwa. Abantu bahlale bekholwa ukuthi uNkulunkulu akaguquki, futhi bamchaza ngokweBhayibheli, sengathi abantu bake bakubona ukuphatha kukaNkulunkulu, sengathi konke okwenziwa uNkulunkulu kusesandleni somuntu. Abantu bayiziwula ngezinga elikhulu, bazithwele ngendlela engachazeki futhi bahamba phambili ngokukhuluma into engaqondakali. Kungakhathaleki ukuthi unolwazi olukhulu kangakanani ngoNkulunkulu, ngisasho ukuthi awumazi uNkulunkulu, akekho ophikisana kakhulu noNkulunkulu ukwedlula wena, futhi uphika uNkulunkulu, ngoba awunakukwazi ukulalela umsebenzi kaNkulunkulu nokuhamba endleleni evumela ukuba upheleliswe uNkulunkulu.


ivela kwethi “Ababi Kumele Bajeziswe” Ezwini Elivela Lisenyameni

27. Ngokuqondene nemibono yomsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, akekho ongathola ukwazi nokuqonda. Imibono enjalo iqhubekile nokuba yimfihlakalo. Ezinsukwini zokugcina, kwenziwa umsebenzi wezwi kuphela ukungenisa iNkathi Yombuso kodwa awumele zonke izinkathi. Izinsuku zokugcina azikho ngaphezu kwezinsuku zokugcina futhi azikho ngaphezu kweNkathi Yombuso engameleli iNkathi Yomusa noma iNkathi Yomthetho. Izinsuku zokugcina ziyisikhathi lapho wonke umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wambulwe khona kinina. Lokhu ukwambulwa kwemfihlakalo. Akekho umuntu ongembula imfihlakalo enjalo. Noma kungathiwa umuntu uliqonda kangakanani iBhayibheli, kugcina kungamazwi nje kuphela, akukho ngaphezu kwalokho ngoba umuntu akayiqondi ingqikithi yeBhayibheli. Lapho umuntu efunda iBhayibheli, angase athole amaqiniso athile, achaze amazwi athile noma acubungule kakhulu emavesini adumile noma izingcaphuno, kodwa ngeke awukhiphe umqondo okulawo mazwi, ngoba konke umuntu akubonayo ngamazwi nje afile, hhayi izigcawu zomsebenzi kaJehova noJesu futhi umuntu akakwazi ukuxazulula imfihlakalo yomsebenzi onjalo. Ngakho-ke, imfihlakalo yohlelo lokusebenza lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yimfihlo enkulu kunazo zonke, efihlakele kakhulu futhi engacabangeki kumuntu. Akekho ongayiqonda ngokuqondile intando kaNkulunkulu ngaphandle uma Yena uqobo eyichaza futhi ephumela obala kumuntu, ngaphandle kwalokho, ziyohlale ziyimfumbe kumuntu zibe yimfihlo evalelwe unomphelo.


ivela kwethi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” Ezwini Elivela Lisenyameni

       Imibhalo yaphansi:

      a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana