Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

UMgqibelo, Septhemba 7, 2019

IX. Munye Kuphela UNkulunkulu Weqiniso: “Ubuthathu Emunye” Buyigama Elingeyilo

1. Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lezo zingxenye zontathu zakha uNkulunkulu oyedwa. Ngaphandle kukaYise oNgcwele, uNkulunkulu ubengeke aphelele. Ngokufanayo, uNkulunkulu ubengeke aphelele ngaphandle kweNdodana noma uMoya oNgcwele. Ngokwemibono yabo, bakholelwa ukuthi akekho phakathi kukaYise yedwa noma iNdodana yodwa ongaba nguNkulunkulu ozimele. UYise, iNdodana noMoya oNgcwele kuphela onguNkulunkulu Ngokwakhe. Bonke abantu abasontayo, okuhlanganisa nani ngokwenu, niyakukholelwa lokhu. Kepha, mayelana nokuthi le nkolelo iyiqiniso yini akekho owaziyo, kodwa kube kufanele, ngoba ngisho nezindaba eziphathelene noNkulunkulu Ngokwakhe. Nakuba lena kuyimibono, anazi ukuthi ilungile noma ayilungile, ngoba iye yakuthonya kakhulu ukucabanga kwenu. Niye nayamukela le mibono yenkolo futhi lo shevu uye wangena wagxila ezinhliziyweni zenu. Ngakho ngokufanayo, niye nathonywa yile nkolelo nakuba uZiqu Zintathu kuyinto engekho. Okuwukuthi, uZiqu Zintathu onguYise, yiNdodana noMoya oNgcwele yinto engekho. Lena kumane nje kuyimibono ejwayelekile yabantu, nezinkolelo zabantu ezingelona iqiniso. Emakhulwini amaningi eminyaka abantu bebekholelwa kulo Ziqu Zintathu, ngenxa yokudideka okubangelwa yimibono yabantu, eyasungulwa abantu, futhi engakaze ibonwe abantu. Phakathi nayo yonke le minyaka eminingi, kuye kwavela abantu abaqavile abakholwayo, abaye banikeza "izincazelo eziyiqiniso" ngoZiqu Zintathu, kodwa lezo zincazelo zikaZiqu Zintathu ongabantu abathathu abahlukene kodwa besimo sinye azizange ziqondakale futhi azicacanga, bonke badidekile “ngesakhiwo” sikaNkulunkulu. Akekho umuntu oke wakwazi ukusichaza kahle; izincazelo eziningi zidlula obequnga ngokwencazelo nasephepheni, kodwa akekho ngisho noyedwa umuntu oye wayiqonda ngokugcwele le incazelo. Lokhu kubangelwa ukuthi lo Ziqu Zintathu wodumo abantu abawuthanda kangaka awukho.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

2. Niyazi ukuthini, eqinisweni, uZiqu Zintathu uyinto engekho. UNkulunkulu akanaye uYise noma iNdodana, ingasaphathwa eyokuthi kunethuluzi elisetshenziswa nguYise neNdodana ngokubambisana: uMoya oNgcwele. Wonke lawa ngamanga futhi yinto engakaze ibe khona kulo mhlaba! Kodwa la manga anomsuka futhi anesisekelo esithile, nihlakaniphe kabi ukuba ningavele nikhohliseke nje kanjalo. Kodwa, la manga abonakala eyiqiniso futhi eyimvelo, kangangokuthi awanakungenwa ngisho uSathane imbala. Okubuhlungu ukuthi yonke le mibono ingamanga futhi ayikaze ibe khona! Anikalazi iqiniso langempela; nimane niyaqagela futhi niyazicabangela nje, niyiguqule ibe yindaba yokukhohlisa abantu ukuze nethenjwe abanye nokuphatha abayiziphukuphuku ezingenakuhlakanipha nabangacabangisisi kahle, ukuze bakholelwe "emfundisweni ephusile" enkulu nedumile. Yiqiniso leli? Ingabe iyona ndlela le umuntu okumele ayamukele? Udoti wonke lo! Alikho nelilodwa igama elifanelekile! Kuyo yonke le minyaka, benilokhu nihlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, isizukulwane nesizukulwane besilokhu simhlukanisa kancane kancane, kangangokuba uNkulunkulu oyedwa usehlukaniswe waba oNkulunkulu abathathu, manje sekunzima kubantu ukumbuyisela abe uNkulunkulu oyedwa, ngoba niye namhlukanisa kakhulu! Ukube angifikanga ngesikhathi, angazi ukuthi beniyonhlanhlatha nize nifike kuphi! Ukuqhubeka nokwahlukanisa uNkulunkulu ngale ndlela, angaqhubeka kanjani abe nguNkulunkulu wenu? Nisengakwazi kodwa ukumbona uNkulunkulu? Nisengakwazi kodwa ukubuyela Kuye? Ukube ngifike sekwedlule isikhathi, cishe beniyoze nithumele emuva "uYise neNdodana" uJehova noJesu, kwa-Israyeli bese nani ngokwenu nithi niyingxenye kaNkulunkulu. Sesibonga khona ukuthi manje yizinsuku zokugcina. Ekugcineni! luze lwafika usuku ekade ngalulinda, futhi ukwehlukanisa kwenu uNkulunkulu kuzophela manje, ngemva kokuba sengiqede ukwenza lo msebenzi ngezandla Zami. Ngaphandle kwalokho, beniyoze nidlulele, nize ngisho nibeke bonke oSathane ezindaweni zenu zokuthandaza. Leli icebo lenu! Inhloso yenu yokwehlukanisa uNkulunkulu! Nisazoqhubeka nenza kanjalo? Ake nginibuze: Bangaki oNkulunkulu abakhona? Yimuphi uNkulunkulu ozonisindisa? UNkulunkulu wokuqala, owesibili noma yilona wesithathu obulokhu uthandaza kuye? Yimuphi kubo obulokhu ukholelwa kuye? UBaba? Noma iNdodana? Noma uMoya oNgcwele? Awusho yimuphi okholelwa kuye. Nakuba uthi uyakholelwa kuNkulunkulu kodwa eqinisweni okukholelwayo ngempela yingqondo yakho! UNkulunkulu akekho enhliziyweni yakho! Kodwa, engqondweni yakho kugcwele inqwaba "yoZiqu Zintathu"! Awuvumi?


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

3. Uma izigaba ezintathu zomsebenzi bezingahlolwa ngokuvumelana nemfundiso kaZiqu Zintathu, khona-ke kusho ukuthi kumelwe ukuthi kunoNkulunkulu abathathu njengoba umsebenzi owenziwa oyedwa ungesiwo ofanayo. Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? Akuyona yini imibono yakho leyo? Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi "KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela." Kungakhathaliseki ukuthi uYise neNdodana okhuluma ngabo bakhona noma cha, kunoNkulunkulu oyedwa, futhi le ngxenye kaYise, iNdodana, noMoya oNgcwele okholelwa kukho kuyingxenye yoMoya oNgcwele. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo abe kuyo yonke indawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Bangabantu abathathu abanezimo ezihlukene ezahlukile, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

4. Lokhu kusenza sikhumbule amazwi kaNkulunkulu akuGenesise: "Masenze abantu ngomfanekiso wethu, bafane nathi." Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathi "masenze" umuntu ngomfanekiso "wethu" kuba sengathi ukhuluma nothile; njengoba ethi "masenze" kusho ukuthi uNkulunkulu akayedwa. Ngenxa yalokho, abantu baye bacabanga ngokuthi bangabantu abehlukile, kwabe sekuvela imibono kaYise, yiNdodana noMoya oNgcwele. Pho unjani uYise? INdodana yona injani? UMoya oNgcwele wona unjani? Kungenzeka yini ukuthi abantu benziwa ngomfanekiso wokukodwa kwalokhu okuhlanganisiwe kwaba kuthathu? Uma kunjalo, ingabe isimo somuntu siyefana yini nesikaYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Kulokhu kokuthathu, umuntu wenziwe ngamuphi umfanekiso? Lo mbono owasungulwa abantu, awulona iqiniso futhi uwunangqondo! Lo mbono wehlukanisa uNkulunkulu oyedwa abe ngoNkulunkulu abaningi. Ngesikhathi uMose abhala ngaso uGenesise, kwakungemva kokudalwa kwabantu kuhlanganise nezinye izinto ezadalwa. Ekuqaleni, ngesikhathi kudalwa umhlaba, uMose wayengekho. Kuthe kamuva, uMose ube esebhala iBhayibheli, ngakho wayengazi kanjani ukuthi nguNkulunkulu owakhuluma la mazwi ezulwini? Akukho ayekwazi mayelana nokudala kukaNkulunkulu umhlaba. EBhayibhelini, kuyiTestamente Elidala, ayiphathwa indaba kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele, kukhulunywa ngoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, uJehova, lapho aqhuba khona umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli. Ubizwa ngamagama ehlukahlukene ngokushintsha kwezinkathi, kodwa lokhu akusho ukuthi igama ngalinye libhekisele kumuntu owehlukile. Uma bekunjalo, bekungeke yini kwenze uNkulunkulu akhiwe yinqwaba yabantu? Okulotshwe kuyiTestamente Elidala kuyimisebenzi kaJehova, isiqalo semisebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. Kwakuyimisebenzi kaNkulunkulu leyo, lapho akhuluma khona, kwaba njalo, nalapho ashaya khona umthetho, wama. Akukho lapho ezibiza khona ngoYise ozosebenza, futhi akukho lapho eprofetha khona ngokuza kweNdodana yakhe ezosindisa isintu. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni kwathiwa, uNkulunkulu ube yinyama ukuze asindise sonke isintu, akuzange kufike iNdodana. Njengoba izinkathi zingafani kanjalo, nemisebenzi kaNkulunkulu Uqobo ayifani, wenza imisebenzi Yakhe ngezindlela ezehlukahlukene. Ngaleyo ndlela, ubuyena buyashintsha.……Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu uwodwa, ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi[b] yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

5. Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: "Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini." Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

6. Kodwa abanye bangase bathi: UYise unguYise; iNdodana iyiNdodana; uMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, ekugcineni, bazokwenziwa babe Munye. Kodwa ungabenza kanjani babe Munye? UYise noMoya oNgcwele kungenziwa kanjani kube munye? Uma kokubili kuye kwahlanganiswa, kungakhathaliseki ukuthi kuhlanganiswe kanjani, ngeke yini kuqhubeke kuyizingxenye ezimbili? Uma uthi benziwa babe Munye, akukhona yini lokho ukuhlanganisa izinto ezimbili? Kodwa bebengeve yini bebabili ngaphambi nokuhlanganiswa, isimo soMoya ngamunye wehlukile, futhi imiMoya emibili ngeke ihlanganiswe. UMoya awufani nento ephathekayo futhi awufani nalutho olukhona emhlabeni. Abantu bathi, uYise unguMoya, iNdodana nayo ingumoya kanye nawo uMoya bathi ungomunye uMoya, bese bethi lemiMoya iyahlanganiswa engilazini yamanzi kube uMoya owodwa, akukona yini ukuthi lapha kuhlanganiswe izinto ezintathu? Lena yincazelo engamanga! Lo Nkulunkulu akahlukaniswa phakathi? UYise, yiNdodana noMoya kungahlukaniswa kanjani phakathi? Akubona yini abantu abahlukene ngezimo laba? Kusekhona nalabo abathi, uNkulunkulu akashongo yini ukuthi uJesu uyiNdodana yakhe ethandekayo? "UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo," la mazwi akhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: "UBaba ukimi nami ngikuBaba," awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

7. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo? Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba uMoya kaNkulunkulu wawumenze waba sesimweni somuntu ovamile, embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu ngaphandle wayengumuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke "iNdodana yomuntu" okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? "Baba wethu osezulwini...." Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu "ngoBaba," akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: "Kungabi ngokwentando yami, kodwa eyakho." Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba. Kodwa, lokhu akusho ukuthi bonke ababiza uNkulunkulu ngoBaba bayiNdodana. Ukube bekunjalo, naningeke yini nonke nibe yiNdodana mhla uJesu enifundisa uMthandazo weNkosi? Uma namanje usakholelwa kule mfundiso, ngitshele, ngubani lo ombiza ngoBaba? Uma uthi uJesu, ungubani uYise noJesu kuwe? Ngemva kokuba uJesu esehambile le ndaba kaBaba neNdodana ayibange isaba khona. Leli cebo lasebenza iminyaka ngesikhathi uJesu eseyinyama; ngaphansi kwezimo zonke, ubudlelwane bomuntu oyisidalwa neNkosi yendalo uma ubiza uNkulunkulu ngoBaba. Asikho isikhathi sokuma kwale mfundiso kaZiqu Zintathu owakhiwa uYise, yiNdodana noMoya oNgcwele; yimfundiso yamanga le eyavela ngokuhamba kwesikhathi futhi iyinto engekho!


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

8. Esigabeni sokuqala somsebenzi kaJehova, akazange abe yinyama futhi akabonakalanga kubantu. Ngakho abantu abakubonanga ukubonakala Kwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi wayemkhulu noma emude kangakanani, wayesewuMoya, uNkulunkulu Uqobo waqale wadala abantu, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu. Lapho ekhuluma nabantu esemafwini, wayenguMoya. Akekho owayemazi; kuze kwaba yiNkathi Yomusa lapho uMoya kaNkulunkulu uphenduka inyama eJudiya lapho abantu baqala khona ukumbona okokuqala uNkulunkulu esesimweni somuntu njengomJuda. Kodwa abantu babengawuqondi umuzwa wokuba kwakhe nguJehova. Kunjalo, wazalwa ngokoMoya oNgcwele, okungukuthi, wazalwa uMoya kaJehova Uqobo nokuthi uJesu wazalwa engumfanekiso woMoya kaNkulunkulu.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

9. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe ubuntu obujwayelekile, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu. Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo.


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

10. uNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto.……ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo. Ekubeni ngohlukile kukaNkulunkulu, abantu bayabona ukuthi igunya Lakhe, ukulunga nokuziphatha Kwakhe, ubuYena, kanye nendlela ahlinzekela ngayo ezintweni zonke kwehlukile; ukwehluka Kwakhe kuveza ubunjalo Bakhe obuyiqiniso Ngaye Uqobo, futhi kuveza isimo Sakhe.


ivela kwethi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” Ezwini Elivela Lisenyameni

11. Kuningi ukuphikisana ezincazelweni zabantu. Empeleni, lena kumane kuyimibono yabantu; engahlolisisiwe, ningase nicabange ukuthi iyiqiniso. Anazi yini ukuthi le mfundiso kaZiqu Zintathu iwumbono wabantu? Ulwazi lomuntu aluphelele. Umbono wakhe uhlale unganembile, futhi umuntu unemibono eminingi; lokhu kufakazela ukuthi usidalwa esingumuntu ngeke sikwazi ukuchaza imisebenzi kaNkulunkulu. Kuningi okusezingqondweni zabantu, kodwa okuphikisana neqiniso. Ingabe indlela yakho yokucabanga iyakubonisa imisebenzi kaNkulunkulu? Uyayiqonda yini yonke imisebenzi kaJehova? Ingabe nguwe yini okwazi ukubona konke, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukubona konke, kusukela phakade kuze kube phakade? Ingabe nguwe okwazi ukubona ezikhathini zakudala kuze kube sesikhathini esizayo, noma ingabe nguNkulunkulu okwazi ukwenza kanjalo? Ngakho-ke uthini? Ungamchaza kanjani uNkulunkulu? Futhi isekelwephi leyo ncazelo yakho Ngaye? Ingabe wena unguNkulunkulu? Amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uNkulunkulu. Akuwena owenza lezi zinto, pho kungani unikeza izincazelo ezingelona iqiniso? Ingabe namanje usakholelwa kuZiqu Zintathu? Awucabangi ukuthi le nkolelo iyinkinga? Kungaba kuhle ukuba manje ukholelwe kuNkulunkulu oyedwa, hhayi kwabathathu. Kuhle ukuba ngukukhanya, ngoba "umthwalo weNkosi ulula."


ivela kwethi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” Ezwini Elivela Lisenyameni

        Imibhalo yaphansi:

       a. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana