Uma, ekubeni senyameni, uNkulunkulu enza umsebenzi wobunkulunkulu ngaphandle kokuba nabanye abantu abambalwa abalandela inhliziyo kaNkulunkulu abasebenzisana Naye, umuntu ngeke aze akwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu noma akwazi ukuxhumana noNkulunkulu. UNkulunkulu kumele asebenzise abantu abajwayelekile abafuna inhliziyo Yakhe ukuze baqede lo msebenzi, ukuze banakekele futhi beluse amabandla, ukuze bafike ezingeni lapho ukucabanga komuntu, umqondo wakhe, kukwazi ukuzakhela isithombe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu usebenzisa isibalo esincane sabantu abafuna inhliziyo Yakhe ukuze "bahumushe" umsebenzi awenzayo phakathi kobunkulunkulu Bakhe, ukuze uvuleke, okungukuthi, ukuguqulela ulimi lobunkulunkulu olimini lwabantu, ukuze abantu bonke bakwazi ukuluqonda, futhi baluzwe lonke. Ukuba uNkulunkulu akenzanga njalo, akekho owayeyoqonda ulimi lobunkulunkulu, ngoba abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu, kukho konke, bambalwa, futhi ukwazi komuntu ukuqonda uNkulunkulu kuntekenteke. Yingakho uNkulunkulu ekhetha le ndlela kuphela lapho esebenza esenyameni. Ukuba bekunomsebenzi wobunkulunkulu kuphela, bekungeke kube nendlela umuntu abezokwazi ngayo noma axhumane noNkulunkulu ngoba umuntu akaluqondi ulimi lukaNkulunkulu. Umuntu ukwazi ukuqonda lolu limi ngokusebenzisa abantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu abacacisa amazwi Akhe. Nokho, ukuba bekunabantu abanje kuphela abasebenza phakathi kwabantu, lokho bekuzosekela impilo yomuntu ejwayelekile kuphela; bekungeke kukwazi ukuguqula isimo somuntu. Umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke-ke ube nesiqalo esisha; bekuzoba namaculo afanayo amadala, izinkulumo ezindala ezingaqukethe lutho olusha. Kungokusebenza kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, osho konke lokho okudinga ukushiwo futhi owenza lokho okudinga ukwenziwa ngesikhathi sokuba senyameni Kwakhe, okuthi emva kwakho abantu basebenze futhi bezwe ngokwamazwi Akhe, kungale ndlela kuphela lapho kuyoguquka khona isimo sempilo yabo bese bekwazi ukuhambisana nezikhathi. Lowo osebenza ngobunkulunkulu umele uNkulunkulu, kuthi labo abasebenza ngokomuntu bangabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wehlukile kubantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uyakwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwenkathi ngayinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi adlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma eseqede ukukhuluma, lokhu kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu ebunkulunkulwini sewenziwe. Emva kwalokho, bonke abantu balandela ukuhola kwalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zabo zokuphila. Kanjalo, lesi yisigaba futhi lapho uNkulunkulu edlulisela umuntu enkathini entsha futhi enika khona wonke umuntu isiqalo esisha. Ngalokhu, umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyaphela.
UNkulunkulu ubuyela emhlabeni engezele ukuzophelelisa ubuntu Bakhe obejwayelekile. Akafikeli ukuzokwenza umsebenzi womuntu ojwayelekile, kodwa uzela ukuzokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini obejwayelekile. Lokho uNkulunkulu akukhulumayo ngobuntu obujwayelekile akusikho lokho okucatshangwa umuntu. Umuntu uchaza "ubuntu obejwayelekile" ngokuba nenkosikazi, noma umyeni, namadodana kanye namadodakazi. Lokhu kuwubufakazi bokuthi lo ngumuntu ojwayelekile. Kodwa uNkulunkulu akakuboni ngale ndlela. Ubona ubuntu obejwayelekile njengalokho okunemicabango ejwayelekile yomuntu, ukuphila kobuntu okwejwayelekile, nokuzalwa abantu abejwayelekile. Kodwa ukujwayeleka Kwakhe akubandakanyi ukuba nenkosikazi, kanye nezingane ngendlela umuntu aqonda ngayo ukwejwayeleka. Kusho ukuthi, kumuntu, ubuntu obejwayelekile uNkulunkulu akhuluma ngabo yilokhu umuntu angakuthatha ngokuthi ukungabi nobuntu, obucishe buntule imizwa futhi obubonakala beswele izidingo zenyama, njengoJesu, owayenengaphandle lomuntu ojwayelekile futhi ethathe ukubukeka komuntu ojwayelekile, kodwa empeleni engenakho ngokuphelele lokho umuntu ojwayelekile okumele abe nakho. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ayiqukethe konke okobuntu obejwayelekile, kodwa ingxenye nje yezinto okumele abantu babe nazo, ukuze besekele izindlela ezejwayelekile zokuphila kwabantu kanye nokusekela amandla ejwayelekile okucabanga kwabantu. Kodwa lezi zinto azihlangene nhlobo nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ziyilokho uNkulunkulu osesimweni somuntu okumele abe nakho. Kukhona labo abathi, nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu kungathiwa unakho konke umuntu anakho uma kuphela enenkosikazi, amadodana namadodakazi, umndeni. Ngaphandle kwalezi zinto, bathi, akasiye umuntu ojwayelekile. Ngiyakubuza-ke, “Ngabe uNkulunkulu unayo inkosikazi? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu abe nomyeni? UNkulunkulu angakwazi ukuba nezingane?” Ngabe lokhu akuwona amanga? Nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu akakwazi ukuqhuma emfantwini phakathi kwamadwala noma aqathake esibhakabhakeni. Angazalwa emndenini wabantu abajwayelekile kuphela. Yingakho enabazali kanye nodadewabo. Lokhu kuyizinto ubuntu obejwayelekile bukaNkulunkulu osesimweni somuntu okumele bube nazo. Kwakunjalo kuJesu. UJesu wayenobaba nomama, odadewabo kanye nabafowabo. Konke lokho kwakujwayelekile. Kodwa ukuba wayenenkosikazi namadodana namadodakazi, ngabe okwakhe kwakungeke kube ubuntu obujwayelekile obabuhloswe ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu abe nabo. Ukuba kwakunjalo, wayengeke akwazi ukusebenza egameni lobunkulunkulu. Kwakungenxa kanye yokuthi wayengenayo inkosikazi noma izingane, kodwa wayezalwa abantu abajwayelekile emndenini ojwayelekile, ukuthi wayekwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Ukucacisa kakhudlwana, lokhu uNkulunkulu akuthatha njengomuntu ojwayelekile ngumuntu ozalwe emndenini ojwayelekile. Ngumuntu onjalo kuphela ofanelwe ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Uma, kwelinye icala, umuntu ubenenkosikazi, izingane, noma umyeni, lowo muntu ubengeke aze akwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu ngoba angaba nobuntu obejwayelekile kuphela obudingwa abantu kodwa okungesibo ubuntu obujwayelekile uNkulunkulu abudingayo. Lokho uNkulunkulu athi kuyikho kanye nalokho abantu abakuqondayo kuvame ukwehlukana kakhulu. Kulesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu kuningi okuphambanayo futhi okwehlukayo emicabangweni yabantu. Umuntu angathi lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu siqukethe kuphela ubunkulunkulu busebenza mathupha, bese ubuntu bubamba iqhaza lokwesekela. Ngoba uNkulunkulu uza emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe uqobo kunokuba ayekele umuntu ukuthi awenze, uzenza abe sesimweni somuntu enyameni (kumuntu ongaphelele, ojwayelekile) ukuze enze umsebenzi Wakhe. Usebenzisa lesi simo somuntu ukwethulela isintu inkathi entsha, ukutshela isintu ngesigaba esilandelayo emsebenzini Wakhe, nokubacela ukuba benze ngokwendlela echazwe emazwini Akhe. Ngalokhu, uNkulunkulu uphetha umsebenzi Wakhe esenyameni, futhi sekuseduze asuke esintwini, angabe esahlala enyameni yomuntu ojwayelekile, kunalokho aqhele kumuntu ukuze aqhubekele kwenye ingxenye yomsebenzi Wakhe. Ube, esebenzisa abantu abafuna inhliziyo yakhe, eseqhuba umsebenzi Wakhe phakathi kwaleli qembu labantu, kodwa ebuntwini babo.
UNkulunkulu osesimweni somuntu angehlale kumuntu kuze kube phakade ngoba uNkulunkulu unomsebenzi omningi kakhulu okumele awenze. Akakwazi ukuboshelwa enyameni; kumele ayilahle inyama ukuze enze umsebenzi okudingeka ukuthi awenze, yize enza lowo msebenzi emfanekisweni wenyama. Uma uNkulunkulu eza emhlabeni, akalindi aze afinyelele esimweni umuntu ojwayelekile okufanee asithole ngaphambi kokufa nokushiya isintu. Noma ingaba ndala kangakanani inyama Yakhe, uma umsebenzi Wakhe sewuqediwe, uyahamba ashiye umuntu. Akukho nto okuthiwa yiminyaka yobudala Kuye, akazibali izinsuku Zakhe ngokweminyaka yomuntu yokuphila; kunalokho uphetha ukuphila Kwakhe enyameni ngokwezigaba zomsebenzi Wakhe. Kungaba khona labo abacabanga ukuthi uNkulunkulu, ekubeni yinyama, kumele akhule afike esigabeni esithile, abe mdala, aguge, futhi ahambe uma umzimba wakhe sewehluleka. Lokhu kungumcabango womuntu; uNkulunkulu akasebenzi kanjalo. Uba senyameni ukuze enze umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuphila impilo yomuntu ojwayelekile yokuzalwa abazali, akhule, akhe umndeni futhi aqale umsebenzi, abe nezingane, noma abhekane nezinkinga zempilo—konke okwenziwa ngumuntu ojwayelekile. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, lokhu kuwuMoya kaNkulunkulu embatha inyama, eba senyameni, kodwa uNkulunkulu akayiphili impilo yomuntu owejwayelekile. Ufika kuphela ukuze afeze ingxenye eyodwa ohlelweni Lwakhe lokuphatha. Emuva kwalokho uyosishiya isintu. Lapho engena enyameni, uMoya kaNkulunkulu awubuphelelisi ubuntu obujwayelekile benyama. Kunalokho, ngesikhathi esinqunywe uNkulunkulu ngaphambilini, ubunkulunkulu benza umsebenzi ngokuqondile. Emva kokwenza konke adinga ukuthi akwenze kanye nokuphetha ngokugcwele inkonzo Yakhe, umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu kulesi sigaba sewenziwe, okuyisikhathi sokuphela kwempilo kaNkulunkulu osesimweni somuntu, noma ngabe umzimba wenyama Yakhe usubuphile bonke ubude bempilo noma cha. Okusho ukuthi, noma umzimba wenyama ufika kusiphi isigaba, noma uphila isikhathi eside kangakanani emhlabeni, konke kunqunywa ngumsebenzi kaMoya. Akuhlangene nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ake sithathe uJesu njengesibonelo. Waphila enyameni iminyaka engamashumi amathathu nesigamu. Ngokwesikhathi sokuphila komzimba womuntu, kwakungamele afe kuleyo minyaka, futhi kwakungamele ahambe. Kodwa uMoya kaNkulunkulu wawungakhathazekile ngalokho. Kwathi uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, kulelo qophelo umzimba wathathwa, wanyamalala kanye noMoya. Lokhu kungumgomo wendlela yokusebenza kukaNkulunkulu enyameni. Ngakho, uma kukhulunywa ngokuqinisa, uNkulunkulu osesimweni somuntu akanabo ubuntu obujwayelekile. Ukuphinda futhi, akafiki emhlabeni ukuze aphile impilo yomuntu ojwayelekile. Akaqali ngokusungula ubuntu bempilo ejwayelekile bese eqala ukusebenza. Kunalokho, inqobo uma ezalwe emndenini wabantu ojwayelekile, ukwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Akanalo nakancane uphawu lwezinhloso zabantu, akenzi ngokwenyama futhi nakanjani akalandeli izindlela zomphakathi noma azibandakanye emicabangweni nasemiqondweni yomuntu, ingasaphathwa eyokuxhumana nezinkolelo zomuntu ngendlela efanele yokuziphatha. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlose ukuwenza, kanye nokubaluleka okungokoqobo kokuba senyameni Kwakhe. UNkulunkulu uba senyameni kakhulu ukuze enze isigaba somsebenzi okudingeka ukuthi wenziwe enyameni, ngaphandle kokwenza ezinye izinqubo ezingenamsebenzi, futhi, izinto umuntu ajwayelekile adlula kuzo, akanazo. Umsebenzi uNkulunkulu osesimweni somuntu adinga ukuwenza awubandakanyi ukubhekana nezimo zomuntu ojwayelekile. Ngakho, uNkulunkulu ungena enyameni ukuze afeze umsebenzi okumele awufeze esenyameni. Konke okunye akuhlangene Naye. Akabhekani nazo zonke lezo zinqubo ezingasho lutho. Uma umsebenzi Wakhe sewuphelile, ukubaluleka kokuba senyameni kwakhe nakho kuyaphela. Ukuqeda lesi sigaba kusho ukuthi umsebenzi okudingeka ukuthi awenze enyameni sewuphelile, nenkonzo yenyama Yakhe isiphelile. Kodwa ngeke ahlale enza umsebenzi wenyama unomphelo. Kumele aye kosebenza kwenye indawo, endaweni engaphandle kwenyama. Kungale ndlela kuphela lapho umsebenzi Wakhe ungaphetheka ngokugcwele, futhi wandiswe kangcono. UNkulunkulu usebenza ngokohlelo lwakhe lokuqala. Umsebenzi okudingeka ukuthi awenze kanye nomsebenzi asewuphethile, uwazi ngokucace njengentende yesandla Sakhe. UNkulunkulu uhola wonke umuntu endleleni enqunywe Nguye ngaphambilini. Akekho umuntu ongakubalekela lokhu. Yilabo kuphela abalandela ukuqondisa kukaMoya kaNkulunkulu abazokwazi ukungena ekuphumuleni. Kungaba ukuthi, emsebenzini wesikhathi esizayo, ngeke kube uNkulunkulu ekukhuluma esenyameni ukuze aqondise umuntu, kodwa uMoya onesimo esithintekayo oqondisa impilo yomuntu. Yilapho kuphela lapho umuntu eyokwazi ukuthinta uNkulunkulu ngokugcwele, abone uNkulunkulu, futhi akwazi ukungena ngokugcwele empilweni yangempela edingwa uNkulunkulu, ukuze apheleliswe uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kungumsebenzi uNkulunkulu ahlose ukuwufeza, lokho akuhlela kudala. Kulokhu, kumele nonke nibone indlela okufanele niyithathe!
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Ungase Uthande Nalezi: IZwi LikaNkulunkulu Liyiqiniso
Awekho amazwana:
Thumela amazwana