Wonke umuntu okholwa kuNkulunkulu futhi abuyele kuNkulunkulu unengqondo engavamile. Lokhu okuhlangenwe nakho kuhlukile.

Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umthombo wokuphila. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula umthombo wokuphila. Bonisa konke okuthunyelwe

UMgqibelo, Disemba 21, 2019

XIV Amazwi Ngokuphrofetha Ngobuhle Bombuso Nesiphetho Sesintu, Kanye Nezethembiso Nezibusiso ZikaNkulunkulu

1. Njengoba amazwi Ami egcwaliswa, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami.

ULwesibili, Okthoba 1, 2019

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo.

ULwesine, Ephreli 5, 2018

Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa

Ezinsukwini zokugcina uNkulunkulu waba yinyama ukuze enze umsebenzi okwakufanele awenze nokwenza inkonzo yaKhe yamazwi. Weza engumuntu ukuzosebenza phakathi kwabantu ngenhloso yokuphelelisa labo abafuna inhliziyo yaKhe. Kusukela kudalwa kuze kube namuhla wenze lowo msebenzi kuphela ngezinsuku zokugcina. 

ULwesihlanu, Mashi 16, 2018

Isahluko 31

Isimo sikaNkulunkulu sikhona kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu, kodwa okubaluleke kakhulu emazwini Akhe ukwambula ubumbuka bawo wonke umuntu bese ebeka obala izinto ezifana nokungalaleli kwabo, ukungazithobi, ukwenza okungemukelekile, ukungabi mnene, kanye nokungakwazi ukumthanda uNkulunkulu ngeqiniso. 

UMgqibelo, Mashi 10, 2018

Isahluko 17

 Eqinisweni, onke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu ayizinto abantu abangazazi; onke awulimi abantu abangakaze baluzwe, ngakho kungabekwa kanje: amazwi kaNkulunkulu kwawona ayimfihlakalo.

ULwesine, Mashi 8, 2018

Isahluko 13

UNkulunkulu uyizonda yonke inzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi umzonda nakakhulu udrako omkhulu obomvu. Yilena impande yolaka olusenhliziyweni kaNkulunkulu. Kubonakala sengathi uNkulunkulu ufuna ukuphonsa zonke izinto zikadrako omkhulu obomvu echibini lomlilo nesibabule ukuze azishise ziphele nya.

UMsombuluko, Mashi 5, 2018

Isahluko 42

Masinya lapho kuqala umsebenzi omusha, bonke abantu bangena kabusha, baqhubeka kanye Nami sibambene ngezandla, sihamba emgwaqweni obanzi wasembusweni sindawonye, kukhona futhi ukusondelana phakathi komuntu Nami. 

UMgqibelo, Februwari 24, 2018

Isenezelo 1: Isahluko 1

Engicela ukuba nikwenze akuyona nje into engephatheke nengacacile engenalutho engikhuluma ngayo, akuyona futhi into engecatshangwe wubuchopho bomuntu noma into engenakufezwa yinyama yomuntu. 

ULwesihlanu, Januwari 5, 2018

Isahluko 19

Kuyisibopho sabantu ukuthi bathathe amazwi Ami njengesisekelo sokuphila kwabo. Umuntu kumele akhele ingxenye yakhe kuzo zonke izingxenye zamazwi Ami; ukungakwenzi lokhu kuzoba ukuzibizela izinkinga, ukuzifunela ukubhujiswa. 

UMsombuluko, Juni 5, 2017

Isahluko 11

Wonke umuntu kubantu kufanele amukele ukuhlola koMoya Wami, kufanele babhekisise konke ukukhuluma nokwenza kwabo, futhi, ngaphezu kwalokho, kufanele babheke izenzo Zami ezimangalisayo. Uzizwa kanjani ngesikhathi sokufika kombuso emhlabeni?